Siza Izingane Zijwayelane Nenhlangano KaJehova
IZINGANE ziyakuthanda ukufunda. Cabanga ngemibuzo okumelwe ukuba izingane zama-Israyeli eGibhithe zaziyibuza ngobusuku bePhasika lokuqala: ‘Ibulawelweni imvu?’ ‘Ubaba ulibhecelani igazi emnyango?’ ‘Siyaphi?’ Ukuthi uJehova wayeyilindele imibuzo enjalo kubonakala emyalweni awunika obaba abangama-Israyeli. Mayelana nemikhosi yePhasika eyayizolandela, uJehova wabatshela: “Kuyothi lapho amadodana enu ethi kini, ‘Isho ukuthini le nkonzo kini?’ nithi, ‘Ngumhlatshelo wephasika esiwenzela uJehova, owadlula phezu kwezindlu zabantwana bakwa-Israyeli eGibhithe lapho eshaya abaseGibhithe ngenhlupho, kodwa wazikhulula izindlu zethu.’” (Eks. 12:24-27) Kamuva, uJehova wakhumbuza abazali abangama-Israyeli ukubaluleka kokuphendula imibuzo yezingane zabo ephathelene “neziqondiso nezinqumo zokwahlulela” uJehova ayeyale ngazo.—Dut. 6:20-25.
Kuyacaca ukuthi uJehova wayefuna ukuba izingane zithole izimpendulo ezanelisayo emibuzweni yazo ephathelene nokukhulekela kweqiniso—izimpendulo ezaziyozishukumisela ukuba zithande uJehova njengoNkulunkulu noMsindisi wazo. Nanamuhla uJehova usazifunela okufanayo izingane zethu. Enye indlela abazali abangagxilisa ngayo ezinganeni zabo uthando olusuka enhliziyweni ngoNkulunkulu iwukuzisiza zijwayelane nenhlangano yakhe futhi ziqonde ukuthi zizuza kanjani emalungiselelweni ayo. Ngakho, ake sicabangele izindlela ezimbalwa izingane ezingasizwa ngazo ukuba zifunde okwengeziwe ngenhlangano kaNkulunkulu.
Ibandla Lendawo
Izingane kudingeka zilazi ibandla umkhaya wenu ohlanganyela kulo. Ukuze zilazi, kudingeka nina njengabazali niye nazo kuyo yonke imihlangano yobuKristu. Ngaleyo ndlela, nilandela inkambo uJehova ayibekela ama-Israyeli, awayala: “Butha abantu, amadoda nabesifazane nabancane . . . , ukuze balalele futhi bafunde, njengoba kumelwe bamesabe uJehova uNkulunkulu wenu baqaphele ukuwafeza wonke amazwi alo mthetho. Abantwana babo abangazi kufanele balalele, futhi kumelwe bafunde ukwesaba uJehova uNkulunkulu wenu.”—Dut. 31:12, 13.
Izingane zingaqala ukufunda ngeZwi likaJehova kusukela ziseyizinsana. Umphostoli uPawulu wathi ngoThimothewu: “Kusukela usewusana uye wazi imibhalo engcwele.” (2 Thim. 3:15) Lapho zisemihlanganweni eHholo LoMbuso, ngisho nezingane ezisencane kakhulu ziyakuzwa okufundiswayo futhi zijwayelane nezingoma zoMbuso. Lapho, zifunda ukusebenzisa nokuhlonipha iBhayibheli kanye nezincwadi ezisekelwe kulo. Ngaphezu kwalokho, emihlanganweni yethu ziyoyizwa imfanelo esibonakalisa njengabalandeli bakaKristu beqiniso—uthando lweqiniso. UJesu wathi: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Joh. 13:34, 35) Uthando olufudumele nokulondeka kwangempela okusobala eHholo LoMbuso kuyokhanga izingane futhi kuzisize ukuba zenze ukuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu kube ingxenye yokuphila kwazo.
Uma nikwenza umkhuba ukufika kusenesikhathi eHholo LoMbuso futhi nihlale kancane ngemva kwemihlangano, izingane zenu ziyothola ithuba lokwenza abangane. Esikhundleni sokuzivumela ukuba zizihlanganise nezinye izingane kuphela, kunganjani uzazise kwabanye abazalwane nodade babo bonke ubudala? Uma zazi asebekhulile, izingane zakho ziyothola ukuthi banokuhlangenwe nakho okuningi okujabulisayo futhi banokuhlakanipha. Njengoba nje uZakariya wasendulo, “umfundisi wokwesaba uNkulunkulu weqiniso,” aba nethonya elihle ku-Uziya osemusha, inkosi yakwaJuda, kanjalo labo asebekhonze uJehova ngokwethembeka iminyaka eminingi baba nethonya elihle ezinganeni. (2 IziKr. 26:1, 4, 5) Lapho niseHholo LoMbuso nezingane zakho, ungazichazela nokuthi uyini umsebenzi womtapo wezincwadi, ibhodi lezaziso nezinye izici.
Inhlangano Yomhlaba Wonke
Izingane kudingeka zazi ukuthi ibandla lendawo liyingxenye yenhlangano yomhlaba wonke enamabandla angaphezu kuka-100 000. Chaza izici zale nhlangano, ukuthi isebenza kanjani nokuthi izingane zinayiphi indima ekusekeleni umsebenzi wayo. Zikhombise ukuthi kungani ukulangazelela ukuhambela kombonisi wesifunda nokuya emihlanganweni yesifunda neyesigodi.—Bheka ibhokisi elithi “Izihloko Eningaxoxa Ngazo EkuKhulekeleni Komkhaya,” elisekhasini 28.
Uma ithuba livela, mema ababonisi abajikelezayo, izithunywa zevangeli, amalungu omkhaya waseBethel nezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele ukuba zizodla nani. Ungacabangi ukuthi azinaso isikhathi sezingane. Lezi zikhonzi zesikhathi esigcwele zilwela ukulingisa uJesu, owayehlale ezamukela izingane futhi ekhuluma nazo. (Marku 10:13-16) Ukuzwa lezi zinceku zixoxa ngokuhlangenwe nakho kwazo nokubona injabulo ezinayo enkonzweni engcwele, kungenza izingane zakho nazo zizibekele umgomo wokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele.
Yini enye eningayenza njengomkhaya ukuze nisize izingane zenu zijwayelane nenhlangano kaJehova? Nakhu okunye ukusikisela: Zibekeleni umgomo njengomkhaya wokufunda incwadi ethi, OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu. Gcizelelani ukuzinikela, ukuthobeka nokwethembeka okuye kwaboniswa izinceku zikaJehova. Bonisani ukuthi uJehova uzisebenzise kanjani ukuba zisakaze izindaba ezinhle emhlabeni wonke. Sebenzisani ama-video enhlangano kaJehova ukuze nizifundise izifundo ezibalulekile zasendulo nezanamuhla. Uma nikwazi, vakashelani ihhovisi legatsha nekhaya laseBethel elisezweni lakini noma mhlawumbe akwamanye amazwe. Lokho kuyogcizelela ezinganeni zenu indlela inhlangano kaJehova esemhlabeni, eqondiswa isigaba senceku ethembekile, ehleleke ngayo ukuze inikeze ukudla okungokomoya nesiqondiso kubazalwane emhlabeni wonke, njengoba nje kwakunjalo nangekhulu lokuqala C.E.—Math. 24:45-47; IzE. 15:22-31.
Ukwenza Ukwaziswa Kufanelane Nengane Ngayinye
Lapho ufundisa izingane zakho, cabanga ngendlela uJesu afundisa ngayo abaphostoli bakhe. Wake wathi kubo: “Nginezinto eziningi okusamelwe nginitshele zona, kodwa anikwazi ukuzithwala njengamanje.” (Joh. 16:12) UJesu akazange agixabeze abafundi bakhe ngokwaziswa okuningi. Kunalokho, wabafundisa kancane kancane amaqiniso abalulekile ukuze bakwazi ukuwetshisa kahle. Ngendlela efanayo, nawe ungazigixabezi izingane zakho. Ngokuzinikeza ulwazi oluncane njalo ngenhlangano kaJehova, uzokwazi ukubamba isithakazelo sazo futhi wenze ukufunda ngebandla lobuKristu kujabulise. Njengoba izidingo zezingane zakho zishintsha, ungase uphindaphinde futhi wenezele kulokho esezikwazi.
Ibandla lobuKristu liwumthombo osemqoka wamandla angokomoya, futhi izingane ezihlanganyela emisebenzini yalo ngentshiseko zikuhlomela kangcono ukulwa nethonya lezwe likaSathane. (Roma 12:2) Siyaqiniseka ukuthi uyothola injabulo enkulu ngokusiza izingane zakho zijwayelane nenhlangano kaJehova. Ngesibusiso sakhe kwangathi zinganamathela ngobuqotho kuyo nakuNkulunkulu onothando esimkhonzayo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 28]
Izihloko Eningaxoxa Ngazo EkuKhulekeleni Komkhaya
Nazi ezinye zezihloko eziphathelene nenhlangano kaJehova eningase nixoxe ngazo ekuKhulekeleni Komkhaya kwakusihlwa.
▪ Bukezani umlando webandla lendawo. Laqala nini futhi kanjani? Imaphi amaHholo OMbuso ahlukahlukene elake lawasebenzisa? Uma nizoxoxa ngalokhu, kunganjani nimeme ilungu lebandla eselinesikhathi eside ukuze liphendule imibuzo yezingane zenu?
▪ Chazani injongo yemihlangano ehlukahlukene yebandla nemihlangano emikhulu nendlela izingane ezingazuza ngayo kuyo.
▪ Xoxani ngenjongo yezikole ezihlukahlukene ezasungulwa inhlangano kaJehova. Landisani okuhlangenwe nakho okubonisa imiphumela emihle eye yatholwa yilabo abaye bathweswa iziqu kulezi zikole.
▪ Sizani izingane zibone ukubaluleka kokuba abamemezeli bezindaba ezinhle abaphuma njalo. Ziboniseni indlela ezingaba nengxenye ngayo embikweni womhlaba wonke onyatheliswa e-Ncwadini Yonyaka YoFakazi BakaJehova.
▪ Xoxani ngezinhlobo ezihlukahlukene zenkonzo yesikhathi esigcwele intsha esenhlanganweni kaJehova engazingenela. Ningathola ukwaziswa okuhle ngale ndaba esahlukweni 10 sencwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova.
▪ Sizani izingane ziqonde izizathu zokuba kulandelwe izinqubo ezithile ebandleni. Zichazeleni ukuthi kungani kungafanele zenze izinto ngendlela yazo enhlanganweni kaJehova ngisho nasezintweni ezincane. Ziboniseni indlela ezingaba nesandla ngayo ekuhlelekeni okuhle kwebandla ngokusebenzisa iziqondiso zabadala.
[Isithombe]
Izingane zakho ziyozuza lapho ziba abangane bezikhonzi ezingomakadebona
[Izithombe ekhasini 26]
Njengakwa-Israyeli wasendulo, namuhla abazali balwela ukunikeza izimpendulo ezigculisayo lapho bebuzwa ngenhlangano kaJehova