Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb21 Januwari k. 5
  • Vikela Umshado Wakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Vikela Umshado Wakho
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwenza Umshado WomKristu Uphumelele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Lapho Umshado Usengcupheni Yokuchitheka
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Ukuthola Injabulo Esiphweni Somshado
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
mwb21 Januwari k. 5
Umyeni uhleli nomkakhe futhi ujabulela ukuwasha naye.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Vikela Umshado Wakho

UJehova ubheka izifungo zomshado njengezibaluleke kakhulu. Wathi indoda nenkosikazi kumelwe banamathelane. (Math 19:5, 6) Baningi abantu abashadile abayizibonelo ezinhle phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Kodwa ziba khona izinkinga ngoba awukho umshado ongenazinkinga. Akumelwe sibe nombono ovamile wokuthi ukuhlala ngokwehlukana nedivosi kuyisixazululo lapho abantu abashadile beba nezinkinga. AmaKristu ashadile angayivikela kanjani imishado yawo?

Nazi izinyathelo ezinhlanu ezibalulekile.

  1. Qapha inhliziyo yakho ngokugwema izinto ezinjengokudlala ngothando nokuzijabulisa okungcolile, okungawenza buthaka umshado.—Math 5:28; 2Pet 2:14.

  2. Qinisa ubungane bakho noNkulunkulu, wandise nesifiso sokumjabulisa emshadweni wakho.—IHu 97:10.

  3. Qhubeka ugqoka ubuntu obusha futhi wenza izenzo ezincane zomusa, eziyokwenza ukuphila komlingane wakho womshado kube lula.—Kol 3:8-10, 12-14.

  4. Khulumisanani ngokukhululekile nangenhlonipho.—Kol 4:6.

  5. Ucansi kumelwe lwenziwe ngothando.—1Ko 7:3, 4; 10:24.

Lapho amaKristu ehlonipha umshado, asuke ehlonipha uMsunguli wawo, uJehova.

BUKELANI IVIDIYO ETHI KUMELWE ‘SIGIJIME NGOKUKHUTHAZELA’—LALELA IMITHETHO YOMNCINTISWANO, BESE NIPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Isiqephu sevidiyo ethi Kumelwe ‘Sigijime Ngokukhuthazela’​—Lalela Imithetho Yomncintiswano. UMfowethu noDadewethu uCalou bayamomotheka ngemva kwenkulumo yomshado wabo eHholo LoMbuso.

    Yiziphi izinkinga ezingaba khona nakuba umshado uqale kahle?

  • Isiqephu sevidiyo ethi Kumelwe ‘Sigijime Ngokukhuthazela’​—Lalela Imithetho Yomncintiswano. UMfowethu noDadewethu uCalou baxoxa ngezinkinga zabo ngokuthula. Phezu kwetafula kuneBhayibheli elivuliwe.

    Lingabasiza kanjani iBhayibheli labo abezwa ngathi alukho uthando emshadweni wabo?

  • Isiqephu sevidiyo ethi Kumelwe ‘Sigijime Ngokukhuthazela’​—Lalela Imithetho Yomncintiswano. UMfowethu uCalou ufundela umkakhe nezingane zakhe ezimbili okuthile osencwadini ethi ‘Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.’

    Sebenzisa lokho okuseBhayibhelini ukuze ube nomshado ojabulisayo

    Yimiphi imithetho uJehova ayibekela abantu abashadile?

  • Yini okumelwe yenziwe abantu abashadile ukuze umshado wabo uphumelele?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela