Izindlela Zokuyilawula
“UMA nje sike sayivula, sasibuka noma yini edlalayo, uhlelo ngemva kolunye,” kusho uClaudine. “Sasiyivala ngoba sesiyolala.” Abanye bathi: “Angikwazi ukususa amehlo ami kuyo,” kanti abanye bathi: “Angifuni ukubuka i-TV ngendlela engiyibuka ngayo, kodwa ngiyahluleka ukuyiyeka.” Ingabe uyibuka kakhulu ithelevishini? Ingabe ukhathazekile ngethonya okungenzeka inalo emkhayeni wakho? Nakhu ukusikisela okungakusiza ukuba ulawule indlela oyibuka ngayo.
1. THOLA UKUTHI UYIBUKA KANGAKANANI. “Okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe,” kusho izAga 14:15. Kuwukuhlakanipha ukuhlolisisa imikhuba yakho yokubuka ithelevishini ukuze ubone uma kudingeka wenze ushintsho. Encwadini yezenzakalo zosuku nosuku, bhala ukuthi singakanani isikhathi osichitha ubuka i-TV isikhathi esingangesonto. Ungase ufune nokubhala phansi uhlu lwezinhlelo ozibukile, ukuthi yini oyifundile kuzo, nokuthi uzijabulele kangakanani. Nokho, into ebalulekile ukubala isikhathi osichithe uyibuka. Kungase kukumangaze lokho oyokuthola. Ukwazi nje ukuthi singakanani isikhathi osichitha ubuka ithelevishini kungase kukushukumisele ukuba wenze ushintsho.
2. NCIPHISA ISIKHATHI SOKUYIBUKA. Zama ukungayibuki ithelevishini usuku olulodwa, isonto lonke noma inyanga. Noma, ungase uthande ukulinganisela isikhathi ozosichitha uyibuka usuku ngalunye. Uma unciphisa isikhathi sokubuka i-TV ngesigamu sehora usuku ngalunye, uyoba namahora engeziwe angu-15 nyanga zonke. Sisebenzisele izinto ezinenzuzo leso sikhathi, njengokuphishekela izinto ezingokomoya, ukufunda incwadi efanelekayo, noma ukuchitha isikhathi nomkhaya nabangane. Ucwaningo luye lwabonisa ukuthi abantu abayibuka kancane i-TV bayijabulela kakhulu kunabantu abayibuka njalo.
Enye indlela yokunciphisa isikhathi sokubuka i-TV ukuyikhipha ekamelweni lokulala. Izingane ezine-TV ekamelweni lazo zichitha cishe ihora nesigamu ziyibuka ngaphezu kwezingane ezingenayo. Ngaphezu kwalokho, uma kune-TV ekamelweni lengane, abazali abazi ukuthi yini ebukwa yingane. Abazali nemibhangqwana bayozithola benesikhathi esengeziwe somunye nomunye uma beyikhipha i-TV nasekamelweni labo. Ngokuzikhethela, abanye baye banquma ukuba bangabi nayo i-TV ekhaya.
3. HLELA UKUTHI UZOBUKANI. Ziningi izinhlelo ezinhle ongazibuka. Kunokuba ulokhu ushintshashintsha iziteshi ucinga ukuthi yiluphi uhlelo oluthakazelisayo noma ubuke noma yini edlalayo, bheka uhlu lwezinhlelo kusengaphambili ukuze ukhethe lezo ofuna ukuzibuka. Vula i-TV lapho sekuqala uhlelo ofuna ukulubuka, bese uyivala uma seluphelile. Noma esikhundleni sokulubuka lapho ludlala lolo hlelo, ungase ukhethe ukuluqopha ukuze ulubuke ngesinye isikhathi. Lokho kuyokwenza ukuba ukwazi ukulubuka ngesikhathi esikahle futhi weqe izikhangiso.
4. KHETHA. IBhayibheli labikezela ukuthi isikhathi sethu sasiyogcwala abantu “abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, [nabathandi] benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” Mhlawumbe uzovuma ukuthi banjalo abalingiswa abaningi abakuyithelevishini. IBhayibheli likhuthaza ukuba “laba ubafulathele.” (2 Thimothewu 3:1-5) Siyaxwayiswa: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Korinte 15:33.
Ukukhetha kuhilela ukuzithiba. Wake wayibuka ifilimu imizuzwana, wabona ukuthi ayemukeleki kodwa wagcina usuyibuke yonke ngenxa yokuthi ufuna ukubona ukuthi kuzokwenzekani njengoba iqhubeka? Kwake kwenzeka kwabaningi. Nokho, uma unawo amandla okucima i-TV ukuze wenze okuthile, cishe uyothola ukuthi awunandaba nokuthi kwenzekeni ngempela.
Esikhathini eside ngaphambi kokuba kusungulwe ithelevishini, umhubi wabhala: “Ngeke ngibeke phambi kwamehlo ami noma yini engelusizo lwalutho.” (IHubo 101:3) Yeka ukuthi umgomo omuhle kangakanani okufanele siwukhumbule lapho sikhetha lokho esizokubuka! Abanye, njengoClaudine, baye banquma ukuba bangabi nayo ithelevishini. Wathi: “Ngangingazi ukuthi i-TV yayisingithuntubeze kangaka. Uma kwenzeka ngiyibuka manje, ziyangishaqisa izinto engangingenandaba nazo ngaphambili. Ngangicabanga ukuthi ngiyakukhetha lokho engikubukayo, kodwa manje sengiyabona ukuthi kwakungenjalo. Lapho ngibuka izinto ezinhle ngiyazijabulela kakhulu.”
[Isithombe ekhasini 8]
Bhala phansi ukuthi singakanani isikhathi osichitha ubuka i-TV
[Isithombe ekhasini 8]
Yenza ezinye izinto ezinenzuzo esikhundleni sokubuka i-TV
[Isithombe ekhasini 9]
Unganqikazi ukuyivala i-TV!