Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 9/8 k. 9-k. 10 isig. 4
  • Lapho Izidingo Sezanelisiwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Izidingo Sezanelisiwe
  • I-Phaphama!—1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubona Kwezimpumputhe?
  • Ukuzwa Kwezithulu?
  • Isidingo Sosizo Olunokwethenjelwa Ngokwengeziwe
  • Ukubona Kusengaphambili Okuzokwenzeka Esikhathini Esizayo
  • Ukusizwa Kwalabo Abanezidingo Ezikhethekile
    I-Phaphama!—1989
  • Lokho Lowo “Owukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso” Akuthembisayo
    I-Phaphama!—2005
  • Zazise Izipho Zakho Eziyigugu
    I-Phaphama!—2011
  • Ukuvula Amehlo Abone Izindaba Ezinhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 9/8 k. 9-k. 10 isig. 4

Lapho Izidingo Sezanelisiwe

Eminyakeni eminingi edlule kwabikezelwa: “Amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu.”

Ungase uthi, ‘Kodwa lokho akunakwenzeka.’ Uma usho njalo, ngokunokwenzeka uyomangala ukuzwa ukuthi izazi eziningi zokwakheka komzimba womuntu zekhulu lama-20 leminyaka azisakubheki njengokungenakwenzeka. Ngani?

Ukubona Kwezimpumputhe?

Ukuba ubungabuzwa ukuthi uzibona ngasiphi isitho izinto, ngokunokwenzeka ubungaphendula: ‘Ngamehlo ami.’ Nokho, isazi sokwakheka komzimba womuntu, ngokunokwenzeka besiyophendula: ‘Ngengqondo yami.’ Futhi besiyobe sishaye emhloleni. Ngoba nakuba iso liyisitho semizwa esidonsa ukukhanya futhi siveze ukusabela okusagesi, ingxenye engemuva yengqondo yethu leyo esinikeza ukuqonda lokho esikubonayo.

Iphephabhuku laseFrance iScience et Vie muva nje lafingqa ukuhlola okuye kwenziwa ukuze kusizwe izimpumputhe ukuba zibone ngendlela yokwenziwa. Kufakwa maphakathi nendawo esengqondweni esiza ekuboneni, amaelectrode amancane axhunywe kuyikhamera yevideo akwazi ukuthumela imibiko esuka kuyikhamera iye ngokuqondile engqondweni. Kuba khona ukukhanya, njengoba nje singase “sibone izinkanyezi” lapho sishaywe ekhanda. Ngokuxhuma ngendlela efanelekile, ingqondo ifunda ukubanika kokukhanya njengoba nje sifunda izimpawu ezenziwa amagilobhu ngamanye okukhanya. Nakuba labo abamehlo abo aye angakwazi ukubona bengase basizwe ngaleyondlela ukuba babone, abantu abazindawo zabo zokubona engqondweni ziye zalimala ngeke bazuze ngalenqubo.

Ukuzwa Kwezithulu?

UDkt. Jean-Michel Bader uthi, “Inkinga yendlebe, ingcono kunenkinga yeso.” Izinyathelo ezinhle ziye zathathwa ekukhiqizeni izinto ezifakwa kuyicochlear ukuze kubuyiselwe izinga elithile lokuzwa kwabanye abantu abanenkinga yokungezwa. Kuthiwani ngalabo ubuthulu babo obubangelwa izinkinga zokuguqulwa kwamaza omsindo enziwe imibiko esagesi okumelwe idluliselwe engqondweni?

Ngokwenzuzo yabanjalo, umsebenzi uqhubekela endletshaneni encane yangaphakathi. Ngomshinyana onemicrophone engena ephaketheni leyo eshintsha umsindo ube amaimpulse kagesi, imibiko ingeniswa ngocingo oluncane iye entweni eyidlulisayo efakwe esikhunjeni eduze nendlebe. Umshinyana omncane wokwamukela ufakwe ngaphansi kwesikhumba futhi uxhunywe ngokuqondile enzweni yendlebe udlulisela umbiko engqondweni, ngokungasebenzisi indlela evamile.

Isidingo Sosizo Olunokwethenjelwa Ngokwengeziwe

Naphezu kwamathemba ukucwaninga okunjalo okubonakala kuwanikeza, ososayensi ngempela bayaqaphela ukuthi imizamo yokulungisa ukukhubazeka komzimba ngokuvamile iyehluleka ngenxa yokuthi isayensi intula ukuqonda ubunkimbinkimbi bendlela izitho zethu zomzimba nezinzwa okusebenza ngayo. Ngenxa yalokho, kuncintiswana ngokwakha umfanekiso ophelele ngokwengeziwe wendlela umzimba wethu osebenza ngayo.

Nakuba abaningi bengase babeke amathemba abo kuyisayensi okuthi izobuyisela ukubona kwezimpumputhe nokuzwa kwezithulu, kunesisekelo esinokwethenjelwa ngokwengeziwe sethemba. Kuyisithembiso soMdali wezinzwa zomuntu, uJehova uNkulunkulu. Uyena owaphefumlela ukuba kubikezelwe ezikhathini zakudala: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu.” (Isaya 35:5) Kodwa singaqiniseka kanjani ngokuthi lawomazwi azogcwaliseka? Isiphi “lesosikhathi” okuthenjiswa ukuthi kuyokwenzeka ngaso?

Ukubona Kusengaphambili Okuzokwenzeka Esikhathini Esizayo

Uma into ike yenzeka esikhathini esidlule, ingabe lokho akunakukunikeza ithemba lokuthi iyokwenzeka futhi, ikakhulukazi uma lowo okumelwe ayenze ethi izokwenzeka? Nokho, ekhulwini lokuqala leminyaka leSikhathi Sethu Esivamile, uJesu wabuyisela izinzwa kulabo ezazibalahlekele, njengoba ake wabika: “Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa.” (Luka 7:22) Lokhu kuphulukisa akuzange kuncike olwazini lwesayensi yanamuhla.

Ngesinye isikhathi uJesu wake ngisho waphulukisa indoda eyayizalwe iyimpumputhe. Omakhelwane abaningi nabangane bayo basibona lesimangaliso. Lendoda eyayibuyiselwe ukubona kwayo yathi: “Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenzalutho.” Yebo, uJesu wabuyisela ukubona kwaleyondoda ngamandla kaNkulunkulu!—Johane 9:32, 33.

Lokhu kwabonisani? Phela, ukuthi ngamandla kaNkulunkulu, bonke abahlushwa izinzwa ezikhubazekile bayophulukiswa! Ngakho-ke, uJesu Kristu wenza lezimangaliso ukuze abonise ngezinga elincane lokho okuyokwenzeka emhlabeni kabanzi ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. ‘Kungalesosikhathi,’ phakathi nokubusa koMbuso kaNkulunkulu, lapho kuyoba khona ukugcwaliseka okukhulu okungokoqobo kwesiprofetho seBhayibheli esithi: “Amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu.”—Isaya 35:5.

Ukwazi isithembiso sikaNkulunkulu ngesikhathi esizayo kanye nokuba nobuhlobo bomuntu siqu naye kwenza umuntu okhubazekile abe nomuzwa wokuthi ukukhubazeka akufanele kumqede amandla. Kwenza ukuba abe nokuphila okujabulisayo nokugcwele ngokwengeziwe manje, yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani lapho labo abake baba nezinzwa ezikhubazekile betshakadula futhi bejabula nalapho lonke usizi nokububula kuyobe sekuhambile!—Isaya 35:10.

[Isithombe ekhasini 10]

Yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani lapho labo abake baba nezinzwa ezikhubazekile betshakadula futhi bejabula!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela