Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
OKTHOBA 7-13
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JAKOBE 3-5
“Bonisa Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu”
(Jakobe 3:17) Kodwa ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyabonelela, kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, akuhlukanisi abantu ngokukhetha, akuzenzisi.
Ingabe Uyakusebenzisa “Ukuhlakanipha Okuvela Phezulu” Ekuphileni Kwakho?
9 “Okokuqala kumsulwa.” Ukuba msulwa kusho ukungabi nabala nokungangcoli ngaphakathi hhayi nje ngaphandle kuphela. IBhayibheli lihlobanisa ukuhlakanipha nenhliziyo, nokho ukuhlakanipha kwasezulwini ngeke kungene enhliziyweni engcoliswe imicabango, izifiso nezisusa ezimbi. (IzAga 2:10; Mathewu 15:19, 20) Kodwa uma inhliziyo yethu imsulwa—ngezinga okungenzeka ngalo kubantu abangaphelele—‘siyosuka kokubi senze okuhle.’ (IHubo 37:27; IzAga 3:7) Akufaneleki yini ukuthi ubumsulwa bubalwe baba yisici sokuqala sokuhlakanipha? Phela, uma ukuziphatha kwethu nengokomoya lethu lingcolile, singazibonakalisa kanjani ngempela ezinye izici zokuhlakanipha okuvela phezulu?
10 “Futhi kunokuthula.” Ukuhlakanipha kwasezulwini kusenza siphishekele ukuthula, okuyisithelo somoya kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22) Silwela ukugwema ukubhidliza ‘isibopho sokuthula’ esihlanganisa abantu bakaJehova. (Efesu 4:3) Senza nokusemandleni ethu ukubuyisela ukuthula uma kuphazamisekile. Kungani kubalulekile lokhu? IBhayibheli lithi: “Qhubekani . . . niphila ngokuthula; futhi uNkulunkulu wothando nowokuthula uyoba nani.” (2 Korinte 13:11) Ngakho uma nje siqhubeka siphila ngokuthula, uNkulunkulu wokuthula uyoba nathi. Indlela esiphatha ngayo abakhulekeli esikanye nabo ibuthinta ngokuqondile ubuhlobo bethu noJehova. Singabonisa kanjani ukuthi singabenzi bokuthula? Cabanga ngalesi sibonelo.
(Jakobe 3:17) Kodwa ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyabonelela, kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, akuhlukanisi abantu ngokukhetha, akuzenzisi.
Ingabe Uyakusebenzisa “Ukuhlakanipha Okuvela Phezulu” Ekuphileni Kwakho?
12 “[Kuyacabangela].” Kusho ukuthini ukucabangela? Izazi zithi kunzima ukuhumusha igama lesiGreki lokuqala elihunyushwe ngokuthi “[kuyacabangela]” kuJakobe 3:17. Abahumushi baye basebenzisa amagama athi “ukuba mnene,” “ukuba nonembe,” “nokuba ocabangelayo.” Umbhalo waphansi we-New World Translation ubonisa ukuthi ngokwezwi nezwi lisho “ukubonelela.” Singabonisa kanjani ukuthi lesi sici sokuhlakanipha okuvela phezulu siyasebenza kithi?
Ingabe Uyakusebenzisa “Ukuhlakanipha Okuvela Phezulu” Ekuphileni Kwakho?
14 “Kuyashesha ukulalela.” Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “kuyashesha ukulalela” alitholakali kwenye indawo emiBhalweni yamaKristu yesiGreki. Esinye isazi sithi leli gama “livame ukusetshenziswa emkhakheni wokuqeqeshelwa impi.” Linomqondo wokuba “okholiseka kalula” nokuba “ozithobayo.” Umuntu obuswa ukuhlakanipha okuvela phezulu uyashesha ukuthobela izinto ezishiwo imiBhalo. Akaziwa ngokuthi ungumuntu othi uma esenze isinqumo, enqabe noma yimaphi amaqiniso amphikisayo. Kodwa uyashesha ukushintsha uma enikezwa ubufakazi obucacile obusemiBhalweni bokuthi wenze into engalungile noma ufinyelele eziphethweni eziyiphutha. Ingabe wena waziwa kanjalo?
“Kugcwele Isihe Nezithelo Ezinhle”
15 “Kugcwele isihe nezithelo ezinhle.” Isihe siyisici esibalulekile sokuhlakanipha okuvela phezulu, ngoba kuthiwa lokho kuhlakanipha “kugcwele isihe.” Phawula ukuthi “isihe nezithelo ezinhle” kubalwe ndawonye. Kuyafaneleka lokhu ngoba eBhayibhelini isihe ngokuvamile sibhekisela ekukhathaleleni abanye okubonakala ngezenzo, uzwela oluveza izenzo eziningi ezinhle. Enye incwadi ichaza isihe ngokuthi “ukuzwela umuntu obhekene nesimo esibi bese uzama ukumsiza.” Ngakho ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu akukhona okungenamizwa, okungenaluthando, noma okugcina ngokuba sengqondweni kuphela. Kunalokho kunemizwa, kuthinta inhliziyo futhi kuyacabangela. Singabonisa kanjani ukuthi sigcwele isihe?
(Jakobe 3:17) Kodwa ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyabonelela, kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, akuhlukanisi abantu ngokukhetha, akuzenzisi.
Ingabe Uyakusebenzisa “Ukuhlakanipha Okuvela Phezulu” Ekuphileni Kwakho?
18 “Akuhlukanisi abantu ngokukhetha.” Ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kunqoba ukubandlulula abantu ngezinhlanga nokuqhosha ngohlanga. Uma siholwa ukuhlakanipha okunjalo, sizama ukususa noma yikuphi ukuthambekela kokukhetha ezinhliziyweni zethu. (Jakobe 2:9) Asibaphathi kangcono abanye ngenxa yokuthi bafundile, banemali noma banemithwalo yemfanelo ebandleni; futhi asibabukeli phansi abanye abakhulekeli esikanye nabo kungakhathaliseki ukuthi bampofu kangakanani. Uma uJehova ebanikeze uthando lwakhe, nakanjani nathi kufanele sibabone belufanelekela uthando lwethu.
19 “Akuzenzisi.” Igama lesiGreki elisho “umzenzisi” lingabhekisela “kumdlali wasesiteji odlala indima ethile.” Endulo, abadlali basesiteji abangamaGreki nabangamaRoma babefaka izifihla-buso. Ngenxa yalokho, igama lesiGreki elisho “umzenzisi” labe selisebenza kumuntu ozenzisayo, ozenza lokho angekona. Lesi sici sokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kufanele singagcini ngokuthonya indlela esiphatha ngayo abanye abakhulekeli kodwa sithonye nendlela esizizwa ngayo ngabo.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Jakobe 4:5) Noma ingabe nibona sengathi umbhalo usho ngokungenanjongo ukuthi: “Ukulangazela komoya ongaphakathi kithi kuqhubeka kuthambekele emoneni”?
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJakobe NezikaPetru
4:5—UJakobe ucaphuna muphi umBhalo lapha? UJakobe akacaphuni ivesi elithile. Nokho, la mazwi aphefumulelwe uNkulunkulu kungenzeka asekelwe emqondweni osemiBhalweni enjengoGenesise 6:5; 8:21; IzAga 21:10; neyabaseGalathiya 5:17.
(Jakobe 4:11, 12) Yekani ukukhuluma kabi ngomunye nomunye, bazalwane. Lowo okhuluma kabi ngomfowabo noma owahlulela umfowabo ukhuluma kabi ngomthetho futhi wahlulela umthetho. Manje uma wahlulela umthetho, awuyena umenzi womthetho, kodwa ungumahluleli. 12 Munye ongumniki-mthetho nomahluleli, lowo okwaziyo ukusindisa nokubhubhisa. Kodwa wena, ungubani ukuba wahlulele umakhelwane wakho?
Ukholo Lusenza Sibekezele Futhi Sithande Ukuthandaza
8 Kuyisono ukukhuluma kabi ngesikholwa naye. (Jakobe 4:11, 12) Kodwa abanye bagxeka amaKristu abakanye nawo, mhlawumbe ngenxa yesimo sengqondo sabo siqu sokuzibona belungile noma ngoba bafuna ukuziphakamisa ngokwehlisa abanye. (IHubo 50:20; IzAga 3:29) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “khuluma kabi” libonisa inzondo futhi lisikisela ukumangalela ngamanga noma okuyihaba. Lokhu kufana nokwahlulela kabi umzalwane. Kukanjani lokhu ‘kuwukukhuluma kabi ngomthetho kaNkulunkulu nokuwahlulela’? Phela, ababhali nabaFarisi ‘babebekela eceleni ngobuhlakani umyalo kaNkulunkulu’ futhi bahlulele ngezabo izindinganiso. (Marku 7:1-13) Ngokufanayo, uma besingalahla umzalwane uJehova angamlahli, bekungeke yini kube ‘sahlulela umthetho kaNkulunkulu’ futhi sisikisela ukuthi uyasilela, okuyisono? Futhi ngokugxeka umfowethu ngokungafanele, besiyobe asiwugcwalisi umthetho wothando.—Roma 13:8-10.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Jakobe 3:1-18) Ababaningi kini okufanele babe ngabafundisi, bazalwane, njengoba nazi ukuthi siyokwamukela isahlulelo esinzima ngokwengeziwe. 2 Ngoba sonke siyakhubeka izikhathi eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, ekwazi ukulawula nomzimba wayo wonke ngokungathi ngetomu. 3 Uma sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi ukuze asilalele, silawula nemizimba yawo yonke. 4 Bhekani! Ngisho nemikhumbi, nakuba imikhulu kangaka futhi iqhutshwa imimoya enamandla, iqondiswa iphini elincane kakhulu iye lapho kufisa khona umuntu oshayelayo. 5 Kanjalo, futhi, nolimi luyilungu elincane kodwa nokho luzigabisa kakhulu. Bhekani! Yeka ukuthi kudinga umlilo omncane kangakanani ukuthungela ihlathi elikhulu ngomlilo! 6 Ulimi-ke luwumlilo. Ulimi luyizwe lokungalungi phakathi kwamalungu ethu, ngoba lubeka amabala kuwo wonke umzimba futhi lokhela isondo lokuphila kwemvelo futhi lokhelwa iGehena. 7 Ngoba zonke izinhlobo zezilo zasendle kanye nezinyoni nezinto ezinwabuzelayo nezidalwa zasolwandle ziyathanjiswa futhi ziye zathanjiswa abantu. 8 Kodwa ulimi, akekho noyedwa kubantu ongaluthambisa. Luyinto engalawuleki elimazayo, lugcwele ubuthi obubulalayo. 9 Ngalo situsa uJehova, yebo, uBaba, kodwa nokho siqalekise ngalo abantu ababa khona “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” 10 Emlonyeni ofanayo kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanelekile, bazalwane, ukuba lezi zinto ziqhubeke zenzeka ngale ndlela. 11 Umthombo awubangeli ukuba kuphuphume amanzi amnandi nababayo emgodini ofanayo, akunjalo? 12 Bazalwane, umkhiwane awunakuthela iminqumo noma umvini amakhiwane, akunjalo? Namanzi anosawoti awanakukhipha amanzi amnandi. 13 Ubani ohlakaniphile noqondayo phakathi kwenu? Makabonise imisebenzi yakhe ngokuziphatha kwakhe okuhle ngobumnene bokuhlakanipha. 14 Kodwa uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, musani ukuzigabisa niqambela iqiniso amanga. 15 Lokhu akukhona ukuhlakanipha okwehla kuvela phezulu, kodwa okwasemhlabeni, okobulwane, okobudemoni. 16 Ngoba lapho kukhona khona umhawu nokubanga, kukhona isiyaluyalu nayo yonke into embi. 17 Kodwa ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyabonelela, kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, akuhlukanisi abantu ngokukhetha, akuzenzisi. 18 Ngaphezu kwalokho, imbewu yesithelo sokulunga ihlwanyelwa ngaphansi kwezimo zokuthula kulabo abenza ukuthula.
OKTHOBA 14-20
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 PETRU 1-2
“Kumelwe Nibe Ngcwele”
(1 Petru 1:14, 15) Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu, 15 kodwa, ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu,
Isihlengo ‘Isipho Esiphelele’ Esivela KuBaba
5 Singabonisa kanjani ukuthi siyalithanda igama likaJehova? Ngendlela esiziphatha ngayo. UJehova ufuna sibe ngcwele. (Funda eyoku-1 Petru 1:15, 16.) Lokhu kusho ukuthi sikhonza uJehova kuphela futhi simlalela ngenhliziyo yethu yonke. Ngisho nalapho sishushiswa, senza konke okusemandleni ukuze siphile ngokuvumelana nemithetho nezimiso zakhe ezilungile. Ngokwenza okulungile, senza ukukhanya kwethu kukhanye, ngaleyo ndlela sikhazimulisa igama likaJehova. (Math. 5:14-16) Njengabantu abangcwele, sibonisa ngendlela esiphila ngayo ukuthi imithetho kaJehova ilungile nokuthi izinsolo zikaSathane zingamanga. Lapho senza amaphutha, njengoba sonke siwenza, siphenduka ngobuqotho bese siyeka ukwenza izinto ezingamdumisi uJehova.—IHu. 79:9.
(1 Petru 1:16) ngoba kulotshiwe ukuthi: “Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.”
Indlela Yokukhetha Ezokuzijabulisa Ezakhayo
6 UPawulu wakhuza amaKristu aseRoma: “Ningaqhubeki ninikela izitho zenu esonweni.” UPawulu wabuye wathi kuwo ‘mawabulale imikhuba yomzimba.’ (Roma 6:12-14; 8:13) Ngasekuqaleni kwale ncwadi, wayenikeze izibonelo ‘zemikhuba enjalo yomzimba.’ Ngokuqondene nesintu esinesono, siyafunda: “Umlomo wabo ugcwele ukuqalekisa.” “Izinyawo zabo ziyashesha ukuyochitha igazi.” “Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo abo.” (Roma 3:13-18) UmKristu angawungcolisa umzimba wakhe uma “izitho” zomzimba wakhe engazisebenzisela imikhuba eyisono enjengaleyo. Ngokwesibonelo, uma umKristu namuhla ebukela ngamabomu izinto ezingcolile njengezithombe zobulili noma ubudlova obunyantisayo, usuke ‘enikela [amehlo akhe] esonweni’ futhi ngokwenza kanjalo ungcolisa umzimba wakhe wonke. Ukukhulekela kwakhe kuba umhlatshelo ongasengcwele futhi uNkulunkulu akawamukeli. (Duteronomi 15:21; 1 Petru 1:14-16; 2 Petru 3:11) Yeka umphumela obuhlungu ngenxa yokukhetha ezokuzijabulisa ezingakhi!
