UkuQothulwa Kwesizwe—Izisulu Esezilibalekile
“Izimiso zokubulala uquqaba lwabantu zamaNazi zaphumela ekufeni cishe kwabeZizwe basePoland abaningi njengamaJuda asePoland, ngaleyondlela kubenza bonke babe yizisulu ‘zokuQothulwa Kwesizwe Osekulibalekile.’”—“The Forgotten Holocaust,” kaRichard C. Lukas
UKUQOTHULWA KWESIZWE—kushoukuthini? Ngokwezinye izichazamazwi, kwakuwukubulawa koquqaba lwamaJuda aseYurophu ngamaNazi phakathi neMpi Yezwe II. Lokhu kunganikeza kalula umqondo wokuthi amaJuda kuphela ahlupheka futhi afela ezandleni zamaNazi. Nokho, ingabe kwenziwa ukulunga futhi kukhulunywa iqiniso ngokuba kuthiwe “ukuQothulwa Kwesizwe” kusebenza kuphela ezisulwini ezingamaJuda zenkathi yobuNazi?
Umlobi uRichard Lukas uthi: “Amazwi athi ukuQothulwa Kwesizwe kubantu abaningi asikisela inhlekelele eyabhekana namaJuda ngaphansi kwamaJalimane phakathi neMpi Yezwe II. Ngombono ongokwengqondo, kuyaqondakala ukuthi kungani amaJuda namuhla ekhetha ukuba lawomazwi abhekisele kuphela kokuhlangenwe nakho kwamaJuda . . . Nokho, ngokungabahlanganisi abanye ababulawa ekuQothulweni Kwesizwe, izinto ezithusayo ezabekezelelwa abasePoland, amanye amaSlav, namaGypsy ezandleni zamaNazi ngokuvamile azinakwa, uma zingalibaleki.”
ULukas uthi futhi: “Kuzona [izazimlando], ukuQothulwa Kwesizwe kwakuyinto eyingqayizivele kumaJuda, futhi ngaleyondlela ziye zakhuluma okuncane noma zangasho lutho ngabeZizwe abacishe babe izigidi eziyisishiyagalolunye, kuhlanganise nabasePoland [abangabeZizwe] abayizigidi ezintathu, nabo abafa enhlekeleleni enkulu kunazo zonke ezake zaba khona emhlabeni.”
Ukufuna KukaHitler Indawo Yokuhlala
Lapho amabutho kaHitler ehlasela iPoland ngoSeptember 1939, ayeyalwe ukuba enze ngokuvumelana nesimiso sikaHitler sokuzuza iLebensraum, indawo yokuhlala, yabantu abangamaJalimane. Njengoba uRichard Lukas esho: “KumaNazi, abantu basePoland babengamaUntermenschen (abantu abaphansi) ababehlala ezweni elaliyingxenye yeLebensraum (indawo yokuhlala) eyayifiselwa uhlanga oluphakeme lwamaJalimane.” Ngakho-ke, uHitler wagunyaza amabutho akhe ukuba abulale “ngaphandle kwesihe noma umusa onke amadoda, abesifazane, nabantwana bokuzalwa noma bolimi lwasePoland. Kungalendlela kuphela esingathola ngayo indawo yokuhlala esiyidingayo.”
NgoSeptember 1939 kwaqalisa usizi kubantu basePoland. UHitler wayethé: “Lempi kumelwe kube yimpi yokucekela phansi.” Umngane kaHitler othembekile uHeinrich Himmler wathi: “Bonke abantu basePoland bazophela emhlabeni. . . . Kubalulekile ukuba abantu abaningi baseJalimane bacabangele njengomsebenzi omkhulu ukubabhubhisa bonke abantu basePoland.” Ngaleyondlela, ukuQothulwa Kwesizwe kwakungaqondisiwe kumaJuda asePoland nje kuphela; kwakuqondiswe kubo “bonke abantu basePoland.”
“Kwasetshenziswa ubudlova kuwo wonke amazwe avinjezelwa. . . . Kodwa ePoland wonke umuntu wayengaphansi konya olunjalo, futhi ukubulawa koquqaba lwabantu kusekelwe esimisweni secala labo bonke kwakuvame kakhulu ngokwengeziwe, ngoba wonke umuntu wasePoland, kungakhathaliseki ubudala, ubulili, noma impilo, wayeyilungu lesizwe esilahliwe—esilahlwe abenzi bezimiso eqenjini nakuhulumeni wobuNazi,” kusho uCatherine Leach, umhumushi wencwadi yesiPolish ethi Values and Violence in Auschwitz. Uthi uHimmler wayebheka abantu basePoland njengohlanga oluphansi okwakumelwe lugcinwe luphansi.
“Ngisho nangemva kokuzinikela kwePoland [ngoSeptember 28, 1939], iWehrmacht [ibutho lamaJalimane] yaqhubeka isithatha ngokungathi sína isiyalezo sikaHitler sika-August 22, 1939, lapho egunyaza ukubulala ‘ngokungabi naluzwela noma umusa onke amadoda, abesifazane, nabantwana bozalo noma bolimi lwesiPolish.’” Ibutho lamaJalimane namaSS babengashukunyiswa kanjani ukuba babulale kanjalo ngokungenaluzwela? Ngokugxishwa imfundiso yokuphakama kohlanga lwama-Aryan nokuba phansi kwazo zonke ezinye. Ngakho-ke, njengoba uLukas esho kwethi The Forgotten Holocaust: “Imfundiso yobuNazi yokuba iJalimane ibuse iPoland yayisekelwe ekwenqabeni ukubonisa abantu basePoland ubuntu, labo kanye namaJuda, uHitler ayebazonda kakhulu.”
“Isimiso Esingaqondile Sokuhlaliswa Kwabantu”
Esethulweni sakhe encwadini ethi Commandant of Auschwitz, uLord Russell waseLiverpool wathi: “Phakathi nempi cishe amadoda, abesifazane, nabantwana abangengaphansi kwezigidi eziyishumi nambili basezifundeni ezihlaselwe nezivinjezelwe babulawa amaJalimane. Kokunye nje ukulinganisela, izigidi eziyisishiyagalombili zabo zaphelela emakamu okuhlushwa. Kuzo, abangengaphansi kwezigidi eziyisihlanu babengamaJuda. . . . Nokho, inani elingokoqobo alisoze laziwa.” Ngesisekelo salamanani wodwa, okungenani izisulu eziyizigidi eziyisikhombisa zazingewona amaJuda.
Obunye ubufakazi yilobo bukaCatherine Leach, obhalayo: “IPoland yayiyizwe lokuqala ukuba ngaphansi ‘kwesimiso sokuhlaliswa kwabantu esingaqondile’ sikaHitler, onjongo yakhe yayiwukuhlela amazwe amaningi ‘eMpumalanga’ ukuze kuhlale amaJalimane, futhi iPoland yalahlekelwa ukuphila okuningi kunawo wonke amazwe avinjezelwa—izakhamuzi ezingama-220 kweziyi-1000. Imithombo yasePoland ithi izakhamuzi zasePoland ezingengaphansi kweziyizi-6 028 000 . . . zalahlekelwa ukuphila kwazo.” Kulezi, eziyizi-3 200 000 zazingamaJuda. Lokho kusho ukuthi cishe amaphesenti angama-50 abasePoland abafa ayengewona amaJuda.
Ngokungenakuphikwa, bekulokhu ‘kunokuQothulwa Kwesizwe Osekulibalekile’ kwezigidi zezisulu ezingemaJuda, ngokuyinhloko ezingamaSlav ngendabuko. Lezisulu zihlanganisa izigidi zamaRashiya ezabulawa amaNazi. LawomaRashiya ayengenakuphunyuka. Ngenxa yemfundiso yobuhlanga yamaNazi, amane abulawa ngonya.
Nokho, lokhu kulinganisela kuyahluleka ukubala izinkulungwane zamaJalimane angemaJuda ezahlupheka nazo njengezisulu zokuQothulwa Kwesizwe ngokumelana ngesibindi noHitler nefilosofi yakhe yobukhulu bohlanga. Phakathi kwazo kwakunezinkulungwane zoFakazi BakaJehova, abenqaba ukuvumelana nezinhloso zikaHitler zokungenela impi. Yebo, kulo lonke elaseJalimane nasemazweni avinjezelwa amaNazi kwakunezinkulungwane zabantu ezazenze isinqumo sokuzithandela esaholela emakamu okuhlushwa nasekufeni kwabaningi njengabafel’ ukholo.
Ngakho-ke, umbuzo ofanelekayo uthi, Uyini umehluko phakathi kwalabo ababeyizisulu zokuQothulwa Kwesizwe nalabo ababengabafel’ ukholo?
[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 10]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Amanye amakamu okuhlushwa amaNazi nawokubulala kulo lonke elaseYurophu. Ngaphezu kwalokho, kwakunamakamu ayi-165 okusebenzisa ngempoqo
UHitler wathi: “Lempi kumelwe kube yimpi yokucekela phansi.” Bulalani “ningabi naluzwela noma umusa wonke amadoda, abesifazane nabantwana bozalo noma bolimi lwasePoland”
NORTH SEA
LATVIA
Riga
LITHUANIA
Kaunas
E. PRUSSIA
POLAND
Stutthof
Treblinka
Chelmno
Sobibor
Lublin
Skarżysko-Kamienna
Majdanek
Plaszow
Belzec
Auschwitz
GERMANY
Papenburg
Neuengamme
Belsen
Ravensbrück
Sachsenhausen
Oranienburg
Lichtenberg
Dora-Nordhausen
Torgau
Buchenwald
Gross-Rosen
Ohrdruf
Flossenbürg
Dachau
Landsberg
NETH.
Westerbork
Vught
BELG.
LUX.
FRANCE
Natzweiler-Struthof
SWITZ.
ITALY
AUSTRIA
Mauthausen
Sachsenburg
CZECHOSLOVAKIA
Theresienstadt
[Isithombe]
UHitler wathi: “Lempi kumelwe kube yimpi yokucekela phansi.” Bulalani “ningabi naluzwela noma umusa wonke amadoda, abesifazane nabantwana bozalo noma bolimi lwasePoland”
[Umthombo]
Library of Congress
[Isithombe]
UHimmler wamemezela: “Bonke abantu basePoland bazophela emhlabeni”
[Umthombo]
UPl/Bettmann Newsphotos