ISimiso Sesonto Lika-November 5
ISONTO ELIQALA NGO-NOVEMBER 5
INgoma 115 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 1 ¶1-7 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Joweli 1-3 (10 imiz.)
No. 1: Joweli 2:17-27 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Singawusebenzisa Ngaziphi Izindlela UmBhalo WezAga 22:3? (5 imiz.)
No. 3: Singayibonisa Kanjani Inhlonipho Ngenhlangano KaJehova?—rs k. 99 ¶3-7 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Abesifazane Abalandisa Izindaba Ezinhle Bayibutho Elikhulu. (IHu. 68:11) Ingxoxo esekelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-2012, ikhasi 117, isigaba 1, kuya ekhasini 118, isigaba 2; nekhasi 130, isigaba 1, kuya ekhasini 131, isigaba 3. Cela izilaleli zisho izifundo ezizitholile.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Izindlela Zokuhambisa Omagazini Ngo-November. Ingxoxo. Sebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaza ukuthi kungani omagazini beyobakhanga abantu ensimini yenu. Ngemva kwalokho, usebenzisa uchungechunge lwezihloko olusekelwe esihlokweni esisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele umbuzo ovusa isithakazelo ongase ubuzwe, ngemva kwalokho zicele zisikisela nomBhalo ongasetshenziswa. Yenza okufanayo nangochungechunge lwezihloko ze-Phaphama!, kanti uma isikhathi sivuma khulumela esinye isihloko kunoma imuphi kulab’ omagazini. Makube nomboniso wokuhanjiswa kukamagazini ngamunye.
INgoma 105 Nomthandazo