Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 2/8 k. 22
  • Ubuhle Bangaphakathi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubuhle Bangaphakathi
  • I-Phaphama!—1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlobo Lobuhle Obubaluleke Kakhulu
    I-Phaphama!—2005
  • Lezozinhlayiya Ezisangilazi ZaseKofu
    I-Phaphama!—1990
  • Ubuhle Bangempela—Ungabakha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • “Ubona Lokho Inhliziyo Eyikho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 2/8 k. 22

Ubuhle Bangaphakathi

IGEODE. Yigama elingajwayelekile. Livela kwelesiGreki elithi ge·oʹdes, elisho ukuthi “njengomhlaba.” Yitshe elithi alibe yimbulunga, igobongo, futhi ububanzi buyahlukahluka kusuka kumasentimitha ama-3 kuya kwangaphezu kwangama-30. Eliboniswe lapha linwebekile kunokuba yimbulunga futhi livela eBrazil. Ukubukeka kwalo kwangaphandle akukuhle kangako, njengoba kunjalo vele ngamatshe.

Kodwa liqhephule livuleke! Bheka ngaphakathi! Delisa amehlo akho ngaleyonqwaba enqwabelene yezinhlayiya ezibubende obucwazimulayo! Igeode yakheka embotsheni esedwaleni elithambile. Njengoba lalikhula, kwaba nemifantu phezu kwalo, evumela amanzi anamamineral ukuba aconsele phakathi, futhi njengoba amamineral ayengena, izinhlayiya zanda ngaphakathi emaceleni embobo. Ngemva kwesikhathi esithile kutholakala igeode enezinhlayiya. Lena eboniswe lapha yaveza amaquartz ayizinhlayiya ezihlukahlukene ezibubende ezibizwa ngokuthi zingamaamethyst. Ingase ingabukeki kangako ngaphandle, kodwa ubuhle bayo bangaphakathi buyabenyezela!

Awubazi yini abantu abafana namageode? Abathule, mhlawumbe benamahloni, noma kunalokho bebukeka bevamile ngaphandle? Kodwa uma uba nesikhathi sokujwayelana nabo, bayavuleka futhi bakubonise ubuhle bangaphakathi obucwazimulayo. Kuvela umoya ofudumele, onomusa, kusombuluke ubuntu obujabulisayo. Uthola ukujula obungakulindele neze.

Uqala ukuqonda lokho umphostoli uPetru akusho: “Ukuhloba kwenu makungabingokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube-ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.”—1 Petru 3:3, 4.

Futhi zama ukuzijwayeza ukubona ngendlela uNkulunkulu abona ngayo: “Umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”—1 Samuweli 16:7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela