Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 11/8 k. 25-k. 30 isig. 4
  • Ukunqoba Ekulweni Nokucindezeleka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunqoba Ekulweni Nokucindezeleka
  • I-Phaphama!—1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Veza Imizwa Yakho
  • Ukulwa Nokwehla Kwezinga Lokuzihlonipha
  • Ingabe Iphutha Lami?
  • ‘Khohlwa Okungasemuva’
  • Ukubaluleka Kwakho Kwangempela
  • Ukubekezela, ‘Ihora Ngalinye’
  • Ithemba Eliyigugu
  • Ukunqoba Impi Yokucindezeleka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Imisuka Engokwengqondo
    I-Phaphama!—1987
  • Ukucindezeleka Kwentsha—Kubangelwa Yini? Yini Engasiza?
    I-Phaphama!—2017
  • Ukuthola Izimbangela
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 11/8 k. 25-k. 30 isig. 4

Ukunqoba Ekulweni Nokucindezeleka

NGESIQONDISO esihlakaniphile uyoqhubeka nempi yakho,” kusho izAga 24:6, NW. Ukuhlakanipha, okudingekile ukuze unqobe impi, hhayi nje imigomo emihle. Ngokuqinisekile, uma ucindezelekile, awufuni ukuba ngokunganaki uzenze uzizwe usesimweni esibi kakhulu. Ngokwesibonelo, ukuhlolwa kwango-1984 kwabantu abacindezelekile kwathola ukuthi abanye bazama ukubhekana nokucindezeleka kwabo ‘ngokukhiphela kwabanye abantu ukuthukuthela kwabo, benciphisa ukucindezeleka ngokuphuza kakhulu, ukudla kakhulu, nangokusebenzisa kakhulu izidakamizwa zokudambisa ukucindezeleka.’ Umphumela: “ukucindezeleka okwengeziwe nezimpawu ezingokomzimba.”

Abanye abantu abacindezelekile bayahluleka ukufuna isiqondiso esihlakaniphile ngenxa yokwesaba kwabo ukuba babhekwe njengababuthakathaka ngokwengqondo. Nokho, ukucindezeleka okukhulu akulona uphawu lokuba buthakathaka kwengqondo noma lokwehluleka okungokomoya. Ukucwaninga kubonisa ukuthi lokhu kuphazamiseka okukhulu kungase kube khona uma kukhona ukungasebenzi kahle okuthile kwamakhemikhali ebuchosheni. Njengoba ukugula okungokomzimba kungase kubangele lokhu, uma ubucindezeleke kakhulu isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili, ukuhlola kokwelapha kungase kube okufanelekile. Uma kungekho ukugula okungokomzimba okutholakala kunengxenye kulenkinga, ngokuvamile ukuphazamiseka kungalungiswa ngokushintsha indlela yokucabanga kanye nolunye usizo oluvela ekwelashweni okufanele noma ezakhini zokondla umzimba.a Ukunqoba ekulweni nokucindezeleka akusho ukuthi ngeke uphinde ube nesimo sokucindezeleka futhi. Ukudabuka kuyingxenye yokuphila. Nokho, ukunqondisa okuhlakanipha ukugadla kwakho kuyokusiza ubhekane kangcono nokucindezeleka.

Ngokuvamile udokotela uyoyaleza okokudambisa ukucindezeleka. Lokhu yizidakamizwa ezenzelwa ukulungisa ukungalingani kwamakhemikhali. UElizabeth, okukhulunywe ngaye ngaphambiii, wayezisebenzisa, futhi emasontweni ambalwa isimo sakhe saqala ukuba ngcono. Wathi: “Namanje, kufanele ngihlakulele isimo sengqondo esiqondile ukuze ngisebenzelane nalezidakamizwa, ‘ngosizo’ lwemithi, ngaba ngcono. Ngasigcina futhi isimiso sansuku zonke sokuvivinya umzimba.”

Nokho, ukusebenzisa izinto ezidambisa ukucindezeleka akuphumeleli njalo. Kukhona futhi imiphumela eseceleni ekhathazayo yezinye zazo. Futhi ngisho noma ukusebenza kabi kwamakhemikhali kulungisiwe, kodwa ukucabanga komuntu kungalungisiwe, ukucindezeleka kungase kubuye. Nokho, ukukhululeka okukhulu kungenzeka ngokufisa uku...

Veza Imizwa Yakho

USarah wacasulwa kakhulu umthwalo wakhe onganhlanye womthwalo wemfanelo womkhaya ayewuthwele, kanye nokucindezela komsebenzi wokuziphilisa. (Bheka ikhasi 21.) “Kodwa ngamane ngayivalela ngaphakathi kimi imizwa yami,” kuchaza uSarah. “Khona-ke ngobunye ubusuku lapho ngizizwa ngingenathemba, ngashayela udadewethu omncane ucingo, futhi okokuqala ekuphileni kwami, ngaqala ukuthulula imizwa yami. Lokhu kwaba uguquko, njengoba lolocingo lwaletha ukukhululeka.”

Ngakho-ke, uma ucindezelekile, funa umuntu onozwela ongase uthululele isifuba sakho kuye. Angase abe umngane womshado, umngane oseduze, isihlobo, isikhonzi, udokotela, noma umeluleki oqeqeshiwe. Enye yezinto ezibaluleke kakhulu ekunqobeni ukucindezeleka, ngokokuhlola okwabikwa kuJournal of Marriage and the Family, “kuwukuba nomsizi zokusekela ozoxoxa naye ngezinsizi zokuphila.”

Ukuxoxa ngemizwa yakho kuyindlela yokwelapha evimbela ingqondo yakho ekuzameni ukugwema iqiniso lenkinga noma ukulahlekelwa futhi ngaleyondlela iyishiye ingaxazululiwe. Kodwa veza imizwa yakho yangempela. Ungawuvumeli umqondo wokumbuluza, ufuna ukuba isimo sokungalugqiziqakala usizi, sikuvimbele. “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa, kepha izwi elihle liyayithokozisa.” kusho izAga 12:25. Nokho, kungokukhuluma kuphela okungenza abanye baqale ukuba baqonde “ukukhathazeka” kwakho khona-ke banikeze “izwi elihle” lesikhuthazo.

“Ngangimane ngifuna uzwela lapho ngishayela udadewethu ucingo, kodwa ngathola okwengeziwe,” kukhumbula uSarah. “Wangisiza ngabona lapho ukucabanga kwami kwakungalungile khona. Wangitshela ukuthi ngangizithwesa umthwalo wemfanelo omningi kakhulu. Nakuba ekuqaleni ngingathandanga ukuzwa lokhu, lapho ngiqala ukusebenzisa iseluleko sakhe, ngezwa ukuthi umthwalo omkhulu waqala ukusuka.” Yeka indlela amazwi ezAga 27:9 ayiqiniso ngayo: “Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo; bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo.”

Kumnandi ukuba nomngane noma umlingani okhuluma ngokuthe ngqo futhi akusize ukuba ubheke izinto njengoba zinjalo. Lokhu kungakusiza ukuba ubhekane nenkinga eyodwa kuphela ngesikhathi. Ngakho-ke kunokuba uzivikele, yazisa “isiqondiso esihlakaniphile” esinjalo. Ungase udinge othile, emva kwezingxoxo eziningana, ongase abeke imigomo ethile yesikhashana engase ibonise izinyathelo ongazithatha ukuze ushintshe noma wenze ngcono isimo sakho ukuze unciphise noma uqede umsuka wokucindezeleka ngokwemizwelo.b

Ukulwa nokucindezeleka ngokuvamile kudinga ukulwisana nemizwa yokwehla kwezinga lokuzihlonipha. Lemizwa ingavinjelwa kanjani ngokuhlakanipha?

Ukulwa Nokwehla Kwezinga Lokuzihlonipha

Ngokwesibonelo, uMaria, njengoba isihloko esandulelayo sibonisa, wacindezeleka ngemva kwezingxabano phakathi komkhaya wakubo. Waphetha: ‘Ngingumuntu omubi kakhulu futhi akukho engingakwenza kahle.’ Lokhu kwakungelona iqiniso. Ukuba nje wayesezihlaziyile iziphetho zakhe, wayeyozihlola ngokucabanga ngalendlela: ‘Ezinye izinto ngizenza kahle ezinye kabi, njengabanye abantu nje. Ngenza amaphutha ambalwa, futhi ngidinga ukusebenzela ekubeni ngizindle ngokwengeziwe, kodwa lokhu masingakwenzi into enkulu.’ Ukucabanga kanjalo kwakuyoshiya ukuzihlonipha kwakhe kungaphazamisekanga.

Ngakho-ke ngokuvamile lelozwi langaphakathi eligxeka ngokweqile esilahlayo alilungile! Eminye yemicabango ephambene engokoqobo ebanga ukucindezeleka ibhalwe ebhokisini elikulesihloko. Funda ukubona imicabango enjalo eyiphutha futhi uhlole ukuba yiqiniso kwayo.

Esinye isisulu sokulahlekelwa ukuzihlonipha kwakunguJean, umzali oyedwa oneminyaka engama-37. “Ngangisebunzimeni ngizama ukondla abafana ababili. Kodwa lapho ngibona abanye abazali abangabodwa beshada, ngacabanga, ‘Kumelwe ukuba kukhona okungalungile ngami,’ ” echaza. “Ngokugxila kuleyomicabango engaqondile, lokhu kwakhula ngamandla, futhi ngagcina sengisesibhedlela ngenxa yokucindezeleka.”

UJean waqhubeka: “Ngemva kokuphuma esibhedlela, ngafunda kuPhaphama! kaMarch 8, 1982, uhlu ‘Lwemicabango Engase Ibangele Ukucindezeleka’ Ubusuku ngabunye ngangifunda loluhlu. Eminye yemicabango engalungile kwakuyile, ‘Ukubaluleka kwami njengomuntu kuxhomeke kulokho abanye abantu abakucabangayo ngami’ ‘Akumelwe neze ngidumazeke; ngaso sonke isikhathi kufanele ngijabule futhi ngithokoze’ ‘Kumelwe ngibe umzali ophelele.’ Ngangithambekele ekufuneni ukungabi naphutha, ngakho-ke ngokushesha lapho sengiqalisa ukucabanga ngaleyondlela ngangithandaza kuJehova ukuba angisize ngiyeke. Ngafunda ukuthi ukucabanga okuphambene kuholela ekulahlekelweni ukuzihlonipha, ngoba ubona inkathazo kuphela ekuphileni kwakho hhayi okuhle lokho uNkulunkulu akuphe khona. Ngokuziphoqelela ukuba ngigweme imicabango ethile engalungile, ngakuqeda ukucindezeleka kwami.” Ingabe eminye yemicabango yakho idinga ukuvivinywa noma ukuqedwa?

Ingabe Iphutha Lami?

Nakuba uAlexander ayecindezeleke kakhulu, waphumelela ukufundisa esikoleni. (Bheka ikhasi 17.) Lapho ezinye zezingane azifundisayo zingaphumeleli esivivinyweni sokufunda esibaluleke kakhulu, wazibulala. UEsther umkakhe wabika: “Waba nomuzwa wokuthi wayehlulekile. Ngamtshela ukuthi kwakungelona iphutha lakhe. Ngeke uphumelele ngokuphelele.” Nokho, umuzwa wakhe wokuba nacala onamandla wavala ingqondo yakhe futhi wamholela ekuzibulaleni. Ngokuvamile umuzwa wokuba necala wokweqisa ubangelwa ukuvuma umthwalo wemfanelo ongeyiwo wokuziphatha kwabanye abantu.

Ngisho nasendabeni yengane, umzali angakuthonya ngamandla ukuphila kwayo kodwa akanakuyilawula ngokuphelele. Uma okuthile kungahambi njengoba usuhlelile, zibuze: Ingabe ngibhekane nezehlakalo ebezingalindelekile ezingaphezu kwamandla ami?

(Umshumayeli 9:11) Ingabe ngokunengqondo ngiye ngenza konke ebengingakwenza okusemandleni ami angokomzimba, angokwengqondo, nangokwemizwelo? Ingabe amathemba ami abemakhulu kakhulu? Ingabe ngidinga ukufunda ukulinganisela futhi ngibe nesizotha ngokwengeziwe?—Filipi 4:5.

Kodwa kuthiwani uma wenza iphutha elingathi sina, futhi kuyiphutha lakho? Ingabe ukuqhubeka nemicabango yokuzisola kuyolishintsha iphutha? Ingabe uNkulunkulu akafisi yini ukukuthethelela ‘kakhulu’ uma uphenduka ngempela? (Isaya 55:7) Uma uNkulunkulu ‘engayikuthetha njalonjalo,’ ingabe kumelwe uzijezise ngokuphila kokukhathazeka ngokwengqondo ngalokho kona okunjalo? (IHubo 103:8-14) Okuyojabulisa uJehova uNkulunkulu futhi kudambise ukucindezeleka kwakho akukhona ukudabuka okungapheli kodwa ukuthatha izinyathelo eziqondile ‘zokulungisa okungalungile.’—2 Korinte 7:8-11.

‘Khohlwa Okungasemuva’

Ezinye zezinkinga zethu ezingokomzwelo kungenzeka zaqalisa esikhathini esidlule, ikakhulukazi uma sasiyizisulu zokuphathwa okungalungile. Zimisele ukuthethelela futhi ukhohlwe. ‘Ukukhohlwa akulula!’ ungase ucabange. Yiqiniso, kodwa kungcono kunokubhubhisa konke ukuphila kwakho ngokugxila kokungeke kulungiswe.

Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni.” (Filipi 3:13, 14) uPawulu akagxilanga ebubini ayebenze esesenkolweni yobuJuda, kuhlanganise ngisho nokuvumela ukubulala. (IzEnzo 8:1) Cha, wasebenzisa amandla akhe ekufanelekeleni umklomelo wesikhathi esizayo wokuphila okuphakade. NoMaria wafunda ukukhohlwa okwesikhathi esidlule. Ngesinye isikhathi wasola unina ngendlela amkhulisa ngayo. Unina wayegcizelele ubuhle obukhethekile kanye nobuhle bomzimba; ngakho-ke, uMaria wafuna ukuba ophelele futhi wathambekela ekubeni nomona ngodadewabo owayekhanga.

“Lomona oyisisekelo wawuwumsuka wezingxabano, kodwa ngawusola umkhaya wakithi ngendlela engenza ngayo. Khona-ke ngafika ephuzwini lapho ngacabanga, ‘Empeleni, kwenza mehluko muni ukuthi kwakuyiphutha likabani?’ Mhlawumbe nginezici ezimbi ngenxa yendlela uMama angikhulisa ngayo, kodwa iphuzu liwukwenza okuthile ngakho! Ungaqhubeki nokwenza ngaleyondlela.” Leliqiniso lamsiza uMaria wenza ushintsho olungokwengqondo oludingekayo ukuze anqobe ekulweni kwakhe nokucindezeleka.—IzAga 14:30.

Ukubaluleka Kwakho Kwangempela

Zonke izici esezicatshangelwe, ukulwa ngokuphumelelayo nokucindezeleka kudinga ukuba nombono olinganiselwe wokubaluleka kwakho siqu. Umphostoli uPawulu wabhala, “Ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kubengokuqonda.” (Roma 12:3) Ukuqhosha okungalungile, ukungakunaki ukulinganiselwa kwethu, nokufuna ukuphelela konke kuwukuzibona singaphezu kwalokho esiyikho. Lezizejwayezi kumelwe zivinjelwe. Nokho, gwema ukweqisa.

UJesu Kristu wagcizelela ukubaluleka komfundi ngamunye wakhe ngokuthi: “Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.” (Luka 12:6, 7) Sibaluleke kanjalo kuNkulunkulu kangangokuba uqaphela ngisho nomniningwane omncane kakhulu ngathi. Wazi izinto ngathi esingazazi thina ngokwethu ngoba ukhathalela ngokujulile ngamunye wethu.—1 Petru 5:7.

Eqaphela isithakazelo sakhe siqu uNkulunkulu ayenaso ngaye, kwamsiza uSarah ukuba athuthukise imizwa yakhe yokubaluleka. “Nganginomuzwa wokwesaba uMdali, kodwa manje ngaqaphela ukuthi wayengikhathalela njengomuntu. Kungakhathaliseki ukuthi izingane zami zenzani, kungakhathaliseki ukuthi umyeni wami wenzani, kungakhathaliseki indlela umama nobaba abangikhulisa ngayo, ngaqaphela ukuthi nganginobuhlobo bomuntu siqu noJehova. Khona-ke ukuzihlonipha kwami kwaqala ukukhula ngempela.”

Njengoba uNkulunkulu eqaphela izinceku zakhe njengeziyigugu, ukubaluleka kwethu akuncikile ekwamukelweni abanye abantu. Yiqiniso, ukungamukelwa akujabulisi. Kodwa uma sisebenzisa ukwamukela kwabanye noma ukungemukeleki n j engento yokulinganisa esilinganisa ngayo ukubaluleka kwethu siqu, sizenza ngokwethu ukuba sihlaselwe ukucindezeleka. iNkosi uDavide, indoda eyayivumelana noNkulunkulu, kwesinye isenzakalo yabizwa ngokuthi “muntu omubi,” okungukuthi “umuntu ongento yalutho.” Nokho, uDavide waqaphela ukuthi lowo owayembiza kanjalo wayenenkinga, futhi akazange akubheke lokho kubizwa kwakhe kanjalo njengokuyisahlulelo sokugcina sokubaluleka kwakhe siqu. Eqinisweni, njengoba abantu ngokuvamile benza, kamuva ushimeyi waxolisa. Ngisho noma umuntu ekugxeka ngokungafanele, kuqaphele njengokuqondiswe entweni eqondile oyenzile, hhayi ukubaluleka kwakho njengomuntu.—2 Samuweli 16:7; 19:18, 19. Isifundo somuntu siqu sikaSarah seBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini nokuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova kwamsiza ekubekeni isisekelo sobuhlobo noNkulunkulu. “Kodwa isimo sami sengqondo esishintshile ngomthandazo sasiwusizo olukhulu kakhulu,” kukhumbula uSarah. “Ngangivame ukucabanga ukuthi sithandaza kuNkulunkulu ngezinto ezinkulu kuphela futhi akumelwe simhluphe ngezinkinga ezincane. Manje nginomuzwa wokuthi ngingakhuluma naye nganoma yini. Uma ngesaba ukwenza isinqumo, ngimcela ukuba angisize ngithule futhi ngilinganisele. Ngasondela ngisho nangokwengeziwe lapho ngibona esabela emithandazweni yami futhi engisiza ukuba ngiphumelele usuku ngalunye nasesimweni ngasinye esivivinyayo.”—1 Johane 5:14; Filipi 4:7.

Ngempela, isiqinisekiso sokuthi uNkulunkulu unesithakazelo somuntu siqu kuwe, uyakuqonda ukulinganiselwa kwakho, futhi uzokunika amandla okuzama usuku ngalunye kuyisihluthulelo ekulweni nokucindezeleka. Nokho, ngezinye izikhathi, kungakhathaliseki ukuthi wenzani, ukucindezeleka kuhlale kukhona.

Ukubekezela, ‘Ihora Ngalinye’

UEileen, umama oneminyaka engama-47 oye walwa nokucindezeleka okukhulu iminyaka eminingi uyakhala: “Sengizame yonke into, kuhlanganise nokudla okwakha umzimba nezindlela zokunqoba ukucindezeleka. Ngiye ngafunda ukulungisa ukucabanga okungalungile, futhi lokhu kuye kwangisiza ngaba umuntu olinganisela ngokwengeziwe. Kodwa ukucindezeleka kusekhona.”

Ukuthi ukucindezeleka akupheli akusho ukuthi awulwi nakho ngokuhlakanipha. Odokotela abazazi zonke izindlela zokwelapha ukuphazamiseka kwemizwa. Kwezinye izimo ukucindezeleka kuwumphumela oseceleni weminye imithi esetshenziswa ekwelapheni ukugula okungathi sina. Ngakho, ukusetshenziswa kwemithi enjalo kuwukwenana ngenxa yezinzuzo ezingase zibe khona ekwelapheni enye inkinga.

Ngempela, ukuthululela imizwa yakho komunye umuntu oqondayo kuyasiza. Nokho, akekho omunye umuntu ongakwazi ngempela ukujula kobuhlungu obuzwayo. Nokho, uNkulunkulu uyazi futhi uyosiza. “UJehova uye wanginika amandla okuba ngiqhubeke ngizama,” kwembula uEileen. “Akazange ayeke ukungikhuthaza, futhi unginike ithemba.”

Ngosizo lukaNkulunkulu, ukusekela kwabanye okungokwemizwelo, nemizamo yakho siqu, ngeke unqotshwe ukuze uyeke. Ngokuhamba kwesikhathi ungabhekana nokucindezeleka, njengoba ubungenza nganoma yikuphi okunye nje ukugula okungapheli. Ukubekezela akulula, kodwa kuyenzeka! UJean, owayenokucindezeleka okunzima okwakuqhubeka, wathi: “Sasingabhekani nakho ngisho usuku ngalunye. Kwakungaphezulu cishe ihora ngalinye.” Bobabili uEileen noJean, ithemba elithenjiswe eBhayibhelini labaqinisa. Iliphi lelothemba?

UNkulunkulu ucabangela ngisho nemzilili emincane njengebalulekile, ngakho-ke uNkulunkulu usicabangela njengababaluleke kakhulu kangakanani

Ithemba Eliyigugu

lBhayibheli likhuluma ngesikhathi esizayo esiseduze lapho kuthiwa uNkulunkulu “azesule izinyembezi zonke emehlweni [esintu]; ukufa akusayikubakhona; nokudabuka, nokukhala,; nobubha n gu akusayikubakhona; ngokuba okokuqala kudlulile/-(IsAmbulo 21:3, 4) Khona-ke uMbuso kaNkulunkulu uyoletha ukuphulukiswa okuphelele okungokomzimba nokungokwengqondo kuzo zonke izikhonzi zawo zasemhlabeni.—IHubo 37:10, 11, 29”

Akukhona nje ukuthi kuzosuswa ubuhlungu obungokomzimba kuphela kodwa ukucindezeleka kwemizwelo okubuhlungu nokukhathazeka kwenhliziyo nakho kuyophela. UJehova uyathembisa: “Izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni. Kepha jabulani, nethabe kuze kubephakade ngengikudalayo.” (Isaya 65:17, 18) Yeka ukukhululeka okuyoba yikho esintwini ukuba sikhululwe ezinkathazweni zesikhathi esidlule nokuvuka usuku ngalunye sinezingqondo ezikhululekile, ezishisekela ukubhekana nomsebenzi wosuku! Abantu abasenakuhlushwa usizi lwesimo sokucindezeleka.

‘Kungasekho ukufa, ukudabuka, noma ukukhala,’ uyobe ungasekho nomuzwa wokulahlekelwa okwesabekayo nokucindezeleka ngokwemizwelo kwansuku zonke manje okuholela ekucindezelekeni Njengoba umusa wothando, iqiniso, nokuthula kuyoba sokusebenzelaneni abantu abanakho komunye noimmye, izingxabano ezimbi ziyophila. (IHubo 85:10, 11) Njengoba imiphumela yesono isusiwe, yeka injabulo okuyoba yiyo ekugcineni ukwazi ukufinyelela ngokuphelele endinganisweni kaNkulunkulu, yokulunga futhi sibe nokuthula okukhulu kwangaphakathi!

Lelithemba elijabulisayo, liyimbangela enkulu yokuzigcina ulwa, kungakhathaliseki ukuthi ukucindezeleka kuba nzima kangakanani. Ngoba emhlabeni omusha kaNkulunkulu, abantu abaphelelisiwe bayobe sebekunqobe ngokuphelele ukucindezeleka. Yeka izindaba ezinhle lokho okuyizo!

[Imibhalo yaphansi]

a Umngane oyisifuba somuntu ocindezelekile akumelwe agweme kuphela izinkulumo ezahlulelayo ezizonezela emizweni yecala yalowomuntu neyokungabinto yalutho kodwa futhi angabi nombono wokuhle ngokungelona iqiniso. Umagazini wethu olandelayo uzoba nokwaziswa kokuthi abanye bangabasiza kanjani abantu abacindezelekile.

b IPhaphama! ayivumeli noma iphakamise noma yiluphi uhlobo lokwelapha kodwa inikeza ukwaziswa kwamuva okuwusizo. Bheka isihloko esithi “Attacking Major Depression—Professional Treatments” kumagazini wethu wesiNgisi kaOctober 22, 1981. Ukuzu unqobe ukuba nomoya ophansi, okwehluke ngokuphelele ekucindezelekeni okukhulu, bheka isihloko esithi “How Can I Get Rid of the Blues?” kumagazini wethu wesiNgisi kaOctober 8, 1982.

[Ibhokisi ekhasini 27]

Izindlela Zokucabanga Eziphambene

Ukucabanga kalula nje: Ubona izinto njengezimbi ngokuphelele noma ezinhle ngokuphelele. Uma izenzo zakho zikhombisa ukungapheleli, uzibheka njengesehluleki esikhulu.

Ukuzibheka njengesehluleki: Ubona isehlakalo esisodwa esibi njengento engenakuphela. Ngokwesibonelo, ngemva kwempikiswano nomngane, ungase uphethe: ‘Ngilahlekelwa yibo bonke abangane bami. Akukho okungilungelayo.’

Ukushalazela okuhle: Awukunaki okuhlangenwe nakho okuhle ngokuqinisa ngokuthi “akusho lutho” noma, “akungifanele.” Ngokugxila emniningwaneni owodwa omubi, wonke umbono wakho uyafiphala.

Ukugijimela eziphethweni: Ngokunganaki uphetha ngokuthi othile akakuthandi, futhi awuzihluphi ngokuhlola lokhu. Noma ukholwa ngokuphelele ukuthi izinto ziyohlala zihamba kabi njalo.

Ukwenza kubaluleke noma ubukele phansi: Weqisa ukubaluleka kwezinto (njengephutha lakho siqu noma izenzo zothile) noma ubukele phansi izinto zize zibonakale zincane (izimfanelo zakho ezifiselekayo noma ukungapheleli komunye umuntu.) Izehlakalo ezimbi ezivamile uzenza izinhlekelele ezimbi kakhulu.

Ukuzibeka icala: Uzibona uyimbangela yesenzakalo esibi esingabalulekile leso, eqinisweni, owawungahilelekile kakhulu kuso.

Isekelwe kwethi Feeling Good—The New Mood Therapy, nguDavid D. Burns, M.D.

[Isithombe ekhasini 26]

Ukuthululela imizwa yakho kumuntu oyisifuba sakho onozwela kungaba indlela yokwelapheka futhi kunikeze ukukhululeka okukhulu ngile!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela