Ngafunda Ukulawula Ulaka Lwami
ISIMO sasingesivamile: indawo yophuzo oludakayo yaseYurophu eyayifana nezinye eziningi engangiye ngadlala kuzo njengomculi. Njengokuvamile, mina nabangane bami sasiye sazitika ngophuzo. Angikhumbuli ngisho nokuthi kungani abanye abathengi basihlasela.
Ngiyakhumbula ngesikhathi kuqala ukuxokozela. Ngangimusha futhi nginamandla futhi ngashaya omunye wabathengi kanzima kangangokuba wawela etafuleni. Ngase ngithatha isihlalo ngaqala ukushaya abanye. Imizuzu emibalwa kamuva, ikamelo lalingasenalutho—ngaphandle komzimba onganyakazi owawulele phansi. Nginovalo futhi ngidangele, ngagijima ngaya ekhaya ukuyovalelisa kumkami, ngiqiniseka ukuthi ngangizoboshwa futhi ngilahlwe yicala lokubulala!
Lokhu, ngeshwa, kwakungesikho okokuqala ngihluthuka ngalendlela. Kodwa ukuze ubone ukuthi kungani lokhu kwakunjalo, kumelwe uqonde kancane ngesizinda sami. Ngakhuliswa emkhayeni wamaGypsy—ongesilo uhlobo oluhambayo, ngoba umkhaya wakithi ngaso sonke isikhathi wawuhlala endlini yawo siqu. Ubaba ngokuvamile wayedakwa futhi enesikhwele sokusangana ngomama wami. Ukuqhuma kwentukuthelo kwakuvamile ekhaya.
Indlela yokuphila engayilandela kamuva nayo yangenza ngangavikeleka emathonyeni amaningi amabi. Ubaba wayeziphilisa ngokuba umculi, futhi ngamlandela ngokushesha nje lapho ngiba neminyaka eyisishiyagalombili ubudala. Ngafunda ukudlala inkositini, futhi lapho ngineminyaka eyi-13, ngangivela njengomuntu ocula eyedwa noma ngivele nginabanye abaculi. Lokhu kwakusho ukudlala emahhotela, ezindaweni zophuzo oludakayo, nasemadilini omshado, ngokuvamile ubusuku bonke. Ngokushesha ngafunda ukuphuza kakhulu nokubhema.
Umshado Nesikhwele
Akukho kulokhu okwangisiza ukuba ngithuthukise ubuntu obunesizotha. Ngisho nomshado awuzange ungilungise. Lapho ngineminyaka eyi-19, ngashada nentombazane enhle eyiGypsy. Saqhuba ngokwesiko lamaGypsy, saba nomkhosi owawuphethwe yinkosi yesizwe, kunokuba kube umfundisi. Ngiyakhumbula ithatha isandla sami nesomkami futhi izihlanganisa ndawonye izintende zibheke phezulu. Yayisithela utshwala entendeni ngayinye. Kwadingeka ngiphuze entendeni yomkami naye kweyami. Kusukela lapho sabhekwa umphakathi wamaGypsy njengabashade ngokomthetho, nakuba kamuva sashada ehholo ledolobha ukuze umshado wethu ubhaliswe.
Ngokushesha ngemva kwalokho ngazithola ngizizwa ngendlela efanayo yesikhwele esinobudlova ubaba wami ayeyibonisile. Ngaqala ukushaya umkami osemncane, ngezinye izikhathi ngisho nakabili ngesonto! Ngokungangabazeki lokhu kwanikela ekuphuzeni kwami kakhulu kunanini ngaphambili. Lokhu kwamane kwaqhubela phambili ulaka lwami. Ngesinye isikhathi ngangiphuza endlini kababa nginabanye abangane abambalwa abangamaGypsy. Umfowethu omdala waqala ukunyundela umkami. Ngidakwe nginjalo, ngagijima ngaya ekhaya, ngabamba umkami ngesandla ngamdonsa embhedeni egqoke ingubo yokulala ngamyisa ekhaya likababa. Ngamfungisa phambi kwesiphambano ukuthi lokho umfowethu omdala ayekushilo kwakungelona iqiniso!
Nokho, ngisho nakuba afunga ukuthi konke kwakungelona iqiniso, ngathukuthela ngokwengeziwe. Ngagijima ngaya ekhaya, ngathatha imbazo futhi ngabulala amafasitela endlu yami. Omunye umfowethu wazama ukungibamba. Ngamkhapha wawela ezitebhisini futhi waphuka isandla.
Ushintsho
Isimo sami sobudlova saqhubeka singalawuleki isikhathi eside kwaze kwaba sesehlakalweni okukhulunywe ngaso ekuqaleni, lapho ngangicabanga ukuthi ngangibulale umuntu. Ngemva kokuvalelisa kumkami ngaya esontweni lendawo lamaRoma Katolika, lapho ngaguqa khona phambi komnyango omkhulu wokungena, futhi ngikhala, ngathandaza kuNkulunkulu ngicela intethelelo. Ngathembisa ukuthi ngeke ngiphinde ngenze into efana naleyo! Nokho, ngakhululeka kakhulu lapho ngizwa ukuthi indoda yayingafile kodwa yayimane nje iqulekile.
Ngandlela-thile, ngangisalokhu ngizizwa ngicindezeleke kakhulu futhi ngidangele. Izinsuku ezintathu kamuva, futhi ngisakhathazeke kakhulu, ngangihamba ngesitimela ngiya emsebenzini. Insizwa yaqala ukukhuluma nami ngoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni oyoxazulula zonke izinkinga ezihlupha isintu—uhulumeni oyosusa ukugula, ukufa, nokudabuka emhlabeni! Insizwa yayingomunye woFakazi BakaJehova. Njengoba ngangikholelwa kuNkulunkulu, ngalalela ngesizotha. Kodwa lokho lensizwa eyayingitshele khona kwamane kwabonakala kungelona iqiniso. Ngayibuza: “Ubani ongenza konke lokho?” Yaphendula, “UNkulunkulu uMninimandla onke uyokwenza.”
Lempendulo yangenelisa ngokugcwele. Yanginika nencwajana futhi yathembisa ukuvakasha emzini wami. Kodwa ngaphambi kokuba ivakashe, abanye oFakazi ababili bangivakashela futhi bangilethela izincwadi ezintathu ezindala, ezithi Creation, Reconciliation nethi Riches zonke ezakhishwa yiWatch Tower Society. Lapho insizwa engahlangana nayo esitimeleni ekugcineni ivakasha, saqala ukutadisha incwadi ethi “Let God Be True.”a
Ngathuthuka ngokushesha. Esikhathini esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha ngabona ngokufunda lezincwadi ukuthi isonto lami lalingenakunginika lutho. Ngaya lapho kuhlala khona umphathi wesonto futhi ngacela ukuba igama lami lesulwe ohlwini lwamalungu.
Ukuphikisa Komkhaya
Nokho, kwaqala ukungikhanyela, ukuthi kwakuzodingeka ngenze izinguquko ezithile ebuntwini bami. Ngangazi owesifazane esekhulile emsebenzini owayenguFakazi. Ngambuza: “Ingabe oFakazi bayahlanganyela ekuzijabuliseni nasemshadweni?” Waphendula: “Yebo, bayahlanganyela. Kodwa baziphatha ngendlela yobuKristu.” Ngambuza ukuthi lokho kwakusho ukuthini.
“Abadakwa; ababangimsindo noma babheme.”
“Kusukela ngalesosikhathi, angizange ngiphinde ngithinte ugwayi. Futhi enyangeni yesithathu yesifundo sami seBhayibheli, ngayeka ngokushesha ukudlala nabangane bami abangabaculi. Ngabona ukuthi ukuba nabangane ababi kanjalo kwakuyophazamisa intuthuko yami.
Lokho kwasho ukuthola indlela entsha yokuziphilisa. Ngakho ngasebenza njengomakhi. Nokho, umsebenzi wami omusha awuzange ulethe imali eyayilethwa ukusebenza njengomculi. Ngakho umkami, ubaba, abafowethu—wonke umuntu nje owayengazi—babemelene nami futhi bazama ukungiphoqelela ukuba ngibuyele endleleni yami yokuphila yakuqala. Ngosizo lukaJehova, ngayeka ukuphuza utshwala ngokweqile futhi ngaqala ukuzama ukulawula ulaka lwami.
Ungacabanga ukuthi umkami wayeyohlatshwa umxhwele yizinguquko engangizenzile, kodwa akubanga njalo. Ngenxa yokuthi ngangingasamshayi noma ngixabane naye, waba nomuzwa wokuthi ngangingasamthandi! Lokho kwakungukucabanga kowesifazane oyiGypsy. Khona-ke uKhisimusi wasondela futhi angenzanga malungiselelo okuwugubha. Ngangiye ngafunda eBhayibhelini ukuthi lona akuwona umkhosi uNkulunkulu awuvumelayo.b Nokho, akukho kulokhu umkami akuqonda. Wathukuthela kakhulu kangangokuthi wangishiya, ethatha abantwana bethu abane. Wahlala nabazali bakhe, kamuva abangithumelela ukwaziswa okulandelayo: Shiya inkolo yakho entsha kungenjalo ngeke uphinde ungene emzini wethu futhi nomkakho ngeke abuyele kuwe!
Lokhu kwakungukucindezela okunamandla ngoba ngangimthanda kakhulu umkami nabantwana. Angivumanga ukwehlulwa, futhi amasonto amabili kamuva umkami nabantwana babuya ekhaya—ngaphandle kwemibandela ethile. Ngokushesha ngemva kwalokho, ezinyangeni eziyisithupha ngihlangene naleyonsizwa, ngabhapathizwa njengoFakazi kaJehova.
Ukugcina Ulaka Lwami Lulawuliwe
Nakuba manje ngase ngingumKristu obhapathiziwe, ukulawula ulaka lwami kwakusalokhu kungelula. Nokho, ngesifundo seBhayibheli nomthandazo ojulile, uJehova wanginikeza amandla adingekile.
Kwakudingeka futhi ngibekezelele ukuphikisa komkami. Ngokuvamile wayengihleka lapho ngizama ukutadisha iBhayibheli. Lapho ngizama ukuhlanganyela naye lokho engangikufunda, wayecula ngezwi eliphakeme ukuze ngingezwakali! Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ubuntu bami obushintshile baba nomphumela kuye. Eminyakeni emibili kamuva, naye waba umkhulekeli othembekile kaJehova.
Sekuyisikhathi eside kusukela ngicishe ngibulala indoda endaweni yophuzo oludakayo. Kusukela lapho ngiye ngaba nelungelo lokukhonza njengomdala ebandleni loFakazi BakaJehova nelokubukela bonke abantwana bami, ngaphandle koyedwa, bamukela iqiniso. Ngisebenza nebandla lamaKristu oqobo angangesabi kodwa asebenza nami ngokuzithandela emsebenzini wethu wokushumayela.
Yebo, ngichichima injabulo ngokuthi amaqiniso eBhayibheli angisiza nganqoba umoya wami wobudlova.—Njengoba umbhali walendaba ehlala ezweni lapho ubuKristu buvinjelwe khona uhulumeni, ukhetha ukuhlala engaziwa.
[Umbhalo waphansi]
a Namuhla zonke lezincwadi azisanyatheliswa.
b Bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, isahluko 25.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
Ngashada nentombazane enhle eyiGypsy ngineminyaka eyi-19
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Ngaqala ukushaya umkami, ngezinye izikhathi ngisho nakabili ngesonto
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
“Abadakwa; ababangi-msindo noma babhe