Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 1/8 k. 12-k. 14 isig. 3
  • Ukuxazulula Inkinga Yabampofu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuxazulula Inkinga Yabampofu
  • I-Phaphama!—1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isibonelo Esibekelwe AmaKristu Eqiniso
  • UMbuso KaNkulunkulu Uwukuphela Kwekhambi
  • Isizathu Sokuba Imfundiso Yenkolo Yenkululeko Ingabi Ikhambi
    I-Phaphama!—1988
  • Lingisa Isibonelo SikaJesu Ukhathalele Abampofu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukuphela Kobumpofu Kuyasondela
    I-Phaphama!—1998
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 1/8 k. 12-k. 14 isig. 3

Ukuxazulula Inkinga Yabampofu

ABANYE abaholi benkolo bakhuluma ngokukholisa kakhulu ngezinkinga zanamuhla kangangokuba abantu bangase bakholelwe ukuthi bayazi ngempela ukuthi izinto zingathuthukiswa kanjani. Nokho, uma abezombangazwe nabezomnotho bengakwazanga ukuxazulula izinkinga, ingabe abaholi benkolo ngempela bangenza okungcono ngokusekela amaqembu avukelayo?

Abaholi bamaSonto bafihla umoya wabo oshukumisayo, kodwa akubona bonke abantu abathonywa ubuqotho babo. UEdmund Burke wabhala: “Kuyiphutha elivamile ukuthatha ngokuthi labo abakhonondela umphakathi kakhulu yilabo abayikhathalela kakhulu inhlala-kahle yawo.” Kungenzeka yini ukuba abaholi bamasonto bashukunyiswe ukukhathazeka kunentshiseko nje ngokulunga?

Umagazini waseBrazil iVeja uthi: “Empeleni, lokho isonto elikufiselayo amandla . . . Iqiniso lokuthi umcebo womhlaba wonke ugxile ngokunamandla emazweni amaProthestani, amaBuddha, ngisho nakulawo angakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu liphoqelela iSonto ukuba lizame ukubuyela emandleni lisizwa abampofu abasemaZweni Ampofu.”

Kodwa ngisho noma kungavunywa ukuthi abefundisi ngabanye abafuni nzuzo yomuntu siqu, ingabe abampofu ngempela bangazuza ngokusekela inhlangano yenkululeko egunyaza ukushisekela komphakathi? Ingabe yileyondlela yokuxazulula inkinga yabampofu?

Isibonelo Esibekelwe AmaKristu Eqiniso

Yisiphi isibonelo esabekwa uJesu Kristu, lowo wonke amaKristu eqiniso abophekile ukumlingisa? Lapho esemhlabeni, akazange azihilele ezinguqukweni zomphakathi, noma achezuke emsebenzini wakhe wokutshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43; Johane 6:15) Ngisho noPapa John Paul II, lapho exoxa ngokushisekela komphakathi, waphawula: “Amavangeli akubonisa ngokucacile ukuthi ngoJesu, noma yini eyayingashintsha umsebenzi wakhe njengesikhonzi sikaYahweh [uJehova] yayiyisilingo.”

Lokhu akusho ukuthi uJesu akazange aziqaphele izidingo zabampofu. Waziqaphela. IBhayibheli lithi: ‘Waba-nesihe ngabo, ngokuba babekhathazekile [noma behluphekile], behlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’ (Mathewu 9:36) Futhi wamema labo ababezomlandela: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.”—Mathewu 11:28.

Isiprofetho seBhayibheli sichaza ukubusa koMbuso kaKristu: “Iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakubayigugu emehlweni ayo.”—IHubo 72:12-14.

Ngakho-ke labo abalingisa uJesu kumelwe babe nesihawu esikhulu ngabampofu futhi kumelwe bafune ukubasiza. Kodwa kanjani? Njengoba uJesu avuma ukuthi izwe lamanje lingaphansi kokulawula kukaSathane uDeveli, akazange azame ukulishintsha. (Luka 4:5-8; Johane 12:31; 14:30; 18:36) Kodwa wabasiza abampofu ngokubanikeza isiqondiso esasiyobasiza ukuba babhekane nezinkinga zokuphila.

UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bakwazi ukuzibonela, ngaleyondlela belingisa yena noYise. Wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” (Johane 5:17) Futhi, abalandeli bakaKristu bayalwa ngokuthi babengazinakekela kanjani nemikhaya yabo ngokuba abalungile, abathembekile, nabakhiqizayo. (Filipi 4:4-8; 1 Thesalonika 4:11, 12) Kodwa lokhu kwakumane kuwukulungiselelwa kokuthile okungcono: ukubonwa kwezibusiso zoMbuso kaNkulunkulu.

UMbuso KaNkulunkulu Uwukuphela Kwekhambi

Ngempela, uJesu waqokomisa uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwekhambi langempela nelihlala njalo lenkinga yabampofu neyanoma ubani omunye. Ucabangani ngawo? Kungani abasekeli bemfundiso yenkolo yenkululeko besho okuncane kangaka ngoMbuso kaNkulunkulu?

Iqiniso liwukuthi, baye balahlekelwa ukholo ezithembisweni zeBhayibheli ngokuqondene noMbuso kaNkulunkulu. Nokho, lapho uJesu efundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele ‘umbuso kaNkulunkulu ukuba ufike nentando yakhe yenziwe emhlabeni njengasezulwini,’ wayenganikezi ithemba elingekho. Lowomthandazo uyophendulwa. UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni ongokoqobo. Ungaqiniseka ngokuthi uKristu wayengeke akhohlise abalandeli bakhe abazinikele ngokubafundisa ukuba bathandazele lokho okwakungeke kugcwaliseke.—Mathewu 6:9, 10.

Umphostoli uPetru waboniswa umusa ngokuwuboniswa kusengaphambili lowohulumeni wasezulwini. Lokhu kwenzeka lapho uJesu eguquka eba esinye isimo phambi kukaPetru nabanye abaphostoli ababili entabeni ephakeme. Ngakho, eminyakeni eminingi kamuva uPetru wayengabhala: “Sasingalandeli izinganekwane zobuqili, lapho sanazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe.”—2 Petru 1: 16-18.

Embonweni, uPetru wambona ngokoqobo uKristu ebusa kulowoMbuso kaNkulunkulu! UPetru waqhubeka: “Sesinalo izwi lesiprofetho [maqondana noMbuso, ngabaprofethi abanjengoIsaya noDaniyeli] eliqinisekile kakhulu.” (2 Petru 1:19) Ngokwesibonelo, umprofethi uDaniyeli wabhala umbono wokumiswa kukaKristu njengeNkosi lapho ‘enikezwa ukubusa, nobukhosi, nombuso.’ UDaniyeli waqhubeka wathi: ‘Ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa.’—Daniyeli 7:13, 14.

Yini “izwi lesiprofetho” elithi izokwenzeka kohulumeni bamanje babantu lapho uMbuso kaNkulunkulu ufika uphendula imithandazo yabalandeli bakaKristu? Lalela isibikezelo esiphefumlelwe kuDaniyeli 2:44: “Ezinsukwini zalawomakhosi [ohulumeni abakhona manje] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa [uMbuso uKristu afundisa abafundi bakhe ukuba bawuthandazele] nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [ohulumeni babantu abakhona], wona uqobo ume phakade.”

Ngempela, loMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba lesintu lokuxazulula inkinga yabampofu! Iqiniso liwukuthi, abantu abakwazi ukubusa abantu abakanye nabo ngokufanelekile. Umlando ubonisa ukuthi ‘umuntu uye wabusa omunye kwaba ngukulimala kwakhe,’ kungakhathaliseki uhlobo lukahulumeni oluye lwazanywa. Njengoba iZwi likaNkulunkulu laphawula esikhathini eside esidlule, ngokusobala akukuye umuntu ukuba azibuse ngaphandle kukaNkulunkulu.—UmShumayeli 8:9; Jeremiya 10:23.

Ngakolunye uhlangothi, ungaqiniseka ukuthi inala yezibusiso ezichazwa “izwi lesiprofetho” likaIsaya ziyogcwaliseka, okungukuthi: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, . . . Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakubanabo. Kuyakuthi bengakangibizi, mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa.”—Isaya 65:21-24.

UJehova uNkulunkulu ngeke asebenzise noma yimiphi imizamo yomuntu noma izinhlangano, kuhlanganise nemfundiso yenkolo yenkululeko, ukuba alethe lezibusiso. Kunalokho, uhulumeni wakhe wasezulwini uzoqala ukubusa futhi uhlanganise bonke abantu abalalelayo, ulethe ukulunga nokuchuma. Ngakho-ke, gcina uMbuso kaNkulunkulu usengqondweni. Wubeke kuqala ekuphileni kwakho. Yebo, “kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba umuntu.”—IHubo 118:8; Mathewu 6:33.

[Isithombe ekhasini 14]

UMbuso kaNkulunkulu uzoxazulula izinkinga zabampofu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela