Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 6/8 k. 13-k. 15
  • Ingabe Ngibuka Kakhulu ITV?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ngibuka Kakhulu ITV?
  • I-Phaphama!—1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Ingabe Ngingumlutha WeTV
  • Izindlela Zokuyilawula
    I-Phaphama!—2006
  • Ingabe Ithelevishini Ikushintshile?
    I-Phaphama!—1991
  • Lawula Ithelevishini Ngaphambi Kokuba Ilawule Wena
    I-Phaphama!—1991
  • Ukubuka Ithelevishini Ngokuqapha
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 6/8 k. 13-k. 15

Intsha Iyabuza . . .

Ingabe Ngibuka Kakhulu ITV?

“Ngangicabanga ukuthi ngizokufa!” kusho osemusha. Futhi

ikuphi ukuhlupheka okubuhlungu ayekubekezelele? Kuphele isonto engabuki ithelevishini

NGENTSHA eningi, ukubuka iTV kungase kube ukulutha okungathi sina. Ukulutha? Mhlawumbe. Encwadini yakhe iThe Plug-In Drug, uMarie Winn uyachaza: “Umuntu owumlutha akamane nje aphishekele okuhlangenwe nakho okujabulisayo . . . Udinga ukukuphindaphinda.”

UMarie Winn uqhubeka aphawule: “Ukulutha okungathi sina kwehlukile ekulandeleni okungenangozi kwenjabulo ngezici zayo ezibulalayo ezisobala. Ngokwesibonelo, umlutha weheroin, uphila ukuphila okukhubazekile: isidingo sakhe esandayo seheroin ngesilinganiso esandayo kuwuvimbela ukuba usebenze, ungakwazi ukugcina ubuhlobo, ungakwazi ukuthuthukisa izindlela zobuntu. Ngokufanayo ukuphila komlutha wotshwala kuyancipha futhi kululazeke ngokuncika kwawo otshwaleni.”

Kodwa kuthiwani “ngomlutha weTV”? Ingabe nawo ngokufanayo ungaphila “ukuphila okukhubazekile”? Ngaphambi kokuphendula lokho, ake sizibuze lombuzo . . .

‘Ingabe Ngingumlutha WeTV

Khumbula lolophawu lokuqala lokulutheka: Isidingo sokujabulela okuthile okuphindaphindiwe. Thatha imizuzu embalwa futhi uzame ukubhala ephepheni ukuthi mangaki amahora owachitha ubuka iTV ngesonto. Noma zama ukugcina uhlu lwamahora owachitha ubuka iTV ngesonto. Ingabe uvele uyivule ngawo kanye umzuzu ofika ngawo ekhaya? Uyivala nini? Zingaki izithombe “okumelwe nakanjani uzibone” masonto onke? Ingase ikushaqise imiphumela.

Ukuhlola kubonisa ukuthi eminyakeni eyi-18 omusha waseMelika ngokuvamile uyobe esebuke iTV amahora ayizi-15 000! Lokho kungasho ukuthi intsha ehamba isikole ibuka iTV isikhathi esingaphezulu kakhulu kwamahora amathathu nsuku zonke. Ukulutheka okunjalo ngokusobala kuqala ekuqaleni ekuphileni, ngoba izingane ezingakangeni isikole ngokuvamile zibuka iTV isikhathi esingamahora amane ngosuku!

Kodwa intsha isitholaphi isikhathi sakho konke lokhu kubukwa kweTV? Umlobi uVance Packard uyaphawula: “Eziningi zezingane zaseMelika, kuhlanganise nezingakangeni esikoleni, zibuka iTV phakathi nesikhathi esibalulekile sehora lesishiyagalombili kuya kwelesishiyagalolunye ebusuku, mhlawumbe okuwukunikeza kweziteshi izinhlelo zezingane. . . . Cishe izingane eziyisigidi zibuka iTV kuze kube phakathi kwamabili nehora lokuqala ekuseni lapho iningi labantu abadala baseU.S. sekukudala belele.”

Ngakho-ke intsha eningi kungadingeka ivume ukuthi “iyimilutha yeTV.” Kodwa kuthiwani ‘ngomonakalo’ ukulutha okunjalo okuwulethayo ngokungenakugwenywa? Nazi ezinye zezinkinga ezimbalwa ukubukwa kweTV ngokweqile okungaziletha:

● IZINGA ELIPHANSI LAMAMAKI: INational Institute of Mental Health (U.S.) yabika ukuthi kubonakala kunokuxhumana phakathi kwezinga lokuhlakanipha eliphansi, ukucabanga nekhono lokwenza, nokubukwa kakhulu kweTV. Umbiko waqhubeka wathi: “Cishe konke ukucwaninga kuye kwathola ukuthi izingane esezikhulile ezingale kwebanga lesibili ezibuka kakhulu ithelevishini zivame ukuba nezinga eliphansi lomsebenzi wasesikoleni, ikakhulukazi ekufundeni.” Kungase kube nezizathu eziningana zalokhu.

Osemusha ogama lakhe linguRichard uthi: “Ngicabanga ukuthi ithelevishini iye yangilimaza kakhulu kunokungizuzisa ngoba esikhundleni sokusebenzisa isikhathi ekutadisheni, ngiye ngasichitha ngibuka ITV.” Nokho, abanye bacabanga ukuthi yona ngokwayo iphazamisa ukufunda. UPaul Copperman kuThe Literacy Hoax uthi: “Umphumela wethelevishini ezinganeni uwukwakha ithemba lokuthi ukufunda kumelwe kube lula, kuhambe kamnandi, futhi kujabulise.” Ngakho-ke umlutha weTV ungathola ukuthi ukutadisha kuyinkathazo.

● IMIKHUBA YOKUFUNDA EMIBI: Wagcina nini ukuthatha incwadi uyifunde uyiqede? Umkhulumeli weNhlangano yaseNtshonalanga-Jalimane yabaThengisi beziNcwadi wakhononda: “Siye saba yisizwe sabantu esiqonda ekhaya ngemva komsebenzi futhi size silale sisabuke ithelevishini. Ukufunda kwethu kuya kuncipha.” Ngani? “Kulula ukubuka ITV futhi ufunde nje ngokungagxili kunokufunda ngokuzimisela, futhi yilokho abafundi abakujwayelayo.” Umbiko ovela eAustralia wawuphazamisa ngokufanayo. Omunye umlobi wathi, “Ngawo wonke amahora asetshenziselwa ekufundeni, ingane yaseAustralia evamile iyobe isibuke ithelevishini amahora ayisikhombisa.”

Ungase ubuze ‘Kodwa awunakukufunda yini okuningi ngokubuka iTV’ Akukho kungabaza ngakho, kunzima ukunqoba ITV ngekhono layo lokuletha ukwaziswa emehlweni akho nasezindlebeni ngokusheshe noma kunjalo ukubuka ITV kuyinto elula.

Nokho, ukufunda, kudinga ukusetshenziswa kwengqondo okujulile njengoba iso lakho nengqondo kusebenza ndawonye ukuze kudlulisele izimpawu ezilotshiwe emazwini namazwi emicabangweni. Ngakho-ke ukufunda kwelula ingqondo, kanti ukubuka ITV ngokweqile kuthuntubeza ingqondo.

Nokho, ngentsha engamaKristu, ukwehluleka ukufunda kunemiphumela engathi sina ngokwengeziwe. lBhayibheli liwayala ukuba afunde iZwi likaNkulunkulu “imini nobusuku.” (Joshuwa 1:8) Noma yini ephazamisa lesimiso iyingozi ebuhlotsheni bawo noNkulunkulu!

● UKUPHILA KOMKHAYA OKUNCIPHILE: Omunye wesifazane ongumKristu waloba: “Ngenxa yokubuka iTV ngokweqile . . . ngaba unkom’ idla yodwa futhi ngazizwa ngilahliwe. Kwakunjengokungathi emkhayeni [wakithi] bonke babeyizihambi.” Ingabe nawe ngokufanayo uzithola usebenzisa isikhathi esincane nomkhaya wakini ngenxa yokubuka ITV?

● UBUVILA: Abanye bacabanga ukuthi khona kanye ukubukwa kalula kweTV “kungase kuholele ethembeni [lomusha] lokuthi izidingo [zakhe] ziyofinyelela ngaphandle komzamo futhi athathe ukuphila kalula.”

Akukho kungabaza ngakho, ukubuka ITV kakhulu ngempela ‘kungakukhubaza ukuphila kwakho.’ Kodwa njengemilutha eminingi, abantu ngokuvamile abathandi ukuvuma ukuthi banenkinga. Khona-ke, cabanga ngokuhlangenwe nakho kwensizwa egama layo linguWyant evuma ngokusobala . . .

‘Ngangiwumlutha WeTV’

IPhaphama!: Wawungakanani lapho ubanjwa yiTV?

UWyant: Cishe ngangineminyaka eyishumi. Ngokushesha nje lapho ngifika ekhaya ngivela esikoleni ngangivula iTV. Okokuqala ngangibuka izithombe ezihlekisayo nezinhlelo zezingane. Khona-ke bese kuba yizindaba, futhi ngangingenasithakazelo kangako kulokho, ngakho-ke ngangiya ekhishini ngifune okuthile engingakudla. Ngemva kwalokho, ngangiphindela ngiyobuka iTV kuze kube yilapho sengifuna ukulala.

IPhaphama!: Wawungenayo yini imisebenzi

owawungayenza ekhaya?

UWyant: Abazali bami babengenaso isandla esiqinile. Babesebenza bobabili, futhi lapho umama efika ekhaya wayekhathele kakhulu ukuba angenza noma yini. Ukupheka wayekushiyela kodadewethu. Futhi ngezinye izikhathi ubaba wayefika ekhaya ngehora lesishiyagalolunye noma leshumi ebusuku.

IPhaphama!: Kodwa wawuba naso nini isikhathi nabangane bakho?

UWyant: ITV yayiwumngane wami.

IPhaphama!: Khona-ke wawungenaso isikhathi sokudlala noma semidlalo?

UWyant: [Ehleka] Anginalo ikhono kwezemidlalo yokugijima. Ngenxa yokuthi ngangibuka iTV ngaso sonke isikhathi, angizange ngiwathuthukise. Ngiwumdlali webhola lomnqakiswano ongakhangi. Futhi ekilasini lokuvivinya umzimba ngaso sonke isikhathi ngangiba owokugcina ekukhethweni. Nokho, ngifisa sengathi ngabe ngawathuthukisa ngokwengeziwe amakhono ami emidlalo yokugijima—hhayi ngesizathu sokuthi okungenani ngangiyohamba ngiqhosha, kodwa ngangiyokwenza kanjalo ngesizathu sokuthi ngangiyozijabulisa.

IPhaphama!: Kuthiwani ngamamaki akho?

UWyant: Ngangiphumelela eSecondary

School. Ngangihlala kuze kube sebusuku kakhulu bese ngenza umsebenzi wami wesikole wasekhaya ngomzuzu wokugcina. Kodwa kwakunzinyana esikoleni semfundo ephakeme ngoba ngangiye ngathuthukisa imikhuba emibi yokutadisha.

iPhaphama!: Ingabe konke lokhu kubuka

iTV” kuye kwakuthinta?

UWyant: Yebo. Ngezinye izikhathi lapho nginabantu, ngizithola nje ngibabuka—njengokungathi bengibuka inkulumo ekuTV—esikhundleni sokuhlanganyela engxoxweni. Ngifisa sengathi ngabe ngangixoxa kangcono nabantu. iPhaphama!: Nokho, uqhube kahle kulengxoxo. Ngokusobala uye wakunqoba ukulutheka kwakho.

Ukuthi uWyant nabanye bakwenza kanjani lokhu kuyoba yindaba yesihloko sesikhathi esizayo. Nokho, okwamanje, cabanga ngokungathi sina ngokuthi uyibuka kangakanani iTV. ITV, lapho ilawulwa njalo, ingaba nendawo yayo. Kodwa umuntu ofuna ukuphila ngezimiso zeBhayibheli uyayiqaphela ingozi yokuyibuka kakhulu. Ngakho-ke lapho kuziwa kuTV, yiba nesimo sengqondo sikamphostoli uPawulu owathi: “Mina anginakubuswa-lutho.” (Omalukeke sizenzele.)—1 Korinte 6:12.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela