Ukhona Yini Umuntu Osikhathalela Ngempela?
Wake wazizwa yini sengathi ulahliwe futhi awunamandla, njengokungathi akekho ngempela oqonda izinkinga zakho? Uma bekhona abaziqondayo kungenzeka waba nomuzwa wokuthi abanandaba.
LAPHO kuvela izinkinga, ukuphila kwethu kungase kufane nesiphepho esingeke siphele. Ngezinye izikhathi, singase ngisho siphethe ngokuthi ubunzima esibuthwele abusengangathi. Ngokuvamile sizizwa ngale ndlela uma siye savelelwa yinto ehlukumezayo, sacindezeleka, savelelwa izingozi eziqeda amandla, sahlaselwa isifo esingalapheki noma okuthile okufana nalokho. Singase sizizwe singenamandla futhi singazi ukuthi sithathe ini sihlanganise nani, singazi nanokuthi singayitholaphi induduzo. Ukhona yini umuntu osikhathalela ngempela?
‘UNkulunkulu Wenduduzo Yonke’ Uyasikhathalela
IBhayibheli lichaza uNkulunkulu ngokuthi “uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke.” (2 Korinte 1:3) UNkulunkulu, ogama lakhe linguJehova, uyazi ukuthi siyayidinga induduzo. IBhayibheli lisebenzisa igama elithi “induduzo” ngezindlela ezihlukahlukene izikhathi ezingaphezu kweziyikhulu, lisiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu akagcini nje ngokuqonda izinto esibhekene nazo, kodwa ufisa nokusiduduza. Ukwazi lokho kusenza siqiniseke ngokuthi ngisho nalapho kubonakala sengathi abanye abaluboni usizi lwethu, abaluqondi noma abanandaba nalo, akunjalo ngoJehova uNkulunkulu.
IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi uJehova ukhathalela abantu ngabanye. Lithi: “Amehlo kaJehova akuyo yonke indawo, aqapha ababi nabahle.” (IzAga 15:3) Ngokufanayo, uJobe 34:21, uthi: “Amehlo akhe asezindleleni zomuntu, futhi zonke izinyathelo zakhe uyazibona.” UJehova uyakubona esikwenzayo—okuhle noma okubi—futhi uyazibona izimo zethu, ngakho angenza noma yini ayibona ifaneleka. Lokhu kuqinisekiswa amazwi ashiwo uHanani umboni, noma umprofethi, ewabhekise enkosini yakwaJuda, u-Asa: “Ngokuqondene noJehova, amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKronike 16:7, 9.
UJehova usibheka nangesinye isizathu. UJesu uyachaza: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” (Johane 6:44) UJehova ukhathalela kangangokuthi uhlola inhliziyo yomuntu ukuze abone ukuthi uyamthanda yini. Uma ethola ukuthi uyamthanda, angasabela ngezindlela ezimangalisayo. Ngokwesibonelo, kunowesifazane othile eDominican Republic owayelaliswe esibhedlela ezohlinzwa ngenxa yokuthi wayenomdlavuza. Wanxusa uNkulunkulu ukuba amsize athole inkolo yeqiniso. Kusenjalo, umyeni wakhe wangena emphathele incwajana enesihloko esithi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?a ayeyithole ngalolo suku ekuseni komunye woFakazi BakaJehova owayefike kwakhe ezoshumayela. Lona wesifazane wayifunda le ncwajana futhi wabona ukuthi uNkulunkulu wayephendula umthandazo wakhe. Wamukela isifundo seBhayibheli, futhi zingakapheli nezinyanga eziyisithupha, wanikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu futhi wabhapathizwa.
Incwadi yeBhayibheli yamaHubo inamazwi amaningi athinta inhliziyo abhalwa abahubi basendulo abangamaHebheru, njengeNkosi uDavide, achaza ukukhathalela kothando uJehova anakho ngezinceku zakhe. KumaHubo 56:8, sithola iNkosi uDavide incenga uNkulunkulu: “Faka izinyembezi zami egabheni lakho lesikhumba. Azikho yini encwadini yakho?” Lo mfanekiso ubonisa ukuthi uDavide wayazi ukuthi uJehova wayengaboni nje kuphela ukuhlupheka kwakhe, kodwa wayebona nobuhlungu bakhe futhi ekhumbula nokuthi yini eyayimehlele eyayibangela ukuba akhale kangaka. Ngempela, uMdali wethu ubaqaphe bonke abazama ukwenza intando yakhe, “labo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”
IHubo 23, isahluko esidumile esichaza ukukhathalela kothando kukaNkulunkulu. Amazwi okuqala afanisa uNkulunkulu nomalusi onothando: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho.” Umalusi waseMpumalanga Ephakathi ukhathalela ngayinye yezimvu zakhe, aze azibize ngamagama. Nsuku zonke ubiza imvu yakhe ngayinye ukuba ize kuye, ayiphulule futhi abheke ukuthi ayilimele yini. Uma ethola ukuthi ilimele, uyigcoba ngamafutha ukuze isheshe iphole. Uma igula, angase ayiphoqe ukuba iphuze umuthi, ayibambe ngokoqobo ukuba ime iqonde, ukuze ingalali bese ifa. Ngokuqinisekile, lona umfanekiso omuhle kakhulu ochaza indlela uJehova abakhathalela ngayo labo abaphendukela kuye.
Umthandazo Novuko—Ubufakazi Bokukhathalela KukaNkulunkulu
La mahubo namanye amahle awabhalelwanga nje ubumnandi. Asibonisa indlela izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezaziphila endulo ezazithulula ngayo izinhliziyo zazo kuJehova ukuze zimtshele ukuthi ziludinga kangakanani usizo lwakhe, futhi zimbonge ngokuziqondisa nangezibusiso ezivela kuye. Lawo mazwi abonisa ngokucacile ukuthi lezo zinceku zikaNkulunkulu zazikholelwa ngokuqinile ukuthi uNkulunkulu uyazikhathalela. Ukufunda nokuzindla ngalawo mazwi asuka enhliziyweni kungasisiza ukuba nathi sizizwe ngendlela efanayo ngoNkulunkulu. Ilungiselelo lomthandazo liwubufakazi obunamandla bokuthi uNkulunkulu uyasikhathalela.
Nokho, ngezinye izikhathi inkinga iye isiqede amandla size singazi nokuthi singathandaza kanjani ngayo. Ingabe lokho kwenza uJehova angayazi leyo nkinga yethu? AmaRoma 8:26 ayaphendula: “Umoya nawo uyahlanganyela ngosizo ngenxa yobuthakathaka bethu; ngoba inkinga yokuthi yini okufanele siyithandazele njengoba kudingeka, asiyazi, kodwa umoya ngokwawo uyasincengela ngokububula okungaphinyiselwe.” Lo mBhalo usitshela ukuthi imithandazo ephefumulelwe yezinceku zikaNkulunkulu zasendulo ingase iveze imizwa yethu, futhi ‘uMuzwi womthandazo’ ayamukele.—IHubo 65:2.
Ithemba lovuko lingobunye ubufakazi obukholisayo bokuthi uNkulunkulu ukhathalela ngamunye wethu. UJesu Kristu wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [likaJesu] baphume.” (Johane 5:28, 29) Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha lihunyushwé kahle lapho lithi “amathuna ayisikhumbuzo” kunokumane libhekisele “emathuneni.” Lidlulisela umqondo wokuthi uNkulunkulu akawulibali umlando wokuphila womuntu ofile.
Cabanga ngalokhu, ukuze uNkulunkulu avuse umuntu kumelwe azi yonke into ngaye, kuhlanganise indlela ayebukeka ngayo, izici zakhe zofuzo nayo yonke inkumbulo yakhe! (Marku 10:27) UNkulunkulu akamkhohlwa lowo muntu, ngisho noma kungadlula izinkulungwane zeminyaka. (Jobe 14:13-15; Luka 20:38) Ngakho, izigidi eziyizinkulungwane ezafa zisenkumbulweni kaJehova uNkulunkulu, futhi ukhumbula yonke into ngazo—ubufakazi obukholisayo bokuthi ukhathalela ngamunye wethu!
UJehova Ungumvuzi
Yini okumelwe siyenze ukuze uNkulunkulu asithande futhi asikhathalele? Okubaluleke kunakho konke, kumelwe sibonise ukuthi siyamethemba futhi siyamlalela, nokuthi sinokholo kuye. Umphostoli uPawulu ubonisa ukuhlobana okukhona phakathi kokuba nokholo nokukhathalelwa uNkulunkulu. Wabhala: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa ngoba lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Hebheru 11:6.
Phawula ukuthi uhlobo lokholo olujabulisa uNkulunkulu luhlanganisa izici ezimbili. Okokuqala, kumelwe ‘sikholelwe ukuthi ukhona,’ okungukuthi unguMbusi Ophakeme, okufanele simlalele futhi simkhulekele. Okwesibili, kumelwe sikholelwe ukuthi ‘ungumvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.’ Ukholo lweqiniso luhlanganisa ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu unendaba nenhlalakahle yabo bonke abafuna ngobuqotho ukwenza intando yakhe nokuthi uyabavuza. Ngokutadisha iZwi lakhe nangokuzihlanganisa nalabo abamlalelayo, nawe ungaba nohlobo lokholo olungenza akuvuze, akuthande futhi akukhathalele.
Abantu abaningi namuhla bakholelwa ukuthi uNkulunkulu akanandaba nezinto ezenzeka kubo. Kodwa njengoba sesibonile, iBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi ubakhathalela ngempela labo ababonisa ukholo lweqiniso kuye. Nakuba ukuphila kwanamuhla kucindezela, kunezinkinga futhi kudumaza, akudingeki siphelelwe ithemba. UJehova uNkulunkulu uyasikhathalela. Empeleni, usicela ngothando ukuba simvumele asisekele. Umhubi uthi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, Yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.”—IHubo 55:22.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 29]
ImiBhalo Engakusiza Ukholelwe Ukuthi UNkulunkulu Uyakuthanda Futhi Uyakukhathalela
“Ngokuqondene noJehova, amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IZIKRONIKE 16:9
“Faka izinyembezi zami egabheni lakho lesikhumba. Azikho yini encwadini yakho?”—IHUBO 56:8
“UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho.”—IHUBO 23:1
“O Muzwi womthandazo, impela abantu bayo yonke inyama bayokuza kuwe.”—IHUBO 65:2
“Uyobiza, futhi mina ngiyokuphendula. Uyolangazelela umsebenzi wezandla zakho.”—JOBE 14:15
“Lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—HEBHERU 11:6
“Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, Yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.”—IHUBO 55:22