Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 2/22 k. 12-k. 13
  • Umeluki Wasentshonalanga Afrika Esemsebenzini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umeluki Wasentshonalanga Afrika Esemsebenzini
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umthombo Wezinto Ezidingekayo Eziyisisekelo
  • Ukubheka Imibala Nezindwangu Kwangezikhathi ZeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ukudaya Izindwangu Ezikhathini Zasendulo Nezanamuhla
    I-Phaphama!—2007
  • I-kente—Indwangu Yamakhosi
    I-Phaphama!—2001
I-Phaphama!—1990
g90 2/22 k. 12-k. 13

Umeluki Wasentshonalanga Afrika Esemsebenzini

Ngomlobeli wePhaphama! eLiberia

KULELIKHULU lama-20 leminyaka elithuthuke kakhulu, kanye namafektri alo akhiqiza kakhulu asebenzisa amacomputer, yeka ukuthi kuqabula kanjani ukubukela ingcweti ikhiqiza umsebenzi omuhle ngendlela efana kakhulu nowawenziwa ngayo ezikhathini zeBhayibheli.

Ngolunye usuku lapho ngivakashele uMustapha, ngamthola esebenza ngomshini wakhe wokweluka. Ezikhathini zakudala, ukweluka kwakuwubungcweti obuyimfihlo, ngakho ngokwesiko lendawo, akekho owayengama ngemva kukameluki ukuze ambukele esebenza. UMustapha wachaza ukuthi phakathi kwesizwe samaMende, bonke abeluki ngesinye isikhathi bake baba abasemkhayeni owodwa phakathi nesikhathi sokubusa kwenkosi ethile. Ngisho nangalesosikhathi, abantu abambalwa kuphela ababeyazi ngempela lenqubo, futhi amakhosi amakhulu kuphela ayekwazi ukukhokhela izinkonzo zomeluki.

Lapho inkosi enkulu iqasha umeluki, kwakugawulwa izihlahla ezithile ehlathini eliseduze, futhi kwakhiwe uthango olufulelwe ngesundu ukuze kuvalwe indawo umeluki alukela kuyo. Kwakuyinkolelo evamile ukuthi umoya othile wawusekela umeluki kulenqubo eyinkimbinkimbi yokuklama indwangu, ngakho lokhu kubiyelwa kwakuvimbela noma ubani ekubeni angene ngaphandle kokutshela umeluki.

Umeluki wayeqashwa inkosi enkulu ukuze enze igbalee, eyayakhiwa imicu emibalwa ethungelwe ndawonye ukuze yenze indwangu ethi ayibe nkudlwana kunendwangu yokwemboza umbhede. Umeluki nomkhaya wakhe, kanye nomsizi, babehamba bayohlala emzini wenkosi, lapho babenikezwa iqhugwane nokudla kwansuku zonke. Umeluki wayengasheshi ngokungafanele futhi wayengase athathe isikhathi esingangonyaka ukuba aqede amagbalee amabili. Lapho kuvakasha isikhulu sakwahulumeni noma omunye umhlonishwa, sasinikezwa igbalee njengesipho. Umeluki wayengakhokhelwa imali ngomsebenzi wakhe kodwa wayengase anikezwe inkomo noma intombi emsulwa.

Nokho, abeluki banamuhla, njengoMustapha, basebenza ukuze badayise bathole imali. UMustapha wasayina ngisho nesivumelwano sokulungisa impahla yokuhlobisa yeHholo LoMhlangano leNhlangano Yobunye Bama-Afrika eMonrovia. Njengoba ibhizinisi lokuthengisela izivakashi landa, kunemakethe ekhulayo yezingubo, amahembe, okokwemboza imibhede, omata betafula, nezinye izinto ezilukiwe.

Umthombo Wezinto Ezidingekayo Eziyisisekelo

Ngathola ukuthi izinto ezidingekayo eziyisisekelo ziyatholakala kulendawo. Izintambo zenziwa ngokotini. Ngokuyisisekelo kunezinhlobo ezimbili, ezingenaboya (ezimhlophe) nezinoboya (ezinsundu). Ukotini ube usuhlukaniswa ngemibala—onsundu, onsundu ngokukhanyayo, nomhlophe—bese ufakwa kumakinja (obhasikidi bokulondoloza).

Ngamenywa ukuba ngivakashele isalukazi, uSiah, ukuze ngibone izinqubo ukotini olungiselelwa ngazo ukweluka. Wayeneqholo elikhulu lapho ebonisa amakhono akhe.

Isinyathelo sokuqala sasiwukususa izinhlamvu kukotini. Ukuze kwenziwe lokhu, ukotini ubekwa ogodweni oluyisicaba, bese kudluliswa induku noma insinjana phezu kwawo yehliswe yenyuswe. Ngalendlela izinhlamvu ziyacindezelwa ziphume kukotini. Khona-ke izinqanyana zezintanjana ezinezinhlamvu zifakwa kubhasikidi zilindele inqubo elandelayo, ewukukama nokuhlanza ukotini.

Kuyakhanga ukubukela lenqubo. Izintanjana zikakotini zithandelwa entanjeni yomnsalo, edonswa ngokuphindaphindiwe ukuze kukhululwe ukotini. Ekugcineni ukotini uba ntofontofo. Khona-ke kuhleshulwa izingcezu ezingangentende yesandla, zimbambathwe zibe isicaba, bese zibekwa ngazinye kobhasikidi, zilungele ukuphothwa.

Inqubo elandelayo, ukuphotha, ngokuvamile yenziwa abesifazane. Lokhu kusikhumbuza ukutusa kweBhayibheli owesifazane ofanelekayo: “Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi.” (IzAga 31:19) Lokhu kuyichaza ngokunembile inqubo esasetshenziswa nanamuhla, njengoba iboniswa nguSiah.

Okokuqala, uthandela ngokungaqinisi ukotini okanyiwe wahlanzwa othini olumpuluswa. Njengoba ebambe loluthi eluphakamise ngesandla sakhe sobunxele, udonsela izintanjana phansi ngesandla sakhe sokudla, ngesikhathi esifanayo ezisonta ukuba zenze intambo enamaqhubu. Leyontanjana igaxwa emshinini wokuphotha, futhi iqhubeke isontwa yilomshini ophotha ngokushesha.

Njengoba ukotini ngokuyisisekelo umhlophe noma unsundu, ngazibuza ukuthi kazi imibala ekhanyayo itholakala kanjani. Nokho, udayi obomvu ngokukhanyayo utholakala ngokubilisa igxolo lesihlahla secamwood. Udayi ophuzi uvela esitshalweni seturmeric. Impande isetshenzwa ngendlela efanayo ukuze kwenziwe udayi onsundu. Kunezelwa umlotha wezinkuni ukuze kwenziwe imibala ingaphumi.

Umbala oluhlaza njengesibhakabhaka ogqamile utholakala emaqabungeni amancane esitshalo seindigo. Amaqabunga agxotshwa ngezinyawo kumata, bese omiswa ngelanga izinsuku ezintathu noma ezine. Ngemva kwalokho, apakishwa ngalinye kobhasikidi bokulondoloza bese exhonywa ezintingweni zophahla lwendlu. Kamuva okokudaya kuyakhishwa kulabobhasikidi kuxutshwe namanzi. Khona-ke kugcinwa ezimbizeni zobumba ezinkulu, ezimboziwe, ezingabonwa zimi noma zishone emhlabathini egcekeni noma ngemva kwendlu. Osekulukiwe kwaqedwa kucwiliswa kudayi cishe usuku ngesikhathi, futhi ukuhluka kwemibala ehlukahlukene kufinyelelwa ngokwenani lezikhathi okucwiliswa ngazo.

Ubungcweti bokweluka bebulokhu busetshenziswa emakhulwini eminyaka ukuze kwenziwe izinto ezihlukahlukene ezisenza sijabulele ukuphila. Ukufunda eminye imininingwane ngalenqubo ngokuvela ngokuqondile emithonjeni yakuqala ngempela kwabonakala kuthakazelisa kimi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela