Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
MASHI 5-11
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 20-21
“Noma Ubani Ofuna Ukuba Mkhulu Phakathi Kwenu Kumelwe Abe Yisikhonzi Senu”
(Mathewu 20:3) Ephuma futhi cishe ngehora lesithathu, wabona abanye bemile bengaqashiwe esigcawini;
Okubukwayo kwe-nwtsty-E
Esigcawini
Ezinye izigcawu noma izimakethe ezinjengale eboniswe lapha zaziseduze komgwaqo. Abathengisayo babevame ukubeka izinto eziningi emgwaqweni kangangokuthi kungabe kusahambeka kahle. Izakhamuzi zazithenga izinto zasendlini, izinto zobumba, izinto ezibizayo ezenziwe ngengilazi kanye nalokho okusanda kuvunwa emasimini. Ngenxa yokuthi zazingekho iziqandisi, abantu kwakudingeka baye nsuku zonke ezimakethe bayothenga abakudingayo. Abazothenga ezimakethe babezwa izindaba kwabathengisayo nakwezinye izivakashi, izingane zaziza lapho zizodlala nabangasebenzi babema lapho ukuze baqashwe. UJesu welapha abagulayo noPawulu washumayela khona kulezi zimakethe. (IzE 17:17) Ngokungafani nabo, ababhali nabaFarisi abaqhoshayo bona babethanda ukuqashelwa nokubingelelwa kulezi zindawo zomphakathi.
(Mathewu 20:20, 21) Khona-ke unina wamadodana kaZebedewu weza kuye namadodana akhe, emkhothamela futhi ecela okuthile kuye. 21 Wathi kuye: “Ufunani?” Yena wathi kuye: “Khipha izwi lokuba la madodana ami amabili ahlale phansi, enye ngakwesokunene sakho enye ngakwesobunxele sakho, embusweni wakho.”
amaphuzu okucwaninga uMath 20:20, 21 kuyi-nwtsty-E
unina wamadodana kaZebedewu: Lona, kwakungunina wabaphostoli, uJakobe noJohane. Ngokwencwadi kaMarku, uJakobe noJohane yibo abaya kuJesu. Kusobala ukuthi yibona abenza lesi sicelo, kodwa bathumela unina uSalome okungenzeka ukuthi wayengudadewabo kanina kaJesu.—Math 27:55, 56; Mar 15:40, 41; Joh 19:25.
enye ngakwesokunene sakho enye ngakwesobunxele sakho: Bobabili abantu abahlala kulezi zikhundla bayahlonishwa futhi banegunya, kodwa ohlala ngakwesokunene uhlale enegunya eliphekeme nakakhulu.—IHu 110:1; IzE 7:55, 56; Ro 8:34.
(Mathewu 20:25-28) Kodwa uJesu, ebabizela kuye, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza izingqongqo phezu kwazo nabantu abakhulu basebenzisa igunya phezu kwazo. 26 Akunjalo phakathi kwenu; kodwa noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu, 27 futhi noma ubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kumelwe abe yinceku yenu. 28 Njengoba nje neNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.”
amaphuzu okucwaninga uMath 20:26, 28 kuyi-nwtsty-E
yisikhonzi: Noma “inceku.” IBhayibheli livame ukusebenzisa igama lesiGreki elithi di·aʹko·nos lapho likhuluma ngomuntu ongayeki ukwenzela abanye imisebenzi ethile ngokuthobeka. Leli gama lisetshenziselwa ukuchaza uKristu (Ro 15:8), izikhonzi noma izinceku zikaKristu (1Kor 3:5-7; Kol 1:23), izinceku ezikhonzayo (Fil 1:1; 1Thim 3:8), izinceku ezisebenza ezindlini (Joh 2:5, 9) nezikhulu zikahulumeni (Ro 13:4).
ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza: Noma “ingezelanga ukuba yenzelwe izinto, kodwa ukuba yenzele abanye izinto.”
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Mathewu 21:9) Izixuku ezazihamba phambi kwakhe nalezo ezazimlandela zazilokhu zikhamuluka zithi: “Siyanxusa, sindisa iNdodana kaDavide! Ubusisiwe oza egameni likaJehova! Siyanxusa, msindise ezindaweni eziphakeme eziphezulu!”
iphuzu lokucwaninga uMath 21:9 kuyi-nwtsty-E
Siyanxusa, sindisa: Ngokwezwi nezwi, “Hosiyana.” Leli gama lesiGreki livela emazwini esiHebheru asho ukuthi “siyathandaza, sindisa” noma “sicela usindise.” Lapha leli gama lisetshenziswe njengendlela yokunxusa uNkulunkulu ukuba asindise noma enze umuntu anqobe; lingahunyushwa ngokuthi “sicela umsindise.” Ngokuhamba kwesikhathi lasetshenziswa njengomthandazo nanjengamazwi okudumisa. La mazwi esiHebheru atholakala encwadini yeHu 118:25, elaliyingxenye yamaHubo e-Hallel ayeculwa njalo ngenkathi yePhasika. Yingakho bavele bawakhumbula kalula lawo mazwi ngaleso sikhathi. Enye yezindlela uNkulunkulu aphendula ngayo lo mthandazo wokusindisa iNdodana kaDavide kwakuwukuyivusa ekufeni. KuMath 21:42, uJesu ngokwakhe ucaphuna iHu 118:22, 23 bese ethi lisebenza kuMesiya.
iNdodana kaDavide: La mazwi abonisa ukuqaphela uhlu lozalo lukaJesu nendima yakhe yokuba uMesiya othenjisiwe.
(Mathewu 21:18, 19) Lapho ebuyela emzini ekuseni kakhulu, walamba. 19 Wabona umkhiwane ngasendleleni waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo ngaphandle kwamaqabunga kuphela, wathi kuwo: “Makungabe kusavela sithelo kuwe kuze kube phakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi.
jy-E 244 ¶4-6
Kusetshenziswa Umkhiwane Ukuze Kufundiswe Isifundo Ngokholo
Kungani uJesu enza ukuba lesi sihlahla sibune? Uveza isizathu kule mpendulo yakhe: “Ngiqinisile ngithi kini, kuphela uma ninokholo futhi ningangabazi, ngeke nje kuphela nenze lokho engikwenze emkhiwaneni, kodwa futhi uma nithi kule ntaba, ‘Qukuleka uphonseke olwandle,’ kuyokwenzeka. Futhi zonke izinto enizicela ngomthandazo, ninokholo, niyozamukela.” (Mathewu 21:21, 22) Ngokusho la mazwi, uJesu uphinda lokho akusho ngaphambilini ngokuphathelene nokholo olukwazi ukugudlula intaba.—Mathewu 17:20.
Ngakho ngokwenza isihlahla sibune, uJesu usebenzisa leso sihlahla ukuze abonise ukubaluleka kokukholelwa kuNkulunkulu. Uthi: “Zonke izinto enizithandazelayo nenizicelayo yibani nokholo lokuthi senizamukele ngokoqobo, niyozithola.” (Marku 11:24) Lesi isifundo esibalulekile kubo bonke abalandeli bakaJesu. Sifaneleka nakakhulu kubaphostoli ababezobhekana novivinyo olunzima kungekudala. Kanti kunokunye ukuhlobana okukhona phakathi kokubuna komkhiwane nesimo sokholo umuntu analo.
Kuhle kwalo mkhiwane, isimo sesizwe sakwa-Israyeli sasikhohlisa. Abantu balesi sizwe babenze isivumelwano noNkulunkulu, ngakho kwakungase kubonakale sengathi bayawuhlonipha uMthetho wakhe. Nokho, lesi sizwe sesisonke sasintula ukholo futhi singenazo izithelo ezinhle. Senqaba ngisho neNdodana kaNkulunkulu uqobo! Ngakho, ngokwenza lo mkhiwane ongatheli ukuba ubune, uJesu ubonisa ukuthi yini ezogcina yenzekile ngalesi sizwe esingenalo ukholo nesingatheli.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Mathewu 20:1-19) “Ngoba umbuso wamazulu unjengomuntu, umninindlu, owaphuma ekuseni kakhulu eyoqasha izisebenzi zokusebenza esivinini sakhe. 2 Lapho esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe. 3 Ephuma futhi cishe ngehora lesithathu, wabona abanye bemile bengaqashiwe esigcawini; 4 nakulabo wathi, ‘Nani futhi, hambani ningene esivinini, ngizoninika noma yini efanele.’ 5 Ngakho bahamba. Waphuma futhi cishe ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye wenza okufanayo. 6 Ekugcineni, cishe ngehora leshumi nanye waphuma futhi wathola abanye bemile, wathi kubo, ‘Kungani benimi lapha usuku lonke ningaqashiwe?’ 7 Bathi kuye, ‘Kungenxa yokuthi akekho osiqashile.’ Wathi kubo, ‘Hambani nani ningene esivinini.’ 8 “Lapho kuhwalala, inkosi yesivini yathi enduneni yayo, ‘Biza izisebenzi uzikhokhele inkokhelo yazo, uqale ngesokugcina uye kwesokuqala.’ 9 Lapho abantu behora leshumi nanye befika, ngamunye wathola udenariyu. 10 Ngakho, lapho abokuqala befika, baphetha ngokuthi babezokwamukela okwengeziwe; kodwa nabo bamukela iholo ngesilinganiso sikadenariyu. 11 Lapho bewamukela babubula ngomninindlu 12 bathi, ‘Laba bokugcina benze umsebenzi wehora elilodwa; noma kunjalo ubenze balingana nathi esithwale umthwalo osindayo wosuku nokushisa okukhulu!’ 13 Kodwa yena ephendula omunye wabo, wathi, ‘Mfo, angikonanga ngalutho. Sivumelene ngodenariyu, akunjalo? 14 Thatha okungokwakho uhambe. Ngifuna ukunika lona wokugcina okufanayo nengikunika wena. 15 Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngezinto zami? Noma ingabe iso lakho libi ngoba mina ngimuhle?’ 16 Kanjalo abokugcina bayoba ngabokuqala, abokuqala babe ngabokugcina.” 17 Manje njengoba ayesezokhuphukela eJerusalema, uJesu wathatha abafundi abayishumi nambili waya nabo ngasese wathi kubo endleleni: 18 “Bhekani! Sikhuphukela eJerusalema, futhi iNdodana yomuntu izonikelwa kubapristi abakhulu nakubabhali, futhi bazoyibulala, 19 bayinikele kubantu bezizwe ukuba bahlekise ngayo, bayibhaxabule futhi bayibethele, kodwa ngosuku lwesithathu izovuswa.”
MASHI 12-18
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 22-23
“Hlonipha Imiyalo Emibili Emikhulu Kunayo Yonke”
(Mathewu 22:36-38) “Mfundisi, yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke eMthethweni?” 37 Wathi kuye: “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ 38 Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala.
iphuzu lokucwaninga uMath 22:37 kuyi-nwtsty-E
inhliziyo: Lapho lisetshenziswa ngomqondo ongokomfanekiso, leli gama libhekisela kumuntu wangaphakathi. Nokho, lapho lihambisana negama elithi “umphefumulo” kanye nelithi “ingqondo,” libe selisho imizwelo, izifiso nemizwa yomuntu. Amagama asetshenziswe lapha (elithi inhliziyo, umphefumulo nengqondo) awagcini ngokuba nencazelo okukhulunywe ngayo ngenhla kuphela; asetshenziswa nangomqondo othi awufane, ogcizelela kakhulu isidingo sokuthanda uNkulunkulu ngokuphelele.
umphefumulo: Noma “umuntu.”
ingqondo: Umuntu kufanele asebenzise ingqondo yakhe ukuze azi uNkulunkulu futhi amthande. (Joh 17:3; Ro 12:1) KuDut 6:5 lapho okucashunwe khona la mazwi, umBhalo wokuqala wesiHebheru usebenzisa amagama amathathu, ‘inhliziyo, umphefumulo namandla.’ Nokho, njengoba leli gama elithi ingqondo livela encwadini kaMathewu ebhalwe ngesiGreki, kusetshenziswe igama elithi “ingqondo” esikhundleni selithi “amandla.” Kungenzeka kunezizathu eziningi ezenza kusetshenziswe la magama angafani. Okokuqala, nakuba amaHebheru asendulo ayengenalo igama eliqondile elithi “ingqondo,” ayevame ukuveza lowo mqondo ngokusebenzisa igama lesiHebheru elisho “inhliziyo.” Lapho leli gama lisetshenziswa ngokomfanekiso libhekisela kumuntu wangaphakathi, okuhlanganisa indlela umuntu acabanga ngayo, azizwa ngayo, isimo sakhe sengqondo nento emkhuthaza ukuba enze okuthile. (Dut 29:4; IHu 26:2; 64:6; bheka iphuzu lokucwaninga elithi inhliziyo kuleli vesi.) Ngenxa yalesi sizathu, ezindaweni lapho umBhalo wesiHebheru usebenzisa khona igama elithi “inhliziyo,” i-Septuagint yesiGreki ivame ukusebenzisa igama lesiGreki elifana nalo elithi “ingqondo.” (Gen 8:21; 17:17; IzA 2:10; Isaya 14:13) Esinye isizathu okungenzeka senza uMathewu wasebenzisa igama lesiGreki elithi “ingqondo” kunelithi “amandla” lapho ecaphuna uDut 6:5, ukuthi igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “amandla” lingasho kokubili amandla okwenza izinto ngokoqobo nekhono lokucabanga. Kunoma ngabe ikuphi, ukufana kwemiqondo yamagama esiHebheru nawesiGreki kungasisiza sibone ukuthi kungani ababhali bamaVangeli bengasebenzisi amagama afanayo lapho becaphuna uDuteronomi.
(Mathewu 22:39) Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’
iphuzu lokucwaninga uMath 22:39 kuyi-nwtsty-E
Owesibili: KuMath 22:37, kubhalwe impendulo eqondile kaJesu lapho ephendula umFarisi, kodwa uJesu akagcini ngokuphendula umbuzo wokuqala. Ube esecaphuna umyalo wesibili (Lev 19:18), ngaleyo ndlela efundisa ukuthi le miyalo ayinakuhlukaniswa nokuthi wonke uMthetho nabaProfethi uhlanganiswe kuyo.—Math 22:40.
umakhelwane: Leli gama lesiGreki elithi “umakhelwane” (ngokwezwi nezwi elisho “lowo oseduze”) lingahlanganisa abantu abaningi, hhayi nje kuphela abakhelene. Lingabhekisela kunoma ubani oxhumana naye.—Luka 10:29-37; Ro 13:8-10.
(Mathewu 22:40) Kule miyalo emibili kusekelwe wonke uMthetho, nabaProfethi.”
iphuzu lokucwaninga uMath 22:40 kuyi-nwtsty-E
uMthetho . . . abaProfethi: “UMthetho” ubhekisela ezincwadini zeBhayibheli eziqala kuGenesise ziye kuDuteronomi. Elithi “abaProfethi” libhekisela ezincwadini eziyiziprofetho zemiBhalo YesiHebheru. Nokho, uma la magama esetshenziswe womabili ndawonye, leyo nkulumo ingase ibhekwe njengehlanganisa yonke imiBhalo YesiHebheru.—Math 7:12; 22:40; Luka 16:16.
kusekelwe: Isenzo sesiGreki ngokwezwi nezwi esisho ukuthi “kugaxwe kuyo” sisetshenziswe ngomqondo ongokomfanekiso ukuze sisho “ukuncika kuyo; ukusekela kuyo.” Ngalokho uJesu wayebonisa ukuthi akuwona nje kuphela uMthetho oneMiyalo Eyishumi osekelwe othandweni kodwa yiyo yonke imiBhalo YesiHebheru.—Ro 13:9.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Mathewu 22:21) Bathi: “OkaKhesari.” Khona-ke wathi kubo: “Ngakho-ke, buyiselani kuKhesari izinto zikaKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.”
iphuzu lokucwaninga uMath 22:21 kuyi-nwtsty-E
kuKhesari izinto zikaKhesari: Le mpendulo kaJesu kanye nomBhalo kaMar 12:17 nokaLuka 20:25, ukuphela kwezindawo lapho uJesu ekhuluma khona ngalo mbusi waseRoma. “Izinto zikaKhesari” zihlanganisa ukukhokhela izinto uhulumeni asenzela zona kanye nenhlonipho nokuzithoba okulinganiselwe okufanele sikubonise labo abasemagunyeni.—Ro 13:1-7.
izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu: Lokhu kuhlanganisa ukukhonza komuntu uNkulunkulu ngenhliziyo yonke, ukumthanda ngomphefumulo wonke kanye nokumlalela ngobuqotho ngokuphelele.—Math 4:10; 22:37, 38; IzE 5:29; Ro 14:8.
(Mathewu 23:24) Baholi abayizimpumputhe, abahluza insensane kodwa baginge ikamela!
iphuzu lokucwaninga uMath 23:24 kuyi-nwtsty-E
abahluza insensane kodwa baginge ikamela: Insensane isilwane esincane kunazo zonke nekamela liyisilwane esikhulu kunazo zonke. Zombili lezi zilwane zazingahlanzekile kuma-Israyeli. (Lev 11:4, 21-24) UJesu usebenzisa ihaba kanye nokubhuqa lapho ethi abaholi benkolo bacwenga iziphuzo zabo ukuze izinsensane zingabenzi babe abangcolile ngokomthetho, kuyilapho bengazinaki ngokuphelele izinto ezibaluleke kakhulu zoMthetho. Isenzo esinjalo sifana nokugwinya ikamela.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Mathewu 22:1-22) Eqhubeka nempendulo, uJesu waphinde wakhuluma nabo ngemifanekiso, wathi: 2 “Umbuso wamazulu unjengomuntu, inkosi, owenzela indodana yakhe idili lomshado. 3 Wathuma izinceku zakhe ukuba ziyobiza labo ababemenyelwe edilini lomshado, kodwa abathandanga ukuza. 4 Waphinda wathuma ezinye izinceku, ethi, ‘Tshelani abamenyiwe ukuthi: “Bhekani! Sengisilungisile isidlo sami, izinkomo zami nezilwane ezikhuluphalisiwe sekuhlatshiwe, futhi zonke izinto sezilungile. Wozani edilini lomshado.”’ 5 Kodwa bahamba bengagqizi qakala, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya ebhizinisini lakhe; 6 abanye, babamba izinceku zakhe, baziphatha ngokweyisa futhi bazibulala. 7 “Inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo ababhubhisa labo babulali ashisa nomuzi wabo. 8 Khona-ke yathi ezincekwini zayo, ‘Idili lomshado ngempela selilungile, kodwa abamenyiwe bebengafaneleki. 9 Ngakho-ke yanini ezindleleni eziphumela ngaphandle komuzi, kuthi noma ubani enimtholayo nimmemele edilini lomshado.’ 10 Ngakho lezo zinceku zaphumela ezindleleni zabuthela ndawonye bonke ezabathola, kokubili ababi nabahle; indlu yemikhosi yomshado yagcwala ababehlezi etafuleni. 11 “Lapho inkosi ingena izohlola izimenywa, yabona umuntu owayengayigqokile ingubo yomshado. 12 Ngakho yathi kuye, ‘Mfo, ungene kanjani lapha ungayigqokile ingubo yomshado?’ Akabanga namazwi. 13 Khona-ke inkosi yathi ezincekwini zayo, ‘Mbopheni izandla nezinyawo nimkhiphele ebumnyameni ngaphandle. Lapho yilapho eyokhala khona aququde amazinyo.’ 14 “Ngoba baningi abamenyiwe, kodwa bambalwa abakhethiwe.” 15 Khona-ke abaFarisi bahamba, bacebisana ukuze bamcuphe ngenkulumo yakhe. 16 Ngakho bathumela abafundi babo kuye, kanye namalungu eqembu likaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uneqiniso futhi ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, nokuthi awukhathali ngamuntu, ngoba awubheki ukubonakala kwabantu kwangaphandle. 17 Ngakho-ke, sitshele, Wena ucabangani? Ingabe kungokomthetho ukukhokha intela yekhanda kuKhesari noma cha?” 18 Kodwa uJesu, ebazi ububi babo, wathi: “Kungani ningivivinya, bazenzisi? 19 Ngiboniseni uhlamvu lwemali yentela yekhanda.” Bamlethela udenariyu. 20 Wathi kubo: “Okabani lo mfanekiso nalo mbhalo oqoshiwe?” 21 Bathi: “OkaKhesari.” Khona-ke wathi kubo: “Ngakho-ke, buyiselani kuKhesari izinto zikaKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” 22 Lapho bezwa lokho, bamangala, bahamba bamshiya.
[Ibhokisi ekhasini 52]
AMAKRISTU OKUQALA AYENGATHATHI HLANGOTHI
Umlando unikeza ubufakazi obanele bokuthi amaKristu okuqala ayengathathi hlangothi kwezombusazwe futhi engayi ezimpini. Incwadi ethi The Beginnings of Christianity ithi: “Abasunguli bobuKristu babekuphaphamele ukuba bangabi nokuthambekela kokuzifaka kwezombusazwe.” Ngokufanayo, incwadi ethi On the Road to Civilization ithi: “UbuKristu bokuqala babungaqondakali futhi bungathandeki kulabo ababebusa izindawo zamaqaba. . . . AmaKristu enqaba ukuhlanganyela emisebenzini ethile yezakhamuzi ezingamaRoma. Ayengabi nezikhundla kwezombusazwe.”
Ngokuqondene namaKristu okuqala nenkonzo yezempi, isazi sezenkolo esingumJalimane uPeter Meinhold sathi: “Ukuba umKristu nesosha kwakubhekwa njengezinto ezingahlangani.” Endabeni eyalotshwa umlobi wezenkolo uJonathan Dymond enesihloko esithi “Ukuhlola Ukuthi Impi Iyavumelana Yini Nezimiso ZobuKristu,” uDymond waloba ukuthi ngemva kwesikhathi esithile kufe uJesu, abalandeli baKhe “benqaba ukuhlanganyela [empini]; kungakhathaliseki ukuthi kwakuzokwenzekani kubo, ukuthi bayahlanjalazwa, bayaboshwa noma bayabulawa.” Wanezela: “Awanakuphikwa la maqiniso.” Kwaze kwaba yilapho “ubuKristu sebonakalisiwe lapho amaKristu aba khona amasosha,” kusho omunye umbhali.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 55]
INGABE ANGITHATHI HLANGOTHI?
Isimiso: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.”—Johane 18:36.
Eminye yemibuzo okumelwe uzibuze yona
▪ Ngingasichaza kanjani isizathu esenza ukuba ukushayela ifulege indesheni kube uhlobo oluthile lokukhonza izithombe?—Eksodusi 20:4, 5; 1 Johane 5:21.
▪ Ngingayibonisa kanjani inhlonipho ejulile kubantu abanezinkolelo ezihlukile kwezami lapho ngibachazela izizathu zokungahlanganyeli emikhosini ethile yobuzwe?—1 Petru 3:15.
▪ Ziyini izizathu zami zokungawasekeli amaqembu ezombusazwe noma zokungahlanganyeli kunoma iyiphi inkonzo yezempi?—Johane 13:34; 1 Johane 3:10-12.
MASHI 19-25
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 24
“Hlale Uzinakile Izinto Eziphathelene NoNkulunkulu Phakathi Nalezi Zinsuku Zokugcina”
(Mathewu 24:12) ngenxa yokwanda kokwephulwa komthetho uthando lwabaningi luyophola.
it-2-E 279 ¶6
Uthando
Uthando Umuntu Analo Lungaphola. Lapho uJesu Kristu etshela abafundi bakhe izinto ezazizokwenzeka, wabonisa ukuthi uthando (i-a·gaʹpe) lwabantu abaningi abathi bayakholelwa kuNkulunkulu lwaluyophola. (Math 24:3, 12) Umphostoli uPawulu wathi phakathi nezikhathi ezibucayi ezaziseza, abantu ‘babeyothanda imali.’ (2Thim 3:1, 2) Ngakho kusobala ukuthi umuntu angaya ngokuya ekhohlwa ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu nokuthi uthando lwangempela ayenalo ekuqaleni lungaphola. Lokhu kugcizelela ukubaluleka kokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu nokwenza ukuphila kwethu kuvumelane nemithetho yaKhe, ukuze sihlale sibonisa abanye uthando futhi sithuthukise izindlela esibabonisa ngazo.—Efe 4:15, 22-24.
(Mathewu 24:39) futhi benganakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.
Ingabe Uyasifeza Sonke Isibopho Sakho KuNkulunkulu?
5 UJesu Kristu wathi mayelana nezikhathi zethu ezibucayi: “Njengoba nje zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu. Ngoba njengoba babenjalo ngalezozinsuku zangaphambi kwesikhukhula, bedla futhi bephuza, amadoda eshada futhi abesifazane bendiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini; futhi abanakanga kwaze kwafika isikhukhula, sabakhukhula bonke, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.” (Mathewu 24:37-39) Lapho kunokulinganisela, akukho lutho olungalungile ngokudla nokuphuza, futhi umshado uyilungiselelo elasungulwa uNkulunkulu uqobo. (Genesise 2:20-24) Nokho, uma siqaphela ukuthi iminako evamile yokuphila isiyiyona nto esiyikhathalela ngokuyinhloko, kungani singayithandazeli le ndaba? UJehova angasisiza ukuba sigcine izithakazelo zoMbuso ziza kuqala, senze okulungile, futhi sifeze isibopho sethu kuye.—Mathewu 6:33; Roma 12:12; 2 Korinte 13:7.
(Mathewu 24:44) Ngenxa yalokhu nani futhi yibani abakulungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.
jy-E 259 ¶5
Abaphostoli Bacela Isibonakaliso
UJesu uthi abaphostoli bakhe kuzodingeka bahlale bephapheme, beqaphile futhi bekulungele ukufika kwakhe. Ugcizelela lesi sixwayiso ngokwenza omunye umfanekiso: “Yazini into eyodwa, ukuthi ukube umninindlu ubazi ukuthi isela lizokuza ngamuphi umlindo, ubeyohlala ephapheme angavumi ukuba indlu yakhe igqekezwe. Ngenxa yalokhu nani futhi yibani abakulungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.”—Mathewu 24:43, 44.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Mathewu 24:8) Zonke lezi zinto ziwukuqala kwemihelo yokucindezeleka.
iphuzu lokucwaninga uMath 24:8 kuyi-nwtsty-E
kwemihelo yokucindezeleka: Leli gama lesiGreki ngokwezwi nezwi lisho izinhlungu ezinzima owesifazane aba nazo lapho ebeletha. Kulokhu, leli gama lisetshenziselwe ukuchaza ukucindezeleka okuvamile nezinhlungu. Kodwa lingase libe nomqondo wokuthi kuhle kwezinhlungu zokubeletha, usizi nokuhlupheka kuzolokhu kubuya kuphindelela, kuye kuba kubi nakakhulu futhi kuqhubeke isikhathi eside nakakhulu ngaphambi nje kosizi olukhulu okukhulunywa ngalo kuMath 24:21.
(Mathewu 24:20) Thandazelani ukuba ukubaleka kwenu kungenzeki ngesikhathi sasebusika, noma ngosuku lwesabatha;
iphuzu lokucwaninga uMath 24:20 kuyi-nwtsty-E
ngesikhathi sasebusika: Izimvula ezinamandla, izikhukhula namakhaza kwangezikhathi zasebusika kungenza kube nzima ukuhamba, ukuthola ukudla kanye nendawo yokukhosela.—Ezra 10:9, 13.
ngosuku lwesabatha: Ezindaweni ezinjengaseJudiya, imithetho ehambisana neSabatha ingenza kube nzima ukuba umuntu athathe uhambo olude nokuthwala imithwalo; kanti amasango aseJudiya ayehlala evaliwe ngosuku lweSabatha.—Bheka IzE 1:12 nengxenye 16 yencwajana ethi INsiza-kufunda YeZwi LikaNkulunkulu.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Mathewu 24:1-22) Esemuka manje, uJesu wayesendleleni esuka ethempelini, kodwa abafundi bakhe basondela ukuze bambonise izakhiwo zethempeli. 2 Ephendula wathi: “Aniziboni yini zonke lezi zinto? Ngiqinisile ngithi kini, Akusoze kwashiywa lapha itshe phezu kwetshe lingadilizelwa phansi.” 3 Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese, bathi: “Sitshele, Ziyokwenzeka nini lezi zinto, futhi siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” 4 Ephendula uJesu wathi kubo: “Xwayani ukuba ningadukiswa muntu; 5 ngoba baningi abayokuza ngegama lami, bethi, ‘NginguKristu,’ badukise abaningi. 6 Niyokuzwa ngezimpi nemibiko yezimpi; qaphelani ukuba ningesabi. Ngoba lezi zinto kumelwe zenzeke, kodwa ukuphela kuyobe kungakafiki. 7 “Ngoba isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo. 8 Zonke lezi zinto ziwukuqala kwemihelo yokucindezeleka. 9 “Khona-ke abantu bayoninikela osizini banibulale, futhi niyoba yizinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. 10 Khona-ke, abaningi bayokhubeka, bakhaphelane, bazondane. 11 Kuyovela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi; 12 ngenxa yokwanda kokwephulwa komthetho uthando lwabaningi luyophola. 13 Kodwa lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa. 14 Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika. 15 “Ngakho-ke, lapho nibona isinengiso esibangela incithakalo, njengoba kwakhulunywa ngaso ngoDaniyeli umprofethi, simi endaweni engcwele, (ofundayo makasebenzise ukuqonda,) 16 khona-ke labo abaseJudiya mabaqale ukubalekela ezintabeni. 17 Umuntu ophezu kwendlu makangehli ayokhipha izimpahla endlini yakhe; 18 futhi umuntu osensimini makangabuyeli endlini ayothatha ingubo yakhe yangaphandle. 19 Maye kwabesifazane abakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! 20 Thandazelani ukuba ukubaleka kwenu kungenzeki ngesikhathi sasebusika, noma ngosuku lwesabatha; 21 ngoba ngaleso sikhathi kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lube khona. 22 Eqinisweni, ukube lezo zinsuku azifinyezwanga, akukho nyama ebiyosinda; kodwa ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyofinyezwa.
MASHI 26–EPHRELI 1
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 25
“Hlalani Nilindile”
(Mathewu 25:1-6) “Khona-ke umbuso wamazulu uyoba njengezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo zaphuma ziyohlangabeza umkhwenyana. 2 Ezinhlanu kuzo zaziyiziwula, futhi ezinhlanu zazihlakaniphile. 3 Ngoba eziyiziwula zathatha izibani zazo kodwa zangawaphatha amafutha, 4 kanti ezihlakaniphile zawaphatha amafutha ezitsheni zazo kanye nezibani zazo. 5 Umkhwenyana esalibele, zonke zangquphazela zalala. 6 Phakathi kobusuku kwezwakala ukumemeza, ‘Nangu umkhwenyana! Phumani niyomhlangabeza.’
(Mathewu 25:7-10) Khona-ke zonke lezo zintombi zavuka futhi zahlela izibani zazo. 8 Eziyiziwula zathi kwezihlakaniphile, ‘Sipheni emafutheni enu, ngoba izibani zethu sezizocima.’ 9 Ezihlakaniphile zaphendula ngala mazwi, ‘Angase angasaneli kahle thina kanye nani. Kunalokho, yanini kwabawathengisayo nizithengele.’ 10 Zisaye kothenga, umkhwenyana wafika, futhi izintombi ezazikulungele zangena naye edilini lomshado; umnyango wavalwa.
(Mathewu 25:11, 12) Kamuva zonke ezinye izintombi zafika nazo, zithi, ‘Mnumzane, mnumzane, sivulele!’ 12 Ephendula wathi, ‘Ngiqinisile ngithi kini, anginazi.’
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Mathewu 25:31-33) “Lapho iNdodana yomuntu ifika enkazimulweni yayo, nazo zonke izingelosi kanye nayo, khona-ke iyohlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo. 32 Zonke izizwe ziyobuthelwa phambi kwayo, futhi iyohlukanisa abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini. 33 Iyobeka izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi ngakwesobunxele sayo
Ukusekela Abafowabo BakaKristu Ngobuqotho
7 Namuhla, siwuqonda ngokucacile umzekeliso wezimvu nezimbuzi. Siyazi ukuthi “iNdodana yomuntu,” noma “inkosi,” inguJesu. ‘Abafowabo’ beNkosi yilabo abagcotshwe ngomoya ongcwele futhi abayobusa noJesu ezulwini. (Roma 8:16, 17) “Izimvu” ‘nezimbuzi’ zingabantu bazo zonke izizwe. Bayokwahlulelwa ngasekupheleni kosizi olukhulu oluzoqala maduze. Siyazi nokuthi uJesu uyokwahlulela abantu ngokwendlela abaye baphatha ngayo abagcotshiweyo abasesemhlabeni. Sibonga kakhulu ngokuthi uJehova uye wasisiza njengoba iminyaka ihamba ukuba siwuqonde lo mzekeliso neminye ekuMathewu izahluko 24 no-25!
(Mathewu 25:40) Inkosi iyophendula ithi kubo, ‘Ngiqinisile ngithi kini, Ngezinga enikwenze ngalo komunye wabancane kunabo bonke walaba bafowethu, nikwenzile nakimi.’
“Ningabangane Bami”
16 Uma unethemba lokuphila emhlabeni lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, ungabonisa kanjani ukuthi ungumngane wabafowabo bakaKristu? Ake sixoxe ngezindlela ezintathu nje. Eyokuqala, ngokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngenhliziyo yonke. UKristu wayala abafowabo ukuba bashumayele izindaba ezinhle emhlabeni wonke. (Math. 24:14) Nokho, kwakuyoba nzima ngabafowabo bakaKristu abasasele emhlabeni namuhla ukufeza lo mthwalo wemfanelo ngaphandle kosizo lwabangane babo bezinye izimvu. Ngempela, isikhathi ngasinye lapho abezinye izimvu behlanganyela emsebenzini wokushumayela, basiza abafowabo bakaKristu ukuba bafeze ukuthunywa kwabo okungcwele. NjengoKristu, isigaba senceku ethembekileyo neqondayo sisazisa kakhulu lesi senzo sobungane.
17 Indlela yesibili labo bezinye izimvu abangasiza ngayo abafowabo bakaKristu iwukusekela umsebenzi wokushumayela ngezimali. UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bazenzele abangane “ngengcebo engalungile.” (Luka 16:9) Lokhu akusho ukuthi singabuthenga ubungane noJesu noma noJehova. Kunalokho, ngokusebenzisa izinto zethu ezibonakalayo ukuze sisekele izithakazelo zoMbuso, sibonisa ubungane nothando lwethu, hhayi ngezwi kuphela, kodwa “ngesenzo nangeqiniso.” (1 Joh. 3:16-18) Sisekela umsebenzi woMbuso ngokwezimali lapho sihlanganyela emsebenzini wokushumayela, lapho sinikela ngemali yokwakha nokunakekela izindawo zethu zokuhlanganyela nalapho sinikelela umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke. Kungakhathaliseki ukuthi imali esinikela ngayo incane noma inkulu, ngokuqinisekile uJehova noJesu bayakwazisa lapho sipha ngokwenama.—2 Kor. 9:7.
18 Indlela yesithathu sonke esibonisa ngayo ukuthi singabangane bakaKristu iwukulalela isiqondiso esisinikezwa abadala bebandla. La madoda amiswe umoya ongcwele ngaphansi kokuqondisa kukaKristu. (Efe. 5:23) Umphostoli uPawulu wabhala: “Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe.” (Heb. 13:17) Ngezinye izikhathi, singase sikuthole kuyinselele ukulalela isiqondiso esisekelwe eBhayibhelini esisinikezwa abadala ebandleni. Cishe siyawazi amaphutha abo, futhi lokhu kungase kubangele ukuba sisibheke ngombono ongafanele iseluleko sabo. Noma kunjalo, uKristu, iNhloko yebandla, uyakujabulela ukusebenzisa la madoda angaphelele. Ngakho-ke, indlela esisabela ngayo egunyeni lawo ibuthinta ngokuqondile ubungane bethu noKristu. Lapho singagxili emaphutheni abadala futhi silandela ngenjabulo isiqondiso sabo, sibonisa ukuthi sithanda uKristu.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Mathewu 25:1-23) “Khona-ke umbuso wamazulu uyoba njengezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo zaphuma ziyohlangabeza umkhwenyana. 2 Ezinhlanu kuzo zaziyiziwula, futhi ezinhlanu zazihlakaniphile. 3 Ngoba eziyiziwula zathatha izibani zazo kodwa zangawaphatha amafutha, 4 kanti ezihlakaniphile zawaphatha amafutha ezitsheni zazo kanye nezibani zazo. 5 Umkhwenyana esalibele, zonke zangquphazela zalala. 6 Phakathi kobusuku kwezwakala ukumemeza, ‘Nangu umkhwenyana! Phumani niyomhlangabeza.’ 7 Khona-ke zonke lezo zintombi zavuka futhi zahlela izibani zazo. 8 Eziyiziwula zathi kwezihlakaniphile, ‘Sipheni emafutheni enu, ngoba izibani zethu sezizocima.’ 9 Ezihlakaniphile zaphendula ngala mazwi, ‘Angase angasaneli kahle thina kanye nani. Kunalokho, yanini kwabawathengisayo nizithengele.’ 10 Zisaye kothenga, umkhwenyana wafika, futhi izintombi ezazikulungele zangena naye edilini lomshado; umnyango wavalwa. 11 Kamuva zonke ezinye izintombi zafika nazo, zithi, ‘Mnumzane, mnumzane, sivulele!’ 12 Ephendula wathi, ‘Ngiqinisile ngithi kini, anginazi.’ 13 “Ngakho-ke, hlalani nilindile, ngoba anilwazi usuku noma ihora. 14 “Ngoba kunjengalapho nje umuntu othile, okwathi esezohamba aye kude, wabiza izinceku zakhe waziphathisa impahla yakhe. 15 Enye wayinika amathalenta amahlanu, enye amabili, kanti enye elilodwa, ngayinye ngokwamandla ayo, wahamba waya kude. 16 Masinyane leyo eyayamukele amathalenta amahlanu yahamba yayohweba ngawo yazuza amahlanu ngaphezulu. 17 Ngendlela efanayo leyo eyayamukele amabili yazuza amabili ngaphezulu. 18 Kodwa leyo eyayamukele elilodwa kuphela yahamba, yemba emhlabathini yayifihla imali yesiliva yenkosi yayo. 19 “Ngemva kwesikhathi eside inkosi yalezo zinceku yafika yalungisa izindaba nazo. 20 Ngakho leyo eyayamukele amathalenta amahlanu yasondela, yaletha amathalenta amahlanu engeziwe, ithi, ‘Nkosi, wangiphathisa amathalenta amahlanu; bheka, ngizuze amanye amathalenta amahlanu.’ 21 Inkosi yayo yathi kuyo, ‘Wenze kahle, nceku enhle nethembekile! Wathembeka ezintweni ezimbalwa. Ngizokumisa phezu kwezinto eziningi. Ngena enjabulweni yenkosi yakho.’ 22 Ngokulandelayo leyo eyayamukele amathalenta amabili yasondela yathi, ‘Nkosi, wangiphathisa amathalenta amabili; bheka, ngizuze amanye amathalenta amabili.’ 23 Inkosi yayo yathi kuyo, ‘Wenze kahle, nceku enhle nethembekile! Wathembeka ezintweni ezimbalwa. Ngizokumisa phezu kwezinto eziningi. Ngena enjabulweni yenkosi yakho.’