UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yini Ongayifunda KumaKristu Asemnkantshubomvu?
Emabandleni esikuwo, kunabaningi asebekhonze uJehova amashumi eminyaka. Singafunda endleleni abancika ngayo ngokuqinile kuJehova. Singababuza ngomlando wenhlangano kaJehova nangezinselele ababhekana nazo nangendlela abazinqoba ngayo ngosizo lukaJehova. Singaze sibameme laba bathandekayo ukuba babe nathi ekuKhulekeleni Komkhaya.
Uma ungumKristu osemnkantshubomvu, waxoxele ngokukhululekile amaKristu asemasha izindaba eziphathelene nokholo lwakho. UJakobe noJosefa bawuxoxela umndeni wabo ngalokho uJehova abenzela kona. (Gen 48:21, 22; 50:24, 25) Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wayala izinhloko zemindeni ukuba zifundise abantwana bazo ngemisebenzi kaJehova emangalisayo. (Dut 4:9, 10; IHu 78:4-7) Namuhla, abazali nabanye ebandleni bangaxoxela abasebasha ngezinto ezimangalisayo abaye bazibona uJehova ezifeza ngenhlangano yakhe.
BUKELA IVIDIYO ETHI UKULONDOLOZA UBUNYE NGESIKHATHI SOKUVINJELWA, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Ihhovisi legatsha lase-Austria labasiza kanjani abafowethu abasemazweni lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona?
Abafowethu abakula mazwe balugcina kanjani ukholo lwabo luqinile?
Kungani abamemezeli abaningi baseRomania bayishiya inhlangano kaJehova futhi babuyela kanjani kuyo?
Le ndaba iluqinisa kanjani ukholo lwakho?
Thola amagugu angokomoya ezinhliziyweni zamaKristu asemnkantshubomvu!