Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/15 k. 3
  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
km 12/15 k. 3

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Imibuzo elandelayo kuzoxoxwa ngayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-December 28, 2015. Kufakwe nosuku okuzoxoxwa ngalo ngephuzu ngalinye ukuze kwenziwe ucwaningo lapho kulungiselelwa isikole isonto ngalinye.

  1. Ingabe uDavide wayephatha izithunjwa zakhe ngonya njengoba abanye besho bekusekela kweyoku-1 IziKronike 20:3? [Nov. 2, w05 2/15 k. 27]

  2. Yini eyashukumisela uDavide ukuba abonise umoya wokupha, futhi yini eyosisiza ukuba senze okufanayo? (1 IziKr. 22:5) [Nov. 9, w05 10/1 k. 11 isig. 7]

  3. Wayesho ukuthini uDavide lapho ethi kuSolomoni: “Yazi uNkulunkulu kayihlo”? (1 IziKr. 28:9) [Nov. 16, w10 11/1 k. 30 izig. 3, 7]

  4. Okwacelwa uSolomoni kweyesi-2 IziKronike 1:10 kwembulani ngaye, futhi singafundani ngokuhlaziya imithandazo yethu esiyenza kuJehova? (2 IziKr. 1:​11, 12) [Nov. 23, w05 12/1 k. 19 isig. 6]

  5. Ngokweyesi-2 IziKronike 6:​29, 30, uJehova unaliphi ikhono elihlukile, futhi kungani kufanele sithululele izinhliziyo zethu kuye ngomthandazo? (IHu. 55:22) [Nov. 30, w10 12/1 k. 11 isig. 7]

  6. Kungani u-Asa athandazela ukunqoba ibutho lempi elikhulu, futhi yini esingaqiniseka ngayo ngenhlalakahle yethu engokomoya? (2 IziKr. 14:11) [Dec. 7, w12 8/15 k. 8 isig. 6–k. 9 isig. 1]

  7. Indlela uJehova asebenzelana ngayo namaphutha eNkosi uJehoshafati isiqinisekisa kanjani ngothando lukaNkulunkulu, futhi lokhu kufanele kuwuthinte kanjani umbono wethu ngabanye abantu? (2 IziKr. 19:3) [Dec. 14, w03 7/1 k. 17 isig. 13; cl k. 245 isig. 12]

  8. Osukwini lwethu, kungani kumelwe ‘sime ezindaweni zethu’ futhi singakwenza kanjani lokho? (2 IziKr. 20:17) [Dec. 21, w05 12/1 k. 21 isig. 2; w03 6/1 k. 21 izig. 15-16]

  9. Yisiphi isikhumbuzo esisangulukisayo esisithola kweyesi-2 IziKronike 21:20 mayelana nokufa kukaJehoramu? [Dec. 21, w98 11/15 k. 32 isig. 4]

  10. Ngokweyesi-2 IziKronike 26:​5, ubani owaba ithonya elihle enkosini esencane u-Uziya, futhi intsha namuhla ingazuza kanjani kumaKristu avuthiwe ebandleni? [Dec. 28, w07 12/15 k. 10 izig. 2, 4]

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela