IZaziso
◼ Isipho senyanga ngo-November no-December: Hambisani ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? nanoma iliphi elinye ipheshana ibandla elinalo esitokweni. Lapho kuboniswe khona isithakazelo, bonisa ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani usebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade. Ngo-January no-February: Hambisani enye yalezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, nethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Lapho nenza izimpindelo, zamani ukuqala izifundo zeBhayibheli nisebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma uma kufaneleka kakhudlwana ngokwezimo zomuntu nisebenzise incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade.
◼ UMgqibelo wango-March 2, 2013, uyoba Usuku Lukamagazini olukhethekile. Sinikhuthaza nonke ukuba niqale manje ukuhlela ukuze nihlanganyele ngokugcwele.
◼ Abamemezeli abazoba amaphayona asizayo ngo-March 2013 bangakhetha ukuthi bazosebenzela umgomo wamahora angu-30 noma angu-50. Ngaphezu kwalokho, uma ibandla lihanjelwe umbonisi wesifunda ngo-March, bonke abangamaphayona asizayo, kungaba abasebenzela umgomo wamahora angu-30 noma angu-50, bayamenywa ukuba babe khona kuso sonke isimiso somhlangano wombonisi wesifunda namaphayona avamile.
◼ Umkhankaso wensimu engabelwe ngo-2013 uzoba ngenyaka ka-March, u-April no-May. Abadala bakhuthazwa ukuba basheshe baphothule amalungiselelo ensimu engabelwe futhi bazise abamemezeli ukuthi kuzoyiwa kuphi futhi nini.
◼ Ibandla lase-Ondangwa eNamibia lijabulele ukunikezelwa kweHholo LoMbuso lalo elisha.