Kungani “Kunokukhathazeka Okujulile”?
UPAPA JOHN PAUL II wazwakalisa “ukuphelelwa yithemba” ngokuqhekeka kwenhlangano yamaKatolika abambelela emasikweni esonto yoMbhishobhi Omkhulu uLefebvre. Wathi, isonto lasabela “ngokudabuka okukhulu.”
Umpristi ongumKatolika uJoaquín Ortega, oyisekela likanobhala wengqungquthela yababhishobhi bamaRoma Katolika eSpain, wakhala ngalesimo: “Siye sawela ‘ebuKatolikeni basemakethe enkulu.’ Abantu bayakhetha ezintweni abazithanda bona njengokungathi izimfundiso zethu zingamathini anemifino.”
UMbhishobhi Omkhulu uLefebvre ubambelela kwelokuthi uMkhandlu Wesibili waseVatican walahla iSonto lamaKatolika elibambelela emasikweni, wenza isonto livulekele izinguquko. Khona-ke, unomuzwa wokuthi, umkhandlu wazamazamisa inkolelo yamaKatolika yokuthi asesontweni eliwukuphela kweliyiqiniso.
Isonga izimpikiswano zikaLefebvre nabalandeli bakhe, i-International Herald Tribune yabhala: “Ababambelela emasikweni esonto baphikisa ngokuthi kungaba ukuthi isonto lalisephutheni ngaphambi komkhandlu, noma lisephutheni manje, kodwa akunakuba yikho kokubili. Bathi, uma laba sephutheni ngaphambi komkhandlu, khona-ke kungenzeka lalisephutheni nangezinye izimfundiso. Umbhishobhi omkhulu wathi, ‘Silapha ukuze sibonise ukunamathela kwethu esontweni osekuyisikhathi eside likhona.’
Nokho, amaKatolika amaningi aqotho ayazibuza ukuthi engabe lokho isonto langaphambi kweVatican II elalikufundisa nelalikwenza kwakuyiqiniso yini noma kwakuyiphutha.
AmaKatolika Anomqondo Ovulekile Akhathazekile
AmaKatolika amaningi anomqondo ovulekile akhathazekile ngokuthi lokho akubheka njengezinyathelo zentuthuko ezathathwa eVatican II kuyalinyazwa ngenxa yendaba kaLefebvre. Asatshiswa yizinkulumo zamuva ezingokomthetho zeVatican, ezinjengalezo ezishiwo uKhadinali Ratzinger, unogada wesiko lamaKatolika. Ungumholi wenhlangano yeVatican leyo emakhulwini amane eminyaka eyayaziwa njengeBandla Lokuqulwa Kwamacala Ezihlubuki Okungcwele.
UKhadinali Ratzinger, isikhulu seBandla Elingcwele Lemfundiso Yokholo, eRome, wathi: “Uqhekeko luba khona kuphela lapho abantu sebeyekile ukuphila nokuthanda amaqiniso athile nezindinganiso zokholo lobuKristu.” AmaKatolika athuthukayo ayesaba ukuthi ukhadinali wayecabanga ‘ngamaqiniso nezindinganiso’ okwakwenza iSonto lamaRoma Katolika lihluke ezinsukwini zangaphambi kweVatican II.
Sizwakalisa ukwesaba okunjalo, isihloko esithi “Inkokhelo Yoqhekeko,” esakhishwa ephephandabeni laseFrance iMonde, sathi: “Ubani owaziyo noma iVatican—ngokungazi noma ngokungavumi—ayiqali ukwenza ‘izimfundiso eziyisiko ngaphandle kukaLefebvre’? . . . Ingabe [iVatican] manje ayizami ukuzuza kabusha abefundisi nabantu besonto abathambekele ekuthandeni isiko futhi ngaphezu kwakho konke iqinise kabusha igunya lamaKatolika nezindinganiso lapho zibekelwa khona inselele obala kakhulu, ikakhulukazi eNtshonalanga Yurophu naseNyakatho Melika?”
Abefundisi Abangavumelani Nesimiso
NgoJanuary 1989, abefundisi bamaKatolika abangu-163 baseNtshonalanga Jalimane, eNetherlands, eAustria, naseSwitzerland bakhipha isitatimende manje esaziwa njengeSimemezelo SaseCologne. Emasontweni alandela, bajoyinwa amakhulu abefundisi bamaKatolika akwamanye amazwe, kuhlanganise neItaly. Igagasi lokungavumelani nesimiso labangelwa ukukhetha kweVatican ngokubona kwayo umfundisi ongalufuni uguquko ukuba abe ngumbhishobhi omkhulu wamaKatolika waseCologne, eJalimane, ngokumelene nezifiso zesigungu esiphethe sabefundisi bendawo. Kodwa ukungavumelani kwadlulela ngalé kokumiswa kwababhishobhi beqembu eliphikisayo elilwela amasiko esonto. Kwahlanganisa izinyathelo zokusola ezathathwa iVatican zokuthulisa abefundisi ababebonisa “ukucabanga kwabefundisi okwakugcizelelwa uMkhandlu Wesibili waseVatican.” Abefundisi futhi bangabaza ilungelo likapapa lokufaka imibono yakhe “endimeni yemfundiso eyisimiso,” ikakhulukazi ngokuphathelene nokulawula inzalo.
Esabela kulesimemezelo, uKhadinali Ratzinger ngokungagwegwesi wathi labo abenqaba ukuma kweVatican endabeni yokulawulwa kwenzalo nesehlukaniso bawuhumusha ngokungeyikho “unembeza” “nenkululeko” futhi baphula imfundiso eyisiko yesonto. Muva nje ukhumbuzé abefundisi baseU.S. ukuthi akumelwe bavumele imfundiso yabo ukuba ithonywe “ikhonsathi engavumelani” yabefundisi.
AmaKatolika Amaningi Adidekile
Umfundisi ongumKatolika waseFrance engxoxweni aba nayo neMonde wathi: “Bekungaba yiphutha ukuthi . . . lesiphithiphithi sithinta kuphela abefundisi. Bamane bazwakalisa ukukhathazeka okujulile kwamaKatolika amaningi.”
AmaKatolika amaningi aqotho ayazibuza ukuthi akunakwenzeka yini ukuthi umbhishobhi oyisihlubuki uLefebvre, nakuba axoshwa esontweni, ‘uhluliwe emzabalazweni kodwa wanqoba empini.’ Eqinisweni, kwenziwa izivumelwano nabalandeli bakaLefebvre ngomzamo wokubabuyisela emhlambini. IMisa seliphinde lashiwo ngesiLatin emasontweni amaningi amaKatolika, futhi ababhishobhi abangalufuni uguquko bamiswa ezikhundleni. Ngokuthakazelisayo, amaKatolika abambelela emasikweni esonto ayabuza: ‘Kungani uMonsignor Lefebvre axoshwa esontweni kanti abapristi bamaKatolika eHolland ababusisa “imishado” yongqingili nabapristi baseNingizimu Melika abasekela imfundiso yenkolo yenkululeko yokuvukela baseyingxenye yesonto?’
Konke lokhu kushiya amaKatolika amaningi edidekile. UmKatolika waseFrance wabhalela iphephandaba lamaKatolika iCroix (IsiPhambano): “AmaKristu avamile, njengami, ayahlupheka ngenxa yokuthi labo abahileleke [ekungavumelanini kwesonto] abazixoxi izinto futhi bafinyelele ekuvumelaneni. Abanye abantu bayazihlukanisa nomkhuba wenkolo, uma kuwukuthi abaphumi eSontweni.”
Akungabazeki ukuthi, abantu abanjalo abasiqondi isizathu esenza ukuba lokho abakubheka njengokuwukuphela kwesonto leqiniso kuhlukane kangaka. Ngisho nompristi ongumKatolika uRené Laurentin wabuza: “Kungani kunalokhu kwahlukana phakathi kwamaKristu?” Ake sicabangele kafushane ezinye izizathu zakho.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
“Ababambelela emasikweni esonto baphikisa ngokuthi kungaba ukuthi isonto lalisephutheni ngaphambi komkhandlu, noma lisephutheni manje, kodwa akunakuba yikho kokubili.”—International Herald Tribune.