ISimiso Sesonto Lika-December 3
ISONTO ELIQALA NGO-DECEMBER 3
INgoma 128 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 2 ¶7-13, nebhokisi ek. 20 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Nahume 1–Habakuki 3 (10 imiz.)
No. 1: Habakuki 2:1-14 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Kungani Kufanele Sikhulume Iqiniso Ngokuqiniseka?—2 Thim. 1:7, 8 (5 imiz.)
No. 3: Singaluthola Kanjani Ulwazi Lweqiniso Nokuhlakanipha?—rs k. 68 ¶2–k. 69 ¶2 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izindlela Zokuhambisa Umagazini Ngo-December. Ingxoxo. Sebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaze ukuthi kungani omagazini bezobakhanga abantu ensimini yenu. Kusetshenziswa uchungechunge lwezihloko olusekelwe esihlokweni esisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele umbuzo ovusa isithakazelo ongase ubuzwe, ngemva kwalokho zicele zisikisele nomBhalo ongasetshenziswa. Yenza okufanayo nangochungechunge lwezihloko ze-Phaphama!, uma isikhathi sivuma, khulumela nesinye isihloko kunoma imuphi walab’ omagazini. Makube nomboniso wendlela yokuhambisa umagazini ngamunye.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Okuhlangenwe Nakho Kokuhambisa Amapheshana. Ingxoxo esingathwa umbonisi wenkonzo. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho ezikujabulele lapho zihambisa amapheshana ngo-November. Abamemezeli ababili abaye baphumelela lapho behambisa amapheshana endlini ngendlu, mabenze umboniso wendlela abakwenze ngayo.
INgoma 96 Nomthandazo