Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g88 9/8 k. 13-k. 15 isig. 5
  • Kungani Abantu Bengangithandi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Abantu Bengangithandi?
  • I-Phaphama!—1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Akekho Noyedwa Ongithandayo—Noma Ingabe Bayangithanda?
  • “Ubambe Umlomo Wakho”
  • Ukuziphatha Okungathandeki
  • Musa Ukuba “Inkukhu Enqunywe Umlomo”
  • Ukuba Othandekayo Kwabanye
  • Ngingabenza Kanjani Abantu Ukuba Bangithande?
    I-Phaphama!—1988
  • Ngingabhekana Kanjani Nesizungu?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingawanqoba Kanjani Amahloni?
    I-Phaphama!—1999
  • Kungani Ngikhishwa Inyumbazana Njalo?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1988
g88 9/8 k. 13-k. 15 isig. 5

Intsha Iyabuza . . .

Kungani Abantu Bengangithandi?

UMLOBI uBeth Levine uthi: “Ngaphandle kokuba ungumuntu ozithemba ngokweqile, nawe ngesinye isikhathi uye wazibuza noma abantu bakuthola uyisicefe yini.” Yebo, kungokwemvelo futhi kunempilo ukuthanda ukuba othandwayo, futhi lapho abanye besigwema, sivama ukukhathazeka. Siyazibuza ukuthi ‘Yini engalungile kimi?’

Ukukhathazeka ngokuthi kazi abanye bayabathanda yini kuye kwabangela abanye abasha ukuba baphelelwe ithemba. Ngokwesibonelo, uDave waba nomuzwa wokuthi enye intsha yayimgwema ngamabomu. Waba yini umphumela walokhu kulahlwa? “Ngazizwa nginesizungu, ngingenalusizo, futhi ngesaba ngisho nokwesaba,” kukhumbula uDave. “Kwakungesinye sezimo ezicindezela kakhulu engake ngabhekana nazo.” Khona-ke kuthiwani uma ngezinye izikhathi uba nomuzwa wokuthi abanye bayakugwema?

‘Akekho Noyedwa Ongithandayo—Noma Ingabe Bayangithanda?

Okokuqala, zama ukuhlaziya noma imizwa yakho yokungathandwa isekelwe eqinisweni yini noma iwukuzicabangela. Ingabe iqiniso lokuthi awuyena umuntu odume kakhulu esikoleni ofunda kuso noma ngakini lisho ukuthi abantu abakuthandi? Akunjalo ngempela! Ukucabanga okunjalo ngezinto ezingekho ukuzikhohlisa futhi kufana nephupho. Ngempela, umuntu ongavamile ongathandwa muntu. Iqiniso lokuthi mhlawumbe ngezikhathi ezithile uyakhohleka alisho ukuthi abantu bayakuzonda.

Bheka isimo sakho ngomqondo ovulekile nongokoqobo. Ingabe mhlawumbe ’unaye umngane oyedwa onamathela kuneselamani?’ (IzAga 18:24) Khona-ke ngokusobala othile ukuthola uthandeka! Futhi, bheka ebuhlotsheni bomkhaya wakini. Ingabe abazali bakho, abafowenu, nodadewenu babonakala bekujabulela ukuba khona kwakho? Khona-ke, ingabe lokhu akubonisi yini ukuthi unazo izimfanelo ezikhangayo? Uma usenokungabaza, cela othile—mhlawumbe umngane omethembayo noma ilungu lomkhaya—ukuba akusize uhlaziye indlela abanye abazizwa ngayo ngawe. Ngokuvamile, isimo asivamile ukuba sibi njengoba ucabanga.

Nokho, ngezinye izikhathi, ungase utshelwe ngesizotha ukuthi abanye abantu ngempela bayakugwema. Lokhu kuyokuphatha kabi. Kodwa jabula ngokuthi othile ukukhathalele ngokwanele kangangokuthi ukutshele iqiniso. (IzAga 27:6; Galathiya 4:16) Kunokuphelelwa ithemba, zama ukutholisisa ukuthi yisiphi isici sokuziphatha kwakho esibangela inkinga.

“Ubambe Umlomo Wakho”

Ngokwesibonelo, kungenzeka yini ukuthi umane nje ukhulumela futhi? Abantu abakhulumela futhi ngokuvamile bayagwenywa abanye. Abantu baba nomuzwa wokuthi bayaphanjwa uma benganikwa ithuba elanele lokukhuluma. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi uma umuntu okhulumela futhi egxilisa yonke ingxoxo kuye. Osemusha obizwa ngokuthi uDanette uyakhumbula: “Lentombazane esikoleni ngaso sonke isikhathi yayixoxa ngayo. Ngenxa yokuziphakamisa kwayo, abanye abantwana abazange bayithande. Babezithoba lapho benayo, kodwa babeyigwema noma nini uma kunokwenzeka.” Khona-ke iBhayibheli lasho ngokufanelekile ukuthi: “Isiwula siyandisa amazwi.”—UmShumayeli 10:14.

Umlobi uDale Carnegie wathi: “lingenza abangane abaningi ezinyangeni ezimbili ngokuba nesithakazelo kwabanye abantu kunokuba ungase ubenze eminyakeni emibili ngokuzama ukwenza abanye abantu babe nesithakazelo kuwe.” Noma njengoba incwadi yezAga ikubeka: “Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.” (IzAga 11:25) Ngakho iba nesithakazelo kwabanye, futhi ‘usheshe ukuzwa’ lokho abanye abafuna ukukusho. (Jakobe 1: 19) iNkosi uSolomoni yeluleka ngokuthi: “Musa ukukhuluma kakhulu. . . . Yiba oqondayo futhi ubambe umlomo wakho!”—IzAga 10:19, The Living Bible.

Ingabe awujabuli yini lapho abanye bekunikeza ithuba lokukhuluma ngezinto ezikuthakazelisayo? Ngakho-ke nikeza abanye injabulo yokukhuluma ngokubathakazelisayo. Bayokuthanda ngalokho.

Ukuziphatha Okungathandeki

Nokho, mhlawumbe inkinga iyindlela obaphatha ngayo abanye. Ngokwesibonelo, cabangela umuntu ohlakaniphile noma owazi konke—osemusha onekhono lokuthukuthelisa abanye ngokuhlala ehlome ngokudelela kobuqili, amahlaya ayiziswana, noma ukuphoxa okwenza umuntu abe inhlekisa. Bese kuba khona umuntu othanda nje ukuphikisa nokuphoqelela ukuba imibono yakhe yamukelwe yibo bonke, noma umuntu ‘olunge ngokudlulele oshesha asole noma ubani ongaphili ngokwezindinganiso zakhe siqu. (UmShumayeli 7:16) Futhi kuthiwani ngomuntu odumaza abanye ngokumane abange umsindo. Laba akubona abantu obungajabulela ukuba phakathi kwabo, akunjalo? Nokho, ingabe kunokwenzeka ukuba abanye ngezinye izikhathi banalomuzwa ngawe?

Ukuziphatha okungathandeki noma okubi ngokwesabekayo kungabanga insini, kodwa kufeza ingcosana ekwakheni ubungane. Ngempela, uzizwa ukhululekile uma unobani—uma unothile onesizotha futhi onenhlonipho noma othile ojabulela ukuba yingcweti yokuphoxa? Ekhumbula enye intsha yohlobo olusanda kuphawulwa, uShellie osemusha uthi: “Ngaphandle sasizihleka izenzo zabo, kodwa ngaphakathi sasingathandi ukuntula kwabo uzwela ngabakanye nabo.”

Ngakho-ke, iseluleko seBhayibheli siwukuba ‘senze konke ngokungakhononi nokungangabazi.’ (Filipi 2:14) Izimpikiswano ezingafuneki, ukuxabana, ukudelela nokusola kokuzenzisa kumane kuhlukanise abantu. Abantu bayokuthanda kakhulu uma ubonisa ‘ukuthandana ngokwabazalwane’ futhi ‘ukukhuluma kwakho kunomusa njalo.’—1 Petru 3:8; Kolose 4:6.

Musa Ukuba “Inkukhu Enqunywe Umlomo”

Njengoba umuntu okhuluma kakhulu engase angathandeki, umuntu onokuncane noma ongenalutho angalufaka engxoxweni angase abe isicefe. Umsizi kaprofesa oyisazi sokusebenza kwengqondo uMark R. Leary uthi: “Uma engikwenzayo nje kuwukubuza imibuzo noma kuwukuthi ‘uh-ah,’ akekho othola okuthile ngami futhi angibi umngane ojabulisayo. Awufuni ukuvelela engxoxweni, kodwa awufuni ukuba inkukhu enqunywe umlomo.”

‘Kunesikhathi sokukhuluma.’ (UmShumayeli 3:7) Ngakho zibuze ukuthi, Ingabe ngenza abanye bazizwe becasukile futhi bengakhululekile ngokuthula lapho ingxoxo iqala?’ Uma kunjalo, yenza imizamo ethile yokuba oxoxa ngokwengeziwe! Okushoyo akudingekile ukuba kube kuningi kodwa kumelwe kube okwanele ukubonisa isithakazelo sakho kwabanye. Uma ukusho izinto ezithakazelisayo kuyinkinga, zama ukubuza imibuzo. iBhayibheli lithi: “Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula asezitsheni zesiliva.”—IzAga 25:11.

Ukuba Othandekayo Kwabanye

Mhlawumbe manje usuyawabona amaphutha obuntu okudingeka usebenzele kuwo. Njengoba kuphawulwe ngaphambili, ilungu lomkhaya noma umngane oseduze bangaba usizo ekubaluleni izici ezingathandeki. Buza imibuzo eqondile, futhi ube nesibindi ngokwanele sokulalela izimpendulo zabo ezingagunciyo. Kudingeka ukuzithoba okukhulu ukuvuma iphutha futhi okwengeziwe ukulilungisa.

UDave, ophawulwe ekuqaleni kulesihloko, wazihlolisisa futhi wathola ukuthi umongo wenkinga yakhe wawuwubugovu bakhe. Wayephelelwe isithakazelo kwabanye kangangokuthi wayehluleka ngisho nokunakekela ukubonakala kwakhe kobuntu nempilo yakhe! Nokho, uDave wenza izinguquko ezidingekayo. Namuhla uthandwa kakhulu futhi ujabulela ubungane babantu abaningi, kokubili abancane nabadala!

Iqiniso, akusizi ngalutho ukuzama ukwenza abantu bakuthande kumnyama kubomvu. UDkt. Theodore I. Rubin uyachaza: “Ngokudabukisayo akekho umuntu othandwa abantu bonke endaweni yonke jikelele ngaso sonke isikhathi futhi akukho ukuzenzisa, ukukhohlisa, noma ukuziguqula komuntu okuletha uthando olwengeziwe. Abanye abantu bayasithanda, abanye abasithandi. Ngaphansi kwanoma iziphi izimo, abantu abaningi abakwazi ukubekezelela izenzo zenkohliso zokubonakalisa uthando; njengoba nalowo ebonakalisa uthando lwenkohliso engazithandi.” Yebo, uJesu Kristu waxwayisa: “Maye kinina, nxa bonke abantu bekhuluma kahle ngani.” (Luka 6:26) Iqiniso lokuthi umela izimiso ezilungileyo kumelwe lenze ukuba abanye bangathandi.—Luka 6:22, NW.

Ngakho-ke yenza imizamo enengqondo ukuze wamukeleke, ujatshulelwe, uthandwe ngabanye. Kodwa ungalokothi uyeke okuhle ukuze nje uzuze ukuvunyelwa abanye. USamuweli osemusha wezikhathi zeBhayibheli wakumelela ngokuqinile okulungileyo. Waba yini umphumela? “Waqhubeka wakhula, waba muhle kuJehova nakubantu.” (1 Samuweli 2:26) Futhi nawe uyakuba njalo, ngomsebenzi omncane nokuzimisela.

[Isithombe ekhasini 14]

Abantu bayomgwema othile oqhubeka ekhuluma kakhulu

[Isithombe ekhasini 15]

Abantu abavamile ukukhangwa othile ongenalutho angalusho

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela