ISIHLOKO SENYANGA: “SHUMAYELA IZWI, UBE KULO UNOMUZWA WOKUPHUTHUMA.”—2 THIM. 4:2.
Ukuchaza Lokho Esikukholelwayo Ngo-1914
ImiBhalo isikhuthaza ukuba ‘sikulungele ukuvikela’ izinkolelo zethu, ‘senze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.’ (1 Pet. 3:15) Eqinisweni, singase sikuthole kuyinselele ukuchaza amaqiniso ajulile eBhayibheli, njengokuthi sazi kanjani ukuthi uMbuso waqala ukubusa ngo-1914. Kulungiselelwe isihloko esinezingxenye ezimbili esithi “Ingxoxo Nomakhelwane—UMbuso KaNkulunkulu Waqala Nini Ukubusa?” ukuze sisisize. Lesi sihloko sivela kuyi-Nqabayokulinda esizobe siyihambisa enkonzweni yethu ngo-October nango-November. Njengoba usihlola, cabangela imibuzo elandelayo ngokuphathelene nendlela uKhaya, ongummemezeli, ayisingathe ngayo ingxoxo.
Ukwaze kanjani . . .
ukuveza amaphuzu abavumelana ngawo lapho encoma umninikhaya?—IzE. 17:22.
ukubonisa ukuthobeka lapho echaza izinkolelo zakhe?—IzE. 14:15.
Kube kuhle ngani . . .
ukulokhu ebukeza lokho asebexoxe ngakho ngaphambi kokudlulela kwamanye amaphuzu?
ukudamane ehlaba ikhefu futhi abuze umninikhaya ukuthi uyakuqonda yini lokho asemchazele khona?
ukungazami ukuxoxa ngokwaziswa okuningi kakhulu ngesikhathi esisodwa?—Joh. 16:12.
Yeka indlela esimbonga ngayo uJehova, ‘uMfundisi wethu Omkhulu,’ ngokusifundisa indlela yokuchaza amaqiniso ajulile eBhayibheli kulabo abawalambele!—Isaya 30:20.