Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb95 kk. 42-64
  • Umbiko Womhlaba Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbiko Womhlaba Wonke
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • I-Afrika Neziqhingi Eziseduze
  • I-Asia Neziqhingi ZasePacific
  • IYurophu
  • IMelika Ephakathi NeseNingizimu
  • INyakatho Melika Neziqhingi ZaseCaribbean
  • ‘Bhekani, Amasimu Asemhlophe Alungele Ukuvunwa’
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995
yb95 kk. 42-64

Umbiko Womhlaba Wonke

I-Afrika Neziqhingi Eziseduze

Izwekazi lase-Afrika lihlukaniswe laba amazwe amaningi. Nawo aphinde ahlukaniswe izizwe nezilimi. Ukubheduka kodlame phakathi kwamaqembu ezizwe akuyona into engavamile. Kodwa kunabantu abangaphezu kuka-636 000 abavela kulamaqembu ezizwe, nemindeni, nezilimi abamunye ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Banxusa nabanye ukuba ‘besabe uNkulunkulu bamnike inkazimulo,’ futhi abaningi basabela ngokwazisa kulesisikhuthazo.—IsAm. 14:6, 7.

Abanye ababengene shí enkolelweni-ze yendawo nasebuthakathini baye bagqashula kukho konke lokho ukuze bakhonze uJehova. ENingizimu Afrika, lapho kuvuleka umnyango ngemva kokuba oFakazi bengqongqozile, bathola owesifazane egqoke izevatho zobungoma. Babefuna ukusheshe baphume, kodwa lona wesifazane waphikelela nokuthi abasho abahamba ngakho. Omunye walaboFakazi wasebenzisa uDuteronomi 18:10-12 ukuba aveze umbono weBhayibheli ngokusebenzisa imimoya. Lesisangoma sasamukela isifundo seBhayibheli. Sathi uma isifundo saso seBhayibheli singasigculisa ukuthi ukuba iSangoma kumelene nalokho uJehova akufunayo, sizoyeka.

Ngemva kokufunda isahluko seshumi encwadini ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, neBhayibheli, sayishisa yonke impahla yaso yobungoma sasesiqala ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso. Nakuba sasishade ngokomthetho, sasesineminyaka engu-17 singahlali nomyeni waso. Manje sasibona isidingo sokulungisa lesosimo. Bobabili manje sebengoFakazi abazinikezele, babhapathizwa.

Phakathi nonyaka odlule, ezinye zezindaba ezivusa amadlingozi kunazo zonke bezivela eMalawi. Yeka indlela oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke abajabula ngayo lapho bezwa ukuthi ngo-August 12, 1993, ukuvinjelwa koFakazi BakaJehova eMalawi okwase kuthathe iminyaka engu-26 kwakuqediwe! Lokhu kwalandelwa ukubhaliswa ngokomthetho kwe-Watch Tower Bible and Tract Society ngo-November 15, 1993, kwase kuthi ngo-February 25, 1994 kwaqedwa ukuvinjelwa kwezincwadi zoFakazi BakaJehova. Kuyathakazelisa ukuthi indlunkulu ye-Malawi Young Pioneers (MYP), eyayihlukumeze ngonya oFakazi BakaJehova, yaqedwa ngemva kwamasonto ambalwa nje kubhaliswe iNhlangano. Onke amahhovisi ayo avalwa kwathi iningi labo lafunwa phans’ phezulu amasosha futhi ababulala. Abanye babalekela eMozambique.

Abazalwane baseMalawi sebeyaphinda bafunda indlela yokwenza umsebenzi wendlu ngendlu, ukuhambisa izincwadi, nokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngemva nje kokuqedwa kokuvinjelwa kwezincwadi zeNhlangano, kwahlelwa umkhankaso kazwelonke wango-April, abamemezeli abasakaza ngawo ipheshana elithi Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo? ngezilimi ezintathu. Kwasakazwa amapheshana angaphezu kuka-1 000 000.

Iminyaka engaphezu kuka-30, idlanzana lamaKristu eqiniso eSão Tomé nasePríncipe, ngasogwini olusentshonalanga ye-Afrika, lashushiswa, lashaywa futhi laboshwa ngenxa yokuhlangana ndawonye lizofunda iBhayibheli. Kodwa ngo-1993, oFakazi BakaJehova kuleyondawo banikezwa inkululeko engokwenkolo. Kwase kuthi ngo-January 1994 bajabulela iMihlangano Yesigodi ‘Yokufundisa Kwaphezulu’ eyathatha izinsuku ezintathu eyayisehholo elihle kunawo wonke kulelizwe, elinomshini wesimanje wokungenisa umoya. Izingxenye zesimiso zaze zasakazwa nakuyiNational Radio.

Ngemva kokuba iNkantolo Ephakeme eZaire ibaqaphele ngokomthetho oFakazi BakaJehova, bakwazi ukuphinde babe nemihlangano yesigodi kulelizwe. Abantu basabela kanjani? KowawuseKinshasa ngasekuqaleni konyaka wenkonzo inkundla yayithé phama abantu abangaphezu kuka-70 000. EMihlanganweni Yesigodi ‘Yokwesaba UNkulunkulu’ yokuqala eyisithupha ngo-1994, kwakunabangu-120 127, kwabhapathizwa abangu-1 155, futhi kwakuseneminye engu-19 kuloluchungechunge eyayisazoba khona.

EBandleni laseKoumassi Prodomo eCôte d’Ivoire, kunenceku ekhonzayo eyaziwa ngokuthi ingumzalwane omnene kakhulu. Kodwa akukhona ukuthi selokhu kwathi nhló ibinalelodumela. Ngaphambi kokufunda iqiniso, yayiphuza kakhulu, ibhema, inabangane ababi, futhi ivame ukuxazulula izinkinga zayo ngesibhakela. Labo ababeyazi bayakufakazela ukuthi kwakungcono kakhulu ukuba ube umngane wayo noma uma kungenjalo ushalaze. Kodwa ithi: “UJehova waba nomusa kimi.” Kwaqaliswa nayo isifundo seBhayibheli. Kancane kancane yenza izinguquko ekuphileni kwayo, ngokuhamba kwesikhathi yabhapathizwa. Kodwa izinguquko yazenza ngezinga elingakanani? Kusasele inyanga ngaphambi kokuba ibhapathizwe, yavivinywa lapho ihlaselwa abantu abathile. Ayiphindiselanga. Kwathi emasontweni ambalwa ngemva kokubhapathizwa, kwaphinda sona leso. Yaphinda futhi yanikeza ubufakazi bokuthi yayisibukhumulile ubuntu obudala obabuvumelana nenkambo yayo yokuziphatha endala, nokuthi yase yenziwe yaba yintsha emandleni ashukumisa ingqondo yayo, nanokuthi ngempela yayisimbethe ubuntu obusha obubonisa umoya kaJehova.—Gal. 5:22-24; Efe. 4:22-24.

I-Asia Neziqhingi ZasePacific

EMpumalanga neziqhingi zasePacific, kwabangu-514 847 abangabadumisi bakaJehova kunabangu-152 343 abakhonza njengamaphayona.

EJapane, iphayona elalizama ukwenza izimpindelo eziyikhulu njalo ngenyanga lanquma ukuphindela nakulabo ababengabonisanga sithakazelo ekuhambeleni kwalo kokuqala. Linalokho engqondweni, laqala ukugcina umbhalo wabo bonke elibathola emsebenzini wendlu ngendlu, bese kuthi phakathi nezinsuku ezingu-7 liphindele kubo futhi. Isikhathi ngasinye lapho lifakaza endlini ngendlu, laliphinde lizame nokulandelela abantu abahlanu elikhulume nabo. Lalikulungiselela ngokungashwampuluzi lokho elalizokusho futhi lalenza inkonzo yalo lisethemba kahle isigijimi elalisiphethe. Kwathi kuphela inyanga lase lenze izimpindelo ezinjalo ezingu-241. Kwenye yazo, lakwazi ukuqala isifundo nomunye wabo, owathi: “Bengilokhu nginixosha. Ngiyaqala ngqá ukulalela.” Ukuphikelela ngothando kwaba nemiphumela emihle. Ekupheleni kwenyanga lalibika ingqikithi yezifundo zeBhayibheli eziyishumi.

Eminyakeni embalwa edlule kuye kwathutheleka abantu abavela kwamanye amazwe, ikakhulukazi abavela e-Asia, bengena eNew Zealand. Kusanda kumiswa amaqembu ezifundo eziqhutshwa ngesiKorea nangesiThai, futhi ngokushesha abazalwane balindele ukumiswa kwebandla lesiShayina e-Auckland, lapho kubikwa khona ukuthi inani labantu abangamaShayina selingaphezu kuka-50 000. Amanye amadolobha aseNorth Island anjengeWellington nePalmerston North nawo abike ukuthi kunesithakazelo esikhulu emiphakathini yamaShayina.

Abanye abafundelwa iBhayibheli bathole imiphumela emihle lapho besebenzisa ukusikisela kokuba batshele izihlobo zabo ngeqiniso. ETainan, eTaiwan, umama wekhaya osemusha waqala ukufunda. Uhlala nomndeni omkhulu, abaningi kuwo ababevelele eSontweni LaseHabe. Ngenxa yokuthi isonto lakhe lalivame ukugxeka oFakazi ngokuthi ‘bahlasela ezinye izinkolo,’ ngokucophelela wakugwema ukwenza kanjalo kodwa wagxila ekuboniseni izimfanelo zobuKristu. Kwakudingeka ahambe ngesithuthuthu sakhe amakhilomitha angu-16 eya emihlanganweni kodwa wayeba khona njalo. Ngokushesha amalungu omndeni aqala ukuphawula izinguquko ayezenza ebuntwini bakhe. Ngenxa yalokhu nangokufakaza kwakhe ngesu, umakoti wakubo waqala ukufunda. Ngokunjalo nomyeni walodade wavuma ukuba ahlole ukuthi wayefundani. Kwase kuba umfowabo kamyeni wakhe nomzala womyeni nabo baqala ukufunda. Kamuva umamezala wabonisa isithakazelo kulokho okwakufundwa amalungu ahlukahlukene omkhaya. Lona wesifazane osemusha wayesefakaza kubazali bakhe siqu, abaqhele ngamakhilomitha angu-320. Baqala ukufunda. Lona wesifazane osemusha, umyeni wakhe, nezihlobo ezimbili sebebhapathiziwe, ezinye izihlobo eziningana zithuthuka kahle ekufundeni iqiniso, futhi nomunye umbhangqwana obukulo lelisonto usanda kwesula kulo ukuze uhlanganyele emsebenzini wokushumayela. Yeka isibusiso sikaJehova ngenxa yokudlulisela iqiniso kwabanye ngezwi nangokuziphatha okuhle!

Ngo-1912, ngesikhathi uC. T. Russell, umongameli wokuqala we-Watch Tower Society, ehambele eCeylon, njengoba iSri Lanka yayaziwa kanjalo ngalesosikhathi, uMatilda wayeneminyaka engu-12 nje ubudala. Uvele esithombeni esisekhasini 239 encwadini ethi Abamemezeli ehleli phansi engowesibili ukusuka kwesokudla. Kamuva wakhonza nomyeni wakhe iminyaka eminingana njengephayona elikhethekile. Manje uneminyaka engu-94, usematasa efakaza. Usanda kuqeda unyaka eyiphayona elisizayo. Uyakwazi ukutotoba ngodondolo—okumenza akwazi ukusebenzisa ngokunenzuzo amathuba okuvakashelwa omakhelwane, abangane, izihlobo, abadayisi, abaletha iposi, nanoma ubani. Umsebenzi wakhe omningi wokufakaza usawenza ngokubhala izincwadi. Uthola amagama namakheli ezinhlwini zemibiko yabafelwe ephephandabeni bese ebhalela abanye babo. Yeka indlela ajabula ngayo lapho ethola izimpendulo ezinokwazisa!

ERepublic of Korea, amaphesenti angu-31 oFakazi angamaphayona avamile, futhi izinkulungwane eziningi zihlanganyela enkonzweni yamaphayona asizayo. Enye insimu ihlanganiswa njalo. Nokho, ngamazwi ashaya emhloleni, amafushane, abamemezeli bathola imiphumela emihle ngisho nasezindlini abantu abathi abanasithakazelo kuzo. Udade othile wathi kowesifazane ongumKatolika owayethi akafuni ukulalela: “Angazi ukuthi wena unaliphi ithemba”—ekhomba epheshaneni elithi Ukuphila Emhlabeni Omuhle Onokuthula—“kodwa mina nginethemba lokuhlala ezweni elinjengaleli elisha elinokuthula.” Lapho enye intokazi esikhulile ngeminyaka ithi ayinasithakazelo, udade wakhomba kulo lelipheshana wabe esebuza: “Ukube ubungamenyelwa ukuhlala epharadesi eliboniswe kulesisithombe, ubungeke yini usamukele isimemo esinjalo?” Ukuhambela bobabili lababantu kwaphumela ezifundweni zeBhayibheli, base beya emihlanganweni, futhi manje bobabili lababantu besifazane bathuthukela ekubhapathizweni.

EHawaii kwenziwa umzamo wokubambisana ukuze kufinyelelwe abantu kungakhathaliseki ukuthi bakuphi noma kusetshenziswa ndlelani yokuxhumana nabo—labo abahlala ezindaweni okungangeni noma ubani kuzo, abasemsebenzini, nabantu abasemigwaqweni, emapaki, emabhishi, nakwezinye izindawo. Lokhu kwenze ukuba kutholakale amasimu engeziwe amabandla futhi insimu ihlanganiswe ngokungashwampuluzi. Ukufakaza ngocingo kuthele izithelo. Ngokusebenzisa lendlela udade othile wathintana nensizwa eyitilosi eyayihlala esakhiweni okungangeni noma ubani kuso. Yaba nesithakazelo esanele ukuba kungahlelwa ukuba ihanjiselwe incwajana engangomagazini. Umzalwane owayilandelela waqala isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ungaphila Phakade. Njengoba isikhathi sasidlula, lensizwa yaqala ukufakaza kubantu ehlala nabo endlini nesebenza nabo emikhunjini. Eqinisweni, yabamema (ngamunye ngesikhathi) ukuba babe khona esifundweni sayo. Sekudlule amasonto amaningana isifundo siqaliwe, lensizwa yabuza, “UJehova uzobathola kanjani bonke labo abafuna ukwazi iqiniso ngaphambi kokuba kufike isiphelo?” Umzalwane waphendula: “Ucabanga ukuthi ucilo wayethuke wazishaya endukwini njengoba othile athintana nawe ngocingo esakhiweni okungangeneki kuso, esingakaze sisetshenzwe, nangesikhathi owawusekhaya ngaso?” Lensizwa yathi ukucabanga yase ithi: “Kuyathakazelisa lokho, ngoba ngaphambi nje kokuba ucingo lukhale, ngangifune ukwazi ukuthi ikhona yini indlela yokuthola ukuthi iBhayibheli ngempela lithini.”

UFakazi angakwazi yini ukuqhubeka eshumayela ngisho noma elele esibhedlela isikhathi eside? Lena kwakuyinselele eyayibhekene nodade othile esiqhingini saseTarawa, eKiribati, ePacific emaphakathi. Kungakapholi maseko wahambisa incwajana engangomagazini ethi “Bheka” ezigulini ayenazo ezaziyamukela. Esinye isiguli, siphawula ukuthi udadewethu wayenezivakashi njalo, sabuza ukuthi kwakuyizihlobo zakhe zonke yini. Lapho sichazelwa ukuthi kwakungabafowabo nodadewabo abangokomoya, kuhlanganise nabadala bebandla, lona wesifazane wahlabeka umxhwele kakhulu. Wathi udumala kakhulu ngokuthi phakathi nezinyanga ezintathu esesibhedlela, akekho noyedwa esontweni lakhe owamkhathalela kangangokuba azomvakashela nakuba babazi ukuthi wayebangwa nezibi. Wacela isifundo seBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, umyeni wakhe nonina nabo bavuma ukufunda. Udadewethu wakwazi ukuphuma esibhedlela isikhashana ukuze aye emhlanganweni wesifunda. Yeka intokozo aba nayo lapho isiguli ayekanye naso namalungu amaningana emikhaya yezinye iziguli beba khona nabo kulowomhlangano!

IYurophu

Kulonyaka odlule emazweni aseYurophu, kuhlanganise neRussia, edlulela ngalé kweziNtaba zase-Ural kuze kube seMpumalanga, kwasetshenzwa amahora angu-248 763 468 kufakazwa ngoMbuso kaNkulunkulu. Kulengxenye yezwe kunabangu-89-578 ababhapathiziwe bebonisa ukuzinikezela kwabo kuJehova. Lababantu bafinyelelwa kanjani ngezindaba ezinhle?

Eminyakeni yamuva, izinkulungwane zababaleki ziye zazama ukuthola imvume yokungena eBelgium. Lokhu kuvule amasimu amasha abafowethu baseBelgium abawasebenzayo. Phakathi neminyaka emithathu edlule, esikhungweni esihlala ababaleki abangu-480, abazalwane baqhubele abantu abangu-160 abavela emazweni angu-43 izifundo zeBhayibheli. Ngezinye izikhathi kuba khona iqembu labantu abayishumi. Isithakazelo siye saba sikhulu kangangokuba umphathi walesisikhungo walungiselela ihhovisi elikhethekile abazalwane ababengaqhubela kulo izifundo zabo zeBhayibheli.

Umbaleki osemusha ongumKatolika waseSlovakia wacela ukuba isifundo sakhe seBhayibheli siqhutshwe kabili ngesonto. Lapho ebhalela unina efakaza kuye, unina wavakashela ibandla lakuleyondawo eSlovakia ukuze athole ukuthi indodana yakhe izihlanganisa nohlobo olunjani lwabantu. Emangele kodwa ejabule, wasamukela isifundo seBhayibheli, nendodakazi yakhe yasamukela. Lensizwa yabhalela nengoduso yayo futhi. Udadewabo wengoduso omdala wazama ukuyidumaza, kodwa ngokushesha bobabili base befundelwa. Njengoba lensizwa eyayisesikhungweni sababaleki yayiqhubeka ibhalela umkhaya wakubo, izincwadi zayo zazifundwa yiwo wonke amalungu omkhaya. Manje sekuqhutshwa izifundo zeBhayibheli eziyishumi nezihlobo eSlovakia.

Ukubekezela kunomvuzo​—⁠udade oyiphayona wafinyelela ku-lesosiphetho eCzech Republic. Uyalandisa: “Esikhathini esingangonyaka esidlule, ngaqala isifundo nentokazi yimbe. Isithakazelo sayo nobude besikhathi eyayikwazi ngaso ukugxilisa ingqondo ekufundeni izinto eziseBhayibhelini kwakuyimizuzu eyishumi noma engu-15 ezinyangeni ezimbili zokuqala. Yalushintsha izikhathi eziningana usuku nesikhathi sesifundo. Kodwa angikaze ngithi kuyo: ‘Anginaso isikhathi,’ noma, ‘Lesisifundo sithatha isikhathi esifushane kakhulu,’ nakuba isikhathi siyigugu kakhulu kimi futhi ngangivame ukulahlekelwa ubusuku obubili ngesonto ukuze ngiqhube lesosifundo imizuzu eyishumi nje kuphela. Kodwa lokhu kubekezela kwaba nomvuzo. Ngemva kwezinyanga ezimbili lentokazi yasikisela ukuba izifundo zethu zithathe isigamu sehora futhi kamuva yathi singathatha ngisho nehora lonke. Namuhla iba khona kuyo yonke imihlangano, iyayilungiselela, iphendule. Yayishiya inkolo yamanga futhi isebenzela ukubhapathizwa.”

I-video yeNhlangano ethi Jehovah’s Witnesses​—⁠The Organization Behind the Name isetshenziswa ngokuphumelelayo. Umbhangqwana ongamaphayona eFaeroe Islands, phakathi kwe-Iceland neNorway, unamakhasethi e-video amabili obolekisa ngawo. Wake waba nabantu abangu-14 ababelindele ukubona le-​video. Abanye abayibolekayo bababukisa nabanye. Omunye uthisha osathatha umhlalaphansi oseneminyaka eminingi enesikhokhelo se-Nqabayokulinda ne-Phaphama! wayiboleka le-video. Lapho umzalwane ethi uzoyilanda, lendoda yayinomdlandla kakhulu futhi yathi yayiyibukise abantu abangu-14 kulelodolobha. Nokho, lomzalwane akayitholanga i-video ngoba yayibolekwe owesifazane othile osedolobheni elingumakhelwane. Kamuva lomzalwane watshelwa ukuthi lona wesifazane wayeyibukise abantu abangu-15 abasesigodini sakubo. Phakathi namaholide ePhasika, lothisha wayibukisa abanye abantu abayisithupha. Izindaba zamuva bezithi le-video yayibolekwe umdobi othile. Lona owayenguthisha wamboleka ngombandela wokuthi uzoyibukisa bonke abantu abangu-11 abasesikebheni sokudoba.

Ngelinye ilanga ekuseni lapho umdala othile eqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini eFinland, watshela iqembu ukuthi: “Asazi ukuthi uJehova uzosiholelaphi namhlanje enkonzweni, kodwa kubaluleke kakhulu ukuba sibe senkonzweni ngoba uma silapho uJehova angasisebenzisa ngendlela afuna ngayo.” Kamuva, ensimini, lomdala waba nomuzwa onamandla wokuba angene emzini othile ababewudlula. Ayehamba naye wathi akuhlali muntu lapho, kodwa lomdala wafuna ukuya naphezu kwalokho. Bathola intokazi eyathi yona nomyeni wayo babesanda kuthuthela lapho. Lapho abazalwane beyitshela ukuthi bangoFakazi BakaJehova, yabangenisa endlini, yayisibatshela ukuthi umyeni wayo uzongena noma nini. Lapho bengena, yathi: “Bengisanda kuthandaza nje kuNkulunkulu ukuba athumele omunye woFakazi BakaJehova kithi, njengoba sisanda kufika kulelidolobha. Kodwa kwenzeke kanjani ukuba nifike masinyane kangaka? Bengithandaza nje emizuzwini eyishumi edlule.” Lapho kufika umyeni wayo, naye wazibonisa enesithakazelo, futhi kwaqalwa isifundo nabo zisuka nje. Bathuthuka ngokushesha. Babhapathizwa ngo-May 1994.

Ukwenza isinqumo esiqinile sokubeka izithakazelo ezingokomoya ngaphezu kwezezinto ezibonakalayo kuyisinyathelo esibalulekile esiya ekuvuthweni kobuKristu. Kwakunjalo ngoJacques, umdobi waseFrance osebenza ngaphandle kwetheku loLwandle iMediterranean. UJacques wayesafunde iBhayibheli isikhashana kuphela noFakazi BakaJehova. Wayefuna ukuba khona emhlanganweni wesigodi wasehlobo, kodwa waqondana nenkathi yokudoba yonyaka enezinhlanzi eziningi, isikhathi lapho bonke abadobi besebenza ubusuku nemini ukuze babambe izinhlanzi ezingcono zangalenkathi. Ngaphezu kwalokho, uJacques wayenezisebenzi ezingu-12 ezazisebenza esikebheni sakhe. Konje wayezobachazela kanjani ukuthi bazobe bengadobi izinsuku ezimbalwa ngenkathi kunezinhlanzi eziningi kangako? Nakuba abizwa ngesilima futhi wahlekwa usulu, uJacques wazimisela ukubeka izinto ezingokomoya kuqala futhi waya emhlanganweni nomkakhe nabafanyana babo ababili.

NgoMsombuluko ngemva komhlangano, uJacques wathatha isikebhe sakhe neqembu lakhe bayodoba. Lapho bedonsa amanetha abo, esikhundleni sokudonsa o-sardine abangamakhilogremu angu-300 noma ngaphezulu, bamangala lapho bethola cishe ithani lama-bream, aziswa kakhulu futhi amaningi ngokuphindwe izikhathi ezinhlanu kunalokho abebengakuthola ngezinsuku ababeye ngazo emhlanganweni! Kubadobi bakulelidolobhana akekho owayekhumbula othile owake wadoba izinhlanzi ezingako!

Insizwa ethile yashunyayezwa ngesikhathi iseholidini lasebusika lokuyoshushuluza ezintabeni ezineqhwa. Nakuba yayingenaso ngempela isithakazelo, yanquma ukuya emhlanganweni owawusedolobheni lakubo eNetherlands, ukuze nje ibone ukuthi kwakwenziwani. Ngemva kokuba khona amasonto ambalwa eSifundweni Sencwadi Sebandla, yasamukela isifundo seBhayibheli sencwadi ethi Ungaphila Phakade. Ngemva kwezinyanga eziningana, yaya nasemhlanganweni wangeSonto, kodwa yayingathuthukeli ekwenzeni isinqumo sokukhonza uJehova. Lensizwa yayifundiswe ukungakholelwa kuNkulunkulu ngesikhathi ikhula. Nokho, lapho ibona i-video ethi The Bible—Accurate History, Reliable Prophecy, yathinteka kakhulu. Yacela ukuyigcina le-video kuze kuphele elinye isonto. Ekugcineni yathi: “UNkulunkulu ukhona, futhi iBhayibheli liyiZwi lakhe.” Kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke, intuthuko yashesha, futhi manje isinguFakazi kaJehova oshisekayo.

IMelika Ephakathi NeseNingizimu

Yeka ukuthi lengxenye yomhlaba iye yaba insimu ethela kangakanani ekwenzeni abafundi! Phakathi nonyaka odlule, kuqhutshwe izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-1 613 268 kulamazwe, futhi abafundi abangu-91 126 baye bathuthukela obhapathizweni lwamanzi.

Ngenxa yokufakaza ngaseChibini iTiticaca, phezulu e-Andes eBolivia, abafowethu baye baba nokuhlangenwe nakho okuhle kakhulu. Bathola ukuthi lapho bezithula ngokuthi bangoFakazi BakaJehova emphakathini osemaphandleni obizwa ngokuthi ama-Atahuallpani, abantu abaningi babethi bangoFakazi BakaJesu Kristu. Lapho bebuzwa ukuthi babelithathephi lelogama, babephendula ngokubhekisela kuzEnzo 1:⁠8. Ngemva kwengxoxo engagxeki yemibuzo eminingi kukhona nabefundisi baleliqembu, kuhlanganise nesisekelo esingokomBhalo segama elithi oFakazi BakaJehova, abamemezeli bamemela leliqembu eHholo LoMbuso eCorpa.

Emasontweni athile kamuva, abefundisi abathathu baleliqembu bazizela eHholo LoMbuso. Ngemva komhlangano, bakhu-luma isikhathi eside nabadala base bebamemela kweyabo indawo yokuhlangana ukuze bachaze kabanzi ngezimfundiso zethu zeBhayibheli. Abadala balungiselela uchungechunge lwezinkulumo ezithi ‘I-Armagedoni,’ ‘Obani Abaya Ezulwini,’ nethi ‘IPharadesi Emhlabeni.’ Kwakukhona amalungu angaba ngu-50. Ngemva kwezinkulumo, kwakhuluma usihlalo waleliqembu labo, etshela bonke ababekhona ukuthi ‘babedukisiwe nokuthi babeqhuba inkolo yamanga.’ Ngemva kwalowomhlangano, abefundisi nabanye abaningana banga lababazalwane ngokufudumele. Kwaqaliswa izifundo zeBhayibheli eziningi namalungu aleloqembu. Ngesikhathi sibhala, angu-25 kuwo ayesebe oFakazi ababhapathiziwe futhi amanye ayishumi athuthuka kahle ezifundweni zawo zeBhayibheli. Cabanga ngenjabulo leliqembu labantu abaqotho elaba nayo lapho ekugcineni liqaphela ukuthi lalithole ulwazi olunembile lweqiniso likaNkulunkulu elinika ukuphila!

Engxenyeni esempumalanga ye-El Salvador, abazalwane bahlela ukuhambela izindawo ezikude zensimu yabo esemaphandleni ukuze bashumayele izindaba ezinhle. Ngemva kokuhamba amahora amaningana ezindleleni eziyingcingo, benyuka behla amagquma, abazalwane bafika edolobhaneni ababengakaze baye kulo ngaphambili. Komunye umuzi, umfanyana oneminyaka engu-11 ubudala oyimpumputhe weza emnyango wathi ukulalela kancane. Okwamangalisa lomzalwane ukuba lomfana athi, “Ngingomunye woFakazi BakaJehova.” Wayenguye ngempela? Yeka indlela lommemezeli akhexa ngayo lapho lomfana eqala ukucula ingoma 32 ethi, “Endlini Ngendlu”! Wayeyazi ukusuka nokuhlala. Futhi wathi angakwazi ukucula nezinye, khona manjalo waqala ingoma 105 ethi, “Dumisani IZibulo LikaJehova!” Wabe-ke esechazela lomzalwane ngomhlaba oyiPharadesi. Wayezaze kanjani zonke lezizinto lomfana owayehlala endaweni eqhele kanje? Wayezizwe ngomunye umfanyana owayengakwazi ngisho nokufunda. Unina walowomfana wayesebenzela umkhaya ongoFakazi edolobheni elikhulu, futhi leyongane yayiya nonina emihlanganweni eHholo LoMbuso. Lapho bephindela edolobhaneni ababehlala kulo, yayixoxela umngane wayo oyimpumputhe konke eyayikuzwile. Lomfana oyimpumputhe manje usethuthele edolobheni elikhudlwana, lapho abazalwane bezama khona ukumsiza ukuba athuthuke ngokwengeziwe eqinisweni.

Iphayona elikhethekile enyakatho Brazil libhala ukuthi lapho befika esabelweni sabo, bezwa ukuthi kunabamemezeli abane abahamba amakhilomitha ayishumi ukuze babe semihlanganweni, ngoba amabhasi ayengahambi ngezimpelasonto. Amaphayona anquma ukuqhubela imihlangano edolobheni okwakuhlala kulo lababamemezeli. NgeSonto lokuqala kwaba nabantu abangu-40. Emhlanganweni wesibili, endlini inani kwakuseyilo lelo, kodwa ngaphandle kwakunomfundisi wesonto lase-Assembly of God nabangu-15 beqembu lakhe. Kwathiwa abangene, kodwa bakhetha ukulalela bengaphandle. Iphayona liyalandisa: “Lapho umhlangano uphela, ngaphuma ngayokhuluma nabo futhi ngaphendula imibuzo yabo. Ngatshela umfundisi ukuthi nami ngangingumfundisi njengaye. Wabuza: ‘Kwenzeke kanjani ukuba ube omunye woFakazi BakaJehova manje?’ Ukuze ngiphendule umbuzo wakhe, ngammemela emzini wethu, futhi wavuma. Emasontweni ambalwa yena nabanye eqenjini lakhe balishiya isonto labo futhi baqala ukufunda nathi iBhayibheli.”

Lapho sigubha iSikhumbuzo okokuqala kulelodolobha, kwaba nabantu abangu-140 esikhathini esingangengxenye yehora ngaphambi kokuba siqale. Ngeshwa, wawungekho umshini we-sound. Intokazi ethile engumKatolika yasikisela ukuba izame ukuwuboleka esontweni layo. Lapho iwucela kumpristi, wathi: “Uwufunela oFakazi BakaJehova?” Yaphendula: “Cha. Bangu-8 kuphela oFakazi. Isimiso se-sound sidingeka ngoba kunamaKatolika angaphezu kwekhulu lapho!” Akusebenzanga lokho. Intokazi ethile engumProthestani yasikisela okufanayo, kodwa umfundisi wathi: “Ngeke ngiwunike oFakazi BakaJehova!” Lentokazi yathi: “Mina namanye amalungu esonto sawukhokhela, ngakho sinelungelo lokuwusebenzisa!” Ngemva kwalokho, wavuma ukuba bawuboleke. Kwaqaliswa izifundo zeBhayibheli eziningi ngemva kwalesoSikhumbuzo. Bonke abantu kulelidolobha babekhuluma ngendlela oFakazi BakaJehova ababasiza ngayo ngempela abantu abasezindaweni ezikude.

Ngolunye usuku ntambama, esitimeleni esihamba ngaphansi komhlaba iMetro eCaracas, eVenezuela, uFakazi othile wayefuna indlela yokushumayeza owesifazane owayehlezi eduze kwakhe. LoFakazi waqala ukukhuluma ngendlela umphakathi wesintu oshintsha ngayo nendlela lokho okwenza kudingeke ngayo ukuba nathi sizivumelanise nezimo.

Lowesifazane wavuma kodwa wathi: “Yilokho engihlale ngikutshela umyeni wami, kodwa uyisilima. Ufuna ukukhulisa abantwana bethu ngendlela eyisidala. Ungomunye woFakazi BakaJehova.”

Lommemezeli wanquma ukungazivezi ukuthi unguFakazi. Kunalokho, wathi: “OFakazi engibaziyo bangabantu abakahle kakhulu. Ake usho, ingabe uyisidakwa?” Lapho lowesifazane ephendula ethi, “Cha, cha, cha!” udadewethu waqhubeka namaphuzu amaningana: “Oh; uwumlutha wezidakamizwa yini?” “Kumelwe ukuba uthanda abafazi futhi njalo ubuya ekhaya sekwephuzile.” “Ingabe ufundisa abantwana inhlamba?” “Oh sengiyabona. Kudingeka kusebenze wena futhi umondle lapho yena ehlezi ekhaya.” Ephuzwini ngalinye, wayelandula kwamaningi anezele ngokusho izimfanelo ezinhle zomyeni wakhe. LoFakazi wabe esethi: “Angiqondi-ke. Wone ngani?”

Lowesifazane wathula kancane ecabanga wayesethi: “Eh, uhamba nabantwana aye kulemihlanganywana eba sehholo, amahora amabili wonke. Kodwa ngimtshelile ukuthi angaphinde abayise lapho.”

“Kukhulunywa ngani kulemihlangano?” kubuza loFakazi. Wabe esebuza: “Uma abantwana bakho beya kulemihlangano, bafike benzeni?” LoFakazi wabuye wazama ukwenza lowesifazane acabange: “Ucabanga ukuthi kungcono uma bebuka ithelevishini, enobudlova, impi, ukubulala, imidlalo ewuchungechunge enokuziphatha okubi, kunokuba bafunde ngoNkulunkulu? Ngizokutshela iqiniso,” kuqhubeka loFakazi, “kunabesifazane abaningi abahle la ngaphandle, abaphumelelayo emisebenzini, abafuna amadoda. Kudingeka baphile namadoda enjengoba enjalo, enamaphutha anhlobonhlobo. Kamuva kuyaye kuhlaluke ukuthi ayizidakwa, ayimilutha yezidakamizwa, aziphatha ngokuxekethile; abanika ingculaza nezinye izifo, futhi abesifazane babukeka bekhungathekile. Umyeni wakho uyingelosi; kungani ungamazisi? Iqiniso liwukuthi, angikuqondi. Uma ungamfuni, ngizomthatha mina! Uwuhlobo engilufunayo. Uma umuntu onjengaye ubengathi kimi, ‘Asiye eHholo [LoMbuso],’ bengiyothi: ‘Ush’ entshweni!’ futhi uma ethi: ‘Kumelwe sihambe nabantwana,’ bengiyojabula. Kwazise lokho onakho.” Lapho lowesifazane ehla esiteshini ayeya kuso, wayemomotheka, futhi wambonga loFakazi. Sithemba ukuthi naye wakulalela ukusikisela kokuthola ukuthi kwenzekani emihlanganweni.

Okuhlangenwe nakho kukadade eParaguay kubonisa ukuthi kuhlakaniphile ukuthembela kuJehova lapho senza amalungiselelo okuya emihlanganweni. Umhlangano wawuzoba senhloko-dolobha, eqhele ngamakhilomitha angu-580. Udadewethu lona wayenabantwana abahlanu abancane, kwase kuphele iminyaka umyeni wakhe amshiya, futhi wayenemali encane kakhulu. Nokho, waqala ukulondoloza imali ayengayifinyelela ukuze akwazi ukuba khona nabo bonke abantwana bakhe. Kodwa, lapho kufika usuku lokuhamba, wayengakabi neyanele yokukhokhela izinto zokuhamba. Wayezokwenzenjani? Njengoba kwakuyidolobha elincane futhi izinto zenziwa ngendlela enomusa, yena nabantwana bakhe abahlanu, baya esitobhini sebhasi. Wachazela owayekhipha amathikithi ukuthi yena nabantwana kudingeka baye enhloko-dolobha kodwa unemali elingene amathikithi amabili kuphela. Okwamjabulisa ukuthi umphathi wamathikithi wathi kuye agibele ebhasini nomkhaya wakhe. Khona-ke, phakathi nohambo lapho eqoqa imali yamathikithi, wathatha imali yethikithi elilodwa, elakhe kuphela. Kwakuyibhasi eliphambili, elibiza kakhulu edolobheni abakulo. Yeka ukuthi lowomkhaya wawubonga kanjani ngokungaphuthelwa ukudla okungokomoya emhlanganweni wesifunda!

INyakatho Melika Neziqhingi ZaseCaribbean

Kwakukulengxenye yomhlaba lapho inhlangano kaJehova yasemhlabeni yosuku lwanamuhla yaqala khona ukuthuthuka eminyakeni engaphezu kwengu-110 edlule. Izindaba ezinhle ziye zashunyayelwa kabanzi lapha, kodwa iNkosi yesivuno ayikasho ukuthi umsebenzi usuphelile. Ngempela, kulonyaka odlule, kuye kwabhapathizwa amashumi ezinkulungwane kulamazwe.

Iphayona elithile eGrenada lithi liye lazizwa lidumala kancane lapho licabanga ukuthi kuzodingeka libuye lisebenze insimu esisetshenzwe izikhathi eziningana phakathi nenyanga edlule. Kodwa kwenzekani? Liyabhala: “Lapho ngihambela uRossell (umfana oneminyaka engu-16 ubudala) ngalolosuku ekuseni, ubuso bakhe babubhalwe ukumangala. Ngalesosikhathi ngazibuza ukuthi ingabe uyagula yini. Kamuva wangichazela ukuthi wayebonakala ‘emangele’ ngoba wayengalindele ukuba umthandazo wakhe uphendulwe ngokushesha kangako. Uyabona, esikhathini esingangesonto ngaphambili, wayethandaze ngobuqotho kuNkulunkulu ukuba ambonise indlela enembile yokukhulekela, nakhu manje sengikhuluma naye ngoJehova.

“Kungakapheli nenyanga, waqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano eHholo LoMbuso. Uyakuthanda ukufunda, futhi ekupheleni kwezinyanga ezimbili wayeseqede ukufunda ‘Intando Yakho Mayenziwe Emhlabeni,’ ‘The Nations Shall Know That I Am Jehovah’—How?, IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, incwadi Ukubonisana, Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, ne-Ncwadi Yonyaka Ka-1991 neka-1992 (ngesiNgisi), izincwajana ezingangomagazini eziningi ezitholakalayo, kanye nomagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama! . . . Ubhapathizwe ngo-July odlule emhlanganweni wesigodi. Uyabuqaphela ngempela ubuqiniso bamazwi omhubi kuyiHubo 145:18: ‘UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso.’”

Ngokuthakazelisayo, uRossell ubesehlale endlini engaphansi kwaleyondlu iminyaka emibili. Phakathi nalesosikhathi, yena nomam’ khulu wakhe babengakaze bahanjelwe oFakazi, nakuba leyonsimu isetshenzwa njalo. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba singashwampuluzi lapho sisebenza insimu!

Lapho owesifazane othile osanda kuhlanganyela efika ngosuku lokugcina loMhlangano Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu” e-Antigua wehla ngasesangweni leHholo Lomhlangano. Kamuva ngalolosuku ekuseni waqaphela ukuthi ulahlekelwe isikhwama sakhe semali esinemali engaphezu kuka-$2 000 EC (R2 600). Wayekhumbula ukuthi wayegcine ukusibona ngaphambi kokuba asuke emotweni. Ngemva kokuphindela ezindaweni ayeke waba kuzo nokubuza kubalindi abasezindaweni zokupaka izimoto wabuya elambatha. UFakazi owayemmemile wamqinisekisa ukuthi “uma itholakele endaweni yokupaka noma eHholo Lomhlangano, abazalwane bazoyibuyisa, ngoba oFakazi BakaJehova bathembekile futhi banothando.”

Ngosuku olulandelayo ekuseni lowesifazane, ekhumbula ukuthi kulesosikhwama kwakunesheke okwakumelwe alande ngalo imali, walishayela ucingo ibhizinisi elalikhiphe lelosheke. Okwayimangalisa kakhulu ukuthi owesifazane ongumninibhizinisi wababaza, “Indoda ethile engomunye woFakazi BakaJehova isanda kushaya ibuza ukuthi ngiyakwazi yini nokuthi ingakuthola kuphi. Ithole isikhwama sakho ngaphandle endaweni abebenomhlangano kuyo izolo.” Lowesifazane useqiniseka kunanini ngaphambili ukuthi oFakazi BakaJehova besaba uNkulunkulu ngempela.

Ukunakekela amalungu omkhaya agulayo kuwumthwalo wemfanelo wawo wonke amaKristu kungakhathaliseki ukuthi asenkonzweni yesikhathi esigcwele noma cha. Omunye wodadewethu e-Alaska wathola indlela yokuqhubeka ephayona ngisho noma impilo yendodakazi yakhe yayenza kudingeke usizo lwakhe ngezikhathi ezingalindelekile. Lokhu kwenza inkonzo yakhe yasensimini yaba ukufakaza ngocingo esemzini wakhe kuphela. Khona-ke, ngemva kokucabangela isimo ngomthandazo, wanquma ukuba abe nocingo azohamba nalo lapho esenkonzweni yasensimini. Ngalendlela angase angabibikho ekhaya kodwa akwazi ukufinyeleleka ngocingo lapho edingeka. Sekuphele iminyaka engu-28 ejabulela inkonzo yamaphayona, futhi akafisi ukuhlukana nalelilungelo eliyigugu.

Udade othile esiqhingini saseSt. Croix, esiseVirgin Islands engaphansi kwe-United States, wakuthola kudingeka ukuba ayise ingane yakhe eyayisanda kuzalwa ePuerto Rico ukuze iyolashwa. Ngolunye usuku umhlengikazi omkhulu wangenisa lodade ehhovisi lakhe wayesethi: “Ukwazi kanjani ukuza nsuku zonke uzobona ingane yakho futhi lokhu usukwenze izinyanga ezintathu? Kumelwe ukuthi ukhokha imali eshisiwe ehhotela. Abanye omama bafika lapha bevela eziqhingini bese beshiya abantwana babo lapha bese kudingeka baphindele ekhaya.” Lodade wamtshela ngeKomiti Yokubonisana Nezibhedlela, wamchazela nokuthi umbhangqwana othile oshadile umamukele ukuba ahlale nawo, uyamnakekela, umlungiselela nento yokuza esibhedlela, njalonjalo. Lomhlengikazi wabuza ukuthi wayevele ebazi yini lababantu. Lapho lodade ethi, “Cha, kodwa bangabafowethu,” lomhlengikazi wabamba ongezansi. Ngempela, zonke izisebenzi zazihlabeke umxhwele. Lomhlengikazi omkhulu wathi: “Lena inkolo umhlaba oyidingayo namuhla.”

‘Bhekani, Amasimu Asemhlophe Alungele Ukuvunwa’

Lapho egcizelela kubafundi bakhe ukubaluleka kwenkonzo ayebaqeqeshela yona, uJesu wayifanisa nokuvuna, ethi: “Bhekani‚ ngithi kini: Phakamisani amehlo enu‚ nibone ukuthi amasimu asemhlophe‚ aselungele ukuvunwa.” (Joh. 4:35) Kamuva wathi kubo: “Ukuvuna kukhulu‚ kodwa izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi‚ ziye ekuvuneni kwayo.” (Math. 9:37, 38) Yeka ukuthi lawomazwi afaneleka kanjani manje!

Umbiko wonyaka wenkonzo odlule ubonisa ukuthi amazwe amaningi anesivuno esikhulu sabadumisi bakaJehova abajabulayo. Phakathi kwalawo abike ukwanda kwamaphesenti angu-20 noma ngaphezulu kune-Albania, iBulgaria, i-Ukraine, i-Estonia, iLatvia, iLithuania, i-Angola, neMozambique.

Izenzakalo eziningana ezibe nemiphumela emihle zibangele ukwanda okukhulu okungokwasezulwini eMozambique phakathi nonyaka wenkonzo ka-1994. Kulezizenzakalo isici esiyinhloko kube ukuthutheleka okukhulu kwababaleki ababuya emazweni angomakhelwane, ikakhulukazi eMalawi. Kwabuya izifunda ezine phakathi no-1993, kuyilapho iMozambique inezifunda eziyishumi kuphela ezweni lonke. Esinye isici siye saba ukuhlelwa kabusha kwamabandla, okwathi ngenxa yezimo zempi, awabe esakwazi ukuxhumana nenhlangano. Futhi abantu abaningi abathakazelayo bathuthukela ekuzinikezeleni nobhapathizo.

Edolobheni laseMilange, esifundazweni saseZambézia, kwaba nomhlangano wesifunda ngo-November 1993. Okwabajabulisa ukuthi ababezobhapathizwa abangu-505, ingxenye yesine yabangu-2 023 ababekhona ngoMgqibelo ekuseni, basukuma ukuze baphendule imibuzo emibili eyayibuzwa isikhulumi. Khona-ke, iNtaba iMlanje ibonakala, leliqembu elikhulu, licula izingoma zoMbuso ngokuvumelana okuhle, lahlaba ujenga ladabula enkabeni yedolobha, ladlula isonto lamaKatolika, futhi lahamba amakhilomitha ayisithupha, liya emfuleni oseduze ukuze libhapathizwe libe oFakazi BakaJehova.

Abanye abanjengezimvu bayashesha ukwamukela iqiniso. Isithunywa sevangeli esisanda kwabelwa eCambodia siyabika: “Ngomunye uMgqibelo lapho ngifakaza endlini ngendlu, ngahambisela intokazi ethile incwajana engangomagazini. Ngayibonisa ilungiselelo lesifundo seBhayibheli ngase ngithembisa ukubuya ngemva kwezinsuku ezimbili ukuze siqhubeke nengxoxo. NgoMsombuluko ngemva kwesifundo sethu, ngayichazela ngemihlangano ngase ngiyinikeza iphepha lesimemo semihlangano. Yasibuka yayisithi, ‘Ngizokubona kusasa.’ Ngakho ngoLwesibili yaba khona eSifundweni Sencwadi Sebandla. Lapho siphela ngayibuza, ‘Ngizokubona nini futhi?’ ‘Kungalunga kusasa?’ ibuza. ‘Kulungile,’ kuphendula mina, ngakho ngoLwesithathu safunda okwesithathu. Ekupheleni kwalesisifundo, ngabuza, ‘Ngizobuye ngikubone nini-ke futhi?’ Yakhipha isimemo sayo yayisithi, ‘Kusasa emhlanganweni.’ Ngakho esontweni lokuqala engangihlangane nayo ngalo yafunda kathathu futhi yaba khona kuyo yonke imihlangano emithathu. Iye yaqhubeka iba khona njalo.”

Ukuqhathaniswa kwemibiko yaseRussia ka-August 1993 ne-ka-June 1994 kubonisa ukwanda ngamaphesenti angu-49 kubamemezeli nangamaphesenti angu-87 ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya. Abaningi babasanda kuhlanganyela babesizwa bengabodwa. Kodwa kwezinye izindawo, amaqembu amakhulu aye amukela iqiniso. Indoda ethile ehlala edolobheni eliseduze neSt. Petersburg yathola ikhophi yencwadi ethi Ungaphila Phakade ezihlotsheni ezikuyi-Republic YaseGeorgia. Ngenxa yokuthi lensizwa yayihlanganyele nabanye lokho eyayikufundile, iqembu laqala ukuhlangana ukuze lifunde ngosizo lwalencwadi. Ngokwalokho elalikufundile, lalahla izithombe zalo futhi lenza ushintsho emsebenzini walo wokuziphilisa. Laqala ukufuna oFakazi BakaJehova ukuze lithole usizo ekuhleleni umsebenzi wokushumayela endaweni elalikuyo. Amaphayona athile asiza, futhi ngezinsuku ezine kuphela aqalisa izifundo zeBhayibheli ezingu-50. Manje kunabamemezeli abangu-22 kulelidolobha, abangu-7 babo babhapathiziwe, futhi ngamunye wabo uqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-9 noma eziyishumi. Esiqhingini saseSakhalin, kude empumalanga, kuye kwaba nokusabela okuhle. Ngo-January 1991, kwakunabamemezeli abangu-8 kuphela kulesisiqhingi. Manje kunabamemezeli abashisekayo abangaphezu kuka-300 abahlanganyela emabandleni ayisithupha.

Minyaka yonke igatsha laseColombia liba nomkhankaso wokuhlanganisa insimu ngokungashwampuluzi, nokufinyelela emadolobheni amaningi asezindaweni ezisemaphethelweni ngosizo lwamaphayona akhethekile esikhashana. Kulonyaka amaphayona akhethekile aye abelwa emadolobheni angu-33 ezingxenyeni ezikude zezwe, ikakhulukazi emathafeni asempumalanga. Lena indawo enamahlathi engudeda ngendlale enemigwaqo embalwa exhumanisa amadolobha akude. Naphezu kwezimo ezinzima, imizamo yabo yabangela ukuba kwakhiwe amaqembu amasha angu-22. Kwelinye idolobhana umzalwane wahlangana nendoda eyathi umkayo wayethanda ukufunda iBhayibheli. Kamuva yasikisela ukuba bavakashele nomakhelwane wayo. Umakhelwane naye wabethula komunye umkhaya owawufuna ukufunda. Ezinyangeni eziyisithupha amalungu amahlanu alemikhaya emithathu abhapathizwa, futhi amabili awo manje angamaphayona avamile. Ezinye izihlobo eziningana nomakhelwane baqala ukufunda. Endaweni ebingenabo oFakazi ezinyangeni ezingu-18 ezidlule, manje kuba nabangu-80 ezinkulumweni zeningi eHholo LoMbuso labo siqu.

Kuze kwaba muva nje iqembu elingalodwa engxenyeni ephakathi yeGuyana linommemezeli oyedwa vó obhapathiziwe, udade. Uye wasebenza ngenkuthalo phakathi kwabantu abangamaNdiya angamaCarib. Bakhe iHholo LoMbuso elihle kakhulu elivuleke emaceleni elingahlalisa abangaphezu kuka-500. Linesimiso se-sound nemibhobho ezuliswayo esebenza ngamabhetri. NgamaSonto baye babe neSifundo Sencwadi Sebandla neSifundo Se-Nqabayokulinda ekuseni, kusukela ngo-8:30. Ntambama baye babe neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo. Zonke izingxenye kuyaye kudingeke zihunyushwe ngesiCarib, ulimi olungabhalwa. Ukuze babe khona emihlanganweni, abanye baye basuke ngayizolo bahambe amakhilomitha angaba ngu-40. Wonke umuntu usuke esehlezi ngaphambi kokuba kuqale imihlangano, futhi nakuba izihlalo zingamabhentshi angenakho okokuncika, abayaluyaluzi. Njalo ngoLwesithathu ebusuku, kuba namakilasi afundisa ukuzifundela nokubhala aqhutshwa ngesiNgisi okuba khona kuwo abangaba ikhulu. Ngesikhathi sibhala, imibhangqwana emine ibihlela ukushada ngokomthetho ngaphambi komhlangano wesigodi. Abanye abangu-16 baye babonisa ukuthi balungisa ukuphila kwabo ukuze nabo bakwazi ukuba izinceku zikaJehova ezizinikezele.

UJehova ubachumisa ngempela abantu bakhe. Njengoba kubikezelwe ku-Isaya 9:3: “Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni.” Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, nokuthi izimo zethu ziyini, kwangathi thina sonke esiyizinceku zikaJehova, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, singahlanganyela ngokugcwele ngangokunokwenzeka emsebenzini omkhulu owenziwa manje wokumemezela ngoMbuso.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela