Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb18 Januwari k. 8
  • Qale Wenze Ukuthula Nomfowenu—Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qale Wenze Ukuthula Nomfowenu—Kanjani?
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okumelwe Ukwenze Lapho Wona Abanye
    I-Phaphama!—1996
  • Lungisani Ukungaboni Ngaso Linye Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Ukuxazulula Kanjani Ukungezwani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ningabakhubi “Laba Abancane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
mwb18 Januwari k. 8

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Qale Wenze Ukuthula Nomfowenu—Kanjani?

Indoda ishiya umnikelo wayo e-⁠altare iyokwenza ukuthula nomfowabo

Zibone ngeso lengqondo uphila eGalile ngesikhathi sikaJesu. Uthathe uhambo oluya eJerusalema ukuze uyogubha uMkhosi Wamadokodo. Kuleli dolobha kugcwele abantu abazokhonza njengawe abavela ezindaweni ezikude. Ufuna ukwenzela uJehova umnikelo. Njengoba udonsa imbuzi ubheke edolobheni, uqala ukuhamba emigwaqweni emincane enesiminyaminya sabantu uqonde ethempelini. Uma ufika, ethempelini kugcwele nabanye abazokwenza iminikelo. Ekugcineni, sekuyithuba lakho lokuba unike abapristi imbuzi yakho. Ngaso leso sikhathi uyakhumbula ukuthi kukhona ukungezwani okuthile nomfowenu, okungenzeka ukuthi naye ukhona kulesi siminyaminya noma edolobheni. UJesu uyachaza ukuthi yini okufanele uyenze. (Funda uMathewu 5:24.) Yini wena nomfowenu okhubekile eningayenza ukuze nibe nokuthula njengoba kusho uJesu? Ohlwini olungezansi, faka uphawu eceleni kwempendulo enembile.

KUFANELE . . . 

  • ukhulume nomfowenu kuphela uma nje ucabanga ukuthi umfowenu unesizathu esizwakalayo sokuba aphatheke kabi

  • uzame ukulungisa indlela umfowenu acabanga ngayo uma unomuzwa wokuthi uzwela ngokweqile noma uma nawe ucabanga ukuthi uyimbangela yenkinga

  • ulalele ngesineke njengoba umfowenu eveza indlela azizwa ngayo, futhi ngisho noma ungakuqondi kahle akushoyo, kufanele uxolise ngokusuka enhliziyweni ngobuhlungu abuzwayo nangemiphumela obungayihlosile ebangelwe yizenzo zakho

UMFOWENU KUFANELE . . . 

  • afune ukusekelwa abanye ebandleni ngokubaxoxela ukuthi umlimaze kanjani

  • akuthethise, akwembulele yonke into eyiphutha lakho futhi akutshele nokuthi kufanele uvume ukuthi nguwe onephutha

  • uqaphele ukuzithoba nesibindi osibonisile ngokuza kuye, bese ekuthethelela ngenhliziyo emhlophe

Nakuba ukukhonza uNkulunkulu namuhla kungasahileli iminikelo yezilwane, yini eyayifundiswa uJesu mayelana nokuhlobana okukhona phakathi kokuba nokuthula nabafowethu nendlela yokumkhonza ayamukelayo uNkulunkulu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela