Umbiko Wenkonzo Yasensimini
Umbiko ka-September waseNamibia ubonisa ukwanda ngamaphesenti ayisithupha, manje sekunabamemezeli abangu-2 343 ababikayo! Njengoba kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-4 622 kule lizwe elinezinhlobonhlobo zabantu, kusengaba nokwanda okukhulu. Phakathi nenyanga efanayo, eNingizimu Afrika kubike abamemezeli abangu-94 097 kwaqhutshwa nezifundo zeBhayibheli ezingu-134 441. Ngokuqinisekile imihlangano yesifunda isondle ngenala yokudla okungokomoya lapho iNceku Ethembekile Neqondayo isikhuthaze khona ukuba siqhubeke ‘sifuna kuqala umbuso.’—Math. 6:33.