Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
“Lezi zindaba ezinhle zombuso . . . ”—MATHEWU 24:14.
ENTSHUMAYELWENI yakhe yaseNtabeni edumile, uJesu wafundisa umthandazo oyisibonelo, ohlanganisa lesi sicelo kuNkulunkulu: “Umbuso wakho mawuze.” Izigidi zabantu ziye zawubamba ngekhanda futhi ziwuthandaza njalo. Ngokusho kwe-encyclopedia ethile, lona “umthandazo oyinhloko othandazwa yiwo wonke amaKristu lapho ekhulekela.” Noma kunjalo, abaningi abawuthandazayo abazi ukuthi uyini uMbuso nokuthi yini oyoyenza lapho ufika.—Mathewu 6:9, 10.
Lokhu akumangazi ngoba abaholi beLobukholwa bachaza uMbuso ngezindlela ezingqubuzanayo, ezixakayo nezingaqondakali. Omunye umholi uthi uMbuso kaNkulunkulu “ungamandla angaphezu kwavamile, . . . umuzwa ongaphakathi wokuba nobuhlobo noNkulunkulu ophilayo . . . , ubuhlobo noNkulunkulu obusiza abesilisa nabesifazane ukuba bathole insindiso.” Omunye uchaza ivangeli loMbuso ngokuthi “imfundiso ephathelene nesonto.” I-Catechism of the Catholic Church yona ithi: “Umbuso kaNkulunkulu uwukulunga, ukuthula nenjabulo okutholakala ngoMoya Ongcwele.”
Incazelo ecace kakhudlwana isekhasini 2 lalo magazini. Ithi: “UMbuso kaNkulunkulu, owuhulumeni wangempela osezulwini, uzoqeda bonke ububi futhi uguqule umhlaba ube yipharadesi.” Ake sibone ukuthi iBhayibheli liyisekela kanjani le ncazelo.
Ababusi Besikhathi Esizayo Bomhlaba Wonke
Umbuso uwuhulumeni ophethwe inkosi. INkosi yoMbuso kaNkulunkulu nguJesu Kristu ovusiwe. Ukubekwa kwakhe esihlalweni sobukhosi sasezulwini kwachazwa embonweni owanikwa umprofethi uDaniyeli, owabhala: “Ngaqhubeka ngibhekile emibonweni yasebusuku, futhi, bheka laphaya! kwakuza kanye namafu amazulu othile onjengendodana yomuntu [uJesu]; wathola ilungelo lokungena koMdala Wezinsuku [uJehova uNkulunkulu], futhi bamsondeza phambi kwaKhe. Wanikwa ububusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze. Ububusi bakhe bungububusi obumi kuze kube nini nanini obungayikudlula, nombuso wakhe ungumbuso ongayikuchithwa.”—Daniyeli 7:13, 14.
Incwadi yeBhayibheli kaDaniyeli ibonisa nokuthi nguNkulunkulu owayeyomisa lowo Mbuso uqine. Ibonisa nokuthi lowo Mbuso uyoqeda bonke ohulumeni babantu futhi ngeke ugumbuqelwe nanini. Isahluko 2 sichaza iphupho lenkosi yaseBhabhiloni elalivela kuNkulunkulu. Kulelo phupho yabona isithombe esikhulu esimelela ukulandelana kwemibuso yomhlaba. Umprofethi uDaniyeli wanika incazelo yalelo phupho. Wabhala: ‘Engxenyeni yokugcina yezinsuku uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.’—Daniyeli 2:28, 44.
INkosi yoMbuso kaNkulunkulu ayibusi yodwa. Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu waqinisekisa abaphostoli bakhe abathembekile ukuthi bona kanye nabanye bayovuselwa ezulwini futhi bahlale ezihlalweni zobukhosi. (Luka 22:28-30) Wayengasho izihlalo zobukhosi zangempela, ngoba njengoba abonisa, uMbuso wawuyoba semazulwini. IBhayibheli lichaza labo abayobusa noJesu ngokuthi baphuma kuzo “zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe.” Bayoba “ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, futhi bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.”—IsAmbulo 5:9, 10.
Okwenza Izindaba ZoMbuso Kuthiwe Zinhle
Phawula ukuthi uKristu Jesu unikwe amandla okubusa zonke “izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi” nokuthi labo abangabangane bakhe “bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” Khona-ke, obani abayoba izikhonzi zalo Mbuso? Yilabo abalalela izindaba ezinhle ezishunyayelwa namuhla. Izikhonzi zihlanganisa nalabo abayovuselwa emhlabeni oyipharadesi nabayoba nethuba lokuphila phakade.
IBhayibheli lizichaza ngokucacile izibusiso abantu abayozijabulela lapho sekubusa uMbuso. Nazi ezimbalwa zazo:
“Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu; izinqola uzishisa ngomlilo.”—IHubo 46:9.
“Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye.”—Isaya 65:21, 22.
“[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
“Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa. Ngaleso sikhathi olunyonga uyoqombola njengendluzele, nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.”—Isaya 35:5, 6.
“Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [likaJesu] baphume, abenze okuhle baphumele ovukweni lokuphila.”—Johane 5:28, 29.
“Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11.
Lezi izindaba ezinhle ngempela! Ngaphezu kwalokho, iziprofetho zeBhayibheli esezigcwalisekile zibonisa ukuthi sesisondele isikhathi sokuba uMbuso uqale ukubusa wonke umhlaba ngokulunga.