Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 1/8 k. 11-k. 14 isig. 4
  • Ubuphekula—Liyini Ikhambi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubuphekula—Liyini Ikhambi?
  • I-Phaphama!—1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Inkolo Inalo Ikhambi?
  • Ingabe Likhona Ikhambi Elingokombangazwe
  • Ingabe IUN Ingalithukulula Ifindo?
  • Ubuzalwane Obungenakwesaba
  • Ubuphekula—Obani Abathintekile?
    I-Phaphama!—1987
  • Ubuphekula—Yini Ebubangelayo Futhi Ngani?
    I-Phaphama!—1987
  • Ubuphekula—Buzophela Maduze!
    I-Phaphama!—2001
  • Ingabe Udlame Nokwesabisa Kuyoke Kuphele?
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 1/8 k. 11-k. 14 isig. 4

Ubuphekula—Liyini Ikhambi?

UMA wake wahamba ngendiza, uye wazibonela ngokwakho imiphumela yobuphekula. Ukuhlola kokuvikela cishe kuphoqelelekile kuzo zonke izikhumulo zezindiza zomhlaba. Ubuphekula bulahlekisela ohulumeni nezinhlangano zezindiza isamba semali esikhulu ngenxa yezindleko zezokuvikela. EMidlalweni yeOlympic ka-1984 eLos Angeles, izindleko zezokuvikeleka zabiza uhulumeni waseU.S. cishe izigidi eziyi-148 zamaRandi. Ziphumelela kangakanani lezindlela?

Kwezinye izici ziyazuzisa. Eminyakeni engama-20 edlule, eUnited States kuphela, kwatholakala izibhamu noma iziqhumane eziyizi-35 000 futhi kwaboshwa abayizi-13-000. (Department of State Bulletin) IEl Al, okuyisikhumulo sezindiza sakwaIsrayeli, cishe esinesimiso sezokuvikela esiqine ngaphezu kwazo zonke, siye sabunciphisa kakhulu ubuphekula esikhumulweni sezindiza.

Nokho ohulumeni nezinhlangangano empeleni balwisana nezimpawu kunezimbangela. Amakhambi abo awafinyeleli emnyombweni wesifo esijulile emphakathini wanamuhla—isifo esibangelwa inzondo nobugovu. Ukwahlulela ngokungalungi nobandlululo kuyanda—kungakhathaliseki ukuthi imuphi umbono ovamile. Khona-ke, ikhambi lingatholakala kuphi? Ingabe inkolo ingaguqula inzondo ibe uthando? Ingabe ezombangazwe zingabuletha ubunye ekwahlukaneni? Ingabe iZizwe Ezihlangene zingazihlanganisa ngempela izizwe? Noma ingabe likhona elinye ikhambi?

Ingabe Inkolo Inalo Ikhambi?

Isimo sobuphekula esiye sanda eNyakatho Ireland kusukela ngo-1969 siye sabulala abantu abangaphezu kwezi-2 000, kwalimala abangaphezu kwezi-20 000 ezweni labantu abacishe babe yizigidi ezingu-1,5. Abahlaseli bazisholo ukuthi bahlanganyela ifa elifanayo lobuKristu, elisekelwe emfundisweni yokuthi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Nokho ubuphekula bamaKatolika namaProthestani buyaqhubeka. Kunjengoba uJohn Hickey abhala kuReligion and the Northern Ireland Problem: “Kungenzeka manje . . . ukwamukela ingozi noma ukufa njengomphumela wokuba nje umRoma Katolika noma umProthestani; ukwamukela ukuphindisela konya—kwababulali abayihlelo—njengendlela yokulondoloza inkolelo ekhethekile yaseNyakatho Ireland ‘yokwesabana.’”

Umlobi ofanayo uthi futhi: “Ezombangazwe [eNyakatho Ireland] azizona ezombangazwe ezixhaphaza inkolo. . . . Kuyindaba yokuba inkolo ithonye ezombangazwe.” Futhi uma kunjalo, zingezombangazwe zokubulalana nokuphindisela”

Izinkolo eziningi zithi zifundisa uthando njengendinganiso eyisisekelo. Ubuphekula obuningi buhlangene nenkolo—kuvuma umKristu, umJuda umMuslim, umBuddha, umHindu, umSikh, noma abanye. Kodwa inkolo yabo izithonya kangakanani izenzo zabo? Encwadini yakhe iThe Ultimate Weapon—Terrorists and World Order, uJan Schreiber ucaphuna umholi welRA uRuairi O’Bradaigh: “Ngake ngaba nendoda eyinqaba. Sasicupha ibhomu ndawonye, ukuze liqhumele ibutho lamasosha aseBrithani lapho lidlula. . . . Khona-ke, laqhamuka. Futhi yini lomlisa oyinqaba ayenza? Ngaphambi nje kokuba sixhume, ukuze liqhume futhi lenze bonke ababelapho babe yizicucu, wavala amehlo akhe. Khona-ke washaya isiphambano futhi wanyenyeza ngobuqotho: ‘Kwangathi iNkosi, manje, ingaba nomusa kulemiphefumulo!’”

Inkolo ayizange ivimbele uhlangothi olusekela amaKatolika eSpain ekubeni lakhe iqembu lalo lobuphekula, elaziwa ngokuthi iGuerrilleros del Cristo Rey, noma Abashokobezi beNkosi uKristu. Ngokwababhali beThe Terrorists, amaGuerrilleros “asekelwa inkolo kanye nezombangazwe.”

Ingabe ukwehluleka kwenkolo ukuqeda ubuphekula kumelwe kusimangaze? UProfesa C. E. Zoppo, waseYunivesithi yomnyango wesayensi yezombangazwe yaseCalifornia, uyabhala: “Izinkolo ezihleliwe eNtshonalanga, lapho kumelwe zisebenzise ubudlova ngenxa yezinjongo zezombangazwe, zagodlela izitha zazo ezingokwenkolo lawomalungelo angokokuziphatha eziye zawathuthukisa kubalandeli bazo . . . zize zivumele ngisho nokuba kwenziwe ubuphekula ‘kwabangayifuni inkolo.’” Uqhubeka akhulume ngeMpi eNgcwele Yokulwela Inkolo ngesikhathi sikaPapa uUrban II. Uthi: “iMpi Yenkolo yayilindeleke ukuba inqobe ubulslam bungaphinde bube khona futhi yayibhekwa ‘njengempi yokuqeda zonke izimpi.’ Ubulslam babubhekwa njengendlela yokuguqula yonke imimoya emibi, ngakho lapho ukubulala isosha eliyisitha elingumKristu kwakuyokwenza isosha elingumKristu lithole isigwebo sezinsuku ezingamashumi amane, ukubulala amaMuslim kwaba ‘yisigwebo esikhulu kunazo zonke.’”—The Rationalization of Terrorism.

Ezinye izinkolo zibonisa futhi umusa lapho kubulewe ongakholwa, noma ongayifuni inkolo. Zikholelwa ukuthi kuyimvume yokuya epharadesi lasezulwini. Khona-ke, ukholo lwenkolo yephekula lungaqinisa izisusa zalo zokubulala ngisho nezokuzibulala ngebhomu.

Ingabe Likhona Ikhambi Elingokombangazwe

Izingcweti zezombangazwe nezempi eNtshonalanga zinamakhambi azo obuphekula, ngisho nakuba zingabumbene njalo ekuwasebenziseni. Inkambiso yezizwe eziyizisulu njengamanje iwukulwa ngeziqhumane. UWilliam Casey, umqondisi weCIA (Central Intelligence Agency) uthi: “Ngeke siyeke isenzo sodlame ukuze sivikele, siqede, noma siphindisele izenzo zobuphekula lapho izimo zidinga ukuba kusetshenziswe amandla. Amazwe amaningi, kuhlanganise neUnited states, anamabutho afanelekayo kanye nezindlela zobuciko esizidingayo ukuze silwisane namaqembu amaphekula.”—Hydra of Carnage.

Ukuhlasela kweUnited States eLibya ngoApril 1986, iphindisela ukuqhunyiswa kwebhomu lamaphekula emdlalweni wasebusuku eBerlin, kubonisa leyofilosofi. Kodwa futhi kuletha omunye umvuzo—izinkubela ezingabuthwa empini eLibya, okubhekwa njengokungenakugwenywa iziphathimandla zaseU.S., kanye nokulahleka kwendiza yaseU.S. namatilosi ayo. Ubuphekula kanye nesimiso sokulwisana nobuphekula nakho kuthola imivuzo yakho—udumo nokwethenjelwa.

Izazi zezombangazwe nezempi zibheka lokhu njengokuzidela okufanelekile kuloluhlobo lwempi engcwele. Kunjengoba uBenjamin Netanyahu ebhala: “Zonke izakhamuzi zemibuso ebusa ngentando yeningi ezisongelwa ubuphekula kumelwe zizibheke ngokwazo, ngokomqondo othile, njengamasosha asempini evamile. Akumelwe zicindezele uhulumeni wazo ukuba uvumele noma unqotshwe ubuphekula. . . . Uma sifuna ngempela ukunqoba impi yokulwisana nobuphekula, abantu kumelwe bazimisele ukuzidela, ukulahlekelwa abathandekayo ngisho noma kuhileleke ubuhlungu obungenakulinganiswa.”—Terrorism—How the West Can Win.

Khona-ke ingabe izimbangela eziyisisekelo zobuphekula zingaqedwa ezombangazwe? Ingabe ukwahlulela ngokungalungi ingalungiswa futhi isimo senziwe ngcono? Akunjalo ngokwabahlaziyi bezombangazwe. Kungani kunjalo? Ngenxa yokuthi, njengoba sibonile esihlokweni sethu esandulelayo, bathi ubuphekula obuningi bumane nje bungelinye ithuluzi empini ephakathi kwezimiso ezimbili ezinkulu zezombangazwe. Khona-ke ezombangazwe zibangela ubuphekula.

Ngokwesibonelo, umlobi ongumFulentshi nongumhleli uJean Frangois Revel wabhala: “Ezimemezelweni zawo nasezincwadini, amaphekula achaza ukuhlasela kwawo imibuso yentando yeningi ‘njengokubangelwa ukucindezeleka.’ Umqondo uwukuthi kulula kakhulu ukuqala ngesimiso sobufascism kuye kwesobukhomanisi kunokuqala ngesimiso sentando yeningi kuye esimisweni sobukhomanisi. Ngakho-ke ‘labavukeli’ kumelwe baqale ngokugudluza ohulumeni bentando yeningi bese kubusa ubufascism ukuze kwakhiwe, esimisweni sesibili, isimiso sokusebenzela uhulumeni esikhundleni sobufascism.” Khona-ke, kwamanye amazwe amaphekula ayobulala ngamabomu izikhulu zezempi ukuze achukuluze elinye iqembu lezempi eligumbuqela umbuso.

Ingabe IUN Ingalithukulula Ifindo?

Isazi sesayensi yezombangazwe uC. E. Zoppo wachaza impicabadala IUN ezithola ibhekene nayo: “Akumangalisi . . . ukuthi iZizwe Ezihlangene bezilokhu zingafinyeleli kunoma isiphi isivumelwano ngokuphathelene nalokho okubangela ubuphekula bezizwe zonke noma ngalokho okumelwe kwenziwe izizwe ezingamalungu azo.” Akumelwe kumangaze noyedwa lapho siqaphela ukuthi iUN iyinkundla yezwe lonke lapho imibuso emikhulu, njengezinyamazane ezilwayo, izifaka ngamakhanda empini bese ibambeka enkingeni yezincazelo zamagama.

Esinye isici siwukuthi ku-UN izizwe eziyizisulu zobuphekula ezibusa ngentando yeningi zizithola ziyidlanzana. Kunjengoba uZoppo abonisa: “Isinqumo seSishayamthetho seUN ngobuphekula bezizwe zonke . . . nakuba Izenzo zobuphekula bezizwe zonke ziyinenga kakhulu saphinda saqinisa ‘ilungelo elingenakususwa lokuzinqumela nokuzimela kwabo bonke abantu abangaphansi kwemibuso ehlanganisa amazwe angaphandle kanye nebusa ngobandlululo kuhlanganise nezinye izinhlobo zemibuso yakwamanye amazwe.’” Lesinqumo esifanayo sagxeka “izenzo eziqhubekayo zokucindezela nezobuphekula zemibuso ehlanganisa amazwe angaphandle, enobuhlanga, nezinye izinhlobo ngokugodlela abantu ilungelo labo elingokomthetho lokuzinqumela nokuzimela.”

Khona-ke, ngokukaZoppo, iUN iye yavumela isimiso esikabili sobuphekula. liyaqhubeka: “Ngokusobala, ubuphekula abunakwa lapho buyindlela yokuzinqumela kwezizwe futhi buyagxekwa lapho besabisa umbuso ngokuvimbela ukuzimela. Izizwe ezisanda kumiswa, eziye zabusebenzisa ngokwazo ubuphekula kwabanye njengethuluzi lokukhululeka, zithola ukubugxeka kwabanye kungenangqondo.” (The Rationalization of Terrorism) Khona-ke, iUN izithola iyisiphazamiso njengethuluzi eliphumelelayo lokulwisana nobuphekula. Kunjengoba uZoppo ephetha, ukuthi ukuziphatha okuhle akubi khona ngenxa yalokho “ngokuyisisekelo ezombangazwe ezikuchaza ngokuthi kuwukuziphatha.” Njengamanje, izisulu ezingenacala zobuphekula ziyahlupheka futhi zife.

Ubuzalwane Obungenakwesaba

UJan Schreiber uchaza inkinga izizwe ezibhekene nayo: “Inkinga edidayo iwukuthi lawomazwe afisa ukuqeda ubuphekula emhlabeni—futhi abonakala engemaningi—aphoqelelwa ukuba amukele izindlela ezingasizi kangako. Kungaba ukuba izigwebo ezimisiwe azenzi ukuba amaphekula azidele ngenxa yomqondo othile, noma zenza labo abasakwazi ukulwa ukuba babe nobudlova.”—The intimate Weapon—Terrorists and World Order.

Ekuhlaziyeni kwakhe inkinga, uProfesa uZoppo uyaphetha: “Asikho isizwe sanamuhla esamiswa ngaphandle kobuphekula.” Lokho kungabonisa ukuthi ubuphekula buyinto engenakugwenywa yenqubo yezombangazwe. Nokho singavuma ukuthi sikhona “isizwe” esisodwa esiye samiswa ngaphandle kobuphekula noma ubudlova—noma ukungenela kwezombangazwe. Isizwe esingaphezu kwezigidi ezintathu, sabantu abavela kulo lonke izwe, esiye satholwa ezizindeni ezingafani, izilimi, nezinkolo. Singobani? Singabantu abafika nalomagazini kuwe—oFakazi BakaJehova.

Bangaphezulu kwanoma iyiphi inhlangano yabantu esemhlabeni. Banobuzalwane obungaphezu kwamandla omuntu, manje abahlanganyela ukholo olufanayo nethemba abalinikezwe uNkulunkulu. Ithonya labo balisakaza kuwo wonke umhlaba, hhayi ngobuphekula, kodwa ngemfundo yokuthula yeBhayibheli. Cishe kuzo zonke izizwe zomhlaba, batusa uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu ngoKristu njengowukuphela kwekhambi lezinkinga zesintu.—Mathewu 6:9, 10.

Yebo, oFakazi BakaJehova baye behlula ezombangazwe ezehlukanisayo kanye nobuzwe, obuphumela ezimpini nobuphekula. Manje bangabantu abaphila ngokuthula kwangempela, futhi balungiselela isikhathi, esizofika ngokushesha, lapho umhlaba uyobuswa kuphela uMbuso kaNkulunkulu. Lokho ngeke kulethwe ngokuguqula izwe, kodwa ngokuhlanzwa kwezwe empini kaNkulunkulu yeArmagedoni.—Mathewu 24:37-39; IsAmbulo 16:14, 16.

Khona-ke ukuthula kweqiniso nokuphila okuphakade kuyoba umklomelo walabo abamnene emhlabeni. (Thithu 1:2; IsAmbulo 21:3, 4) Uma uthanda ukwazi okwengeziwe ngaloMbuso, lapho ubuphekula buyobe bungasekho khona, siza uzizwe ukhululekile ukuxhumana noFakazi BakaJehova emphakathini wakini noma ubhalele abanyathelisi balomagazini ezweni lakini.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

Eminyakeni engaphezu kwama-20 edlule, eUnited States kuphela, kwatholakala izibhamu eziyizi-35 000 futhi kwaboshwa abayizi-13 000.—Department of State Bulletin

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

“Ngaphambi nje kokuba sixhume, ukuze liqhume futhi senze bonke ababelapho babe yizicucu, wavala amehlo akhe. Khona-ke washaya isiphambano futhi wanyenyeza ngobuqotho: ‘Kwangathi iNkosi, manje ingaba nomusa kulemiphefumulo!’”

[Ibhokisi ekhasini 14]

UMbuso KaNkulunkulu NgoKristu Jesu Uyosusa Ubuphekula

Kuthiwa ubuphekula buyimpi yabangenathemba abazizwa becindezelekile. Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu akukho muntu okudingeka azizwe ecindezelekile, njengoba kungabonakala eziprofethweni ezilandelayo ezibhekisela ekubuseni kukaKristu Jesu:

“Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho nendodana yenkosi ukulunga kwakho. Iyakwahlulela isizwe sakho ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo. Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze enokhahlo. Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakubayigugu emehlweni ayo.”—IHubo 72:1, 2, 4, 12-14

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela