Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb12 kk. 56-86
  • Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2012
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2012
yb12 kk. 56-86

Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke

ENDULO, embonweni oyisiprofetho, umphostoli uJohane wabona isixuku esikhulu esingenakubalwa “siphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi.” Laba bantu bachazwa njengabasinde “osizini olukhulu” bangena ezweni elisha likaNkulunkulu. (IsAm. 7:9, 14) Izibalo nokuhlangenwe nakho okusemakhasini alandelayo akubonisi nje kuphela ukuqoqwa kwesixuku esikhulu kodwa nokwanda kwaso okuqhubekayo. Ingabe lokhu akuluqinisi ukholo lwakho ekubeni yiqiniso kwezithembiso zikaJehova?

E-AFRIKA

INANI LAMAZWE 57

INANI LABANTU 949 533 064

INANI LABAMEMEZELI 1 267 314

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 2 819 310

INCWADI YAKHE YAMLETHELA INDUDUZO. U-Iris, ohlala eNingizimu Afrika, ubhalela labo abashonelwe othandekayo izincwadi zenduduzo. Ezincwadini zakhe ufaka la mapheshana, Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane! nelithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile? Muva nje, uthole impendulo evela kuSidney, owayesanda kushonelwa umkakhe ngemva kweminyaka engu-38 yomshado ojabulisayo. Wabhala: “Nakuba ochwepheshe bezokwelapha bangenza ngakulungela ukubhekana nokufa komkami othandekayo, ukufa kwakhe kungishiye ngithukuthele, ngididekile, ngingaqiniseki, futhi ngizwa ubuhlungu obukhulu. Kudingeka ngiyibonge iNkosi ngabantu abanjengawe. Isikhathi osichithayo nomzamo owenzayo ukuze utshele abantu ongabazi ngezithembiso zikaNkulunkulu kuyinto enhle ngendlela emangalisayo, futhi indlela ofakazela ngayo ukholo lwakho iyohlale iyigugu enhliziyweni yami ezikhathini ezinzima eziseza. Ukufunda incwadi yakho kanye namapheshana kunginikeze ukuzola nokuqonda.”

UKUKHIPHA ISISU KUYAGWENYWA. UGloria, udade osemusha eBenin, wayeshumayeza u-Arnaud, umfundi wasenyuvesi, lapho ucingo lwalo mfundi lukhala. U-Arnaud wayesecela ukuhamba ngoba umngane wakhe wayedinga usizo lwakhe. UGloria wafaka isandla esikhwameni ngokushesha, wakhipha umagazini wokuqala ahlangana nawo, wamnika wona. U-Arnaud wawuthatha enganakile wahamba.

Umngane ka-Arnaud wayemthinte ocingweni emazisa ukuthi intombi yakhe ikhulelwe nokuthi ucabanga ukuyiphoqa ukuba ikhiphe isisu. Esendleleni eya kuye, u-Arnaud wabheka lo magazini. “Angizange ngikholwe lapho ngibona amagama athi ‘ukukhipha isisu’ esembozweni,” esho kamuva. UGloria wayemnike i-Phaphama! ka-June 2009 eyayinesihloko esiwuchungechunge esithi: “Ukukhipha Isisu—Kungani Kuyimpikiswano Kangaka?” Ngemva kokuba umngane ka-Arnaud eyifundile, wanquma ukuba bangasikhiphi isisu. Kamuva intombi yakhe yabeletha intombazane enhle.

KWAKUNGADINGEKI SISESABE ISANGOMA. UKing oyiphayona elivamile, wathuthela endaweni yaseZimbabwe lapho kunendingeko khona. Lapho esebenza nodade ensimini, waya ngasemzini wesangoma esaziwayo. Nakuba odade babenqikaza ukukhuluma naso, uKing wanquma ukuthi uzocela isifundo seBhayibheli sasekhaya. Lapho isangoma sibona abamemezeli besondela, sacabanga ukuthi amakhasimende aso, futhi sababuza ukuthi bafunani. UKing wasibonisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? wayesecela ukusiqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya. Savuma. “Kwasimangaza ukuthola ukuthi sinemibuzo eminingi,” kusho uKing. “Ngakho senza amalungiselelo okubuya sizoqhuba isifundo.” Ngemva kwamasonto amathathu basimemela emihlanganweni yebandla, safika. Sashisa zonke izinto zemimoya futhi sathuthuka ngokushesha ngokomoya. Ngemva kwezinyangana ezimbalwa sabhapathizwa.

“NGICELA NITHANDAZELE UKUBA BANGIVAKASHELE!” Eminyakeni eyishumi edlule uPatrick wathuthela e-United States esuka e-Angola. Wayexhumana njalo nonina, uFelicidade, ngocingo. Nokho, muva nje, bakwazile ukubonana ngosizo lwe-Internet video call. Lapho esakhuluma nonina, waqaphela ukuthi unothile endlini futhi wabuza ukuthi ngubani. UFelicidade, ongomunye woFakazi BakaJehova, wathi: “Udade wasebandleni ongivakashele.”

UPatrick waphendula: “Kungani oFakazi bengangivakasheli? Sekuyiminyaka eyishumi ngilapha, kodwa abakaze bafike nakanye. Ngicela nithandazele ukuba bangivakashele!”

Emangele, uFelicidade nalo dade baphendula: “Kulungile, sizokuthandazela.”

Ngemva kwezinsuku ezintathu, omunye woFakazi BakaJehova wangqongqoza emnyango. UPatrick wamangala kangangokuthi wabuza unina ukuthi wenze amalungiselo nothile yini e-United States ukuba amvakashele. Cha, wayengawenzanga. Waphetha ngokuthi lokhu kuhanjelwa yimpendulo evela kuNkulunkulu futhi wasamukela isifundo seBhayibheli. Ngokushesha waqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano. Lapho ephinde ebona unina nge-video call, ngelikhulu iqholo wambonisa isahluko ayesifunda sencwadi ethi Okufundiswa YiBhayibheli. Wamtshela nokuthi uthenge isudi azoyigqoka emihlanganweni.

ISICELO SOKUBHAPATHIZWA ESIDIDAYO. Ekuqaleni kwemihlangano yesigodi yango-2010 eBrazzaville, eRepublic of the Congo, u-Edvard, insizwa esencane, wathi ufuna ukubhapathizwa. Lapho ebuzwa ukuthi uvela kuliphi ibandla, waphendula: “EMossaka.” Njengoba babengekho oFakazi kulelo dolobha elikude, abazalwane bazibuza ukuthi kwenzeke kanjani ukuba afike eqophelweni lokufuna ukubhapathizwa.

U-Edvard wachazela abadala ukuthi ngo-2007 umkhulu wakhe wayemfundele incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? kanye nezahluko ezingu-14 zencwadi ethi Okufundiswa YiBhayibheli eBrazzaville. U-Edvard wayesethuthela eMossaka eyohlala nabazali bakhe. Njengoba babengekho oFakazi abakhuthele lapho, u-Edvard wacela uyise ukuba amsize aqedele incwadi ethi Okufundiswa YiBhayibheli. Uyise wayebuza imibuzo yena aphendule. U-Edvard wayiqeda kanjalo incwadi. Wabona kunesidingo sokuba axoxele abanye ngamaqiniso ayewazi. Ngakho, ngo-October 2009, waqala ukushumayela yedwa eMossaka esebenzisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Wayebhala amahora ayewachitha ensimini abese ewathumela kumkhulu wakhe eBrazzaville. Kepha umkhulu akazange awadlulisele ebandleni.

Kamuva, igatsha lathumela amaphayona akhethekile esikhashana eMossaka izinyanga ezintathu, kodwa lona lalingazi lutho ngo-Edvard. Sekusele izinsuku ezimbili ahambe, uDaniel, omunye wamaphayona akhethekile esikhashana, wabona u-Edvard eqhuba isifundo seBhayibheli ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngakho uDaniel waya ku-Edvard wakhuluma naye. U-Edvard wathi kuye: “Ngiyashumayela. Ngingummemezeli. Ungabuza ubaba.” UDaniel wabonana nobaba ka-Edvard, waqinisekisa lokho u-Edvard ayekushilo. La maphayona asebenzisa isikhathi esincane esasisele eqeqesha u-Edvard ensimini. Ngemva kokuba ehambile, u-Edvard waqhubeka eshumayela ngentshiseko evuselelwe, eqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kweshumi. Wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova.

Benalokhu kwaziswa, ngoLwesihlanu lomhlangano okukhulunywe ngawo ekuqaleni, abadala ababili bahlangana no-Edvard babuyekeza imibuzo yabanesifiso sokuba abamemezeli abangabhapathiziwe. Izimpendulo zakhe ezishaya emhloleni zabamangaza. Laba badala bezwa ngamaphayona akhethekile ukuthi u-Edvard wayeziphethe ngendlela eyisibonelo nokuthi ubeseshumayela kakade izinyanga ezingu-9. Ngakho wamiswa njengommemezeli ongabhapathiziwe. Ngenxa yokuthi kwakukhona umhlangano wesigodi wesiLingala owawuzoba ngempelasonto elandelayo, abadala bahlela ukuba u-Edvard abuzwe imibuzo yobhapathizo phakathi nesonto. Wabonisa ukuthi uwaqonda kahle amaqiniso futhi wabhapathizwa emhlanganweni wesiLingala ngo-July 2010. Ngemva nje kwesonto emiswe njengommemezeli ongabhapathiziwe, abadala benza isaziso esasithi u-Edvard wayesengumzalwane obhaphathiziwe.

Ngemva kokubhaphathizwa, wakhonza njengephayona elisizayo izinyanga ezimbili eBrazzaville. Abadala bahlela ukuba afundelwe incwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu,” ngemva kwalokho wabuyela eMossaka. Muva nje kuye kwathunyelwa iphayona elikhethekile ukuba liyosebenza kule nsimu. Ngo-April, u-Edvard—owayesakhonza njengephayona elisizayo—kanye nephayona elikhethekile, bamukela abathakazelayo abangu-182 eSikhumbuzweni. Unezifundo ezingu-16, ezingu-7 kuzo ziba khona emihlanganweni eqhutshwa yilaba bazalwane ababili. Ngo-2011, u-Edvard ubeneminyaka engu-15 ubudala.

AMAZWEKAZI ASEMELIKA

INANI LAMAZWE 55

INANI LABANTU 941 265 091

INANI LABAMEMEZELI 3 780 288

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 4 139 793

‘ANGIYISHAYANGA NGEPHUTHA INOMBOLO YAKHO.’ USundie, udade wase-United States, wayesendlini lapho kukhala ucingo futhi owesifazane othile ecela ukukhuluma nomuntu uSundie angamazi. Watshela lona wesifazane ukuthi kungenzeka ushaye inombolo okungeyona. Owayeshaye ucingo wathi akaboni kahle futhi ngezinye izikhathi uyawenza amaphutha. Base bexoxa, futhi lona wesifazane wachaza ukuthi ubezama ukuthinta indodana yakhe ayitshele izindaba ezibuhlungu. Odokotela babethole ukuthi unomdlavuza. Lo mama wayekhathazekile futhi ethukuthelele uNkulunkulu ngoba evumele lokhu. USundie waqaphela ukuthi kumelwe axoxe naye ngeBhayibheli. Ngemva kokwenza umthandazo omfushane ecela isibindi, uSundie waxoxa naye ngemiBhalo embalwa ekhuthazayo eyayizomnika induduzo nethemba. Wachaza ukuthi uNkulunkulu unegama, wamkhuthaza ukuba asebenzise igama lakhe futhi angagwegwesi lapho ethandaza. Lo mama wabonga uSundie ngokumlalela nangokumkhuthaza. Wathi: “Angicabangi ukuthi ngiyishaye ngephutha inombolo yakho.”

Ngemva kokunikezana ikheli, uSundie wamposela i-CD yencwadi ethi Okufundiswa YiBhayibheli, wayesehlela ukuba udade oyiphayona amhambele. USundie wathi: “Ngiyambonga uJehova ngokusifundisa ngothando indlela yokududuza abantu abasezimweni ezihlukahlukene.”

IPHESHANA LAPHENDULA UMBUZO WABO. Odade abathile benza inkonzo kamagazini njalo esikhungweni esikhulu sezokwelapha ePuerto Rico. Omunye wabo waya emadodeni amabili ayehamba eshesha eya kwesinye sezibhedlela. Eqaphela ukuthi ayaphuthuma, wawanika ipheshana elithi Ingabe Unomoya Ongafi? Ngokuvamile akalihambisi lelo pheshana lapho ekumagazini, kodwa kwakuwukuphela kwepheshana ayenalo ngaleso sikhathi. Kamuva, la madoda aya komunye udade afike amchazela ukuthi athole leli pheshana ngenkathi eyobona ilungu lomndeni elaligula kakhulu. Ayekade exoxa ngokuthi lapho umuntu efa, kazi umoya uyaqhubeka yini uphila, futhi leli pheshana libanike izimpendulo. Athi libasize kakhulu.

INCWADI EYA KUJEHOVA. UJoshua oneminyaka engu-7 ufunda e-United States. Phakathi no-December, uthisha wakhe wabanika umsebenzi wokuba babhalele uSanta Claus incwadi. Lapho uJoshua enqaba ngenhlonipho, uthisha wakhe wathi: “Bhalela noma ubani.” Wanquma ukubhalela uJehova. “Ngiyabonga ngokusithembisa ipharadesi,” kubhala uJoshua. “Ngiyabonga ngokuba neNdodana, egama layo nguJesu, eyanikela ngokuphila kwayo. Ngiyabonga ngokudala izinto esizijabulelayo. Ngiyakuthanda Jehova Nkulunkulu.” Le ncwadi, kanye nezabanye abafundi, yanyatheliswa ephephandabeni lendawo.

UMKHAYA WASABELA. U-Alejandro, umzalwane waseColombia, wayefuna ukushumayeza amalungu omndeni wakhe. Ngenxa yokuthi ayehlala kude, wawabhalela wawathumelela nomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho uPablo, isihlobo sakhe, efunda lab’ omagazini futhi ebheka amavesi eBhayibhelini, waqaphela ukuthi izimfundiso zeSonto LamaKatolika zingamanga. Ejabule, waxoxa nabanye emkhayeni wakhe, futhi nabo balibona iqiniso base beshiya inkolo yobuKatolika

Ngokushesha, amalungu omndeni angu-15 aqala ukuhlangana njalo ebusuku ukuze afunde iBhayibheli ngosizo lalab’ omagazini. Befuna ukufunda okwengeziwe, bafuna oFakazi emadolobheni aseduze, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Phakathi naleso sikhathi, babexoxa nomakhelwane ngezinto abazifundile. Ekugcineni bezwa ukuthi kuneHholo LoMbuso edolobheni eliqhele ngehora uma uhamba ngemoto. Bathi bangezwa lokho, balibangisa khona bafike bacela ukusizwa.

Manje iphayona elivamile libahambela kanye ngesonto lifike liqhube isifundo seBhayibheli esisodwa nabantu abangu-26—umndeni wakubo ka-Alejandro kanye nabanye abangu-11 abathakazelayo. Baqasha iloli ukuze iningi labo likwazi ukuya enkulumweni yeningi naseSifundweni Se-Nqabayokulinda.

INGABE SIYE NGEPHUTHA KULE NDLU? Ngolunye usuku udade wayegula wayesecela abanye oFakazi ukuba bayomqhubela isifundo emaphandleni asebenzisa ulimi lwesiQuichua e-Ecuador. Abazalwane babengaqiniseki ukuthi uhlalaphi lo mkhaya ngakho bema emzini othile babuza ukuthi yibona yini abaqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Lo mkhaya wabamukela ngemfudumalo sengathi wawubalindele. Kwaze kwaba ngemva kwesifundo lapho abazalwane bathola khona ukuthi lo mkhaya wawungakaze ufundelwe! Ukuthi nje wawumane ujabulela ithuba lokuba nesifundo seBhayibheli somkhaya yingakho washaya sengathi kudala ufundelwa. Manje sekunesifundo seBhayibheli esisha esiqhutshwayo, futhi isifundo sikadade abangazange basithole ngalolo suku naso sisaqhubeka.

IKHEKHE LIHOLELA EKUNIKEZENI UBUFAKAZI. UCaleb uneminyaka eyisithupha. Ngosuku lokuqala esikoleni eCanada, omunye wabafundi wayegubha usuku lokuzalwa, ngakho unina walowo mfundi, uNatalie, waletha ikhekhe ekilasini. UCaleb walenqaba ngenhlonipho. UNatalie waya kuCaleb, wambuza ukuthi ikhekhe liyamgulisa yini. “Cha,” kuphendula uCaleb, “ngikhonza uJehova.”

Lapho isikole siphuma, uNatalie waya kumama kaCaleb wafike wambuza, “Ungomunye woFakazi BakaJehova?” Lapho ethi yebo, uNatalie wajabula. Wayeke wafundelwa esemncane, kodwa ngenxa yokuphikiswa kabuhlungu ekhaya, wayeka. Lapho ebuzwa ukuthi angathanda yini ukuphinde afunde, wavuma.

KWAKUNGEYONA INTANDO KANKULUNKULU. ULaly, ohlala ePeru, wazalwa eyisithulu. Lapho ebuza unina isizathu salokho, unina wathi yintando kaNkulunkulu. Lokho kwashiya uLaly edabukile futhi ezonda uNkulunkulu. Wazibuza, ‘Kungani uNkulunkulu engizwisa ubuhlungu kanje?’

Kwadlula iminyaka, uLaly washada nensizwa eyisithulu. Izibulo labo lazalwa line-Down syndrome. Ekhathazekile futhi ethukuthele, waphindela kunina eyofuna usizo, wambuza, “Kungani indodana yami izalwe inje?” Unina wamthumela kumpristi. Umpristi wamnika impendulo efana nayeyithole kunina ngaphambili, “Yintando kaNkulunkulu.”

Ephele amandla, uLaly waphendula: “Kungani uNkulunkulu enonya kangaka? Ngiyakwamukela ukuthi ngiyisithulu nokuthi lena yindlela uNkulunkulu angijezisa ngayo, kodwa uyijeziselani ingane yami? Isanda kuzalwa. Sono sini esenzile?” Kusukela lapho kuqhubeke, akafunanga kuzwa lutho ngoNkulunkulu futhi wayeka nokusonta.

Ngemva kweminyakana, omunye woFakazi BakaJehova owazi ulimi lwezandla wahambela uLaly, wacela ukumfundisa iBhayibheli. Wenqaba, wathi akakholelwa kuNkulunkulu. Ngesineke, udade wamchazela ukuthi lo Nkulunkulu angafuni ukumazi igama lakhe nguJehova, futhi unesifiso sokumnika ithuba lokuba akwazi ukuzwa nokukhuluma. Ekungabaza lokho, uLaly wathi makamnike ubufazi balokho. Udade wavula iBhayibheli ku-Isaya 35:5, wafunda: “Amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa.” Lokhu kwammangaza uLaly, wasamukela isifundo seBhayibheli futhi wathuthuka waze wabhapathizwa. Indodana yakhe iya naye kuyo yonke imihlangano, futhi isifunde ulimi lwezandla. Ukwazisa anakho ngezithembiso zeBhayibheli kuyaqhubeka kukhula, futhi useyiphayona elivamile.

E-ASIA NASEMPUMALANGA EPHAKATHI

INANI LAMAZWE 47

INANI LABANTU 4 194 127 075

INANI LABAMEMEZELI 664 650

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYBHELI 629 729

IMIBUZO EMIBILI ABANGAKWAZANGA UKUYIPHENDULA. Ezweni elithile lase-Asia eliwubekele umngcele umsebenzi wethu, insizwa eneminyaka engu-24 yamukela isifundo seBhayibheli ukuze ifakazele ukuthi izimfundiso zoFakazi zingamanga nokuthi izimfundiso zobuKatolika ziyiqiniso. Nokho, ngokushesha yaqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso.

Lapho umkhaya wayo uthola ukuthi ifunda iBhayibheli, yabizelwa emhlanganweni womkhaya ezophoqwa ukuba abuyele eSontweni LamaKatolika. Ngenxa yokuthi le nsizwa yenqaba, umkhaya wahlanganisa wonke umndeni kulelo dolobha ukuze bayiphoqe ukuba iyeke lezi zinkolelo zayo ezintsha. Nakuba babeyishaya, ayizange iwushintshe umqondo. Umndeni wayo wayiceba kumpristi, owayibizela phambi kwekomiti yesonto. Le nsizwa yatshela ikomiti ukuthi izobuyela esontweni uma umpristi engaphendula le mibuzo emibili: Ubani igama likaNkulunkulu? Kungani isonto livumela amalungu alo ukuba adle igazi kanti iBhayibheli liyakwenqabela lokho? Njengoba ehluleka ukuphendula le mibuzo, umpristi wayishaya ngempama ukuze “akhiphe idemoni elikuyo,” ngokusho kompristi. Waphela kanjalo umhlangano.

Ngemva kwalokho, umndeni wale nsizwa wahlanganisa bonke abangane bawo ukuze bayiphoqe ukuba ikhothame phambi kwesithombe sikaMariya. Nakuba baphinde bayishaya, ayizange iyeke. Ngaleso sikhathi, umndeni wathumela isiphalaphala sentombi ukuba itshele le nsizwa ukuthi izoshada nayo uma ingabuyela esontweni. Le nsizwa yatshela le ntombi ukuthi izobuyela uma ingaphendula imibuzo emibili eyibuze umpristi. Le ntombazane yahamba okwejuba likaNowa. Ekugcineni, ngemva kokuthunjwa izinyanga ezingu-7, le nsizwa yeqa kulelo dolobha yabuyela edolobheni elikhulu, yafike yaxhumana nabazalwane. Ngemva kwenyanga, yaba ummemezeli ongabhapathiziwe. Yabhapathizwa emhlanganweni wesifunda ngo-March 2011.

ISIKHULU SEJELE SIVIKELA UDADE. Udade oyiphayona elivamile wayevakashele indodana yakhe eyayiboshelwe ukungathathi hlangothi eNingizimu yeKorea. Esahlezi egunjini lokulinda, wanika indoda eyayiseduze kwakhe ipheshana. Le ndoda yavele yamthethisa, yathi: “Kungani nina bantu bale nkolo yamanga nishumayela nalapha?” Ukuklabalasa kwale ndoda kwadonsa amehlo ezivakashi eziphakathi kuka-30 no-40 ezazikulelo gumbi. Ngaleso sikhathi, isikhulu sejele sayiphoxa le ndoda, sathi: “Laba abantu benkolo yeqiniso. Zonke ezinye izinkolo ezamanga. Sekuyiminyaka eminingi ngibabhekile laba bantu njengoba ngisebenza kuleli jele, futhi ngiye ngaqaphela ukuthi yibo kuphela abenza lokho abakufundisayo.” Le ndoda eyayichwensa yathula du.

UMBHALO OSODONGENI. Lapho uHarindra eqala ukufunda iBhayibheli, kwase kuphele iminyaka eyishumi ehlala yedwa ngoba wayethuthele edolobheni elikhulu eNepal ngomsebenzi ukuze ondle futhi anakekele umkhaya wakhe emuva ekhaya. Le ndoda yayingafundile, ngakho uFakazi wayifundela ngencwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! Njengoba le ncwajana yayingatholakali ngesiNepal ngaleso sikhathi, babesebenzisa eyesiNgisi. Ngolunye usuku inkosikazi yale ndoda yafika ingayilindele izombona. Yamangala lapho ibona umyeni wayo efunda incwajana yesiNgisi. Ngaphezu kwalokho, yayingasaphuzi futhi ingasamshayi. Lapho ithola ukuthi lolu shintsho kuHarindra lubangelwe yisifundo seBhayibheli, nayo yaqala ukufundelwa futhi yaya emihlanganweni lapho ibuyela ekhaya. UHarindra wayefisa ukufunda okwengeziwe ngoJehova, ngakho wanquma ukufunda ukubhala nokufunda. Wacela owayemfundela ukuba ambhalele izinhlamvu zamagama esiNepal emaphepheni, wawanameka agcwala udonga. Wayeseprakthiza ukufunda wonke la magama amasha nezinhlamvu kwaze kwaba yilapho esekwazi ukuwafunda. Ngokuhamba kwesikhathi, wahlela ukuba umkhaya wakhe uzohlala naye edolobheni ukuze bonke bakhonze uJehova ndawonye. Ingakapheli iminyaka emibili, wayesebhapathiziwe. Manje uHarindra nomkhaya wakhe baya emihlanganweni ndawonye, futhi wenza isabelo sokufundwa kweBhayibheli eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Uthi, “Imfundo kaJehova ikushintshe ngendlela emangalisayo ukuphila kwethu.”

WENQABA AMARANDI ANGU-1 560 000. UZarkhanum, ohlala e-Azerbaijan, wayengene shí ekusebenzelaneni nemimoya. Kwase kuphele iminyaka engu-15 abantu becabanga ukuthi unamandla okubhula nawobungoma. Babekholelwa nokuthi ukwazi ukukhipha iziphonso futhi aphilise. Wayedumile futhi amakhasimende akhe amaningi, ayizikhulu eziphakeme nomkabo, ayekhokha amaRandi aphakathi kuka-15 000 no-31 000 uma ezobhula. Ngenxa yalokho waceba. Nakuba ayenamandla okubhula, wayezizwa empofu ngokomoya, ekhathazwa yimibuzo eminingi. Umshado wakhe waphela futhi wayengenanjongo ekuphileni. Ngolunye usuku, lapho esathululela izinkathazo zakhe kuNkulunkulu, kwangqongqoza umuntu emnyango. Wavula, odade ababili bamshumayeza. Wathinteka uZarkhanum lapho ebezwa bekhuluma ngokujabulisa uNkulunkulu hhayi ngomlomo kuphela kodwa nangezenzo. Wayazi abantu abaningi abasontayo ababenza izinto ezingamjabulisi uNkulunkulu. Wayazi nokuthi ukusebenzisa imimoya kuyisono. Wavuma ukufundelwa. Ngokuhamba kwesikhathi, waqala ukuthandaza esebenzisa igama likaJehova futhi wabona indlela ayiphendula ngayo imithandazo yakhe. Nokho, kwakunzima ukuba ayeke izinto ayezenza—amademoni ayemhlupha njalo, emshaya nokumshaya. Ekugcineni, ngosizo lukaJehova, wagqashula ethonyeni lamademoni futhi washisa zonke izinto zemimoya nezenkolo yamanga.

Ngokushesha uZarkhanum waba ummemezeli oshisekayo wezindaba ezinhle futhi wabhapathizwa ngo-May 2011. Ngemva nje kwalokho, wafaka isicelo sokuba iphayona elisizayo. Akabanga nankinga yokugcwalisa umgomo ngenxa yokuthi ngisho nangaphambi kokubhapathizwa wayenza amahora angaphezu kuka-70 ngenyanga, naphezu kokugula. Ezinyangeni ezimbili ngaphambi kokuba abhapathizwe, inkosikazi yesikhulu sikahulumeni yathembisa ukumkhokhela amaRandi angu-1 560 000 uma engayikhipha isiphonso. Le nkosikazi yayikholelwa ukuthi yisiphonso esayigulisa kwaze kwadingeka ukuba inqanyulwe umlenze. UZarkhanum wenqaba futhi wathumela oFakazi ababili esibhedlela ukuba bayoyishumayeza. Lo dade oshisekayo ubelokhu eshumayeza amakhasimende akhe, ewachazela ukuthi lokho ayekwenza ngaphambili kwakukubi emehlweni kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, omunye wawo, lo owayemhlanganise nenkosikazi yesikhulu sikahulumeni, wavuma ukuqhutshelwa isifundo futhi waqala ukuba khona ezifundweni.

BASHUMAYELA EJELE. ENdiya, odade ababili baboshelwa ukushumayela futhi bagwetshwa izinsuku ezinhlanu ejele. Omunye wabo uyalandisa: “Sathi singavalelwa ejele, amaphoyisa asibuza ukuthi siboshelweni, futhi lokhu kwasinika ithuba elihle lokuba siwashumayeze. Njengoba sasithathwe ensimini salethwa esiteshini samaphoyisa, sasiphethe inqwaba kamagazini namapheshana. Sawashumayeza wonke sawanika nomagazini. Sasikhuthazana, sithandaza futhi sifunda omagazini esasinabo.

“Kamuva, sayiswa kwelinye ijele edolobheni. Sathi sifika nje, iziboshwa zasibuza ukuthi siboshelweni. Lokhu kwasinika ithuba lokuba sichaze lokho ebesishumayela ngakho futhi siveze ukuthi singoFakazi BakaJehova. Ujele wesifazane wasizwa wayesethi, ‘Niboshwe ngoba nishumayela ngaphandle, manje senishumayela ngaphakathi!’” Odade bahlela ukubuyela ejele bayobona iziboshwa ezabonisa isithakazelo.

IPHOYISA LAPHAWULA UTHANDO. EBethlehem odade ababili base bezoqala ukushumayela ezitolo. Kungazelelwe, kwaqhamuka abesifazane ababili ababejabulile, bababuza ngeSpanishi ukuthi bangoFakazi BakaJehova yini. Laba besifazane babengoFakazi baseMexico ababevakashele kwa-Israel kanye neqembu lezivakashi futhi babebone omagazini ababephethwe odade. Bobane bangana, baqabulana, bathatha izithombe futhi banikana amakheli. Ngemva kwalokho, odade baseMexico babuyela eqenjini labo lezivakashi, odade ababili baqhubeka nokushumayela.

Ngemva kwamahora ambalwa, iphoyisa labuza lab’ odade ukuthi bangamaSpanishi yini. Bathi cha. Lathi belibabuka ngenkathi bobane behlangana, lacabanga ukuthi bangabangane abagcinana kudala noma bayizihlobo. Odade bachaza ukuthi bangoFakazi BakaJehova nokuthi ngisho noma oFakazi BakaJehova bevela kwamanye amazwe noma beqala ukubonana, kuba sengathi bayizihlobo ngoba bayathandana. Iphoyisa lahlabeka umxhwele kangangokuthi lathatha nomagazini, labuza nokuthi lingakutholaphi ukwaziswa okwengeziwe ngale nkolo. Bahlela ukuphindela kulo.

“KUNGASE KUBE KHONA OTHILE.” UYusuke osemusha oyiphayona ukhonza ebandleni lesiNgisi eJapane. Ngolunye usuku wezwa ukuthi ngakusasa kwakuzofika umkhumbi wokungcebeleka unabagibeli abavela emazweni amaningi. Ngakho wavuka ekuseni futhi naphezu kwemvula enamandla, washayela amahora amabili eya ethekwini laseNagasaki. Njengoba ayemi yedwa emvuleni, abantu abaningi ababehla bacabanga ukuthi ungumuntu obukisa izivakashi indawo, ngakho baya kuye. Lokhu kudideka kwanika uYusuke ithuba lokuhambisa omagazini abangu-70 nezincwajana ezingu-50 ngezilimi eziningi ngesigamu sehora.

Wabuyela emotweni eyothatha umagazini owengeziwe, lapho ebuya wathola ibhungu elehle emkhunjini limi lodwa. Lapho uYusuke eya kulo, lambuza ngesiNgisi: “Ungomunye woFakazi BakaJehova?” Lapho uYusuke evuma, leli bhungu lakhala. UYusuke waliyisa endaweni yokuphuza ikhofi ukuze baxoxe.

Leli bhungu kwakunguJason, eneminyaka engu-21 ubudala. Wachaza ukuthi abazali bakhe bayahlanganyela nokuthi ubengummemezeli ongabhapathiziwe kwaze kwaba yilapho eneminyaka engu-19. Ezinyangeni ezingaba yisithupha ngaphambili, wayeyekile ukuhlanganyela wazihambela ngomkhumbi wokungcebeleka waya emazweni amaningi ase-Asia, ecabanga ukuthi e-Asia ngeke ahlangane noFakazi BakaJehova. Nokho, ngenxa yokuthi wayephethwe yisisu, akakwazanga ukwehla eThailand, eVietnam noma eTaiwan. Indawo yokuqala ehla kuyo kwakuseJapane futhi umuntu wokuqala owakhuluma naye kwakunguFakazi BakaJehova! Akucabanga ngaleso sikhathi ukuthi, ‘Angisoze ngambalekela uJehova,’ yingakho ayekhala.

Sebesendaweni yokuphuza ikhofi, uYusuke waxoxa noJason ngezigaba zencwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu” ukuze amqinisekise ngokuthi uJehova usamthanda. UYusuke wancenga uJason ukuba angayishiyi inhlangano. Ngeshwa, sincane isikhathi ababengasichitha ndawonye. Umkhumbi kaJason wasuka ngalobo busuku ulibangise e-Inchon, eNingizimu Korea, lapho uJason ayehlele ukubuka khona indawo izinsuku ezimbalwa.

UYusuke wazibuza ukuthi yini enye angayenza ukuze asize uJason, wakhumbula ukuthi kunomzalwane ahlangana naye emhlanganweni wezizwe eNingizimu Korea. Lo mzalwane wayekhuluma isiNgisi, ehlala e-Inchon. Ngalobo busuku uYusuke wamshayela ucingo. UJason wayengazi lutho ngalokhu yena. Lapho uJason ehla emkhunjini ngakusasa ekuseni, wahlangatshezwa uqwembe olukhulu oluthi: “Siyakwamukela eKorea, Jason!” Lwaluphethwe oFakazi abahlanu abamomothekayo. UJason akabange esaya kobuka indawo, wachitha isikhathi nabazalwane. Ukuzizwela okuhlangenwe nakho kwabazalwane abangontanga yakhe ababoshwa ngenxa yokholo lwabo kwamthinta ngokujulile. Waya naseSikhumbuzweni lapho.

UJason wabuyela e-United States, waphinde waba ummemezeli, wacela abadala ukuba bamfundele kane ngesonto. Wayiqeda incwadi ethi Okufundiswa YiBhayibheli nethi “Othandweni LukaNkulunkulu” wayesefanelekela ukubhapathizwa. Wabhapathizwa ngemva kwezinsuku ezingu-107 ekhulume noYusuke. Ngenyanga elandelayo wathatha ubuphayona obusizayo.

UYusuke ukhumbula ukuthi ngalelo langa ekuseni njengoba kwakubanda futhi lina, wayenesifiso esinamandla sokuya kude le eNagasaki, yize kwakungekho muntu ayezohamba naye. Wayezitshele ukuthi, “Kungase kube khona othile ozongilalela.”

EYUROPHU

INANI LAMAZWE 47

INANI LABANTU 736 505 919

INANI LABAMEMEZELI 1 589 052

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 843 405

BATHOLA OKUTHILE OKUKHETHEKE KAKHULU. U-Ani waya eHolland esuka eBulgaria eyosebenza izinyanga ezimbalwa. Ngolunye usuku, ngenxa yokuthi wayedikibele, wema eceleni komgwaqo wathandaza kuNkulunkulu ecela ukuba amlethele abefundisi besonto lakhe. Njengoba ethandaza, odadewethu ababili badlula ngakuye base bema bamshumayeza. U-Ani wathi lokhu kuyimpendulo yomthandazo wakhe, ngakho walalela futhi waqala ukuya esifundweni. Nakuba u-Ani engayizwanga imihlangano, walubona ngokucacile uthando loFakazi. Lokhu kwakungefani nokwahlukana okwakusesontweni lakhe eBulgaria futhi wayeqiniseka ngokuthi uthole okuthile okukhetheke kakhulu. Lapho ebuyela eBulgaria, udade owayemfundela eHolland wanquma ukuhamba naye ukuze amsize akwazi ukuxhumana noFakazi eSofia. Lokhu kwamhlaba umxhwele nakakhulu u-Ani, kwamenza wabona ukuthi uyitholile inkolo yeqiniso.

Ngokushesha u-Ani nomyeni wakhe, u-Ivo, baqala ukufunda ndawonye nokuya emihlanganweni. Njengoba isifundo siqhubeka, abanye abantu babeza bafike balalele. Enye indoda, u-Assen, yayingumfundisi wesonto elithile. Yayize ku-Ani no-Ivo izofakazela ukuthi oFakazi BakaJehova banamanga, kodwa ngokushesha yathola ukuthi akunjalo. Yabuza imibuzo yeBhayibheli ejulile. Ngakho bacela ukuyifundela futhi yavuma ukuba yona nomkhaya wayo bafundelwe. U-Assen waqhubeka isikhashana eqhuba izinkonzo zesonto lakhe, nakuba manje ayesebafundisa amaqiniso ayewafunda encwadini ethi Okufundiswa YiBhayibheli. Ngokushesha uDencho, oyidiyakoni kuleli sonto, wafuna ukufundelwa. Kungakabiphi, imikhaya emithathu kuleli sonto nayo yayisifundelwa iBhayibheli. Njengoba base bebaningi abafundelwayo kuleli sonto, banquma ukuziyeka izinkonzo zabo, baye emihlanganweni yebandla. UDencho waba ummemezeli futhi wafundela abangane bakhe abaningana. Kuze kube manje abantu abangaba ngu-30 bayafundelwa futhi babakhona emihlanganweni, ngenxa yokushunyayezwa kuka-Ani eHolland.

WAVELE WAFUNDA AMAVESI AKHULUMA NGOMSHADO. ECzech Republic umzalwane nomkakhe babeqhuba isifundo seBhayibheli eHholo LoMbuso nombhangqwana osemusha ovela eMongolia. Nakuba umbhangqwana ongoFakazi wawuzikhandla ufunda isiMongolia, kwakunzima ukuba bezwane ngenxa yolimi. Noma kunjalo, lo mbhangqwana waseMongolia wawubonakala uwamukela amaqiniso eBhayibheli ngokuthobeka nangesineke. Ngolunye usuku kusihlwa inkosikazi yafika esifundweni ihamba yodwa engekho umyeni wayo. Yathi ifuna ukushiya umyeni wayo ngoba abazwani. Ngemva kwemizuzwana, wafika umyeni, kodwa akazange ambheke nakumbheka umkakhe. Kwakusobala nje ukuthi isimo sishubile. Umzalwane wathatha umyeni waya naye emtatsheni wezincwadi eHholo LoMbuso ukuze akhulume naye ngalolu daba. Kodwa ngenxa yokuthi wayengasazi kahle isiMongolia, akazange aqonde ukuthi baxatshaniswa yini, wangakwazi nokubanika iseluleko esiqondile. Kunalokho, wamane wafundela umyeni amavesi eBhayibhelini. Ngakho wafunda wonke amavesi ayewakhumbula akhuluma ngomshado nokukhulumisana. Le ndoda yabonakala ithinteka njengoba kufundwa ivesi ngalinye. Kungalindelekile, yaphuma igijima emtatsheni wezincwadi yaya kumkayo yafike yamqabula. Njengoba bephuma ehholo ngemva kwemihlangano, umyeni wacela ukuphathela umkakhe isikhwama, ngoba wayefunde ukuthi kumelwe amsize.

Ngakusasa babebukeka njengabantu abasanda kushada, futhi ngenjabulo bekhuluma ngokwazisa okujulile abanakho ngoJehova nezeluleko zemiBhalo ezihlakaniphile ngomshado. Kamuva, babuyela eMongolia ukuze bayonakekela izingane zabo ezimbili. Lo mkhaya uhlala edolobheni elingenalo ibandla. Inkosikazi yabhapathizwa ngo-October, futhi umyeni wayo uyaqhubeka ethuthukela ekubhapathizweni.

“KUNGANI ENZA KANJE?” Udade oyiphayona, u-Olha, washumayeza umshayeli weveni ethwala ukudla e-Ukraine. Wambuza, “Ukhona umuntu esingamethemba?”

“Cha,” kuphendula lo mshayeli. “Umkami ungishiyile, wathatha umfana wami oneminyaka emibili. Ubengathi ufunani nje? Bengisebenza kanzima nsuku zonke—konke ebengikwenza, bengikwenzela yena. Wathi ufuna indandatho—ngamnika! Wafuna izicathulo—wazithola. Wafuna umgexo?—ngamnika. Konke kwakungokwakhe, kungani enza kanje?”

Ngesineke udade wabuza le ndoda ukuthi singakanani isikhathi eyayisichitha nomkayo nendodana yayo. Yathi: “Bengingasichitha kanjani isikhathi nabo kube kumelwe ngisebenze kuze kube sezinzulwini zobusuku? Ngibuyela emsebenzini ngehora lesine ekuseni. Ngisebenza nangezimpelasonto.”

U-Olha wambonisa i-Phaphama! ka-October 2009 eyayinesihloko esikhethekile esiwuchungechunge esithi “Izimfihlo Zempumelelo Yomkhaya.” Wambonisa imfihlo yokuqala ethi “Beka Izinto Eziza Kuqala.” Ngemva kokuxoxa ngalesi sihloko, le ndoda yabonakala ithinteka, yathi: “Bengicabanga ukuthi yimali eyisihluthulelo senjabulo yomkhaya nokuthi konke okunye akubalulekile. Manje sengiyaqonda ukuthi akuyona imali. Sengiyabona ukuthi yini entulekayo nokuthi yini umkami ayidingayo.”

Ngemva kwesonto, u-Olha wahlangana nalo mshayeli, wathi uwufundile umagazini, wacabanga kanzulu futhi washintsha izinto eziningi. Wayethinte umkakhe ngocingo, futhi babuyelana. U-Olha wayesemnika incwadi ethi Injabulo Yomkhaya. Ngesonto elilandelayo, lapho u-Olha ebona le veni, yayisishayelwa omunye umshayeli. Umshayeli omusha wachaza ukuthi umshayeli wangaphambili wayewuyekile umsebenzi wathuthela kwenye indawo nomkhaya wakhe. Wayeshiyele u-Olha lo myalezo: “Ngithanda ukukubonga, Olha, noNkulunkulu wakho, uJehova, ngoba ungisizile ngasindisa umkhaya wami. Uma ngiphinda ngihlangana noFakazi BakaJehova, nakanjani ngizoqhubeka ngixoxa nabo.”

WAYEFUNA ISIBONAKALISO ESIVELA KUNKULUNKULU. Insizwa ethile eLatvia yaba nesithakazelo esigijimini seBhayibheli eminyakeni engu-15 edlule lapho oFakazi beyishumayeza. Yayiqhutshelwa isifundo ngezikhathi ezithile, kodwa yayingakholelwa ukuthi iBhayibheli —incwadi “nje engasho lutho”—lingamsiza athole uNkulunkulu. Yayilindele ukuba uNkulunkulu aziveze ngokoqobo kuyo, mhlawumbe ngendlela ethile eyisimangaliso. Ngakho yayeka ukufunda futhi kamuva yayeka ukuxhumana noFakazi. Ngemva kweminyaka ethile yayixakwe izinkinga ezinkulu, ngakho yathandaza kuNkulunkulu icela usizo. Akwenzekanga simangaliso, kodwa lapho ilunguza ngaphandle efasiteleni, yabona odade ababili besensimini. Ngemva kokuthandaza futhi ngemva kwamasonto ambalwa, yaphinde yabona bona lab’ odade bedlula ngasefasiteleni lakhe. Lapho ithandaza futhi ngemva kwesonto, yabona lab’ odade okwesithathu bedlula besemsebenzini wokushumayela. Yaphetha ngokuthi kumelwe ukuba yisibonakaliso esivela kuNkulunkulu lesi! Yagijima yaya phandle yatshela odade ababemangele ukuthi ifuna ukuvuselela isifundo seBhayibheli eyayisiyeke eminyakeni edlule. Ekugcineni, yawathola amandla okunqoba izinkinga zayo futhi yasondela kuNkulunkulu. Kanjani? Ngosizo lweBhayibheli! Yabhapathizwa emhlanganweni wesigodi ngo-2010.

NGISHO NEZIMBIZA EZINCANE ZINEZINDLEBE. EDenmark, lesi sisho sichaza ukuthi izingane zizwa okuningi ezingxoxweni zabantu abadala. Eminyakeni engaba ngu-16 edlule, udade ongumDanishi wayefundela umama onamadodana amathathu. Ayevame ukuba khona wonke lapho kuqhutshwa isifundo, esasiqhutshelwa endlini kadade nomyeni wakhe. Lona wesifazane wanquma ukusiyeka isifundo lapho indodana yakhe encane, uRonnie, ineminyaka engu-8 ubudala. Njengoba ekhula, uRonnie wabhekana nezinselele eziningi. Nokho, ngolunye usuku ngo-2008, eneminyaka engu-22 ubudala, wabona omagazini bethu endlini kanina futhi wafikelwa yisifiso sokuvakashela oFakazi ababemfundela lapho eseyingane. Ngemva kwemizuzu engu-15, wangqongqoza emnyango wendlu yombhangqwana ongoFakazi, futhi lapho umzalwane evula umnyango, nangu uRonnie engena endlini. Kwamthatha isikhathi lo mzalwane ukuba amkhumbule, kodwa kwakuwukubonana okujabulisayo. URonnie wayamukela incwadi ethi Okufundiswa YiBhayibheli futhi wavuma ukufundelwa. Kwahamba kahle. Ngenxa yokuthi uRonnie wayengumlutha wemidlalo ye-computer, eminye yayo inobudemoni nobudlova, izingxoxo zakhe zazithambekele kulezi zinto. Kodwa oFakazi bamfundisa ukuthi ukuqonda kwethu izinto ezingokomoya akufanele kulolongwe imidlalo ye-computer. URonnie walithola iphuzu wayesethi: “Ngicela ningikhuze lapho ngikhuluma ngalo mbhedo!” Kusukela ngaleso sikhathi, uye wathuthuka kahle. Le nsizwa, eyaqala ukuzwa amaqiniso lapho kufundelwa unina ngenkathi ‘iseyimbiza encane enezindlebe,’ manje isingummemezeli ongabhapathiziwe.

INDUDUZO EVELA EMIBHALWENI. Emangcwabeni aseBrithani, umzalwane wabona indoda iguqe ngasethuneni ikhala. Umzalwane wayibuza ukuthi angahlala yini nayo. Le ndoda, egama layo ngu-Alf, yavuma. U-Alf wachaza: “Indodakazi yami isanda kushona. Ibineminyaka engu-42 kuphela. Umkami nendodakazi yami bangcwatshwe lapha.” Wayecele ukwelulekwa kuhulumeni kodwa kwathiwa kudingeka alinde izinyanga ezintathu. “Ngingusomabhizinisi ocebile futhi nginamabhizini amaningi,” kusho u-Alf, “kodwa konke akusho lutho ngaphandle komkhaya wami. Ngingakudela konke ukuze ngiphinde ngibabone.” U-Alf wathi uyakholelwa kuNkulunkulu, uyalihlonipha iBhayibheli, futhi uyaya esontweni, kodwa akazitholi izimpendulo ezigculisayo. Lapho ecela induduzo esontweni, kwathiwa makakhanyise ikhandlela noma abhale afuna ukukusho ephepheni alilengise emthini. “Kuningi engifuna ukukusho, ngeke kwanele ephepheni,” esho ecasukile. Umzalwane wamduduza ngemiBhalo. Manje u-Alf uyafundelwa.

E-OCEANIA

INANI LAMAZWE 29

INANI LABANTU 38 162 658

INANI LABAMEMEZELI 94 309

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 58 465

BAMEMA UMYENI. Umzalwane waseNew Zealand ubika ukuthi lapho eshiya umkakhe esifundweni sakhe esingumama osemusha, baphawula ukuthi umyeni wakhe ukhona ekhaya base benquma ukummema ukuba abe khona njengoba kuqhutshwa isifundo. Umyeni wavuma futhi kwahlelwa ukuba isifundo siqhutshwe lapho ekhona ekhaya. Yena nomkakhe bavuma ukuya esifundweni ngeSonto, lapho bafike bamukelwa ngezandla ezifudumele, bajabulela nokudla okungokomoya. Emhlanganweni olandelayo, umyeni waphendula eSifundweni Se-Nqabayokulinda. Isihloko esasifundwa sasikhuthaza ukukhulekela komkhaya, wayesebuza ukuthi yena angasiqhuba kanjani isifundo nomkakhe nendodana yakhe eneminyaka emine. Waveza nesifiso sokusebenzisa ezinye izinto azifunde esifundweni. Lo mbhangqwana onesithakazelo uyaqhubeka ufundelwa, uya emihlanganweni futhi uthuthuka ngokomoya. Lo mzalwane uthi: “Asive sijabula ngokuthi samema umyeni ukuba abe khona lapho siqhuba isifundo!”

ISIKHUMBUZO ESIQHINGINI ESIKUDE. Isiqhingi saseReao esinezakhamuzi ezingu-362 nje kuphela, sabelwe iBandla LaseVaiete, elinye lamabandla angu-18 eTahiti. IReao iqhele ngamakhilomitha angaba ngu-1 350 empumalanga yeTahiti. ISikhumbuzo sasingakaze sibe khona kulesi siqhingi esikude, futhi kwase kuphele iminyaka engu-30 oFakazi bengasivakasheli. UManoah, umbonisi wenkonzo waleli bandla, wayefuna ukuhlela iqembu elincane elalizoya koshumayela kulesi siqhingi ngesonto leSikhumbuzo bese liwugcinela khona umkhosi weSikhumbuzo. Nokho, imali yokuba yena nomkakhe baye khona ngendiza yayingama-franc angaba ngu-65 000 (R5,700), imali ababengenayo. Kamuva wathola ibhonasi emsebenzini yama-franc angu-65 000! Bavele baphetha ngokuthi uJehova uyawasekela la malungiselelo. Ekugcineni, abamemezeli abangu-7 baya eReao futhi abantu abangu-47 baba khona eSikhumbuzweni. Manje abamemezeli baseTahiti baqhuba izifundo zeBhayibheli ngocingo nabathakazelayo eReao.

ASIKHO ISIKHATHI SOKUDLA EKUSENI. Okuhlangenwe nakho okufanayo kuvela eVanuatu, lapho ibandla lisekela khona iqembu labamemezeli abangu-11 esiqhingini esikude esibizwa ngokuthi i-Ambrym. Abadala bakuleli bandla bacela abamemezeli abanokuhlangenwe nakho ukuba bacabangele ukuya e-Ambrym izinsuku ezimbalwa bayosebenza naleli qembu ngaphambi kweSikhumbuzo. UMarinette, iphayona elinokuhlangenwe nakho nelinguthisha othathe umhlalaphansi, walisebenzisa leli thuba. Yena nabanye banquma ukuya ngenjongo yokuqala izifundo zeBhayibheli ezintsha. Ngemva kwesikhashana nje esensimini yalapha, wamangazwa ukuthi kwakucishe kungenzeki ukuba aphume endlini ayehlala kuyo. UMarinette uyakhumbula: “Ngangingenaso isikhathi sokugeza noma sokudla ekuseni ngoba abantu babengilindile ngaphandle futhi beme umugqa befuna ukufundelwa. Ngashumayela usuku lonke ngihleli endlini! Ngaqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-31 phakathi nalelo sonto.” Leli qembu lahlala e-Ambrym isonto elilodwa, limatasa lishumayela izindaba ezinhle futhi abantu abangu-158 baba khona eSikhumbuzweni. Lezwa ubuhlungu lapho selihamba. UMarinette wathi: “Ungayishiya kanjani indawo enabantu abaningi kangaka abomele iqiniso leBhayibheli?” Ihhovisi legatsha lihlele ukuba lithumele amaphayona akhethekile esikhashana ukuba ayonakekela abathakazelayo kule ndawo.

UTHISHANHLOKO USABELA KAHLE. Esikoleni samabanga aphakeme eSolomon Islands, abafundi kuthiwa mabasukume bacule izingoma zeSonto LaseSouth Seas Evangelical. Odade ababili abasebasha bacela imvume yokungaculi kuthishanhloko ngoba ukucula lezi zingoma kwakungavumelani nonembeza wabo. Uthishanhloko wababonga ngokuza kuye ngenhlonipho, wayesethi akudingeki bacule kodwa bangahlala phansi nezinye izingane ezingoFakazi.

Wayesebuza ukuthi bangakwazi yini ukucela othile wasebandleni ukuba azoxoxa naye ngoFakazi BakaJehova nangemfundo. Kwafika isithunywa sevangeli, baxoxa ihora nesigamu ngezinkolelo zethu nangezinkinga intsha ebhekene nazo. Uthishanhloko wathi uyakujabulela ukufunda i-Phaphama! futhi ushiya amakhophi ayo egunjini lothisha. Lapho isithunywa sevangeli simnika incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2, wacela ezingu-16 zothisha nezingu-367 zabafundi. Kwalethwa izincwadi ezingu-400 zahanjiselwa abafundi nothisha.

Ngenxa yesibindi esaboniswa yilab’ odade abasebasha ngokukhuluma nothishanhloko, kwanikezwa ubufakazi obuhle futhi abaningi bathi le ncwadi ibasize kakhulu. Enye intombazane ebazali bayo babesanda kuhlukana yathi le ncwadi iyilokho ebikudinga ukuze ibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga. Lab’ odade ababili bangamaphayona asizayo aqhubekayo futhi njalo bahambisela uthishanhloko omagazini.

UBUQOTHO NAPHEZU KOKUPHIKISWA. Kwenye indawo khona eSolomon Islands isithunywa sevangeli safundela omunye umame esizombiza ngokuthi uLisa. Wathuthuka kahle naphezu kokuba kwakudingeka ahambe ngezinyawo amahora angaphezu kwamabili eya eHholo LoMbuso ebelethe amawele, elandelwa amantombazanyana akhe amabili. Kwadingeka abekezelele nokuphikiswa umyeni wakhe ngonya. Wayemshaya, washisa nezingubo zakhe zasesifundweni, iBhayibheli nezincwadi zenhlangano. Wayenaneshende lo baba. Naphezu kwakho konke lokhu, uLisa wabhapathizwa futhi uyaqhubeka ekhonza uJehova ngokuzimisela.

Ngonyaka odlule umyeni kaLisa, ethintwe indlela ayemphatha ngayo naphezu kokumhlukumeza, waxosha ishende lakhe wayesecela ukufundelwa. Njengoba ungase ucabange, lolu shintsho lumjabulisa kakhulu udadewethu uLisa. Okwenza ukuphila kwakhe kube ngcono nakakhulu, kwamiswa iqembu eduze kwakwakhe, manje usehamba isikhathi esingaphansi kwehora eya emihlanganweni. Esekelwa umyeni wakhe, uye wakwazi ukuba iphayona elisizayo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 66]

“Kungani uNkulunkulu enonya kangaka? . . . Uyijeziselani ingane yami? Isanda kuzalwa. Sono sini esenzile?”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 68]

Le nsizwa yatshela ikomiti ukuthi izobuyela esontweni uma umpristi engaphendula imibuzo emibili

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 72]

“Niboshwe ngoba nishumayela ngaphandle, manje senishumayela ngaphakathi!”

[Umdwebo/Ibalazwe ekhasini 84]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

ETahiti → → → amakhilomitha angu-1 350 → → → EReao

[Isithombe ekhasini 56]

Ngenhla: Kuqhutshwa isifundo seBhayibheli eRepublic of the Congo (bheka ikhasi 59)

[Isithombe ekhasini 61]

U-Edvard (kwesokudla) noDaniel emakethe

[Isithombe ekhasini 64]

ESamaniego, Nariño, eColombia

[Isithombe ekhasini 67]

Manje ama-DVD ezilimi zezandla atholakala ngezilimi ezingu-59

ESão Paulo, eBrazil

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela