Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
MASHI 4-10
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ROMA 12-14
“Indlela Esingabonisa Ngayo Uthando LobuKristu”
(Roma 12:10) Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.
it-1-E 55
Uthando
Wonke amalungu ebandla lobuKristu kufanele athandane (ngesiGreki phi·la·del·phiʹa, ngokwezwi nezwi, “ngothando oluba phakathi kwabantu bandawonye”). (Ro 12:10; Heb 13:1; bheka neyoku-1Pet 3:8.) Ngakho ibandla kufanele lisondelane futhi lithandane ngendlela okwenzeka ngayo emndenini. Nakuba ibandla lithandana kakade, linxuswa ukuba lithandane nakakhulu.—1Thes 4:9, 10.
Igama lesiGreki elithi phi·loʹstor·gos, elisho “ukuthanda kakhulu,” lisetshenziswa kumuntu omthanda kakhulu nomunye umuntu futhi osondelene naye. Egameni elithi phi·loʹstor·gos, ingxenye ethi stor·gos ithathwe egameni elithi sterʹgo elivame ukusetshenziselwa ukuchaza uthando olungokwemvelo oluba phakathi kwamalungu omndeni. Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba abe nothando olunjalo. (Ro 12:10) Wabonisa nokuthi ezinsukwini zokugcina abantu babengeke babe nothando olungokwemvelo (ngesiGreki, aʹstor·goi) nokuthi abantu abanjalo babefanelwe ukufa.—2Thim 3:3; Ro 1:31, 32.
(Roma 12:17-19) Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu. 18 Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. 19 Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: “Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.”
“Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”
Funda amaRoma 12:17. UPawulu wathi lapho siphathwa kabi akufanele siziphindiselele. Kubalulekile ukulalela lesi seluleko ikakhulu emikhayeni ehlukene ngokwenkolo. Umngane womshado ongumKristu umelana nesilingo sokubuyisela ukhahlo ngokhahlo. ‘Ukubuyisela okubi ngokubi’ akufezi lutho oluhle. Kunalokho, isimo sengqondo esinjalo singamane senze isimo sishube.
“Ningabuyiseli Muntu Okubi Ngokubi”
Iseluleko sikaPawulu esilandelayo sendlela yokuphatha abakholwayo nabangakholwa yilesi: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi.” Kunengqondo ukuba la mazwi alandele lokho ayekusho ngaphambili, okungukuthi: “Yenyanyani okubi.” Kakade, umuntu angasho kanjani ukuthi uyakwenyanya ngempela okubi uma esebenzisa ububi ukuze aziphindiselele kwabanye? Ukwenza kanjalo kungaba okuphambene nokuba nothando ‘olungenabuzenzisi.’ UPawulu ube esethi: “Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu.” (Roma 12:9, 17) Siwasebenzisa kanjani lawo mazwi?
Ngaphambili, encwadini ayibhalela abaseKorinte, uPawulu wabhala ngoshushiso abaphostoli ababebhekene nalo. Wathi: “Siye saba umbukwane wasenkundleni yemidlalo ezweni, nasezingelosini, nakubantu. . . . Lapho sethukwa, siyabusisa; lapho sishushiswa, siyabekezela; lapho sihlaziswa, siyancenga.” (1 Korinte 4:9-13) Nanamuhla izwe liwabhekile amaKristu eqiniso. Lapho labo abasibhekile bebona izinto ezinhle esizenzayo ngisho nalapho siphathwa ngokungenabulungisa, bangase bathambekele ekusamukeleni isigijimi sethu sobuKristu.—1 Petru 2:12.
(Roma 12:20, 21) Kodwa, “uma isitha sakho silambile, siphe ukudla; uma somile, sinike okokuphuza; ngoba ngokwenza lokhu uyonqwabelanisa amalahle avuthayo phezu kwekhanda laso.” 21 Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.
Thethelelanani Ngokukhululekile
Zingase zibe khona izikhathi lapho uba nomuzwa wokuthi ungamsiza othile okonile ukuba azise izindinganiso zobuKristu. Umphostoli uPawulu wabhala: “‘Uma isitha sakho silambile, siphe ukudla; uma somile, sinike okokuphuza; ngoba ngokwenza lokhu uyonqwabelanisa amalahle avuthayo phezu kwekhanda laso.’ Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.” (Roma 12:20, 21) Ngokuqhubeka ubonisa umusa lapho uchukuluzwa, ungase ushintshe ngisho nesimo sengqondo esilukhuni kunazo zonke futhi wenze abantu baveze ubuhle obukubo. Ngokubonisa ukuqonda, uzwela—ngisho nesihawu—ngomoni, ungase ukwazi ukumsiza ukuba afunde amaqiniso eBhayibheli. Kunoma ikuphi, ukusabela okuhle kunika umuntu ithuba lokucabangisisa ngokuziphatha kwakho okuhle.—1 Pet. 2:12; 3:16.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Roma 12:1) Ngenxa yalokho ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu, ukuba ninikele imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.
Indlela Yokukhetha Ezokuzijabulisa Ezakhayo
Konke okwenzayo ekuphileni kuhlobene nokukhulekela kwakho uJehova. Encwadini ayibhalela abaseRoma, uPawulu washo amazwi anamandla ukuze agcizelele leli qiniso kwakholwa nabo. Wabanxusa: “[Nikelani] imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.” (Roma 12:1) Umzimba wakho uhlanganisa ingqondo yakho, inhliziyo namandla. Zonke lezi zinto uzisebenzisela ukukhonza uNkulunkulu. (Marku 12:30) UPawulu uthi inkonzo enjalo yomphefumulo wonke ingumhlatshelo. Lelo gama lisikisela isixwayiso. Ngaphansi koMthetho KaMose, uNkulunkulu wayewenqaba umhlatshelo onesici. (Levitikusi 22:18-20) Ngokufanayo, uma umhlatshelo ongokomoya womKristu ungcolile ngandlela-thile, uNkulunkulu uyawenqaba. Kungenzeka kanjani kodwa lokho?
UPawulu wakhuza amaKristu aseRoma: “Ningaqhubeki ninikela izitho zenu esonweni.” UPawulu wabuye wathi kuwo ‘mawabulale imikhuba yomzimba.’ (Roma 6:12-14; 8:13) Ngasekuqaleni kwale ncwadi, wayenikeze izibonelo ‘zemikhuba enjalo yomzimba.’ Ngokuqondene nesintu esinesono, siyafunda: “Umlomo wabo ugcwele ukuqalekisa.” “Izinyawo zabo ziyashesha ukuyochitha igazi.” “Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo abo.” (Roma 3:13-18) UmKristu angawungcolisa umzimba wakhe uma “izitho” zomzimba wakhe engazisebenzisela imikhuba eyisono enjengaleyo. Ngokwesibonelo, uma umKristu namuhla ebukela ngamabomu izinto ezingcolile njengezithombe zobulili noma ubudlova obunyantisayo, usuke ‘enikela [amehlo akhe] esonweni’ futhi ngokwenza kanjalo ungcolisa umzimba wakhe wonke. Ukukhulekela kwakhe kuba umhlatshelo ongasengcwele futhi uNkulunkulu akawamukeli. (Duteronomi 15:21; 1 Petru 1:14-16; 2 Petru 3:11) Yeka umphumela obuhlungu ngenxa yokukhetha ezokuzijabulisa ezingakhi!
(Roma 13:1) Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme, ngoba akukho gunya elikhona kungengoNkulunkulu; amagunya akhona ami ezikhundleni zawo ezilinganiselwe ebekwe nguNkulunkulu.
Amaphuzu Avelele Encwadi YabaseRoma
13:1—Kungayiphi indlela amagunya aphakeme ‘ebekwe uNkulunkulu ezikhundleni zawo ezilinganiselwe’? Iziphathimandla zezwe ‘zibekwe uNkulunkulu ezikhundleni zazo ezilinganiselwe’ ngomqondo wokuthi zibusa ngemvume kaNkulunkulu, futhi kwezinye izimo wakubona kusengaphambili ukubusa kwazo. Lokhu kubonakala kulokho okwabikezelwa iBhayibheli ngababusi abaningana.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Roma 13:1-14) imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme, ngoba akukho gunya elikhona kungengoNkulunkulu; amagunya akhona ami ezikhundleni zawo ezilinganiselwe ebekwe nguNkulunkulu. 2 Ngakho-ke lowo ophikisa igunya umelene nohlelo lukaNkulunkulu; labo abamelana nalo bayokwamukela isahlulelo. 3 Ngoba labo ababusayo bayinto yokwesatshwa, hhayi esenzweni esihle, kodwa kwesibi. Khona-ke, ingabe uyafuna ukungalesabi igunya? Qhubeka wenza okuhle, khona-ke uyoba nodumo oluvela kulo; 4 ngoba liyisikhonzi sikaNkulunkulu kuwe ukuze uzuze. Kodwa uma wenza okubi, yesaba; ngoba aliyiphathele ize inkemba; ngoba liyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokubonisa ulaka kulowo owenza okubi. 5 Ngakho-ke kukhona isizathu esicindezelayo sokuba nizithobe, hhayi kuphela ngenxa yalolo lulaka kodwa futhi nangenxa kanembeza wenu. 6 Ngoba kungakho futhi nikhokha izintela; ngoba ayizinceku zikaNkulunkulu zomphakathi ezikhonza njalo yona kanye le njongo. 7 Nikani bonke okubafaneleyo, lowo ofuna intela, intela; lowo ofuna inkokhiso, inkokhiso; lowo ofuna ukwesatshwa, ukwesaba okunjalo; lowo ofuna udumo, udumo olunjalo. 8 Ningakweleti muntu nento eyodwa, ngaphandle kokuthandana; ngoba lowo othanda omunye umuntu uwugcwalisile umthetho. 9 Ngoba isimiso somthetho esithi, “Ungaphingi, Ungabulali, Ungebi, Ungahahi,” nanoma yimuphi omunye umyalo okhona, sihlanganiswe kuleli zwi, elithi, “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” 10 Uthando alwenzi okubi kumakhelwane womuntu; ngakho-ke uthando luwukugcwaliswa komthetho. 11 Yenzani nalokhu futhi, ngoba niyayazi inkathi, ukuthi kakade sekuyihora lokuba niphaphame ebuthongweni, ngoba manje insindiso yethu isiseduze kakhulu kunangesikhathi siba ngamakholwa. 12 Ubusuku sebuqhubeke kakhulu; imini isisondele. Ngakho-ke masilahle imisebenzi yobumnyama sigqoke izikhali zokukhanya. 13 Masihambe ngokufaneleyo njengasesikhathini sasemini, hhayi ngemibuthano exokozelayo nangezikhathi zokudakwa, hhayi ngobuhlobo bobulili obungemthetho nangokuziphatha okubi, hhayi ngokuxabana nangomhawu. 14 Kodwa gqokani iNkosi uJesu Kristu, futhi ningazihleleli kusengaphambili izifiso zenyama.
MASHI 11-17
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ROMA 15-16
“Thembela KuJehova Ukuze Akududuze, Akusize Ukhuthazele”
(Roma 15:4) Ngoba zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.
“Khalani Nabakhalayo”
Indaba yokukhala kukaJesu ngesikhathi kushone uLazaru ingenye yezindaba eziduduzayo eziseZwini likaNkulunkulu. Yingakho “zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) Uma ushonelwe nawe ingakududuza le miBhalo elandelayo:
▪ “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHu. 34:18, 19.
▪ “Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, induduzo yakho yaqala ukuwotawota umphefumulo wami”—IHu. 94:19.
▪ “Kwangathi iNkosi yethu uJesu Kristu ngokwayo noNkulunkulu uBaba wethu, owasithanda futhi wanikeza induduzo yaphakade nethemba elihle ngomusa ongafanelwe bangaduduza izinhliziyo zenu futhi baniqinise.”—2 Thes. 2:16, 17.
(Roma 15:5) Manje kwangathi uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo anganipha ukuba phakathi kwenu nibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso,
“Vumelani Ukukhuthazela Kuphelelise Umsebenzi Wako”
Cela amandla kuJehova. UJehova ‘unguNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo.’ (Roma 15:5) Nguye kuphela osiqonda kahle isimo esibhekene naso, imizwa yethu nesizinda sethu. Ngakho wazi kahle ukuthi yini esiyidingayo ukuze sikhuthazele. IBhayibheli lithi: ‘Wanelisa isifiso sabo bonke abamesabayo, nokukhalela kwabo usizo uyakuzwa, abasindise.’ (IHubo 145:19) Kodwa uNkulunkulu uzoyiphendula kanjani imithandazo yethu yokucela amandla okukhuthazela?
(Roma 15:13) Kwangathi uNkulunkulu onika ithemba anganigcwalisa ngenjabulo nangokuthula konke ngokukholwa kwenu, ukuze nichichime ithemba ngamandla omoya ongcwele.
“Kumelwe Uthande UJehova UNkulunkulu Wakho”
UJehova usinika ‘ithemba elisigcwalisa ngenjabulo nangokuthula.’ (Roma 15:13) Ithemba esilinikwe uNkulunkulu lenza sikwazi ukukhuthazela lapho ukholo lwethu luvivinywa. Abagcotshiweyo abazibonakalisa ‘bethembekile kuze kube ngisho nasekufeni bayonikwa umqhele wokuphila kwasezulwini.’ (IsAm. 2:10) Abagcini bobuqotho abanethemba lokuphila emhlabeni bayojabulela izibusiso zaphakade ePharadesi elithenjisiwe elizoba semhlabeni wonke. (Luka 23:43) Sizizwa kanjani ngalezi zibusiso? Asigcwali yini injabulo, ukuthula nothando ngoMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele”?—Jak. 1:17.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Roma 15:27) Yiqiniso, bakujabulele ukuba benze kanjalo, kodwa nokho babebakweleta; ngoba uma izizwe zihlanganyele izinto zabo ezingokomoya, nazo zikweleta ukubakhonza obala ngezinto zomzimba wenyama.
‘Ukuvivinywa Kobuqotho Bothando Lwenu’
Ngokuqinisekile, abafowabo abangabeZizwe kwakufanele bashukunyiselwe ukuba basabele esimweni sawo sosizi. Kakade, ‘babenesikweleti’ esikhethekile ababesikweleta amaJuda aseJerusalema. Kwakungekhona yini eJerusalema lapho izindaba ezinhle zazisakazekele kwabeZizwe zisuka khona? UPawulu wacabanga: “Uma amaKristu angamaJuda ahlanganyela ingcebo yawo engokomoya nabeZizwe, abeZizwe banomsebenzi ocacile wokunikela ezidingweni zawo zezinto ezibonakalayo.”—Roma 15:27, The New English Bible.
(Roma 16:25) Manje kuye okwazi ukuniqinisa ngokuvumelana nezindaba ezinhle engizimemezelayo nokushumayela ngoJesu Kristu, ngokokwambulwa kwemfihlo engcwele ebigciniwe kungakhulunywa lutho ngayo izikhathi zaphakade
it-1-E 858 ¶5
Ukwazi Kusengaphambili, Ukumiswa Kusengaphambili
UMesiya noma uKristu nguye owayezoba iNzalo ethenjisiwe ababezobusiswa ngayo bonke abantu abalungile bayo yonke imindeni esemhlabeni. (Gal 3:8, 14) Kwaqalwa ukukhulunywa ngale “nzalo” ngemva kokuba abantu sebeqale ukuvukela e-Edene kodwa ngaphambi kokuba kuzalwe u-Abela. (Gen 3:15) Kwakusasele iminyaka engaba ngu-4 000 ngaphambi kokwambulwa ngokucacile “kwemfihlo engcwele” yaleyo “nzalo” enguMesiya. Yingakho sithi ‘ibigciniwe kungakhulunywa lutho ngayo izikhathi zaphakade’ ngempela.—Ro 16:25-27; Efe 1:8-10; 3:4-11.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Roma 15:1-16) Nokho, thina esiqinile kufanele sithwale ubuthakathaka balabo abangaqinile, singazijabulisi thina. 2 Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane wakhe ngento ezomakha. 3 Ngoba ngisho noKristu akazijabulisanga yena; kodwa njengoba nje kulotshiwe: “Isihlamba sababekuhlambalaza sehlele phezu kwami.” 4 Ngoba zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba. 5 Manje kwangathi uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo anganipha ukuba phakathi kwenu nibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso, 6 ukuba nganhliziyonye nikhazimulise uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu ngamlomo munye. 7 Ngakho-ke yamukelanani, njengoba nje noKristu asamukela, ngombono wokuba kube yinkazimulo kuNkulunkulu. 8 Ngoba ngithi uKristu eqinisweni waba yisikhonzi salabo abasokile ngenxa yokuba neqiniso kukaNkulunkulu, ukuze aqinisekise izithembiso azenza kokhokho babo, 9 futhi ukuze izizwe zikhazimulise uNkulunkulu ngesihe sakhe. Njengoba nje kulotshiwe: “Yingakho ngizokuvuma obala phakathi kwezizwe futhi ngizolihubela igama lakho.” 10 Futhi ubuye athi: “Thokozani, nina zizwe, nesizwe sakhe.” 11 Abuye athi futhi: “Dumisani uJehova, nonke nina zizwe, futhi bonke abantu mabamdumise.” 12 Futhi u-Isaya uthi: “Kuyoba khona impande kaJese, futhi kuyoba khona novelayo ukuba abuse izizwe; izizwe ziyobeka ithemba lazo kuye.” 13 Kwangathi uNkulunkulu onika ithemba anganigcwalisa ngenjabulo nangokuthula konke ngokukholwa kwenu, ukuze nichichime ithemba ngamandla omoya ongcwele. 14 Manje nami ngokwami ngikholisekile ngani, bazalwane, ukuthi nani ngokwenu nigcwele ubuhle, njengoba niye nagcwaliswa ngolwazi lonke, nokuthi niyakwazi ukuyalana futhi. 15 Nokho, ngokuqondene namanye amaphuzu, nginilobela ngokungagunci impela njengokungathi ngiyanikhumbuza futhi, ngenxa yomusa ongafanelwe engiwuphiwe uvela kuNkulunkulu 16 ukuba ngibe yinceku kaKristu Jesu yomphakathi ekhonza ezizweni, eyenza umsebenzi ongcwele wezindaba ezinhle zikaNkulunkulu, ukuze umnikelo, okuwukuthi, lezi zizwe, ube owamukelekayo, njengoba ungcwelisiwe ngomoya ongcwele.
MASHI 18-24
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 KORINTE 1-3
“Ingabe Ungumuntu Wenyama Noma Ungumuntu Ongokomoya?”
(1 Korinte 2:14) Kodwa umuntu wenyama akazamukeli izinto zomoya kaNkulunkulu, ngoba ziwubuwula kuye; futhi akanakuzazi, ngoba zihlolwa ngokomoya.
Kusho Ukuthini Ukuba Umuntu Ongokomoya?
Okokuqala cabanga ngendlela umuntu wenyama acabanga ngayo. Indlela abantu abangamkhonzi uNkulunkulu abacabanga ngayo igxile kakhulu kulokho okufiswa yinyama. UPawulu lapho echaza lokhu wathi, “Umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.” (Efe. 2:2) Lo moya ubangela ukuba abantu abaningi balandele indlela yokucabanga ethandwa yiningi. Benze lokho okufunwa yinyama. Ngenxa yalokho, abaningi benza lokho okubonakala kukuhle emehlweni abo futhi ayikho imizamo abayenzayo yokuphila ngendlela efunwa uNkulunkulu. Umuntu wenyama ngokuvamile ukhathazeka ngokweqile ngokuvelela nangezinto ezibonakalayo noma akhathazeke ngokulwela lokho acabanga ukuthi kungamalungelo akhe.
Yini enye umuntu wenyama angabonakala ngayo? Abantu abenza “imisebenzi yenyama” babalwa phakathi kwabantu benyama. (Gal. 5:19-21) Incwadi yokuqala uPawulu ayibhalela ibandla laseKorinte, yachaza izici eziningana zalabo abacabanga njengomuntu wenyama. Lezi zici zihlanganisa: ukugqugquzela ukuhlukana, ukusekela uhlangothi oluthile, ukususa udweshu, ukumangalelana enkantolo, ukungalihloniphi ilungiselelo lobunhloko, ukuminza nokudakwa. Lapho elingeka, umuntu wenyama uyengeka ngokushesha. (IzAga 7:21, 22) UJude wakhuluma ngalabo abayogcine ‘bengenaso isimo esingokomoya.’—Jude 18, 19.
(1 Korinte 2:15, 16) Nokho, umuntu ongokomoya ngempela uhlola zonke izinto kodwa yena ngokwakhe akahlolwa muntu. 16 Ngoba “ngubani osewazi umqondo kaJehova, ukuba angamyala?” Kodwa sinawo umqondo kaKristu.
Kusho Ukuthini Ukuba Umuntu Ongokomoya?
Kusho ukuthini ukuba “umuntu ongokomoya”? Umuntu ongokomoya unamathela kuNkulunkulu, nokho akunakushiwo into efanayo ngomuntu wenyama, yena wenza okuphambene nalokho. Abantu abangokomoya balwela ukuba “ngabalingisi bakaNkulunkulu.” (Efe. 5:1) Lokhu kusho ukuthi benza umzamo wokucabanga ngendlela uJehova acabanga ngayo futhi babheka izinto ngombono waKhe. UNkulunkulu ungokoqobo kubo. Ngokungafani nabantu benyama, benza konke okusemandleni ukuze abakwenzayo kuvumelane nalokho okufunwa uJehova. (IHu. 119:33; 143:10) Kunokuba agxile emisebenzini yenyama, umuntu ongokomoya ulwela ukubonisa “izithelo zomoya.” (Gal. 5:22, 23) Njengoba umuntu onekhono kwezamabhizinisi engase abizwe ngokuthi usomabhizinisi, umuntu ogxile ezintweni ezingokomoya angabizwa ngokuthi umuntu ongokomoya.
Kusho Ukuthini Ukuba Umuntu Ongokomoya?
Thina singamlingisa kanjani uKristu? IBhayibheli kweyo-1 Korinte 2:16 likhuluma ngokuba ‘nomqondo kaKristu.’ EyabaseRoma 15:5 ikhuluma ngokuba “nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.” Ngakho, ukuze sifane noKristu kudingeka sazi indlela yakhe yokucabanga sibuqonde ngokuphelele ubuntu bakhe. Ngemva kwalokho kudingeka silandele izinyathelo zakhe. Ingqondo kaJesu igxile ebuhlotsheni bakhe noNkulunkulu. Ngakho ukuba njengoJesu kusenza sifane noJehova. Ngenxa yalezi zizathu kuyacaca ukuthi kungani kubalulekile ukufunda ukucabanga ngendlela uJesu acabanga ngayo.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(1 Korinte 1:20) Uphi umuntu ohlakaniphileyo? Uphi umbhali? Uphi umphikisi walesi simiso sezinto? UNkulunkulu akazange yini akwenze ubuwula ukuhlakanipha kwezwe?
it-2-E 1193 ¶1
Ukuhlakanipha
Ngakho ukuhlakanipha kwezwe kwalenza lenqaba lokho uNkulunkulu ayekulungiselele ngoKristu, lakubheka njengobuwula; ababusi balo baze ngisho “bayibethele iNkosi ekhazimulayo” nakuba kungenzeka ukuthi babebusa futhi bahlulela kahle. (1Ko 1:18; 2:7, 8) Kodwa manje uNkulunkulu wayesezokwenza ukuhlakanipha kwezwe ukuba kube ubuwula, ngokwenza abantu abahlakaniphile ukuba bahlazeke ngokusebenzisa lokho abacabanga ukuthi kuyinto kaNkulunkulu ewubuwula kanye nabantu ababebacabanga ukuthi ‘bayiziwula, babuthaka futhi abantu abangelutho, ukuze afeze injongo Yakhe ezogcwaliseka nakanjani. (1Ko 1:19-28) UPawulu wakhumbuza amaKristu aseKorinte ukuthi “ukuhlakanipha kwalesi simiso sezinto [nalokho] okwababusi balesi simiso sezinto” kwakuzophela; ngakho lokho kuhlakanipha kwakungeyona ingxenye yomyalezo wabaphostoli ovela kuNkulunkulu. (1Ko 2:6, 13) Waxwayisa amaKristu aseKolose ngogibe ‘lwefilosofi [phi·lo·so·phiʹas, ngokwezwi nezwi, ukuthanda ukuhlakanipha] nangenkohliso eyize ngokwesiko labantu.’—Kol 2:8; qhathanisa namavesi 20-23.
(1 Korinte 2:3-5) Ngafika kini ngobuthakathaka nokwesaba nangokuthuthumela okukhulu; 4 inkulumo yami nalokho engakushumayela kwakungewona amazwi okuhlakanipha athonyayo kodwa kwakungokuboniswa komoya namandla, 5 ukuze ukholo lwenu lungasekelwa ekuhlakanipheni kwabantu, kodwa emandleni kaNkulunkulu.
Amaphuzu Avelele Encwadi Yokuqala Neyesibili YabaseKorinte
2:3-5. Ngenkathi efakaza eKorinte, umuzi owawudumile kwezemfundo nefilosofi yamaGreki, kungenzeka ukuthi uPawulu wayekhathazekile ngokuthi wayeyokwazi yini ukukholisa izilaleli zakhe. Nokho, akazange avumele noma yibuphi ubuthakathaka noma ukwesaba okungenzeka wayenakho ukuba kumphazamise ekufezeni inkonzo ayeyinikwe uNkulunkulu. Ngokufanayo, akufanele sivumele izimo esingazejwayele ukuba zisivimbele ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. NjengoPawulu, singathembela kuJehova siqiniseka ukuthi uyosisiza.
Ukufundwa KweBhayibheli
(1 Korinte 1:1-17) UPawulu, owabizelwa ukuba ngumphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, noSostene umzalwane 2 ebandleni likaNkulunkulu eliseKorinte, kini eniye nangcweliswa kuKristu Jesu, nabizelwa ukuba nibe ngabangcwele, kanye nabo bonke ababiza igama leNkosi yethu, uJesu Kristu, iNkosi yabo neyethu, yonke indawo: 3 Kwangathi ningaba nomusa ongafanelwe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. 4 Ngimbonga ngaso sonke isikhathi uNkulunkulu ngenxa yenu ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu enawuphiwa kuKristu Jesu; 5 ngokuthi ezintweni zonke niye nacetshiswa ngaye, ekhonweni lokukhuluma eligcwele nasolwazini olugcwele, 6 njengoba nje ubufakazi mayelana noKristu buye baqina phakathi kwenu, 7 kangangokuthi anisilele nakancane kunoma yisiphi isipho, kuyilapho nilindele ngokulangazela ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu. 8 Izoniqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze nibe abangenakusolwa ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu. 9 UNkulunkulu uthembekile, owanibiza ukuba nihlanganyele kanye neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu. 10 Manje ngiyanikhuthaza, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nonke nikhulume ngokuvumelana, nokuba kungabi nakuhlukana phakathi kwenu, kodwa ukuba nihlangane ngokufanele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga. 11 Ngoba ngabikelwa ngani, bazalwane, yilabo bendlu kaKlowe, ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwenu. 12 Engikushoyo yilokhu, ukuthi yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu,” “Mina ngingoka-Apholo,” “Mina ngingokaKhefase,” “Mina ngingokaKristu.” 13 UKristu uhlukene. UPawulu akazange abethelwe ngenxa yenu, akunjalo? Noma, ingabe nabhapathizwa egameni likaPawulu? 14 Ngiyabonga ngokuthi angibhapathizanga noyedwa wenu ngaphandle kukaKrispu noGayu, 15 ukuze kungabi namuntu ongase athi nabhapathizwa egameni lami. 16 Yebo, ngabhapathiza nendlu kaStefanu futhi. Mayelana nabo bonke abanye, angazi noma ukhona yini omunye engambhapathiza. 17 Ngoba uKristu akangithumanga ukuba ngiyobhapathiza, kodwa ukuba ngiyomemezela izindaba ezinhle, kungabi ngenkulumo yokuhlakanipha, ukuze isigxobo sokuhlushwa sikaKristu singenziwa into engenamsebenzi.
MASHI 25-31
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 KORINTE 4-6
“Imvubelo Encane Iyibilisa Yonke Inhlama”
(1 Korinte 5:1, 2) Empeleni kubikwa ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe obungekho ngisho naphakathi kwezizwe, ukuthi umuntu othile uthathé umkayise. 2 Ingabe nikhukhumele, esikhundleni sokuba nilile, ukuze lo muntu owenze lesi senzo asuswe phakathi kwenu?
(1 Korinte 5:5-8) umuntu onjalo nimnikele kuSathane ngenjongo yokuba kubhujiswe inyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi. 6 Isizathu senu sokuziqhayisa asisihle. Anazi yini ukuthi imvubelo encane iyibilisa yonke inhlama? 7 Susani imvubelo endala, ukuze nibe yinhlama entsha, njengoba nje ningenayo imvubelo. Ngoba, ngempela, uKristu iphasika lethu uye wenziwa umhlatshelo. 8 Ngenxa yalokho, masiwugcine lo mkhosi, hhayi ngemvubelo endala, noma ngemvubelo yobubi nokukhohlakala, kodwa ngamaqebelengwane angenamvubelo obuqotho nangeqiniso.
(1 Korinte 5:13) kuyilapho uNkulunkulu ahlulela abangaphandle? “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.”
it-2-E 230
Imvubelo
Umphostoli uPawulu wasebenzisa lokhu okufanekiselwa imvubelo lapho eyala ibandla laseKorinte ukuba lixoshe indoda eziphatha kabi ebandleni, ethi: “Anazi yini ukuthi imvubelo encane iyibilisa yonke inhlama? Susani imvubelo endala, ukuze nibe yinhlama entsha, njengoba nje ningenayo imvubelo. Ngoba, ngempela, uKristu iphasika lethu uye wenziwa umhlatshelo.” Wabe esebonisa ukuthi wayesho ukuthini ‘ngemvubelo’: “Ngenxa yalokho, masiwugcine lo mkhosi, hhayi ngemvubelo endala, noma ngemvubelo yobubi nokukhohlakala, kodwa ngamaqebelengwane angenamvubelo obuqotho nangeqiniso.” (1Ko 5:6-8) Lapha uPawulu wayesebonisa lokho okwakuchazwa uMkhosi WamaJuda Wamaqebelengwane Angenamvubelo, owawulandela ngokushesha nje ngemva kokugujwa kwePhasika. Njengoba nje inhlama encane ebilile yenza yonke inhlama yesinkwa ibile ngokushesha, nebandla lilonke lizoba elingcolile emehlweni kaJehova uma lingayisusi indoda eziphatha kabi eyithonya elonakalisayo. Kumelwe lithathe isinyathelo sokususa “imvubelo” phakathi kwalo njengoba nje nama-Israyeli kwakungafanele abe nemvubelo ezindlini zawo ngesikhathi somkhosi.
it-2-E 869-870
USathane
Kusho ukuthini ‘ukunikela umuntu kuSathane ngenjongo yokuba kubhujiswe inyama’?
Lapho eyala ibandla laseKorinte ngokuthi yini okwakufanele yenziwe elungwini lebandla elikhohlakele, elilala nomkayise, umphostoli uPawulu wabhala: “Umuntu onjalo nimnikele kuSathane ngenjongo yokuba kubhujiswe inyama.” (1Ko 5:5) Lona kwakungumyalo wokuba kususwe lo muntu ebandleni, kugwenywe ukuzihlanganisa naye nganoma iyiphi indlela. (1Ko 5:13) Ukumnikela kuSathane kwakuyomhlukanisa nebandleni abe sezweni lapho uSathane engunkulunkulu nombusi walo. ‘Njengemvumbelo encane’ kuyo “yonke inhlama,” lo muntu wayengokwenyama noma wayenza izifiso zenyama ebandleni; futhi ngokususa lo muntu olala nomkayise, ibandla elingokomoya laliyoqeda ukwenziwa kwezifiso zenyama phakathi kwalo. (1Ko 5:6, 7) UPawulu wenza okufanayo lapho enikela uHimenewu no-Aleksandru kuSathane, ngoba babengasenalo ukholo nonembeza omuhle futhi baphukelwa umkhumbi wokholo lwabo.—1Thim 1:20.
(1 Korinte 5:9-11) Encwadini yami nganilobela ukuthi niyeke ukuzihlanganisa nezifebe, 10 ngingasho ngokuphelele ukuzihlanganisa nezifebe zaleli zwe noma abantu abahahayo nabaphangi noma abakhonza izithombe. Ukube bekunjalo, bekuyodingeka ukuba empeleni niphume ezweni. 11 Kodwa manje nginilobela ukuba niyeke ukuzihlanganisa nanoma ubani obizwa ngokuthi umzalwane abe eyisifebe noma engumuntu ohahayo noma okhonza izithombe noma isithuki noma isidakwa noma umphangi, ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.
Lapho Kudingeka Uyeke Ukuzihlanganisa Nomuntu
Ngezinye izikhathi siye sicelwe ukuba siyeke ukuzihlanganisa nomuntu obeyilungu lebandla. Lokhu kwenzeka lapho kususwa umuntu owephula umthetho kaNkulunkulu angaphenduki, noma lapho elahla ukholo ngokufundisa imfundiso engamanga, noma lapho ezehlukanisa yena ngokwakhe nebandla. IZwi likaNkulunkulu lisitshela ngokucacile ukuba ‘siyeke ukuzihlanganisa’ nabanjalo. (1 Korinte 5:11-13; 2 Johane 9-11) Kungase kube inselele yangempela ukugwema umuntu obekade engumngane noma oyisihlobo sethu. Ingabe siyokuma siqine, kanjalo sibonise ukuthi ubuqotho kuJehova nemithetho yakhe yokulunga kuza kuqala ngaphezu kwakho konke okunye? Khumbula ukuthi uJehova ubazisa kakhulu ubuqotho nokulalela.
Ilungiselelo lokususa ekuhlanganyeleni ngempela liyilungiselelo lothando elivela kuJehova. Kanjani? Ukususa isoni esingaphenduki kubonisa uthando ngegama likaJehova elingcwele nakho konke elikumelelayo. (1 Petru 1:15, 16) Ukususa ekuhlanganyeleni kugcina ibandla lilondekile. Amalungu athembekile ayavikeleka emathonyeni amabi ezoni zangamabomu futhi angakwazi ukuqhubeka nokukhulekela kwawo azi ukuthi ibandla liyisiphephelo kuleli zwe elibi. (1 Korinte 5:7; Hebheru 12:15, 16) Lesi sijeziso esiqatha sibonisa uthando ngomenzi wobubi. Kungenzeka siyiyona nto ayidingayo ukuze asanguluke futhi athathe izinyathelo ezidingekayo zokubuyela kuJehova.—Hebheru 12:11.
Asinakulibalekela iqiniso lokuthi abangane bethu abakhulu bangaba nethonya elinamandla kithi. Kusemqoka-ke ukuba sikhethe abangane bethu ngokuhlakanipha. Ngokwenza abangane bakaJehova babe abangane bethu, ngokuthanda abantu abathandwa uNkulunkulu, siyozungezwa abangane abahle kakhulu esingabathola. Esikuncela kubo kuyosisiza siphile ngokuvumelana nesinqumo sethu sokuthokozisa uJehova.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(1 Korinte 4:9) Ngoba kimi kubonakala sengathi uNkulunkulu ubeke thina baphostoli ekugcineni embukisweni njengabantu abamiselwe ukufa, ngenxa yokuthi siye saba umbukwane wasenkundleni yemidlalo ezweni, nasezingelosini, nakubantu.
Izingelosi—“Imimoya Enikela Inkonzo Yomphakathi”
AmaKristu abhekene novivinyo ‘awumbukwane wasenkundleni ezingelosini.’ (1 Kor. 4:9) Izingelosi zijabula kakhulu lapho zibona izenzo zethu zokwethembeka, futhi ziyajabula nalapho isoni siphenduka. (Luka 15:10) Izingelosi ziyakuphawula ukuziphatha kokwesaba uNkulunkulu kwabesifazane abangamaKristu. IBhayibheli libonisa ukuthi “owesifazane kufanele abe nophawu lwegunya ekhanda lakhe ngenxa yezingelosi.” (1 Kor. 11:3, 10) Yebo, izingelosi ziyajabula lapho zibona abesifazane abangamaKristu nazo zonke ezinye izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni zibambisana nokuhleleka okungokwasezulwini nelungiselelo lobunhloko. Ukulalela okunjalo kuyisikhumbuzo esifanelekayo kula madodana kaNkulunkulu asezulwini.
(1 Korinte 6:3) Ingabe anazi ukuthi siyokwahlulela izingelosi? Khona-ke, kungani singenakwahlulela izindaba zalokhu kuphila?
it-2-E 211
Umthetho
Umthetho Wezingelosi. Izingelosi nakuba zisesikhundleni esiphakeme kunabantu, zithobela umthetho nemiyalo kaNkulunkulu. (Heb 1:7, 14; IHu 104:4) UJehova waze ngisho wayala futhi wabekela isitha sakhe uSathane umngcele. (Jobe 1:12; 2:6) Ngesikhathi uMikhayeli ingelosi eyinhloko ephikisana noDeveli, waliqaphela futhi walihlonipha igunya likaJehova njengoMahluli Ophakeme lapho ethi: “UJehova makakukhuze.” (Jude 9; qhathanisa noZak 3:2.) UJehova uNkulunkulu ubeke zonke izingelosi ngaphansi kwegunya likaJesu Kristu okhazinyulisiwe. (Heb 1:6; 1Pet 3:22; Math 13:41; 25:31; Fil 2:9-11) Yingakho uJesu athuma ingelosi kuJohane. (IsAm 1:1) Noma kunjalo kweyoku-1 Korinte 6:3 umphostoli uPawulu ukhuluma ngabafowabo bakaKristu abangokomoya njengabanikwe igunya lokwahlulela izingelosi ngoba kusobala ukuthi ngandlela thile bazohlanganyela naye ekwahluleleni izingelosi ezimbi.
Ukufundwa KweBhayibheli
(1 Korinte 6:1-14) Ingabe ukhona kini onodaba ngomunye olokotha aye enkantolo phambi kwabantu abangalungile, angayi phambi kwabangcwele? 2 Noma anazi yini ukuthi abangcwele bayokwahlulela izwe? Uma izwe liyokwahlulelwa yini, ingabe anifaneleki ukuqula izindaba ezincane kakhulu? 3 Ingabe anazi ukuthi siyokwahlulela izingelosi? Khona-ke, kungani singenakwahlulela izindaba zalokhu kuphila? 4 Khona-ke, uma ninazo izindaba zalokhu kuphila okumelwe ziqulwe, ingabe ngamadoda abukelwa phansi ebandleni eniwabeka njengabahluleli? 5 Ngikhuluma ukuze nginibangele amahloni. Ingabe kuyiqiniso ukuthi akekho noyedwa ohlakaniphile phakathi kwenu oyokwazi ukwahlulela phakathi kwabafowabo, 6 kunalokho umuntu uyisa umfowabo enkantolo, futhi phambi kwabangewona amakholwa nokwenza? 7 Khona-ke, ngempela kusho ukunqotshwa okuphelele ngani ukuthi niyamangalelana. Kunalokho kungani ningavumi ukuba noniwe? Kunalokho kungani ningavumi ukuba niphanjwe? 8 Ngokuphambene nalokho, nona futhi niphambe abafowenu nokwenza. 9 Babeshane! Anazi yini ukuthi abantu abangalungile ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu? Ningadukiswa. Izifebe, noma abakhonza izithombe, iziphingi, amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, amadoda alala namadoda, 10 amasela, abantu abahahayo, izidakwa, izithuki, noma abaphangi ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu. 11 Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka, seniye nangcweliswa, sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu. 12 Zonke izinto zingokomthetho kimi; kodwa akuzona zonke izinto ezisizayo. Zonke izinto zingokomthetho kimi; kodwa ngeke ngivume ukuba noma yini ingibeke ngaphansi kwegunya layo. 13 Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kodwa uNkulunkulu uyokwenza kokubili sona nakho kube yize. Umzimba awuwona owobufebe, kodwa ungoweNkosi; futhi iNkosi ingeyomzimba. 14 Kodwa uNkulunkulu wavusa iNkosi futhi uzosivusa nathi ekufeni ngamandla akhe.