Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Unaso Isikhathi Sami?
“UMA uNkulunkulu ekhona, akanasithakazelo kuwe noma kimi!” Uye wabezwa yini abantu besho kanjalo? Abantu abaningi bayakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, kodwa abaningi banomuzwa wokuthi ngokunokwenzeka akanakuba nesikhathi sokubakhathalela.
Singaqiniseka kanjani ngokuthi uNkulunkulu unendaba? Uye wasinikeza izipho zothando, kuhlanganise nokuphila ngokwakho. Wasenzela izinto ezijabulisayo—ukunambitheka kokudla, umsindo womculo, izimangaliso zemvelo, iphunga elimnandi lomoya omusha wasezintabeni, ukuthinta okuthambile kothandekayo, ukuhleka kwezingane, nobumnandi bokumamatheka komntwana. Konke lokhu kuyizipho ezivela kuNkulunkulu. Sizijabulela ngenxa yokuthi wasinikeza ikhono lokwenza kanjalo ngezinzwa zethu ezinhlanu.—Jakobe 1:17.
Ngaphezu kwalokho, ukuba uNkulunkulu ubengenandaba nabantu, kungani ebeyolungiselela iBhayibheli elinikeza isiqondiso esingaka nenduduzo kubantu neligcwele ukwaziswa ngezindlela zakhe nezenzo zakhe?—2 Thimothewu 3:16, 17.
lBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo kubantu ngabanye—ukuthi unesithakazelo kuwe. iZwi lakhe elilotshiwe libonisa indlela ongaba ngayo nokuphila okujabulisa ngokwengeziwe, umkhaya ongcono, nabantwana abahle. Yebo, iBhayibheli likubonisa indlela eya ekwanelisekeni. Likhuluma ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu futhi liqinisa ukholo lwakho ezithembisweni zakhe. Linikeza ithemba eliqinile lekusasa. Ingabe lokho kuzwakala njengohlobo losizo oluvela kothile ongenandaba?
Ngokuqhubekayo, umuntu okukhathalelayo ubeyoba ongenekayo. Ingabe lokho kunjalo ngoNkulunkulu? Cabangela lokho okushiwo yilaba balobi beBhayibheli: “Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle kubhala uDavide. Ngokuqhubekayo, umfundi uJakobe wayala: “Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina.” Futhi umphostoli uPawulu wathi uNkulunkulu wabenza abantu ‘ukuze bamfune uNkulunkulu, ingabe bangamuzwa, bamfumane, ingani kakude kulowo nalowo kithi.’—IHubo 34:8; Jakobe 4:8; IzEnzo 17:24-27.
Ingabe Unaso Isikhathi sikaNkulunkulu?
Akuthakazelisi yini lokho? Lezi zinkulumo zeBhayibheli zithi uNkulunkulu useduze kodwa kumelwe sizinike isikhathi sokulandelela ubuhlobo naye. Uyakhathalela, kodwa kumelwe senze umzamo, sibonise ukuthatha isinyathelo kuqala!
UJesu wathi: “Celani . . . funani . . . ngqongqothani, khona uzakuvulelwa.” Wathi uma indodana yakho icela isinkwa, awuyikuyinika itshe, noma uma icela inhlanzi, awuyikuyinika inyoka. UJesu waqhubeka, “Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.”—Mathewu 7:7-11.
Cabanga ngalokho uJesu ayekusho—uma ufuna umusa kaNkulunkulu, uyobonisa isithakazelo esikhulu kuwe kunaleso esiboniswa abazali kubantwana babo!
‘Ingabe uNkulunkulu Uyoke Angilalele?’
Nokho, kungenzeka abanye baye benza izinto ezimbi kakhulu—kokubili emehlweni kaNkulunkulu nawabantu. Bangase bathi: ‘Ngokuqinisekile, uNkulunkulu akasoze angilalela mina!’
Kodwa labo bantu bangenza okuthile ngokuphila kwabo. Bangaguquka. lBhayibheli lithi: “Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakubanomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu ngokuba uyakwenza ukuthethelela kubekukhulu.”—Isaya 55:7.
lBhayibheli linikeza uhlu olude lwezinto okungenzeka abantu baye bazenza. Lithi: “Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphambi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Babenjalo abanye kini.” Base beguqukile. Base bezishiyile izindlela zabo zakudala. Base bephendukile, bahlanzwa, bangcweliswa futhi ‘balungisiswa ngegama IeNkosi yethu uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu. Ngakho kunethemba ngabo bonke abafuna ngempela ukuba uNkulunkulu abakhathaleli—1 Korinte 6:9-11.
Othile Wakufela
Nokho, kunobufakazi obukhulu ngokwengeziwe bokuthi uNkulunkulu uyabakhathalela abantu ngabanye—ukuthi unesikhathi sakho. uNkulunkulu wathumela othile othandeka kakhulu kunakho konke kuYe endaweni yonke ukuba anikele ukuphila kwakhe njengesihlengo salabo abayosamukela. umBhalo uthi: “uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.”—Roma 5:8.
Ingabe ngempela sibonisa ukwazisa ngalesosenzo esihle sothando? Ingabe sinaso isikhathi sokukhuluma ngokubonga ngoNkulunkulu onakekela kangaka? Futhi ingabe siyazinika isikhathi sokukhuluma ngaye kwabanye?—1 Johane 4:16, 19.
Lokho Akulindele
Khonake, imiBhalo ecashuniwe kakade ibonisa ukuthi uNkulunkulu useduze kodwa ulindele thina ukuba senze umzamo. Isinxusa ukuba sithathe isinyathelo esiqondile: “Yizwani,” “funani,” ‘celani ‘ngqongqothani Izenzo ezinjalo zibonisa ukuzimisela, ukwazisa nokholo.
Selulekwa ukuba sihlole imiBhalo, sifunde ngoNkulunkulu, silethe ukuphila kwethu ekuvumelaneni nezindlela zakhe, samukele iNdodana yakhe njengoMhlengi, futhi size ngaphansi kwelungiselelo likaNkulunkulu lensindiso. Uma wenza umzamo wokwenza kanjalo uyobona ukuthi ngempela uNkulunkulu unaso isikhathi sakho.
[Isithombe ekhasini 18]
UNkulunkulu unaso isikhathi sakho. Ingabe unaso isikhathi sikaNkulunkulu?