Kungani ISonto Lami Lihlukene?
UKWEHLUKANA okwenzeka ngaphakathi kweSonto lamaKatolika kusobala kangangokuthi amaKatolika amaningi aqotho azizwa njengomphostoli uPawulu, owabhalela amaKristu ahlukene aseKorinte: “Kukhona ukuphikisana phakathi kwenu. . . . UKristu wahlukanisiwe yini?”—1 Korinte 1:11, 13.
AmaKatolika amaningi aqaphelayo abona kahle kamhlophe ukuthi ubuKristu akumelwe ‘buhlukaniswe.’ AmaKatolika, kunabanye abaningi abathi bangamaKristu, ayabuqaphela ubunye benkolo yobuKristu beqiniso. Ayecabanga ukuthi ayenenkolo enobunye obunjalo eSontweni lamaKatolika. Ayecabangela ubuProthestani njengengxubevange edidekile yezinkolo eziphikisanayo. Kubo, iSonto lamaKatolika lalimelele ukuqina, futhi ngaphezu kwakho konke, ubunye. Manje adidekile.
Kungani Lihlukene?
ISonto lamaKatolika lihlukene phakathi kwafuna uguquko, nabambelele emasikweni esonto kanye navamile ahambisana nezinguquko ezenziwa eMhlanganweni Wesibili WaseVatican. AmaKatolika amaningi afuna uguquko ashumayela izimfundiso ezihlukahlukene zemfundiso yenkolo yenkululeko lezo ezivumela uguquko lwezombangazwe. Amanye aye asondela kakhulu ekwamukeleni inqubo yobuKhomanisi futhi asekela ngisho nokusetshenziswa kwezikhali. Nokho, uMqambi wobuKristu watshela abafundi bakhe: “Kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni. . . . Umbuso wami awusiwo owalelizwe.”—Johane 15:19; 18:36.
AmaKatolika abambelele emasikweni esonto avikela amasiko enziwe umuntu nomthetho wesiLatini ongahlehleli emuva ezikhathini zeBhayibheli, njengoba ulimi lobuKristu basendulo kwakuyisiGreki, hhayi isiLatini. Ngaphezu kwalokho, ngokungabekezeli, nobumpi babo, ingabe abaphikisi yini ukusho kwabo ukuthi bangamaKristu? UHenri Fesquet, owayengumlobi wohlu lwenkolo kuLe Monde yansuku zonke yesiFulentshi, wabhala: “Umbukiso wokuthukana kwamaKristu [amaKatolika] nokuxabanela izindawo zokukhulekela kuwubufakazi obuphambene obubuyela kubo. Kusizani ukushumayela ukukhanya egameni leVangeli uma izenzo zomuntu zihlanekezela amazwi akhe?”
UJesu watshela abaFarisi: “Nilenzé labayize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.” (Mathewu 15:6) AmaKatolika amaningi aqotho azizwa ngendlela efanayo ngamaKatolika anamuhla abambelele emasikweni esonto.
Womabili amaKatolika afuna uguquko nalawo abambelele emasikweni esonto (ngezizathu ezihlukene) acabanga ukuthi uMhlangano Wesibili WaseVatican uye wakhiqiza amaKatolika amaningi avamile abuthakathaka. Abalobi uPuyo noVan Eersel baxoxa nesazi sefilosofi esingumKatolika saseFrance uJean Guitton, ilungu lesikole Semfundo Ephakeme eFrance. Bafingqa imizwa yakhe ngalendlela: “Imfundiso yamaKatolika, umsuka weSonto, kuyaphikisana, abashiseka kakhulu phakathi kwabathembekile bazinikela ngokukhethekile kwezombangazwe, intsha engamaKristu [amaKatolika] ngokungaphazanyiswa ihlanganyela ubulili ngaphambi komshado, akekho owazi indlela yokusebenzisa okwashiwo eMhlanganweni [waseVatican] ngokuyikho, futhi bonke abantu bakaNkulunkulu badidekile.”
Ngokuqondakalayo, amaKatolika aqotho ayabuza, ‘Kungani isonto lami lihlukene?’ Impendulo ithi: Ngoba akukho neyodwa yezingxenye zalo ezihlukahlukene eyamukela iBhayibheli njengokuwukuphela kwegunya leqiniso lokuchaza isimo samaKristu eqiniso kuzo zonke izindaba. Ngakho-ke ahlukaniswe izimfundiso ezihlukene nokuchazwa kwamasiko.
Yini AmaKatolika Aqotho Angayenza?
Ngesinye isikhathi ngo-1981, amaKatolika abambelele emasikweni esonto aphazamisa inkonzo ehlanganise izinkolo eyayenzelwa esontweni lamaKatolika eParis. UMbhishobhi omkhulu (manje osenguKhadinali) uLustiger waseParis watshela labo abasala esontweni ngemva kokuphazamisa: “Size lapha ukuzocela izipho zoMoya ezihlanganisa futhi amadodana ahlakazekile. Kunalokho, siye sabona isibuko sokwehlukana phakathi kwamaKristu, umfanekiso weBabele.”
IBabele kwakuyilapho uNkulunkulu asanganisa khona ulimi lwalabo ababeqhuba inkolo yamanga. (Genesise 11:1-9) Kamuva, kwaba isakhiwo somuzi waseBabiloni, umthombo wethempeli elididekile lonkulunkulu nonkulunkulukazi. EBhayibhelini laba uphawu lwesimiso senkolo somhlaba wonke senkolo edidekile. ITheological Wordbook of the Old Testament ithi: “Ngisho nasekhulwini lokuqala leminyaka A.D., [umphostoli] uJohane wabhekisela esimisweni senkolo, iBabiloni, ‘njengoNina wezifebe nowamanyala omhlaba.’ (IsAm. 17:5).”
Libhekisela kuleliBabiloni elingokomfanekiso, noma umbuso wezwe wenkolo yamanga, iBhayibheli limema bonke abantu abaqotho ukuba bathathe isinyathelo ngokushesha, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo!”—IsAmbulo 18:4.
Abantu abaningi abaqotho bayazishiya izinkolo ezihleliwe zeLobukholwa. Ngokwesibonelo, owayengumKatolika ogxilile ohlala ezintabeni iAlps zaseFrance ngokuzenzekelayo wabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova okulandelayo: “Maqondana nesiko leSonto lamaKatolika elineminyaka eyi-1 000, ngabhapathizelwa okholweni lamaKatolika ngisemncane. NgangiwumKatolika okhuthele iminyaka engama-50. Ngawo-1980, ngakholwa ukuthi iSonto lamaKatolika laliphambukile. Ngadumazeka kabi futhi ngashaqeka kakhulu. Ngaba nezimpikiswano eziningi nabapristi ababengazihloniphi izifungo zabo. Eminyakeni eminingana ngangizwile ngoFakazi BakaJehova, bekhulunyelwa kabi kakhulu. Ngemva kwesikhathi eside sokucabanga, ngabavulela umnyango wami. Bangisiza ukuba ngibone ukuthi iBhayibheli liqukethe izimpendulo zemibuzo yethu. Ngaqaphela nokuthi ngemva kweminyaka engama-50 yenkonzo yenkuthalo eSontweni lamaKatolika, ngangingazilutho ngeBhayibheli, nakuba nganginalo. KwakungoFakazi abangisiza ‘ngathola’ iBhayibheli.”
UGinette, ohlala eduze naseParis, naye wayengumKatolika ogxilile. Eqinisweni, lapho umyeni wakhe eqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, wenza konke ayengakwenza ukuze amvimbele, futhi wagcina isimo sakhe sokuphikisa iminyaka eminingi. Yini eyamenza washintsha? Uyabhala: “Ngalahlekelwa ithemba. Isonto lalingasangizuzisi ngalutho. Okokuqala, ngahlela ukuhlangana ngokoqobo phakathi kompristi wami noFakazi. Kodwa ngokushesha ngabona ukuthi umpristi wayehluleka ukuphendula imibuzo yabo.” UGinette wasamukela isifundo seBhayibheli noFakazi. Manje yena nomyeni wakhe bakhonza uNkulunkulu ngenjabulo nomkhaya onobunye wezizwe zonke woFakazi BakaJehova.
Uma udidekile futhi ukhathazekile ngenxa yokwehlukana kwangaphambili esontweni lakho, sikumema ukuba ufune ulwazi olwengeziwe kuFakazi okunike lomagazini noma ubhalele abahleli. OFakazi BakaJehova bayojabulela ukukusiza ukuba uthole umkhaya wamaKristu onothando wezizwe zonke onobunye beqiniso ekukhulekeleni kwawo uNkulunkulu.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 28]
“Kusizani ukushumayela ukukhanya egameni leVangeli uma izenzo zomuntu zihlanekezela amazwi akhe?”—I“Le Monde” yansuku zonke yesiFulentshi
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
“Siye sabona isibuko sokwehlukana phakathi kwamaKristu, umfanekiso weBabele.”—UKhadinali Lustiger waseParis