Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb16 Septhemba k. 2
  • Uma Kuvula Ingane Emnyango

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uma Kuvula Ingane Emnyango
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bazali, Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Bazali, Niyazisiza Yini Izingane Zenu Ukuba Zibhapathizwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Kungani Imindeni Ingasahloniphani?
    I-Phaphama!—2024
  • Indlela Yokuvikela Abantwana Bakho
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
mwb16 Septhemba k. 2

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Uma Kuvula Ingane Emnyango

Odadewethu ababili bashumayeza owesifazane nendodakazi yakhe

Uma kuvula ingane emnyango, kufanele sicele ukukhuluma nabazali bayo. Lokhu kubonisa ukuthi siyalihlonipha igunya labo. (IzA 6:20) Uma ingane isingenisa, kufanele senqabe. Uma abazali bayo bengekho, kufanele sibuye ngesinye isikhathi.

Uma ingane isindadlana, mhlawumbe isidlule kakhulu eminyakeni engu-12, nalapho siyobe senza kahle uma sicela ukukhuluma nabazali bayo. Uma abazali bengekho, singase siyibuze ukuthi bayayivumela yini ukuba ifunde noma yini eyithandayo. Uma beyivumela, singayinika okufundwayo mhlawumbe siyitshele nangengosi yethu ethi jw.org/zu.

Lapho sibuyela kosemusha oye wakujabulela ukuxoxa nathi, kufanele sicele ukubonana nabazali bakhe. Lokhu kuyosenza sikwazi ukuchaza isizathu sokubavakashela nokubabonisa izeluleko esingazethemba ezitholakala eBhayibhelini mayelana nemindeni. (IHu 119:86, 138) Ukubonisa inhlonipho nokubacabangela abazali kuyonikeza ubufakazi obuhle futhi kungase kusinike namanye amathuba okuxoxa nomndeni ngezindaba ezinhle.—1Pet 2:12.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela