Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w22 Julayi k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iqiniso Liletha Inkemba Hhayi Ukuthula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Umkhaya Ohlukene Ngokwenkolo Ungaba Nayo Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ingabe UNkulunkulu Uza Kuqala Emkhayeni Wakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Singabasiza Yini Abangakholwa Abashade Nabakholwayo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
w22 Julayi k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: “Ningacabangi ukuthi ngizele ukuletha ukuthula”?

UJesu wayeshumayela umyalezo okhuthaza ukuthula. Nokho, ngelinye ilanga wathi kubaphostoli bakhe: “Ningacabangi ukuthi ngizele ukuletha ukuthula emhlabeni; angizelanga ukuletha ukuthula, kodwa inkemba. Ngoba ngize ukuzobangela ukuhlukana, umuntu amelane noyise, nendodakazi imelane nonina, nomalokazana amelane noninazala.” (Math. 10:34, 35) Wayesho ukuthi uJesu?

UJesu wayengafuni ukuhlukanisa amalungu omndeni, kodwa wayazi ukuthi izimfundiso zakhe zaziyobangela ukwehlukana kweminye imindeni. Ngakho, labo abafuna ukuba abafundi bakaKristu futhi babhapathizwe kudingeka baqonde ukuthi bazobhekana nemiphumela yesinqumo sabo. Uma bephikiswa umngane wabo womshado ongakholwa noma amanye amalungu omndeni, kungaba nzima ukuba bahlale bethembekile ezimfundisweni zikaKristu.

IBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba abe “nokuthula nabo bonke abantu.” (Roma 12:18) Kodwa kweminye imindeni, izimfundiso zikaJesu zingaba ‘njengenkemba.’ Lokhu kwenzeka lapho elinye ilungu lomndeni lamukela izimfundiso zikaJesu kodwa amanye amalungu azenqabe noma amelane nazo. Esimweni esinjalo, izihlobo​—amalungu omndeni—​ziba “izitha” zalowo ofunda iqiniso.​—Math. 10:36.

Owesifazane osemusha, ngesibindi uyahamba ushiya unina, omncenga ukuba angahambi. Lona wesifazane osemusha uphethe incwadi ethi “Phila Kuze Kube Phakade!”

Abafundi bakaKristu abahlala emindenini ehlukene ngokwenkolo ngezinye izikhathi babhekana nezimo ezivivinya uthando lwabo ngoJehova noJesu. Ngokwesibonelo, izihlobo ezingakholwa zingase zibaphoqe ukuba bagubhe amaholidi angokwenkolo. Lapho bevivinywa, ubani abayomjabulisa? UJesu wathi: “Noma ubani othanda kakhulu uyise noma unina kunami akangifanele.” (Math. 10:37) Kuyavunywa, uJesu wayengasho ukuthi ukuze babe abafanelekayo kuye, abafundi bakhe kufanele babathande kancane abazali babo. Kunalokho, wayegcizelela ukuba bazi ukuthi yini ebalulekile ekuphileni kwabo. Uma amalungu omndeni angakholwa elwisana nemizamo yethu yokukhonza uJehova, sizoqhubeka siwathanda kodwa siyaqaphela ukuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu luza kuqala.

Ngokungangabazeki, kungaba buhlungu kakhulu ukuphikiswa umndeni. Noma kunjalo, abafundi bakaJesu kumelwe bawakhumbule amazwi akhe: “Noma ubani ongasamukeli isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele akangifanele.” (Math. 10:38) Ngamanye amazwi, amaKristu abheka ukuphikiswa umndeni njengenye yezinhlupheko abafundi bakaKristu abazimisele ukuzamukela. Ngesikhathi esifanayo, banethemba lokuthi indlela abaziphatha ngayo izokhuthaza amalungu omndeni angakholwa ukuba ayeke ukubaphikisa futhi afune ukufunda umyalezo weBhayibheli.​—1 Pet. 3:1, 2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela