“Ngangezinkanyezi ZeZulu”
“NGANDISE nokwandisa inzalo yakho, ibe-ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle.” (Genesise 22:17) UNkulunkulu wathembisa inzalamizi enguAbrahama ngalendlela. Nokho, isihloko samuva somagazini othi Bible Review sikhomba kulokho okubonakala kuyinkinga ngaleyongcaphuno.
IBhayibheli lishaya emhloleni ngokwesayensi lapho liqhathanisa inani lezinkanyezi ezisezulwini nezigidigidi zesihlabathi solwandle. Nokho, ukuthi inani lezinkanyezi liyizigidigidi ngokusobala kwakungaziwa ezikhathini zasendulo. IBible Review iyachaza: “Empeleni akukho zinkanyezi eziningi kangako ezulwini ezingabonwa ngeso lenyama. Izazi zezinkanyezi zisitshela ukuthi ngaphandle kohlobo oluthile lwesipopolo, singabona izinkanyezi eziyizi-2 000 kuya kweziyizi-4 000 kuphela, ngisho nasebusuku obucwathile.” IThe World Book Encyclopedia ithi “cishe izinkanyezi eziyizi-6 000 zikhanya ngokwanele ukuba zingabonwa ngaphandle kwesipopolo.”
Khona-ke, umuntu ukuchaza kanjani ukushaya emhloleni okuphawulekayo kweBhayibheli ekwenzeni lokhu kuqhathanisa? Enye incazelo ingaba ukuthi iBhayibheli “liphefumlelwe nguNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Nokho, isihloko esikuBible Review, sinikeza imininingwane yokuhlakaza lesiphetho ngokusikisela ukuthi mhlawumbe uAbrahama wayeyisazi sezinkanyezi! Kunalokho lenhlanganisela emangalisayo yezimo yalandelwa ngumbuzo othi: “Ingabe abasendulo babenezipopolo ezaziveza izinkanyezi iso lenyama elalingenakuzibona?” Ukuze sisekele lemfundiso, lesosihloko sacaphuna ubufakazi bokuthi izinhlayiya ezatholakala eNineve nakwezinye izindawo zasendulo kumelwe ukuba zazisebenza njengezingilazi zakuqala zesipopolo.
Nokho, ubufakazi bokuthi abasendulo babesebenzisa izingilazi ezinjalo ukuba bagqolozele izinkanyezi abuphili. Futhi ngisho nanoma izipopolo zasendulo zazikhona, kunabuphi ubufakazi bokuthi uAbrahama noma umlobi kaGenesise wayenaso? Eqinisweni, isithembiso sikaNkulunkulu kuAbrahama singesinye sezibonelo eziningi zokushaya emhloleni okungokwesayensi kweBhayibheli. Ngokusobala kwakungaphandle kosizo lwesipopolo lapho umprofethi uJeremiya ebika ukuphawula okushaya emhloleni ngokufanayo: ‘Ibandla lasezulwini alinakubalwa, nesihlabathi solwandle asinakulinganiswa.’—Jeremiya 33:22.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 23]
NASA photos