AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOBE 6-10
UJobe Othembekile Uveza Usizi Lwakhe
UJobe wayephundlekile, elila futhi egula kabuhlungu kodwa wahlala ethembekile. Ngakho uSathane wazama ukumdumaza ukuze ephule ubuqotho bakhe. Kwafika “abangane” abathathu. Okokuqala babonisa uzwela lokubukisa. Babe sebehlala noJobe izinsuku eziyisikhombisa, abangakhipha nezwi elilodwa vo lenduduzo. Abakukhuluma ngemva kwalokho kwakuwukumbeka amabala nezinsolo ezibuhlungu.
UJobe wagcina ubuqotho bakhe kuJehova naphezu kobunzima obukhulu
Usizi lwenza uJobe wabona izinto ngendlela engeyona. Waphetha ngokungeyikho ngokuthi uNkulunkulu akanandaba nokuthi uhlala ethembekile noma cha
Ngenxa yokudumala, uJobe akazange akucabange okwakungaba izizathu zokuhlupheka kwakhe
Nakuba ayekhahlanyezwe usizi, uJobe wayesakhuluma ngothando lwakhe ngoJehova kulabo ababemsola