Izinkanyezi Zikuphathele Isigijimi!
NJENGOBA kubonisiwe ezihlokweni ezandulelayo, naphezu kwenkazimulo izinkanyezi ezinayo, umuntu wayenzelwe ukuba azibheke nje ngendlela eziyiyo—izinto ezingaphili ezibekwe emazulwini uMdali ngenxa yenjongo yakhe. Kwakungamelwe zikhulekelwe. Njengengxenye ephelele yendalo emangalisayo kaJehova engaphansi kwemithetho yakhe, izinkanyezi kwakumelwe ‘zilandise ngenkazimulo kaNkulunkulu’ futhi ngesikhathi esifanayo zisebenze njengomthombo wokukhanya kumuntu njengoba efeza injongo yoMdali ngaye.—IHubo 19:1; Duteronomi 4:19.
EBhayibhelini siyafunda: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.” (Duteronomi 18:10-12) U-Isaya wathi: “Mabasukume [abeluleki bakho], bakusindise abadabula izulu, nababheka izinkanyezi . . . Bheka, bayakuba-njengamabibi.”—Isaya 47:13, 14.
Esingakufunda Ezinkanyezini
Nokho, lezizinkanyezi ezingaphili zingasitshela okuthile uma sizimisele ukulalela. U-Edwin Way Teale wabhala: “Izinkanyezi zikhuluma ngobuncane bomuntu kwaphakade.” Yebo, lapho siqaphela ukuthi izinkanyezi eziyinqwaba esizibona ebusuku obucwathile ngeso lethu lenyama zabonwa okhokho bethu emakhulwini eminyaka adlule, ingabe akusenzi sithobeke? Asizizwa yini simhlonipha uMuntu Omkhulu owazidala “ekuqaleni” futhi kamuva wenza isintu? INkosi yakwa-Israyeli uDavide ngenhlonipho yabhala: “Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo, umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?” Amazulu kufanele asenze sizithobe futhi sizibuze ukuthi senzani ngokuphila kwethu.—Genesise 1:1; IHubo 8:3, 4.
Ngesinye isikhathi uDavide wathandaza: “Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami.” (IHubo 143:10) Umlando wokuphila kukaDavide ubonisa ukuthi umthandazo wakhe waphendulwa. Wafunda ukwenza intando kaNkulunkulu njengoba ihlelwe eMthethweni waKhe. Futhi wafunda ngenjongo yoMdali ngesintu, wabe esebhala ngayo. “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho . . . Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. . . . Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube-phakade. . . . Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” Ukwazi leyonjongo kwaletha umthwalo wemfanelo: “Deda kokubi, wenze okuhle.”—IHubo 37:10, 11, 27-29.
Izinkanyezi ziphathele sonke isintu isigijimi esifanayo. Ngaphandle kokuzikhulekela noma “ukuxhumana” nazo, singabona uthando loMdali, ukuhlakanipha, namandla okubonakaliswe kuzo. Isayensi yokuhlolwa kwezinkanyezi, ngokungafani nokufundwa kwezinkanyezi, kufanele igxilise inhlonipho ezinhliziyweni zethu. Kodwa ngaphezu kwalokho, ingabe ayisenzi yini sibe nesifiso sokufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu? Uye walungiselela iZwi lakhe, iBhayibheli, ngayo kanye leyonjongo. Uma uye wasiqonda lesisigijimi sezinkanyezi, ungafunda lokho uJehova akugcinele isintu futhi, okubaluleke nakakhulu, indlela ongahlanganyela ngayo ezibusisweni azilungiselele isintu. Uma unemibuzo ngoNkulunkulu nangenjongo yokuphila, zizwe ukhululekile ukuthintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini, noma ubhalele ekhelini eliseduze eliboniswe ekhasini 5.
[Isithombe ekhasini 8]
Izinkanyezi zingasifundisa ukuthobeka