“Ukukhuluma Ngokusebenza Ndawonye”
Muva nje oFakazi BakaJehova eTiverton, isiQhingi saseRhode bakhe iHholo LoMbuso elakhiwe ngokushesha. Ngaphansi kwesihloko esingenhla, umfundisi wendawo wabika ngokuvakashela kwakhe indawo yokwakha. Umongo wendaba uyalandela.
‘KUFIKE kimi imibiko embalwa emangalisayo ngesonto elakhiwe eMgwaqweni uFish. Kwabikwa ukuthi abantu abangama-500 babakha isonto ngezinsuku ezimbili. Ngaya eMgwaqweni uFish ukuze ngiyozibonela ngawami. Kwakunabantu abayi-1 500 ababesebenza lapho—ababazi, abasebenza ngamapayipi amanzi, ochwepheshe bakagesi, abafaka izingilazi emafasiteleni, abalungisa indawo, abapulasiteli, amadoda afaka okokufudumalisa, omeselandi, abakhuhla usimende, kanye namakhulu ezisebenzi nabasizi.
‘Amaloli avulekile ayekuyo yonke indawo, indawo engamahektare angu-1,2 isiyonke. Olunye uphawu lwalufundeka kanje, “Okulahlekile Kwatholwa.” Uma umuntu ayelahlekelwe ithuluzi, wayeya kuleliloli futhi alithole selibuyisiwe. Uma wawufike ugqoke izimpahla ezihlanzekile futhi ufuna ukusebenza, kwakuneloli elinezimpahia zokusebenza nezigqoko eziqinile ezivikelayo. Kwakuneloli losizo lokuqala uma noma ubani ayelimala noma ayedinga ukunakekelwa kwezokwelashwa.
‘Ithende elikhulu lesekisi laligxunyekwe emuva lapho amadoda nabesifazane babondla khona abantu abayi-1 500 ngemizuzu eyi-15. Ngabona abesifazane bezulazula nemigqomo yamanzi bethambisa umhlabathi ukuze nje bagcine uthuli luphansi, futhi yikho lokho ababekwenza usuku lonke. Njengoba amabhodi ayebethelwa ngezipikili endaweni yawo, omapendane base befike qathatha ukuzowapenda. Kwakuwumbukwane oke wabonwa abambalwa bethu.
‘Abezinkontileka ezinkulu zokwakha endaweni bathi kwakungenakwenziwa. Kodwa kwenziwa, futhi ngaya lapho ngazibonela ngawami. Babengobani lababantu? oFakazi BakaJehova, futhi isonto kwakuyihholo LoMbuso. Isisekelo sasenziwe ngaphambili, kodwa lonke lakhiwa ngezinsuku ezimbili! Angizange ngizwe nelilodwa igama lokuhlambalaza. Kwakungekho kuphikisana. Iqembu eliyisimanga ngempela ukulibuka. Babesebenza umsebenzi wabo ngokuthula okukhulu. Izandla zabo zazilapho wonke umsebenzi wawukhona—hhayi imilomo yabo!
‘Uyazi into eyodwa ebesikhathazeke ngayo eyenhlangano yamaUnitarian-Universalist iwukuthi kungani singakhangi abamnyama abaningi namaqembu amaningi ezinhlanga ezihlukahlukene nobuzwe. Lapha ngabona abantu abamnyama abaningi namaqembu axubene ezinhlanga bonke besebenza ndawonye njengomkhaya. Abantu lapha babevela kuyo yonke iNew England naphesheya. Iqembu elixubene izinhlanga ikakhulukazi labantu abasha lalinentshiseko enkulu.
‘Angikaze ngikufunde okuningi ngalabantu ngenxa yamaphephandaba angagculisi kanye nemibiko yamazwi angemahle, kodwa engakubona kwakukuhle konke. Angikaze ngibakhathalele labo bantu abeza bezongqongqoza emnyango wami eminyakeni eminingi, kodwa ngiyakuqinisekisa ngiyobabingelela ngenhlonipho enkulu nokubancoma.
‘Kuye kwabonakala kimi ukuthi abaningi bethu bavala izingqondo zethu emicabangweni nasekusondelaneni okusha ngenxa yokungazi nokwahlulela ngaphambili. Ngicabanga ukuthi sonke kumelwe sihlale phansi futhi sibheke ngokuqaphela lapho besidlula emncintiswaneni. Ukungazi nokwesaba kwenza umsebenzi kithi ngaphambili kakhulu kokuba siye saqala ukulalela. Kodwa ikakhulukazi lapho benza umsebenzi onjengalona wokukhulisa nokuphehla intshiseko enkulu.
‘Uma lesisakhiwo besakhiwa yinkontileka—indlu yokugcina izimpahla nakho konke—besiyobiza cishe [iR1 000 000] noma ngaphezulu. Ngazibuza ukuthi ingabe thina enhlanganweni yamaUnitarian-Universalist nangezindlela zethu ezivamile zeNew England sasingake siyizame yini into enjengalena. Cabanga ngayo—ikakhulukazi labo phakathi kwenu abangabathandi bemihlangano yamakomiti nezingxoxo eziningi. Yebo! Cabanga ngakho!’