Umbono WeBhayibheli
Ukukhuluma Ngezilimi—Ingabe Kuvela KuNkulunkulu?
“NGOKUSHESHA, ngaba nomuzwa ongajwaIiyelekile ezandleni zami, futhi waqala ukugcwala wonke umzimba! Kwakufana namandla kagesi ayinkulungwane—ayizinkulungwane eziyishumi—kamuva ayizigidi . . . Ngakhuluma cishe amahora amabili ngolimi engingaluqondi.”
Lokhu okuhlangenwe nakho kufana nomunye wemikhuba okuxoxwa ngayo kakhulu abaningi abawuhlanganisa nokukhulekela kobuKristu namuhla: ukukhuluma ngezilimi. Lendaba iye yaba ngeyokukhathalelwa okukhethekile emaqenjini asePentekoste nasemahlelweni omoya.
UDr. Vinson Synan wePentecostal Holiness Church wagcizelela inkinga abakhulekeli abaqotho ababhekana nayo mayelana nendima yokukhuluma ngezilimi. Wathi: “Ukukhuluma ngezilimi kuyasikhungathekisa.” Ngani? UDr. Synan waphawula ukuthi izilimi namuhla zingase zingabonakali zinengqondo ngendlela esicabanga ngayo thina. Waqhubeka wathi: “Nakuba kukhungathekisa, ukukhuluma ngezilimi kuyisipho uNkulunkulu aye wasikhetha ngezinjongo ezibalulekile emlandweni ukuze andise futhi avuselele iSonto.”—Omalukeke sizenzele.
Enye ‘injongo ebalulekile’ kwakuyisenzakalo esingakaze sibonwe esenzeka eminyakeni eyi-1 900 edlule.
Kungani Kukhulunywa Ngezilimi?
KwakungePentekoste lonyaka ka-33 C.E. Kwakulindeleke ushintsho. Kwakumelwe isivumelwano esisha singene esikhundleni sesivumelwano esidala soMthetho wamaJuda. Ngasiphi isizathu? Ukuze sivule indlela engcono yokukhulekela uJehova uNkulunkulu. Abantu babeyobona kanjani ukuthi isibusiso sikaNkulunkulu sasikulolushintsho ekukhulekeleni? Wayeyosebenzisa izehlakalo eziningi eziyisimangaliso, kuhlanganise nokukhuluma ngezilimi, ukuze ashukumise izinhliziyo zabantu abathambekele ekulungeni. Labo babeyobona ukuthi umninimandla onke uNkulunkulu wawokhokho babo manje wayebonisa ngempela ukuvumela kwakhe abafundi bakaJesu.
Isipho sezilimi sasebenza enye injongo ngePentekoste. Ngosuku lukaJesu, ukunyathelisa nokusakaza kwakungekho, futhi imilando ebhaliwe yayingavamile phakathi kwabantu nje. Ngakho, izindaba ezinhle zentando kaNkulunkulu nenjongo kwakumelwe zidluliswe ngezilimi zabakholwayo. Abakhulekeli bakaJehova babeze eMkhosini wepentekoste eJerusalema bevela emazweni angaphezu kwayishumi nambili eAfrika, eAsia, naseYurophu futhi bakhuluma izilimi eziningana ezihlukahlukene. Cishe abafundi bakaJesu abayi-120 nabo bahlangana eJerusalema. Benikezwe amandla umoya ongcwele kaNkulunkulu, abafundi baqala ukukhuluma izilimi ezihlukeneyo. Yeka idili lezindaba ezinhle ezanikezwa izinkulungwane zabakhulekeli! Laba bakwazi ‘ukubezwa bekhuluma ngezilimi [zakubo] ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.’—IzEnzo 2:5-11.
Saphumelela kanjani lesimangaliso? Izilaleli eziyizinkulungwane ezintathu zabakholwa ngalolosuku! (IzEnzo 2:41) Lapho bebuyela emakhaya abo akude, khona-ke laba abasanda kuphenduka badlulisela ubufakazi ngokukhulekela kweqiniso “kuze kube sekugcineni komhlaba.”—IzEnzo 1:8.
Ngemva kancane nje kweminyaka engamashumi amabili kudlule IPentekoste, uPawulu wanikeza ukwaziswa kokuthi isipho sezilimi kamuva sasiyophela. (1 Korinte 13:8) Kungani lokhu kwakuzoba nengqondo? Kungoba izimangaliso zepentekoste, njengezaziqinisekisa ubuKristu bakuqala, zaziyjfeze kahle injongo yazo futhi zazingasadingeki.
Ngokufanayo singabheka isenzakalo esenzeka eNtabeni yasesinayi eminyakeni engaphezu kweyi-1 500 edlule. Lapha uNkulunkulu wenza izibonakaliso ezingavamile ukuze agcizelele kubantu ababehlangene ukuthi isivumelwano soMthetho sasiyilungiselelo laphezulu. Lapho abantu sebelamukele lelilungiselelo elisha, lezibonakaliso eziyisimangaliso ezikhethekile azibange zisabonakala.—Eksodusi 19:16-19.
Izilimi Namuhla?
Namuhla abaningi banomuzwa wokuthi basizwa umoya ongcwele kaNkulunkulu ukuba bakhulume ngezilimi. Singakuhlanganisa kanjani nobufakazi obungokomBhalo ukuthi isipho sezilimi sesaphela?
Ukukhuluma ngezilimi ngokuvamile kusho ukukhuluma ngendlela yokuvukwa umoya amazwi angaqondwa muntu. Ngakho akuveli kuNkulunkulu. UJesu wathi abazenzisi benkolo babeyozama ukuhlanganisa igama lakhe bemisebenzi enjalo yamandla kodwa wazilahla lezisebenzi zobubi.’ (Mathewu 7:21-23) Futhi uPawulu ngokwesiphetho waxwayisa ngesikhathi esizayo lapho kwakuzakuba nezibonakaliso zamanga noma ‘izimangaliso zamanga. Ngakho, “yonke inkohliso yokungalungi” iwumsebenzi womkhohlisi omkhulu, uSathane uDeveli.—2 Thesalonika 2:8-10.
Ingabe bewazi ukuthi ukukhuluma ngezilimi kwakuyingxenye yezinkolo ezithile zobuhedeni zaseGrisi ngosuku lukapawulu? Amasiko azo ayehlanganisa ukukhuluma ngezilimi kanye nemikhuba enjengokusoka inyama nokudansa unqunu ngobuhlanya. Izibonelo ezinjalo ezingokomlando zibonisa ngokucacile ukuthi ukukhuluma ngezilimi kungenzeka ngaphansi kwamathonya angcole kakhulu.
Isizathu Esinengqondo Siyavela
Uma ungakaqiniseki ngomthombo wokukhuluma ngezilimi ezijabulisayo namuhla, zindla ngeyoku-1 Johane 4:1, ethi: “Bathandekayo, . . . hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini.” Yebo, hlola ngokufunda ngokunakekela iZwi likaNkulunkulu, nangokucela usizo ngomthandazo. (IzEnzo 17:11) Zibonele ukuthi lezozinkolo ezikhuluma ngezilimi namuhla ngempela ziholelwa “kulo lonke iqiniso” yini.—Johane 16:13.
Lapho amaKristu ekhuluma ngezilimi ekhulwini lokuqala, kwakukhanyiselwa izilaleli. Isigijimi esiphefumlelwe kwakumelwe sicace futhi sizwakale.—1 Korinte 14:26-28.
Labo manje abazisa iqiniso leBhayibheli bakhuluma amazwi adlula inkulumo eyayivela ngezilimi eziphefumlelwe ngalolosuku lwakudala lwePentekoste. Kungani kunjalo? Kungoba bamemezela ukubusa koMbuso kaNkulunkulu ngoKristu ngaso sonke isintu esilalelayo kubantu abaningi futhi ngendlela ehlala njalo. Isigijimi sabo siyingxenye yomlando obhaliwe weBhayibheli, futhi ngokungafani namaKristu ekhulu lokuqala ayekhuluma ngezilimi, iBhayibheli, lilonke noma ingxenye yalo, litholakala ngezilimi eziyi-1 800.
[Isithombe ekhasini 29]
AmaKristu ekhulu lokuqala anikezwa isipho sokufakaza ngezilimi zakwamanye amazwe