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(1 Petru 1:10-12) Abaprofethi abaprofetha ngomusa ongafanelwe ohloselwe nina baphenya ngenkuthalo ngokuqondene nale nsindiso futhi bahlola ngokucophelela. 11 Baqhubeka behlola ukuthi umoya okubo ukhomba kuyiphi inkathi ngokukhethekile noma kuluphi uhlobo lwenkathi ngokuphathelene noKristu lapho ufakaza kusengaphambili ngezinhlupheko zikaKristu nangezinkazimulo ezazizozilandela. 12 Bambulelwa ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa babekhonza nina ngezinto manje eniye nazaziswa kusetshenziswa labo abaye bamemezela kini izindaba ezinhle ngomoya ongcwele othunywe uvela ezulwini. Izingelosi zifisa ukubona zona lezi zinto.
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJakobe NezikaPetru
1:10-12. Izingelosi zazifisa ukubona nokuqonda amaqiniso angokomoya ajulile abhalwa abaprofethi bakaNkulunkulu basendulo aphathelene nebandla lamaKristu agcotshiwe. Nokho, lezi zinto zacaca kuphela lapho uJehova eqala ukusebenzelana nalelo bandla. (Efe. 3:10) Akufanele yini silingise isibonelo sezingelosi futhi silwele ukuhlola “ezintweni ezijulile zikaNkulunkulu”?—1 Kor. 2:10
(1 Petru 2:25) Ngoba naninjengezimvu, niduka; kodwa manje senibuyele kumalusi nombonisi wemiphefumulo yenu.
it-2-E 565 ¶3
Umbonisi
Umbonisi Ophakeme. Kusobala ukuthi Eyokuqala KaPetru 2:25 icaphuna u-Isaya 53:6 lapho ikhuluma ngalabo ‘ababenjengezimvu, baduka.’ Ngemva kwalokho, uPetru uthi: “Kodwa manje senibuyele kumalusi nombonisi wemiphefumulo yenu.” Kumelwe ukuba wayekhuluma ngoJehova uNkulunkulu ngenxa yokuthi labo ayebabhalela babengasukanga kuKristu Jesu, kodwa kwasetshenziswa yena ukuze babuyiselwe kuJehova uNkulunkulu, onguMalusi Omkhulu wabantu bakhe. (IHu 23:1; 80:1; Jer 23:3; Hez 34:12) UJehova ubuye abe ngumbonisi ohlola abantu. (IHu 17:3) Ukuhlola (Gr., e·pi·sko·peʹ) kungasho ukukhipha kwakhe isahlulelo esibi, njengasekhulwini lokuqala C.E. lapho ahlulela khona iJerusalema, elingazange lisiqonde isikhathi ‘sokuhlolwa [ngesiGreki, e·pi·sko·pesʹ] kwalo.’ (Luka 19:44) Noma kungasho imiphumela emihle eba khona, njengalapho abantu bekhazimulisa uNkulunkulu ngosuku “lokuhlola [Gr., e·pi·sko·pesʹ] kwakhe.”—1Pet 2:12.
Ukufundwa KweBhayibheli
(1 Petru 1:1-16) UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kwabayizakhamuzi zesikhashana ezihlakazekele ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, e-Asiya, naseBhithiniya, kwabakhethwé 2 ngokokwazi kusengaphambili kukaNkulunkulu uBaba, nangokungcweliswa ngomoya, ngenjongo yokuba balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Kristu: Kwangathi ningandiselwa umusa ongafanelwe nokuthula. 3 Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, ngoba ngokwesihe sakhe esikhulu wasipha ukuzalwa okusha ethembeni eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, 4 efeni elingenakonakala nelingangcolile nelingabuni. Ligcinelwe nina ezulwini, 5 nina enilondwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo ngenjongo yensindiso elungele ukwambulwa enkathini yokugcina yesikhathi. 6 Nijabula kakhulu ngaleli phuzu, nakuba manje, uma kumelwe kube njalo, niye nenziwa lusizi yizilingo ezihlukahlukene okwesikhashana, 7 ukuze isimo esivivinyiwe sokholo lwenu, senani elikhulu kakhulu kunegolide elishabalalayo naphezu kokuvivinywa kwalo ngomlilo, sitholakale siyisizathu sendumiso nenkazimulo nodumo ekwambulweni kukaJesu Kristu. 8 Nakuba ningakaze nimbone, niyamthanda. Nakuba ningambhekile manje, kodwa nibonisa ukholo kuye futhi nijabula kakhulu ngenjabulo engakhulumeki nekhazinyulisiwe, 9 njengoba namukela isiphetho sokholo lwenu, insindiso yemiphefumulo yenu. 10 Abaprofethi abaprofetha ngomusa ongafanelwe ohloselwe nina baphenya ngenkuthalo ngokuqondene nale nsindiso futhi bahlola ngokucophelela. 11 Baqhubeka behlola ukuthi umoya okubo ukhomba kuyiphi inkathi ngokukhethekile noma kuluphi uhlobo lwenkathi ngokuphathelene noKristu lapho ufakaza kusengaphambili ngezinhlupheko zikaKristu nangezinkazimulo ezazizozilandela. 12 Bambulelwa ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa babekhonza nina ngezinto manje eniye nazaziswa kusetshenziswa labo abaye bamemezela kini izindaba ezinhle ngomoya ongcwele othunywe uvela ezulwini. Izingelosi zifisa ukubona zona lezi zinto. 13 Ngakho bhukulani izingqondo zenu ngenjongo yokusebenza, hlalani nisanguluké ngokuphelele; bekani ithemba lenu emseni ongafanelwe oyolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu. 14 Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu, 15 kodwa, ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu, 16 ngoba kulotshiwe ukuthi: “Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.”
OKTHOBA 21-27
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 PETRU 3-5
“Ukuphela Kwezinto Zonke Sekusondele”
(1 Petru 4:7) Kodwa ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho-ke, yibani abahluzekile engqondweni, futhi niphaphamele ukuthandaza.
“Niphaphamele Ukuthandaza”
OMUNYE umuntu owayesebenza ebusuku uthi: “Isikhathi okunzima kakhulu ukuhlale uphapheme ngaso singaphambi nje kokuntwela kokusa.” Cishe nabanye abake bazama ukuhlale bephapheme ubusuku bonke bangavumelana naye. AmaKristu osuku lwanamuhla abhekene nenselele efanayo ngoba ubusuku obude balesi simiso sezinto sikaSathane esibi manje sebusenkathini emnyama kunazo zonke emlandweni. (Roma 13:12) Yeka ukuthi kungaba ingozi kangakanani ngathi uma singazumeka ngaleli hora lokugcina! Kubaluleke kakhulu ukuba ‘sibe abahluzekile engqondweni’ futhi silalele ukunxusa kweBhayibheli kokuba ‘siphaphamele ukuthandaza.’—1 Pet. 4:7.
(1 Petru 4:8) Ngaphezu kwakho konke, yibani nothando olukhulu ngomunye nomunye, ngoba uthando lumboza izono eziningi.
Indlela Yokuqaphela Nokunqoba Ubuthakathaka Obungokomoya
Ekugcineni, wugxilise engqondweni umyalo wothando womphostoli uPetru othi: “Ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho-ke, yibani abahluzekile engqondweni, futhi nibe abaqaphile ngokuqondene nemithandazo. Ngaphezu kwakho konke, yibani nothando olukhulu ngomunye nomunye, ngoba uthando lumboza izono eziningi.” (1 Petru 4:7, 8) Kulula kakhulu ukuvumela ukungapheleli kobuntu—kwabanye abantu nokwethu—kungene ezinhliziyweni zethu kube izithiyo nezikhubekiso. USathane ubazi kahle lobu buthakathaka bobuntu. Ukuhlukanisa bese unqoba, enye yezindlela zakhe zobuqili. Ngakho-ke, kumelwe sisheshe simboze izono ezinjalo ngothando olukhulu ngomunye nomunye, ‘singamvumeli uDeveli athole indawo.’—Efesu 4:25-27.
(1 Petru 4:9) Ngenisanani ngaphandle kokukhononda.
Siyakudinga Ukungenisa Izihambi!
2 Phakathi kwezinye izinto, uPetru wakhuthaza abafowabo ngokuthi: “Ngenisanani.” (1 Pet. 4:9) Igama elithi “ngenisanani” ngesiGreki lisho “ukuthanda noma ukuba nomusa ezihambini.” Noma kunjalo, phawula ukuthi uPetru wakhuthaza abafowabo nodadewabo ukuba bamemane, lokho bakwenze ikakhulukazi kulabo abahlanganyela nabo. Ukumemana kwakuzobasiza kanjani?
3 Phakathi kwezinye izinto, uPetru wakhuthaza abafowabo ngokuthi: “Ngenisanani.” (1 Pet. 4:9) Igama elithi “ngenisanani” ngesiGreki lisho “ukuthanda noma ukuba nomusa ezihambini.” Noma kunjalo, phawula ukuthi uPetru wakhuthaza abafowabo nodadewabo ukuba bamemane, lokho bakwenze ikakhulukazi kulabo abahlanganyela nabo. Ukumemana kwakuzobasiza kanjani?—2 Thim. 3:1.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(1 Petru 3:19, 20) Ekulesi simo, wahamba washumayeza imimoya esetilongweni, 20 eyayingalaleli lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, ngesikhathi kusakhiwa umkhumbi, okwathi ngawo abantu abambalwa, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili, bathwalwa ngokuphepha emanzini.
Imibuzo Evela Kubafundi
IBhayibheli lithi uJesu “washumayeza imimoya esetilongweni.” (1 Pet. 3:19) Kusho ukuthini lokhu?
▪ Umphostoli uPetru uchaza le mimoya ngokuthi yileyo “eyayingalaleli lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa.” (1 Pet. 3:20) Kusobala ukuthi uPetru wayebhekisela ezidalweni zomoya ezakhetha ukuhlanganyela noSathane ekuhlubukeni kwakhe. UJude ukhuluma ngezingelosi “ezingasigcinanga isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo yokuhlala efanele,” athi uNkulunkulu “uzigcine ngezibopho ezingunaphakade ngaphansi kwesigayegaye, uzigcinele ukwahlulelwa kosuku olukhulu.”—Jude 6.
Izidalwa zomoya zazingalaleli ngayiphi indlela osukwini lukaNowa? Ngaphambi kukaZamcolo, le mimoya emibi yembatha imizimba yabantu—into eyayingeyona injongo kaNkulunkulu ngayo. (Gen. 6:2, 4) Ngaphezu kwalokho, lezo zingelosi ezaba nobuhlobo bobulili nabesifazane zazenza into ephambene nemvelo. UNkulunkulu wayengazidalelanga izingelosi ukuba zibe nobuhlobo bobulili nabesifazane. (Gen. 5:2) Lezi zingelosi ezimbi ezingalaleli zizobhujiswa ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele. Okwamanje, uJude uphawula ukuthi zisesimweni “sesigayegaye”—kunjengokungathi, zisetilongweni elingokomoya.
UJesu wayishumayeza nini futhi kanjani le “mimoya esetilongweni”? UPetru uloba ukuthi lokhu kwenzeka ngemva kokuba uJesu ‘ephiliswe emoyeni.’ (1 Pet. 3:18, 19) Phawula nokuthi uPetru uthi uJesu ‘washumayela.’ Ukusebenzisa kwakhe isenzo esisenkathini edlule kusikisela ukuthi lokho kushumayela kwenzeka ngaphambi kokuba alobe incwadi yakhe yokuqala. Khona-ke, kubonakala sengathi esikhathini esithile ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wamemezela kule mimoya emibi isijeziso ezosithola esifaneleka ngokugcwele. Wayengayishumayezi ngenjongo yokuyinikeza ithemba. Kwakuyintshumayelo yesahlulelo. (Jona 1:1, 2) Lapho nje esebonise ukholo lwakhe nobuqotho kwaze kwaba sekufeni futhi wavuswa—ebonisa ukuthi uDeveli wayengambambanga ndawo ngempela—uJesu waba nesizathu sokumemezela leso sahlulelo esasiyilahla le mimoya.—Joh. 14:30; 16:8-11.
Esikhathini esizayo, uJesu uzobopha futhi aphonse kwalasha uSathane kanye nalezo zingelosi. (Luka 8:30, 31; IsAm. 20:1-3) Kuze kube yileso sikhathi, le mimoya engalaleli isesigayegayeni esingokomoya futhi ukubhujiswa kwayo kokugcina kuqinisekile.—IsAm. 20:7-10.
(1 Petru 4:6) Eqinisweni, izindaba ezinhle zamenyezelwa nakwabafileyo ngenxa yale njongo, ukuze bahlulelwe ngokwenyama ngokombono wabantu kodwa baphile ngokomoya ngokombono kaNkulunkulu.
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJakobe NezikaPetru
4:6—Obani ‘abafileyo izindaba ezinhle ezamenyezelwa’ kubo? Laba yilabo ‘ababefile eziphambekweni nasezonweni zabo,’ noma ababefile ngokomoya, ngaphambi kokuba bezwe izindaba ezinhle. (Efe. 2:1) Nokho, ngemva kokuba nokholo ezindabeni ezinhle baqala ‘ukuphila’ ngokomoya.
Ukufundwa KweBhayibheli
(1 Petru 3:8-22) Ekugcineni, nonke yibani nomqondo ofanayo, nibonisa ukuzwelana, ninothando lobuzalwane, ninobubele besisa, nithobekile engqondweni, 9 ningabuyiseli okubi ngokubi noma ukuthukwa ngokuthuka, kodwa, ngokuphambene nalokho, nibusisa, ngoba nabizelwa kule nkambo, ukuze nizuze isibusiso njengefa. 10 Ngoba, “lowo othanda ukuphila futhi abone izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi nezindebe zakhe ekukhulumeni inkohliso, 11 futhi makafulathele okubi enze okuhle; makafune ukuthula akuphishekele. 12 Ngoba amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo; kodwa uJehova umelene nabenza izinto ezimbi.” 13 Ngempela, yimuphi umuntu oyonilimaza uma nishisekela okuhle? 14 Kodwa ngisho noma ningahlupheka ngenxa yokulunga, niyajabula. Nokho, into abayesabayo ningayesabi nina, futhi ningakhathazeki. 15 Kodwa ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nikulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile. 16 Yibani nonembeza omuhle, ukuze kuthi kuleyo nto abakhuluma kabi ngani kuyo bahlazeke labo abakhuluma ngokululazayo ngokuziphatha kwenu okuhle mayelana noKristu. 17 Ngoba kungcono ukuhlupheka ngoba nenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka ngoba nenza okubi. 18 Phela, ngisho noKristu wafela izono kwaba kanye kuphela, umuntu olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze aniholele kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa emoyeni. 19 Ekulesi simo, wahamba washumayeza imimoya esetilongweni, 20 eyayingalaleli lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, ngesikhathi kusakhiwa umkhumbi, okwathi ngawo abantu abambalwa, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili, bathwalwa ngokuphepha emanzini. 21 Lokho okuhambelana nalokhu nakho manje kuyanisindisa, okuwukuthi, ubhapathizo, (kungekhona ukususa ukungcola kwenyama, kodwa isicelo esenziwa kuNkulunkulu sokuba nonembeza omuhle,) ngokuvuka kukaJesu Kristu. 22 Ungakwesokunene sikaNkulunkulu, ngoba waya ezulwini; futhi izingelosi namagunya namandla kwenziwa kwamthobela.
OKTHOBA 28–NOVEMBA 3
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 PETRU 1-3
‘Kukhumbule Njalo Ukufika Kosuku LukaJehova’
(2 Petru 3:9, 10) UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabanga ukuthi uyephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke. 10 Nokho usuku lukaJehova luyofika njengesela, okuyodlula ngalo amazulu ngomsindo ohazayo, kodwa izakhi njengoba ziyobe zishisa kakhulu ziyoncibilika, futhi umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa.
UJehova ‘Uyobangela Ukuba Kwenziwe Ubulungisa’
11 Nokho, kufanele sisiqonde kanjani isiqinisekiso sikaJesu sokuthi uJehova uyobangela ukuba ubulungisa benziwe “ngokushesha”? IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi ‘ngisho noma uJehova ebekezela,’ uyokwenza ubulungisa ngokushesha lapho sekuyisikhathi esifanele. (Luka 18:7, 8; 2 Petru 3:9, 10) Ngesikhathi sikaNowa, lapho kufika uZamcolo ababi babhujiswa ngokushesha. Nasosukwini lukaLoti, lapho kwehla umlilo ezulwini ababi bashabalala. UJesu wathi: “Kuyoba ngendlela efanayo nangalolo suku lapho kwambulwa iNdodana yomuntu.” (Luka 17:27-30) Ababi bayophinde bathole “imbubhiso engazelelwe,” noma esheshayo. (1 Thesalonika 5:2, 3) Impela, singaqiniseka ngokugcwele ukuthi uJehova ngeke alivumele izwe likaSathane liqhubeke likhona ngisho nosuku olulodwa ngaphezu kwalokho okufunwa ubulungisa.
(2 Petru 3:11, 12) Njengoba zonke lezi zinto ziyoncibilika kanjalo, yeka ukuthi luhlobo luni lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, 12 nilindele futhi nikukhumbula njalo ukufika kosuku lukaJehova, okuyothi ngalo amazulu ayobe esha ancibilike nezinto zawo njengoba ziyobe zishisa kakhulu zincibilike!
“Usuku Olukhulu LukaJehova Luseduze”
18 Shono umphostoli uPetru esiyala ukuba sikukhumbule njalo “ukufika kosuku lukaJehova”! Singakwenza kanjani lokhu? Enye yezindlela iwukuba matasa “ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.” (2 Petru 3:11, 12) Ukuzigcina simatasa emisebenzini enjalo kuyosisiza sikulindele ngokulangazela ukufika ‘kosuku lukaJehova.’ Ngokwezwi nezwi, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “nikukhumbula njalo” lisho ukuthi “nikusheshisa.” Asinakusisheshisa ngokoqobo isikhathi esisasele ngaphambi kokufika kosuku lukaJehova. Nokho, njengoba sisalulindele, isikhathi siyobonakala sihamba ngokushesha kakhulu uma simatasa enkonzweni kaNkulunkulu.—1 Korinte 15:58.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(2 Petru 1:19) Ngenxa yalokho sinezwi lesiprofetho elenziwe laqiniseka ngokwengeziwe; futhi nenza kahle ngokulinaka ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama, usuku luze luntwele futhi ikhwezi liphume, ezinhliziyweni zenu.
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJakobe NezikaPetru
1:19—Ubani “ikhwezi,” uphuma nini, futhi sazi kanjani ukuthi lokhu kuye kwenzeka? “Ikhwezi” nguJesu Kristu esemandleni oMbuso. (IsAm. 22:16) Ngo-1914, uJesu waphuma ngaphambi kwayo yonke indalo njengeNkosi enguMesiya, ememezela ukuntwela kosuku olusha. Ukuguqulwa kwakhe isimo kwanikeza amazwibela enkazimulo namandla akhe oMbuso, kwagcizelela nokuthi izwi likaNkulunkulu lesiprofetho lithembekile. Ukulinaka leli zwi kukhanyisa izinhliziyo zethu, kusenze siqaphele ukuthi iKhwezi liphumile.
(2 Petru 2:4) Ngokuqinisekile, uma uNkulunkulu engayekanga ukujezisa izingelosi ezona, kodwa, ngokuziphonsa eThartharusi, azinikela emigodini yesigayegaye ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa;
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJakobe NezikaPetru
2:4—Iyini ‘iThartharusi,’ futhi izingelosi ezivukelayo zaphonswa nini khona? IThartharusi iyisimo esifana netilongo lapho kuphonswa khona kuphela izidalwa zomoya—hhayi abantu. Yisimo sobumnyama obukhulu bengqondo ngokuphathelene nezinjongo zikaNkulunkulu ezikhazimulayo. Labo abaseThartharusi abanalo ithemba lekusasa. UNkulunkulu waphonsa izingelosi ezingalaleli eThartharusi ngosuku lukaNowa, futhi ziyohlala zikuleso simo esithotshisiwe kuze kube yilapho zibhujiswa.
Ukufundwa KweBhayibheli
(2 Petru 1:1-15) USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kulabo abazuze ukholo, oluyilungelo elilinganayo nelethu, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu: 2 Kwangathi ningandiselwa umusa ongafanelwe nokuthula ngolwazi olunembile ngoNkulunkulu nangoJesu iNkosi yethu, 3 njengoba amandla akhe aphezulu esinike ngesihle zonke izinto eziphathelene nokuphila nokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, ngolwazi olunembile ngalowo owasibiza ngenkazimulo nobuhle. 4 Ngalezi zinto usiniké ngesihle izithembiso eziyigugu nezinhle kakhulu, ukuze ngazo nibe abahlanganyeli bemvelo yaphezulu, njengoba niphunyukile ekonakaleni okusezweni kwenkanuko. 5 Yebo, ngenxa yalesi sizathu, ngokusabela kwenu ngokunikela ngawo wonke umzamo wenkuthalo, nezelani okholweni lwenu ubuhle, ebuhleni benu ulwazi, 6 olwazini lwenu ukuzithiba, ekuzithibeni kwenu ukukhuthazela, ekukhuthazeleni kwenu ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, 7 ekuzinikeleni kwenu kokuhlonipha uNkulunkulu uthando lobuzalwane, othandweni lwenu lobuzalwane uthando. 8 Ngoba uma lezi zinto zikhona kini futhi zichichima, ziyonivimbela ningabi abangasebenzi noma abangatheli ngokuqondene nolwazi olunembile ngeNkosi yethu uJesu Kristu. 9 Ngoba uma lezi zinto zingekho kumuntu, uyimpumputhe, uvala amehlo akhe ukuba angakuboni ukukhanya, futhi usekukhohliwe ukuhlanzwa kwakhe ezonweni zakhe zakudala. 10 Ngenxa yalesi sizathu, bazalwane, yenzani nangokwengeziwe konke okusemandleni enu ukuze niziqinisekisele ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngoba uma niqhubeka nenza lezi zinto anisoze nahluleka nanini. 11 Kanjalo, niyophiwa ngokucebile ukungena embusweni waphakade weNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. 12 Ngenxa yalesi sizathu ngiyohlale ngilungele ukunikhumbuza ngalezi zinto, nakuba nizazi futhi nimi niqinile eqinisweni elikhona kini. 13 Kodwa ngikubheka njengokulungile, uma nje ngisekuleli tabernakele, ukunivusa ngendlela yokunikhumbuza, 14 njengoba ngazi ukuthi ukususwa kwetabernakele lami kuzokwenzeka ngokushesha, njengoba nje neNkosi yethu uJesu Kristu yangibonisa. 15 Ngakho nami ngizokwenza konke okusemandleni ami ngaso sonke isikhathi ukuze, ngemva kokumuka kwami, nikwazi ukuzisho ngokwenu lezi zinto.