UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuphila Okungcono Kakhulu
Kunamathuba amaningi avulekele intsha enhlanganweni kaJehova. Bukela i-video ethi Ukuphila Okungcono Kakhulu ukuze ubone indlela uCameron abusebenzisa ngokuhlakanipha ngayo ubusha bakhe. Ngemva kwalokho phendula imibuzo engezansi. (Ngena ku-jw.org/zu, bese ubheka ngaphansi kwengxenye ethi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA.)
Yini ebilokhu ibalulekile ekuphileni kukaCameron?
Kunini lapho anquma khona ukwandisa inkonzo yakhe futhi kanjani?
Wakulungiselela kanjani ukuyokhonza endingekweni, kwelinye izwe?
Yiziphi izinselele uCameron abhekana nazo lapho ekhonza ezweni elikude?
Kungani kungase kuzuzise ukukhonza uJehova endaweni lapho singakaze simkhonze khona ngaphambili?
Yiziphi izibusiso uCameron azithola?
Kungani ukukhonza uJehova kuholela ekuphileni okungcono kakhulu?
Yimaphi amanye amathuba intsha enawo enhlanganweni kaJehova?