Ukukhohlisa Kwesayensi—Kuyizihloko Eziqhamile Zamaphephandaba
Umfanekiso wososayensi njengoba unikezelwe eqinisweni ngokunge-nakuguquka wenziwe wagqwala, njengoba izindaba ezihlelwe ngokwezihloko ezilandelayo zibonisa.
“Izimiso Zokuziphatha KweSayensi”
“Ukulwa kuyanda ePhalamende laseU.S ngenxa yokukhohlisa, ukuziphatha ngokungafanele, nempi yokuba nesithakazelo kuyisayensi.”—Science, July 7, 1989.
“Ingabe Ososayensi Bayakhohlisa?”
“Ngemva kokuba lekomiti [yombutho] yenze ukuhlola kokuqala ngalendaba, ikomiti ibe nesizathu esikhulayo sokukholelwa ukuthi simane nje sibona isihloko kuphela sento ethile eneshwa, eyingozi, nebaluleke kakhulu.”—Umsakazo weNOVA kuyiPBS (Inkonzo Yokusakaza YomPhakathi) ngo-October 25, 1988.
“Ukuhlola Okusha Okubili Kufuna Ukwazi Isizathu Sokukhohlisa Kososayensi”
“Kwakuwumbuzo ofaneleke ngempela: baziphatha kanjani ososayensi lapho kungekho muntu obabonayo? Kodwa uye waveza impendulo ephazamisayo: abaziphathi kahle kangako, kubika iphepha kulenyanga ephephabhukwini laseBrithani iNature.”—Newsweek, February 2, 1987.
“Ingabe Isizwe Sabaqambimanga? Ososayensi Benza Ukucwaninga Okungamanga”
“Ukuhlola okukhishwe ngenyanga edlule kumangalele ososayensi abangama-47 eYunivesithi yaseHarvard nase-Emory izikole zokufundela ezokwelapha ngokukhipha amaphepha akhohlisayo.”—U.S.News & World Report, February 23, 1987.
“INIH Ibona Ukukhwabaniswa Kokwaziswa Ephepheni Elikhuluma Ngokubona Kwamehlo”
“Iqembu labakhulumeli lithi umcwaningi wathatha ukwaziswa ephepheni alibukeza futhi wakusebenzisela umsebenzi wakhe siqu; . . . INIH [Umkhandlu WeNhlangano Yezempilo Yesizwe] itusa ukuba kuthathwe izinyathelo ezingokomthetho ezenqabela ukwenza kanjalo.”—Science, July 14, 1989.
“‘Ukuziphatha Okuyekelelayo’ Kuveza Ukukhohlisa Endlini Yokucwaninga Ngezesayensi”
“Ososayensi abaphathelene nokuphila komzimba womuntu ngaphansi kwezimo ezicindezelayo nezindlela zokwelapha eMelika benza ukucwaninga okuwubudlabha, futhi ngezinye izikhathi okukhohlisayo ngomzamo wokunyathelisa amaphepha amaningi nokwenza imali eningi.”—New Scientist, February 25, 1989.
“Abacwaningi Bathuthukise Imingcele Yokukhohlisa”
“Ukukhohlisa okungokwesayensi nokunganaki phakathi kwabacwaningi kungase kwande, kuxwayisa ukuhlola okwenziwa kumagazini wangesonto elidlule iNature.”—New Scientist, January 22, 1987.
“Umcwaningi Ubekwe Icala Lokukhwabanisa Nokusebenzisa Ukwaziswa Okwatholwa Abanye Ushiya Isikhundla”
“Isazi sesayensi ephathelene nezinqubo ezenzeka emzimbeni womuntu esibekwe icala lokukhwabanisa nokusebenzisa umbiko weSikole Sesizwe Semfundo Ephakeme Yezesayensi ekulungiseleleni incwadi ekhuluma ngokudla okunomsoco nomdlavuza, sisishiyile isikhundla saso eNhlanganweni Yomthola-mpilo YaseCleveland.”—Science, September 4, 1987.
“Amaphilisi Okuvala Inzalo: Ukuhlola Kokuqinisekisa Ngokulondeka Okwenziwa Nguprofesa Kube Nenkohliso”
“Ukukhohlisa kwakhe kwenza indaba yokuhlola kokuqinisekisa ngokulondeka kwamaphilisi okuvala inzalo aphuzwa abesifazane abayizi[gidi] ezi-2 eBrithani nabayizi[gidi] eziyi-10 emhlabeni wonke yangabazeka.”—The Sunday Times, September 28, 1986.
“Umcwaningi Wezidakamizwa Ophethe Ushiya Isikhundla Sakhe Ehlazweni”
“Ushiye isikhundla sakhe ngesonto elidlule ngemva kokuba ikomiti yokuphenya ezimele imthole enecala lokukhohlisa okungokwesayensi.”—New Scientist, November 12, 1988.
“INIMH Ithola Icala ‘Lokuziphatha Okungafanele Okungathi Sína’”
“Icala elenziwe ngamabomu eselithathe isikhathi eside ngokumangalisayo nelibi kakhulu lokukhohlisa okungokwesayensi ngokombiko ongaphelele wokuhlola okwenziwa iNhlangano Yesizwe Yempilo Yengqondo.”—Science, March 27, 1987.
“‘Ukukhohlisa’ Kokucwaninga Konakalisa Iqembu Lamakolishi Aphambili AseMpumalanga U.S.”
“Isazi sokwelapha izifo zengqondo esaziwayo saseBoston sishiye phansi isikhundla sokuba umholi wesibhedlela sengqondo esisebenzelana neYunivesithi yaseHarvard, ngenxa yamacala okukhwabanisa nokusebenzisa ukwaziswa komunye umlobi.”—New Scientist, December 10, 1988.
“Icala Lemivubukulo ‘Ebekwe Endaweni Engafanele’”
“Usosayensi owaziwayo waseAustralia uye wahlola iminyaka engamashumi amabili yomsebenzi wesazi sesayensi yomlando womhlaba nezinto eziphila kuwo saseHimalaya yasendulo futhi ugomela ngokuthi kungase kube ukukhohlisa okukhulu ngokungenakuqhathaniswa kwalesayensi yezinsalela zemivubukulo.”—Science, April 21, 1989.
“Manje Sekwehla Ngamphimbo Munye Nangamaphephandaba”
“[Wayekhuluma] ikakhulukazi ngendlela amaphephandaba amaningi [esayensi] aye ahluleka ngayo ukuphatha ukukhohlisa okungokwesayensi. . . . Umbiko ofanayo esikhathini esidlule owawudluliselwe kwamanye amalungu esayensi manje uye wabhekiselwa emaphephandabeni: lungisani isenzo senu ngaphandle kwalokho ningase nithole ukuthi abomthetho banithathela izinyathelo.”—The AAAS Observer, July 7, 1989.