Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb22 Januwari k. 11
  • Basha​—⁠Thululelani Abazali Benu Isifuba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Basha​—⁠Thululelani Abazali Benu Isifuba
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2022
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Hlonipha Uyihlo Nonyoko”
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Ungawusiza Umndeni Wakho Ujabule Nakakhulu
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Sebenzisa Izimiso ZeBhayibheli Ukuze Usize Izingane Zakho Ziphumelele
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2022
mwb22 Januwari k. 11

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Basha​—Thululelani Abazali Benu Isifuba

Kungani kufanele uxoxe ngokukhululekile nabazali bakho ngalokho okucabangayo? (IzA 23:26) Kungenxa yokuthi uJehova ubayale ukuba bakuqondise futhi bakunakekele. (Hu 127:3, 4) Kungase kube nzima ngabo ukuba bakusize uma ubafihlela ukuthi yini ekukhathazayo. Uzophuthelwa ukuzwa amacebiso awusizo ezinto ababhekana nazo ekuphileni kwabo. Kubi yini ukufihla lokho okucabangayo? Akunjalo ngempela​—uma nje ungakhohlisi.​—IzA 3:32.

Ungaxoxa kanjani nabazali bakho? Zama ukukhetha isikhathi esikahle. Uma lokho kuyinselele, ungabhalela oyedwa wabo incwadi, umtshele indlela ozizwa ngayo. Kuthiwani lapho befuna ukukhuluma ngendaba wena ongafuni ukukhuluma ngayo? Khumbula ukuthi bafuna ukukusiza ngempela. Abazali bakho babheke njengabangane hhayi izitha. Umzamo owenzayo ukuze ukhulume nabazali bakho ngokukhululekile, uyokusiza ekuphileni kwakho konke​—phakade!​—IzA 4:10-12.

BUKELANI IVIDIYO ETHI UBUSHA BAMI​—NGINGAKHULUMA KANJANI NABAZALI BAMI? BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Isiqephu sevidiyo ethi “Ubusha Bami​—⁠Ngingakhuluma Kanjani Nabazali Bami?” Intombazanyana ifake ama-headphone njengoba isebenzisa ikhompyutha futhi iziba umama wayo njengoba ezama ukukhuluma nayo.

    Yini u-Esther noPartik abayiqaphela ngobuntu babo?

  • Isiqephu sevidiyo ethi “Ubusha Bami​—⁠Ngingakhuluma Kanjani Nabazali Bami?” Intombazanyana ikhuluma nomama wayo futhi imbonisa okuthile efonini yesimanje.

    Ungafundani esibonelweni sikaJesu?

  • Isiqephu sevidiyo ethi “Ubusha Bami​—⁠Ngingakhuluma Kanjani Nabazali Bami?” Umama uyeka imisebenzi yakhe yasendlini ukuze adlale nendodana yakhe encane.

    Yiziphi izindlela abazali bakho ababonise ngazo ukuthi bayakuthanda?

  • Isiqephu sevidiyo ethi “Ubusha Bami​—⁠Ngingakhuluma Kanjani Nabazali Bami?” Umqeqeshi womdlalo we-basketball uphethe ibhodi elincane uhlela umdlalo neqembu lakhe.

    Abazali bakho bafuna uphumelele

    Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingakusiza ukwazi ukukhuluma nabazali bakho?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela