Impi—Ukubhekana Nemiphumela
ABANTU abathola amanxeba empi bakwazi kanjani ukubhekana nawo? Ukuze siyiqonde lendaba, iPhaphama! yaxoxa nezinye izisulu zempi.
UBob Honis wayephakathi kwamashumi ezinkulungwane Zamasosha Empi Asolwandle aseU.S. owalwa empini yezwe yesibili empini yelwo Jima entshonalanga yePacific. Indaba yakhe ayilotshelwanga ukuba ishaqise kodwa ukubonisa ukuthi kungenzeka ngabanye ukuba balulame ngisho nakokuhlangenwe nakho okushaqisa kakhulu.
Isigemegeme
“Saqalisa ukuhlasela kwethu elwo Jima ngo-8:30 ekuseni ngoFebruary 19, 1945. Ombayimbayi bomkhumbi wempi iTennessee bathula cwaka ngemva kwethu, khona-ke futhi izikebhe zethu zokwehla zaqhunyiswa ukudubula okuvela kombayimbayi besitha. Nginosikisiki, ngavukwa amadlingozi ngenxa yomsebenzi ongaphambili, ngamemeza phakathi kwalowomsindo nokuhlokoma, ‘Abanye bashiyeleni thina!’ njengoba sasingena silandela amabutho okuqala ahlaselayo.
“Lapho sesisosebeni lolwandle, engangikuhogela kwakuyiphunga elicunulayo lensizi yesibhamu, uthuthu lwentaba-mlilo, nezinto zokusetshenziswa ezishayo. Isikebhe sethu sokwehla saqhunyiswa. Umshayeli wabulawa ngokuphazima kweso, nazo zonke izinto zethu zokusetshenziswa zaziqhunyisiwe.
“Ngeke ngiyikhohlwe indlela amanye amasosha ayefile ayebukeka ngayo. Elinye lalithe gubudu ngobuso esihlabathini. Izicathulo zalo zempi, zingasenazo izingxenye ezingaphansi, zaziboshwe ngokuphelele zaze zafika emadoloweni alo, ezigamwini ezake zaba imilenze emisha netshakadulayo. Lapho ngibheka ngakwesokunene sami njengoba ngangiquba emgodini wokucashela isitha ombiwe ngokushesha, ngabona elinye isosha lincikele phambili nesibhamu salo sibanjelwe esifubeni salo, linqunywe ikhanda kwaze kwazofika emahlombe. Usebe lolwandle lwangcoliswa amasosha afile, amaningi eyizicucu ngendlela engachazeki. Lesi kwakumane kuyisiqalo nje.
“Ngosuku lwesibili ngathunyelwa ukuba ngiyohlola enye yezindawo zethu. Yeka into esabekayo engahlangabezana nayo! Isiqhumane sasisakaze imilenze nezandla esosheni lokuqala engalibona. Isigqoko nesivikelo salo sesilevu kwakusesendaweni yakho. Amehlo alo ayeqhunsulile, egqolozele phambili njengokungathi lalizindla ngokujulile. Esakazeke yonke indawo njengamathoyizi aphukile afuhlulelwe ndawonye, amanye amalungu eqembu lezibhamu ayeyizicucu zenyama eqotshiwe esakazeke othuthwini lwentabamlilo oluthambile, olumnyama.
“Ukubulala kwaqhubeka kwaze kwaphela usuku lwesithathu. Khona-ke abafile baqala ukubola ngokushesha. Iphunga elibi lanuka ngamandla. Lalikuyo yonke indawo. Yayingekho indlela yokulibalekela.
“Ngemva kwezinsuku ezine zokulwa okuvuth’ uphondo, ngoFebruary 23, kwaphakanyiswa ifulege laseMelika eMount Suribachi manje elithandwa kakhulu. Esikhundleni sokuthokoza, ngamane nje ngazizwa ngidangele. Abafile babekuyo yonke indawo. Ukuphila kwabonakala kushibhe kakhulu. Impi yobudlova yaqhubeka kwaze kwaba ngoMarch 26, lapho ekugcineni i-Iwo Jima yathathwa, ngemva kwamaviki okubulala okunganqamuki. Yeka ukuphalala kwegazi—ingqikithi yabaseMelika nabaseJapane abayizi-26 000 ababulawa esiqhingini esilingana [namakhilomitha-skwele angama-20] kuphela!
Umphumela
“Kwakufanele kube isikhathi senjabulo enkulu lapho ngikhululwa eMabuthweni Emikhumbi Yezempi futhi ngihlanganiswa nomkhaya wakithi. Nokho, kunalokho, lokho okwakulokhu kwakheka ngaphakathi kimi manje kwavela obala—ukungabi nanjongo nomuzwa wokuba yize owesabekayo.
“Kwakunemibuzo eqhubeka ingihlupha. Uma ukuphila kushibhe kangaka, siyini isizathu sokuphila? Ingabe ngempela angaba khona uNkulunkulu onothando? Ingabe ngiyohlushwa okuhlangenwe nakho kwami ukuphila kwami konke? Ngisho nangemva kokuba ngishade nomkami uMary, lokhu kwaqhubeka kungihlupha. Angibonanga-themba lekusasa elihlala njalo nelijabulisayo, impi nokubulala okwengeziwe nokungenangqondo kuphela, ekugcineni kuze kube ukubhujiswa komhlaba nayo yonke into ephilayo kuwo.
Ukuthola Ikhambi
“Ngokushesha ngemva kokuba sishadile, mina nomkami savakashelwa oFakazi BakaJehova ababili. Lokhu kwanginikeza ithuba lokubuza eminye imibuzo ehlolisisayo ngempi, ukuhlupheka, nenjongo yokuphila. Izimpendulo emibuzweni yami zeza ngokushesha zivela eBhayibhelini.
“Yebo, ukhona uNkulunkulu wothando okhathalelayo futhi ngokushesha ozokwelapha bonke ubuhlungu nosizi lwethu. (IHubo 83:18; IsAmbulo 21:1-4) Cha, uNkulunkulu akazivumeli izimpi ekuphishekeleni kwabantu imigomo engokombangazwe. (IHubo 46:9; Isaya 2:4; Johane 18:36) Cha umhlaba ngeke ubhujiswe ukhukhulela-ngoqo wenuzi. Uyohlala phakade, njengekhaya eliyipharadesi labo bonke abahlangabezana nezimfuneko zikaNkulunkulu.—IHubo 37:29; Isaya 45:18; IsAmbulo 11:17, 18.
“Njengoba isifundo sami sezithembiso ezifudumeza inhliziyo eziseBhayibhelini sasiqhubeka, isikhala sobuze esasingaphakathi savaleka kancane kancane. Ngaba nethemba elikhulu lokuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwendlela engokoqobo yokuletha ukuthula nokulondeka emhlabeni. Impi kaNkulunkulu yeArmagedoni ekugcineni iyosusa bonke ububi emhlabeni.—Daniyeli 2:21, 22; Mathewu 6:10; IsAmbulo 16:14-16.”
Yakha Ithemba Ezithembisweni ZikaNkulunkulu
Abanye bayavuma ukuthi ukwazi iqiniso ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba nezizathu zaKhe zokuvumela ububi okwesikhashana bekuyisici esinamandla kakhulu sokubasiza ukuba babhekane namanxeba asele empi.
Lokhu akusikiseli ukuthi usizo lwezingcweti zezokwelapha lungase lungadingeki ngezinye izikhathi. Kodwa ithemba loqobo, elisekelwe ezithembisweni ezinokwethenjelwa zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini, liyawanikeza amandla angaphakathi okubekezelela izinkinga ezingathi sína.
Nokho, amanxeba empi angase angakuthinti wena siqu. Kodwa ungase wazi umuntu othile onjalo. Yini ongayenza ukuze usize? “Yiba ngoqondayo nokhuthazayo kulabo abaye bezwa ubuhlungu ngalendlela,” kusho esinye isisulu senxeba lempi, uMary C——. “Siza abanjalo ukuba babheke esikhathini esizayo, ukuba bagxile ezithembisweni zikaNkulunkulu, hhayi osizini lwangesikhathi esidlule,” uyeluleka. Yebo yiba nesineke nozwela. Yiba ngobonelelayo. Futhi uzame ukubasiza ukuba bakhe ithemba ngekusasa.
‘Kodwa,’ ungase usho, ‘kungenzeka kanjani ukuba enye impi yeArmagedoni ibe ikhambi ngalabo abaye bezwa ubuhlungu benxeba lempi?’ IArmagedoni, impi kaNkulunkulu ngokumelene nobubi, iyoba yimpi engenazo izisulu ezingenacala. Ayinakuzephula izimiso zokulunga nobuhle. ‘lyakulwiwa ngokulunga,’ lapho kuyofa ababi kuphela kuyo.—IsAmbulo 19:11; IzAga 2:20-22.
IArmagedoni ayinakuba nemiphumela yakamuva eyesabekayo, amaphupho esabisayo angapheli noma amanye amanxeba angokwengqondo. Izwe elisha likaNkulunkulu liyogcwalisa umfanekiso ongokwesiprofetho ovezwe kuIsaya 65:17-19: “Izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, . . . kungabe kusezwakala izwi lokulila nezwi lokukhala.”
Zonke izisulu zesikhathi esidlule zempi nobudlova obubulalayo, ngisho nabafile, ziyozuza kulempi. (IHubo 72:4, 12-14; Johane 5:28, 29) Cabanga ngakho—ukubuyiselwa kwePharadesi lokuthula lelo uNkulunkulu ayelihlosile ekuqaleni.
UBob Honis wathi: “Lelithemba iBhayibheli elilinikezayo liyisihluthulelo sokubhekana nomphumela wempi. Bonke abaye balinyazwa inxeba lempi bangazuza ethembeni elinjalo. Loluhlobo lwethemba, njengoba iBhayibheli lisho, ihange lomphefumulo.’”—Heberu 6:19.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
“Lokho obekwakheka ngaphakathi kimi manje kwavela obala—ukungabi nanjongo nomuzwa wokuba yize owesabekayo”
[Izithombe ekhasini 7]
Endleleni eya elwo Jima, safunda ukuma kwesiqhingi
UHonis uvele ngakwesokudla phezulu
[Umthombo]
U.S. Marine Corps
[Isithombe ekhasini 9]
UBob noMary Honis namuhla