Angisayikuyifunda Impi
ININGIZIMU DAKOTA eseNtshonalanga emaphakathi neUnited States iyizwe elisemaphandleni. Izinkomo ziklaba emathafeni amahle. Amasimu anenala kakolo wasentwasahlobo, ibhali, ifoliji, amabele kanye nerye. Kulelidolobha laseAberdeen, ngaqala ukuphila kwami ngoJuly 10, 1921—ukuphila okwangidlulisa kokuhlangenwe nakho okukhulu kwempi nokuthula, inzondo nothando.
Abazali bami babengamaJalimane akhuthele abantu ababekholelwa enkolweni nasemfundweni. Ngakho ngabhapathizwa futhi ngakhuliswa ngokholo lwaseLuthela. Entwasahlobo ka-1939 ngase ngiqedile esikoleni. Abazali bami base badivosa futhi ubaba esashona. Iyiphi indlela engangizoyithatha manje ekuphileni?
Nganginesithakazelo esijulile seBhayibheli nakuNkulunkulu ngakho ngenza isicelo sokuya esikoleni samaLuthela ukuze ngibe umfundisi. Ngaleso sikhathi iMpi Yezwe II yagqashuka eYurophu futhi, ngingakayitholi impendulo evela esikoleni, ngoJuly 1940 ngajoyina Amasosha Ezindiza aseU.S. Ukukhetha kwami kwashintshela emsebenzini wempi kunokuthula.
Ngemva kokuqeqeshwa kokuqala, ngakhetha ukusebenza eButhweni Lezindiza Elivikela Imikhumbi Yempi. Isabelo sami sokuqala sokuya phesheya sasingesasesikhungweni sezindiza eOlongapo, engaqhelelene kakhulu neManila, ePhilippines. IUnited States yayingakahileleki empini, ngakho izabelo zethu ngokuyinhloko kwakungezokuhlola iviyo lemikhumbi yempi lamaJapane elisePacific.
Ukuhlasela KwabaseJapane
NgoDecember 7, 1941, ngangenza umsebenzi wangempelasonto, owawungukuqaphela nje kuphela umsakazo osawashi—ngokuvamile okwakuyisikhathi sokuphumula. Ngokushesha umsakazo waqala ukumemezela isigijimi esishaqisayo, uthumela amazwi ngocingo olusebenzisa amachashazi nemidwanyana (iMorse code) “ITheku iPearl ihlaselwa amaJapane”! Ngagxuma esihlalweni ngagijimela ukuyohlaba umkhosi. Ngangazi ukuthi kwakungeke kuthathe isikhathi eside ngaphambi kokuba amaJapane ahlasele iPhilippines.
Nangempela, ngokuntwela kokusa babe besidubula ngamabhomu. Eziningi zezindiza zethu zaqothulwa zihleli phansi. Lezo ezafinyelela esibhakabhakeni zadubula ngamabhomu futhi zacwilisa imikhumbi yempi yamaJapane. Amabutho afikayo ayeshintshana namabutho asekhathele ngokushesha nje lapho kufika izindiza. Nami ngalandela kulokhu kudubulana okuyingozi okwakungapheli.
Salwa impi kamabuyaze. Izindiza zempi zamaJapane zazihuhuluza kalula phezu kwethu njengoheshane ehwitha ichwane lenkukhu. Ngezinsuku ezimbalwa nje zonke izindiza zethu zaziqothuliwe, futhi kubantu abayi-500 esikhungweni sethu kwakusele abangama-50 kuphela. Kwakudingeka ukuba sibaleke esiqhingini. Ngakho sathatha ngenkani umkhumbi omncane wabagibeli waseFrance, sadlula uthango lwamaJapane sabalekela eDutch East Indies ngokuqhele ngamamayela angaba izi-2 000.
Sehla eSurabaja, ebizwa manje ngokuthi i-Indonesia. Kodwa ngokushesha amaJapane asondela kithi, futhi kwadingeka sihlehlele ePort Darwin eAustralia, lapho esasicabanga ukuthi sasikude okwesikhashana ngebanga elinganakufinyelelwa izinhlamvu zezibhamu. Okulandelayo esakubona, izindiza zamaJapane zokuthutha ngokushesha zaqhamuka zingalindelwe zaphendula itheku laba ikloba lomlilo. Imikhumbi ebalelwa ema-20 yacwiliswa. Owethu, iWillie B. Preston, ongowokucekela phansi owawuphendulwe umkhumbi olethela izindiza izikhali, waqhunyiswa ngebhomu futhi wathelwa ngethala lezinhlamvu kwaze kwaba yilapho kugqamuka amalangabi. Ngandlela-thize, sakwazi ukuwucima umlilo futhi ebusuku, sapulukutshela saphuma ethekwini sehla njalo ngogu olungasentshonalanga neAustralia siya eFremantle.
Ngalobobusuku abafile, abaningi babo okwakungabangane bami abaseduze, babegoqwe ngoseyili base benziwa baba nesisindo, futhi ngemva kwamazwi ambalwa ayeduduza nje kancane, safaka izidumbu eLwandle olukhwantabele. Impi yayisingifundisile kakade ukuzonda isitha. Lokhu kubulawa okudabukisayo kwangenza ngazizwa nginonya ngisho nangaphezulu.
Inkundla Entsha Yempi
Ngemva kwezinsuku ezingama-30 zokuphumula isabelo sethu esilandelayo sasiyiziQhingi zaseAleutians, ezisuka eAlaska zizombeze njalo zibheke eningizimu-ntshonalanga. Sasilokhu sinesabelo esivamile sokuthungatha nokuqothula imikhumbi yamaJapane.
Ngo-August 8, 1942, empini yaseAttu sadutshulwa futhi isibonakude sethu sendlela sephuka. Ekubuyeleni emuva esikhungweni, sadabula enkungwini ekhasa phansi futhi salahlekelwa indlela yethu. Into yokugcina engiyikhumbulayo ukumemeza komholi, “Sizoshayisa!”
Lapho ngiphaphama ngabona indiza yethu isavutha. Sasishayise uhlangothi lwentaba futhi ngangijikijeleke kude nengozi. Ingxenye yomsila yayinqamukile lapho iphahlazeka, futhi uma kwakukhona osaphila wayeyobe elapho. Yonke imisipha emzimbeni wami yayidutshwe izinhlungu, kodwa ngandlela-thize ngakwazi ukugaqela emsileni futhi lapho ngathola umngane wami omkhulu esaphila. Wayesesimweni esibucayi kakhulu. Ngakwazi ukumdonsa emvithilikeni evuthayo ngase ngiquleka futhi.
Kumelwe ukuthi kwakungumsindo omkhulu wokuduma kwezindiza ezifunayo ezazihwitha phansi emvithilikeni okwangiphaphamisa ngosuku olulandelayo. Lapho indiza idlula ngaphezu kwethu, ngakwazi ukuphakamisa ibhantshi labagibeli bezindiza ngabuyela futhi ngaquleka.
Lapho ngiphaphama ngokulandelayo ngangilele esibhedlela samaSosha Emikhumbi Yempi kanye nomngane wami embhedeni oseceleni kwami. Waphila nje izinsuku ezimbalwa. Lokho kwangenza ngaba ngedwa owasinda ebuthweni labayi-9. Ngaphambili ngangibone abantu abaningi befa, kodwa manje abangane bami abaseduze kakhulu babefe bonke. Ngangilokhu ngizibuza, ‘Kodwa, kungani mina? Kungani ngisindile?’ Kulesisikhathi ngakuyeka ukufunda iBhayibheli futhi ngehla ngokomoya.
I“Harp” Yashintsha Ukuphila Kwami
Kusukela eThekwini lamaDashi eAleutians ngathathwa umkhumbi wasesibhedlela samaSosha Emikhumbi Yempi ngaya esiBhedlela samaSosha eBremerton ezweni laseWashington. Imihlathi yami, eyayiphukile ezindaweni eziningana, yayingakalungiswa, ngakho kwadingeka ukuba iphulwe futhi imiswe kabusha. Ngathatha izinyanga eziyisithupha ukululama ekulimaleni ezindaweni eziningi.
Ekuphumeni kwami ngavakashela udadewethu omdala eCalifornia. Ngolunye usuku ngabona umakhelwane wakhe elahla izincwadi ezazibukeka zizintsha. Enye yayithiwa iProphecy. Ngabuza ukuthi yayingeyeBhayibheli yini. Wathi, “Yebo, kunjalo, kunezinye futhi. Ungazithola zonke.” Yileyondlela futhi engathola ngayo iThe Harp of God kanye nezinye izincwadi eziningana ezishicilelwa iWatchtower Society.
Kwabonakala sengathi isithakazelo sami esingokomoya sasivuselelwe. Ngafuna ukuqonda iBhayibheli kangcono. Ngathatha incwadi ethi Prophecy ngayifunda yonke kodwa angizange ngiyiqonde. Ngakho ngazilahla izincwadi ngaphandle kwethi The Harp of God, engayifaka esikhwameni sami sokuhamba.
Izinyanga ezithile ngangihamba ngendiza nomholi wamaSosha Emikhumbi Yempi onesikhundla esiphakeme, sihlola izikhungo zamaSosha Emikhumbi Yempi ogwini lwasentshonalanga neU.S. Lokhu kwanginikeza isikhathi esiningi esikhululekile sokuthiwa izinjabulo zalokhu-kuphila, kodwa ekugcineni zangishiya ngingenalutho futhi ngingenakuphumula. Ngazikhethela ukubuyela emsebenzini wokulwa. Iviyo lami elisha lezindiza eziqhumisa amabhomu zihamba ngesivinini lathunywa eSaipan naseTinian ePacific. Umsebenzi wami wawungowokuqondisa isibonakude sokuqhumisa ibhomu endizeni yeviyo eliholayo. Ibutho ngalinye laliya esabelweni sempi njalo izinsuku ezithile, okwakwenza isikhathi esiningi sokuphumula esikhungweni.
Ngolunye usuku lapho ngiphenya isikhwama sami sokuhamba ngifuna amaphepha okudlala, ngakhipha incwadi ethi The Harp of God. Ngaqala ukuyifunda. Ngokumangalisayo ngaqala ukuqonda ukuthi “isihogo” siyithuna, ukuthi umuntu ungumphefumulo akayena ongenakufa nokuthi akukho-kusekelwa okungokomBhalo kwemfundiso kaZiqu-zintathu. Lokhu kuqonda okuyisisekelo kwangishaqisa.
Ngokushesha ngathatha iBhayibheli lami futhi ngaqala ukubheka yonke imibhalo eyayicashuniwe. Kwakunzima ukukholelwa engakubona. Konke kwakukhanya futhi kulula. Ngavuswa amadlingozi yilokho engangikufunda. Kodwa ngemva kokucabanga ngakho nganquma ukuya kubefundisi bamasosha bamaProthestani namaKatolika ukuba ngibacele bangiqinisekise ngokuvela eBhayibhelini ukuthi isihogo sasingelona ithuna.
Iseluleko Somfundisi
Kuyiqiniso, abazange bakwazi ukwenza kanjalo. Omunye wanginika iseluleko engisasikhumbula nanamuhla. Wathi: “Miller, unombiko omuhle kwezempi futhi uhlonishwa kakhulu. Ikusasa lakho lilondekile kwezempi. Ungomunye oyiphini elikhulu labaholi, omncane kwabake bakhethwa. Ungalenzi iphutha elisabisayo lokuhlanganyela noFakazi BakaJehova, abangalikhulekeli ifulege noma balwele izwe lakubo.” Laba befundisi bamaSosha benqaba ukuphendula noma imuphi wemibuzo yami yeBhayibheli, ukusabela kwabo kwakuwukuhlasela oFakazi abaziwayo ababefile ngaleso sikhathi.
Amazwi abo angenza ngamelana noFakazi BakaJehova. Nokho, akekho noyedwa kubo owayengavula iBhayibheli ukuba aphikise izinkolelo zami ezintsha. Ngacabanga, ‘Yebo, leli iqiniso. Kufanele ngenze okusemandleni ami ukuba ngisize abanye baliqonde.’ Ngosuku olulandelayo ngaqala ukutshela amanye amadoda ngalokho engangikufundile. Bonke bacabanga ukuthi kwakwehlukile ngempela endleleni yami yangaphambili yokucabanga.
Izwi lokushumayela kwami lafinyelela kumphathi, owangibizela ehhovisi lakhe wathi: “Miller, besilokhu sindawonye kokuningi futhi ngezinsuku nje ezimbalwa sizokuya komunye wemisebenzi yethu enzima kakhulu, eIwo Jima! Manje ukuthi lokhu kushumayela kuphathelene nani akusiyo indaba yami. Kodwa ngicela ukuba ukuyeke kuze kube yilapho lesisabelo siphela.” Lokhu kwabonakala kuyisicelo esinengqondo, ngakho ngavuma.
Impi Yase-Iwo Jima
Kuzo zonke izabelo kwakunikezwa ukwaziswa. Ukuze kuthathwe i-Iwo Jima kwenziwa isilinganiso sokuthi bangaki ababezokufa. Ngashaqeka lapho ngizwa inani. Izinkubela kwakungasewona nje amanani asephepheni kodwa ukuphila kwabantu.
AmaJapane azama kanzima ukuba angalahlekelwa yilesisiqhingi esibalulekile. Ayecashe ematsheni amakhulu agudle ugu lolwandle, okwenza cishe kwaba nzima ukuwakhipha. Kwakunendlela nje eyodwa eqinisekile—ukuhambela phansi ngezindiza bese sigcwalisa amawa ngamabhomu abulalayo enapalm. Lapho eqhuma, umlilo wawo ongamanzi ugijimela emiqhekekweni nasemifantwini, uyiphendule ikloba lomlilo.
Ngemva kwezinsuku ezithile sayithumba i-Iwo Jima futhi ekugcineni sakwazi ukuhlala phansi enkundleni yezindiza. Lapho ngiphuma endizeni edubula ngamabhomu, ngabona izidumbu zingikakile. Ngabuyela emuva nogu lolwandle ukuba ngibone imiphumela yokuhlasela. Ngokushaqisayo inkundla yayingachazeki—izidumbu ezihangulekile kuyo yonke indawo. Kwakuqeda amandla. Ngazizwa ngigula enhliziyweni.
Umphumela eIwo Jima uye wabikwa ngokuthi abaseMelika abayizi-8 000 bafa kanye nabayizi-26 000 balimala. AbaseJapane balahlekelwa izi-22 000 ezabulawa. Konke lokhu ngenxa yesiqhingi esingamakhilomitha sikwele angama-20!
Ngo-August 1945 amabhomu eathomu ajikijelwa eJapane. Lingakapheli nesonto amaJapane azinikela, futhi impi yaphela.
Ukuhlangana Kokuqala NoFakazi
Ekubuyeleni eUnited States, ngaya ePortland, eOregon, ukuba ngivakashele umkhaya wakithi. Babemelene kabi kabi nezinkolelo zami ezintsha. Nokho, babazi uHoward Meier, owayengomunye woFakazi BakaJehova. Ngokushesha ngamthinta ngambekela inselele ngalokho abefundisi bamasosha ababengitshele khona ngoFakazi. Ngokushesha wacacisa lezo zibhaceko. Ngakho ngaqala ukuba khona emihlanganweni eHholo loMbuso nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela.
Njengoba ngangitadisha izimiso zeBhayibheli ngempi nokuthula ngaqaphela ukuthi ngangingasenakuhlanganyela emisebenzini yezempi ngisho nokuvumelanisa imisebenzi yezempi nokuphila kobuKristu beqiniso. (Isaya 2:4; Mathewu 22:37-40) Kwakufanele ngenze isinqumo ngokuthi ngangizokwenzani, ngoba ngokushesha ngangizobuyela emsebenzini.
Ngalesikhathi uHoward Meier wanginikeza iseluleko engiyobonga njalo ngenxa yaso. Wathi: “Ngokomoya usengumntwana. Kunokuba unqume manje ukuthi yini elungile ngawe, kungani ungabuyeli emuva esikhungweni sakho, uye emihlanganweni eHholo loMbuso eliseduze loFakazi BakaJehova, futhi njengoba ukhula ngolwazi nangokuqonda, cela kuJehova ukuqondisa kanye neseluleko sakhe.”
Ngaya esikhungweni sezindiza esiQhingini iWhidbey, eWashington. Ngaqala nje zisuka ukuhlanganyela neBandla laseAnacortes loFakazi BakaJehova. Ngokushesha ngase ngishumayela endlini ngendlu futhi ngimemezela nezinkulumo zeningi ezitaladini. Esikhathini esifushane ngase ngiqhuba izifundo eziyisishiyagalombili kuya kweziyishumi esikhungweni sezindiza.
Izingcingo zaqala ukuza esikhungweni samaSosha Emikhumbi Yempi zikhonona ngomholi oyiphini elikhulu owehla nemigwaqo ememezela ngezinkulumo zeBhayibheli. Ngabizwa umfundisi wamasosha ngatshelwa ngokuthe ngqó ukuthi ‘NGIYEKE lombhedo!’ Yebo, ngenqaba.
Ukuboshwa NeNkantolo Yasempini
Lapho ngishumayela emgwaqweni ngaboshwa amaphoyisa amaSosha Emikhumbi Yempi. Izizathu? Ukuhlazisa iyunifomu yamaSosha Emikhumbi Yempi. Lesisenzo saholela eNkantolo yasempini lokho okwakuyosho ukuvalelwa ejele lasempini, kanye noma ukuxoshwa okuhlazisayo. Ngakwenqaba ukusebenzisa ummeli wamaSosha Emikhumbi Yempi njengoba ngaba nomuzwa wokuthi ngangingachaza kangcono ukuma kwami kanye nezinkolelo zami ezintsha ezisekelwe eBhayibhelini.
Ngalethwa phambi kwabehluleli benkantolo yamaSosha Emikhumbi Yempi, kwafundwa amacala. Ngemva kwengxoxo ende nokubuzwa ngezinkolelo zami, ngabuzwa ukuthi nganginawo yini amazwi okugcina.
Ngathi, “Yebo, nginawo.” Ngikhomba ifulege labaseMelika, ngabuza, “Ingabe leliyafulege liyisibonakaliso sesigcono yini?”
“Usho i . . . usho ukuthini ngalokho, Miller?” kwaphendula ngokhahlo omunye wabaholi njengoba egxuma esihlalweni sakhe.
“Madoda, ninawo wonke umbiko wami phambi kwenu wobuSosha Emikhumbi Yempi. Niyazi ukuthi ngazikhethela futhi ngalwela izinto lelofulege elizimelelayo ngaphezulu kakhulu komsebenzi oqondene nami. Ngakholelwa ukuthi limelele inkululeko yokukhulekela, ukukhuluma nenkolo. Ngabona abangane bami bebulawa phambi kwami ngoba nabo balwela lezozinkululeko. Ngabona izinkulungwane zidindilizile ePhilippines, eAustralia, eNew Guinea, eSaipan, eTinian, abaseAleutians naseIwo Jima. Ngiye ngaba nezabelo zempi ezingaphezu kwekhulu kanye nokuqapha okuningi okuyingozi. Nginezimendlela kanye nokutuswa okukhulu kunanoma yimuphi omunye umuntu ezinkulungwaneni ezikulesisikhungo. Ingabe nizongigodlela zona kanye izinto engazilwela futhi ezimelelwe ifulege—inkululeko yokukhulekela kanye nenkululeko yokukhuluma?”
Kwathula kwathi cwaka endlini yenkantolo lapho ngihlala phansi. Abahluleli balihlehlisa kodwa ngokushesha babuya namazwi okuthi abanakwenza isinqumo ecaleni lami nokuthi lizothunyelwa eWashington, D.C. Kamuva isinqumo sokugcina seza sivela eWashington, D.C. Kwakufanele ngiqedele ukujoyina kwami kwezinyanga ezintathu futhi ngangizonikezwa umsebenzi ovumelana nonembeza wami. NgoJuly 14, 1946, ngakhululwa ngokuhloniphekayo. Manje yini eyayizoba isinyathelo esilandelayo ekuphileni kwami?
Ukusuka Empini Uya Ekuthuleni
Ngaphambi kwesimiso somakadebona, nganginethuba lokuya ekholiji noma eyunivesithi ukuba ngifundele umsebenzi engiwuthandayo. Ngaliyeka. Manje njengoba ngase nginolwazi lweqiniso nethemba leBhayibheli lokuthula okuhlala njalo emhlabeni, ngangifuna ukusiza abanye ukuba bathole ukuphila. Ngangifuna ukukhipha amaphupho amabi empi nokubulala ngomsebenzi onikeza ukuphila.—IHubo 46:8, 9; Isaya 9:6, 7.
Ngabhapathizwa ngoAugust 1946 emhlanganweni “Wezizwe Ezijabulayo,” eCleveland, eOhio. Ngabuyela eAnacortes futhi ngaqala enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngo-1947 ngenza isicelo sokukhonza endlunkulu yezwe lonke yeWatchtower Society eBrooklyn, eNew York. Ngamukelwa futhi ngaqala eBethel ngoMarch 29, 1948. Ngasebenza eminyangweni ehlukahlukene ngaphambi kokuba ngabelwe eMnyangweni WeNkonzo. Kwakuyilapha lapho ngathola khona ilungelo lokusebenza njengonobhala kaMzalwane uT. J. (Bud) Sullivan, kamuva owakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo.
Wayengumthombo weseluleko esihlakaniphile nokuhlangenwe nakho kanye nesibonelo ekuphatheni abanye ngomusa. Ngikhumbula ukuthi uma uBud ayesingatha udaba olunzima, wayethi: “Uma sizokwenza iphutha, masilenze ngasohlangothini lomusa ngoba uJehova unguNkulunkulu womusa.” Ngacabanga ukuthi, ‘Leli iphuzu elihle’!—IHubo 116:5.
Ngo-1953 UN. H. Knorr, owayengumongameli weWatchtower Society ngalesosikhathi, ngokungalindelekile wangimisa njengombonisi omusha woMnyango WeNkonzo. Lokhu kwakuyosho ukwengamela yonke imisebenzi yenkonzo yaseUnited States. Ngosizo lukaJehova ngawufeza lowomthwalo wemfanelo iminyaka engama-22. Kusukela ngo-1975 uye waphathwa ikomiti.
NgoMarch 1952 udade osemusha omuhle wafika eBethel. Wayesenkonzweni yesikhathi esigcwele kusukela ngo-1947. Igama lakhe kwakunguBrook Thornton. Sathandana futhi sashada ngoMay 1957. UBrook uye wacebisa ukuphila kwami futhi besilokhu sijabula kakhulu, sisebenza ndawonye eBethel.
Ukuthula Kuletha Izinguquko
Ngo-1969 ngaba nokuhlangenwe nakho okwangithinta ngokujulile. Mina nomkami saba nelungelo lokuya emhlanganweni wezizwe “Wokuthula Emhlabeni” woFakazi BakaJehova eTokyo, eJapane. Kufanele ngivume ukuthi ngangikhathazekile ngokuvakashela eJapane. Kunzima ukucima izinkumbulo zempi. Ngisho nakuba ngangamukele imfundiso yeBhayibheli, ngangingazi ukuthi ngangizobabheka kanjani abaseJapane.
Izinsuku zethu ezimbalwa kulelozwe zaziyisambulo kimina! Ngazithola ngibhekene nabantu abanomusa, abathobekile, abanokuthula, manje ababezonda impi njengami. Nabo, ngokufanayo babeshintshile phakathi neminyaka esukela ngo-1945. Ngahlatshwa umxhwele.
Impilo Ebuthaka Iyagadla
Ngo-1979 ngaba nesifo sokufa kohlangothi esangishiya ngingasaboni kahle futhi nginesifo senhliziyo. Ngakho-ke ngo-1981 ngakhubazeka ngenxa yokudlavuzeka kwemisipha. Lezizithiyo, nakuba kunzima ukuzibekezelela, ziye zangifundisa ngisho ngokwengeziwe ukubaluleka kokuqonda izinkinga nezimo zabanye abantu.
Angisakwazi ukwenza engangikwenza. Ngisebenza ingxenyana yosuku kodwa ngisenelungelo lokukhonza njengelungu leKomiti loMnyango WeNkonzo. Ngiye ngabona inani labamemezeli abakhuthele eUnited States likhula lisuka kwabayizi-66 000 ngo-1946 liya ngaphezu kwabayizi-640 000 ngo-1983. Bonke laba, njengami, basebenzela ukuthula ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Ngenjabulo yami enkulu, omunye walabo ababhapathizwa ngo-1975 kwakungumama. Nakuba eneminyaka eyi-86, usashumayela.
Manje ngilangazelela usuku, oluseduze kakhulu, lapho uJehova uNkulunkulu eyoletha uHlelo lwakhe Olusha lokulunga lapho izimpi, ubuhlungu nokufa kungeke kusaba khona. IBhayibheli lithi: “Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe [izwi likaNkulunkulu eliqinisekile] amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.” (2 Petru 3:13) Kuyisifiso sami esikhulu, ukuba nengxenye kulowo “mhlaba omusha” nokukhohlwa unomphela izinto ezesabekayo zempi engahlanyela kuyo.
[Ibalazwe elisekhasini 26]
(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani, bheka encwadini)
ICANADA
IALASKA
IZIQHINGI ZASEALEUTIANS
IAttu
ULWANDLE IBERING
ISIBERIA
[Isithombe ekhasini 25]
UHarley Miller njengomholi omkhulu oyiphini, eButhweni Lezindiza Ezivikela Imikhumbi laseU.S. ngo-1945
[Isithombe ekhasini 30]
EJapane ngahlatshwa umxhwele abantu abanomusa, abathobekile, nabanokuthula