I-kente—Indwangu Yamakhosi
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EGHANA
ZISEBENZA ngokushesha, izandla zomeluki zehla zenyuka kuyo yonke indwangu. Ehambisana nesigqi sesondo lendophi esinswininizayo kanye nezishovo ezikleklezayo, lo meluki ugxila esiqeshini sendwangu emibalabala ephambi kwakhe. Ubambe izindophi ngezinzwane; lezo zindophi zihambisa amahhanisi ehla enyuka ehlukanisa futhi eqondisa imicu eyehlayo yendwangu engamamitha ayisithupha ephambi komshini wokwenza indwangu. Ngesineke iminwe yakhe ifaka imicu kasilika ogqamile evundlayo phakathi kwemicu eyehlayo, okwenza indwangu ehlangene ecindezelwa iqine esiqeshini esesiqediwe.
Isiqephu sendwangu ephuma lapho singamasentimitha ayishumi kuphela ububanzi. Kodwa sinemibalabala ekhangayo nemifekethiso eyinkimbinkimbi. Umenzi wayo umomotheka ngokwaneliseka njengoba ehlola umsebenzi wakhe wobuciko—indwangu yoqobo ye-kente.
Ubuciko Basendulo
Sekuyizinkulungwane zeminyaka izingcweti ezingochwepheshe zisebenzisa ubuciko bokwenza. Imicu ephothiwe yefilakisi, kakotini nosilika ibilokhu iwumthombo otholakala njalo wezinto zokwenza indwangu. Imibala eyisisekelo yayitholakala ezimpandeni nasemaqabungeni ezitshalo, okwakunikeza abenzi bendwangu ikhono lokwenza imiklamo elula nemifekethiso emsebenzini wabo.
Abenzi bendwangu bezizwe zase-Afrika abayimizulane benza imishini emincane yokweluka indwangu futhi okwakulula ukuhamba nayo usuka kwenye indawo uya kwenye. Le mishini yayikhiqiza imicu emincane yendwangu engaba amasentimitha angu-7,5 kuya kwangu-11,5 kuphela ububanzi. Le micu emide yendwangu yayithungwa ihlanganiswe ukuze ibe yindwangu enkulu umuntu ayengayibhinca njengengubo yokugqoka. Imishini ephathekayo yokwenza indwangu yayigitsheliswa ezilwaneni lapho kunqanyulwa izingwadule, kuwelwa imifula futhi kukhushukwa izintaba eziphakeme. Njengoba yayidlula emizileni yezohwebo yasendulo, le mishini yayinethonya elikhulu kubantu ababeyisebenzisa.
Isifiso Sokuthola Indwangu
Amakhulu amaningi eminyaka amakhosi nezinduna zaseNtshonalanga Afrika zazilawula izwe elinothe ngamaminerali abahloli bamazwe baseYurophu ababelibiza ngokuthi iGold Coast.a Lapha kwakumbiwa igolide eliningi, okwaletha ingcebo emakhosini ama-Ashanti nemindeni yawo yasebukhosini. Ehlobe ngemigexo emikhulu yegolide evunule nangezindwangu ezenziwe ngokukhethekile, la makhosi nezinduna zawo ezivelele ayebukisa ngengcebo, amandla negunya lawo phambi kwabantu bawo. Indwangu yekhethelo eyayigqokwa yilaba babusi yabizwa ngokuthi i-kente, igama okungenzeka lalibhekisela ekufaneni kwale ndwangu nendlela ubhasikidi ophicwa ngayo. Ezinye izizwe zaseGold Coast nazo zaziluka ngemicu, kodwa emakhosini ama-Ashanti, indwangu ye-kente yaba uphawu lwesikhundla nobukhosi.
Abenzi bendwangu baseGold Coast babesebenzisa ukotini ophothwe endaweni. Kwakunemicu yendwangu eluhlaza okwesibhakabhaka kuphela ababengayisebenzisa. Le micu eluhlaza yayihlanganiswa nendwangu kakotini emhlophe ukuze kuvezwe imigqa nemifekethiso evamile evumelanayo eyayenzelwa abantu bendawo.
Indwangu ye-kente yasebukhosini eyenziwe yahlangana yayilinganiselwe. Kwamiswa amaqembu anekhono lokwaluka ukuze enzele abasebukhosini indwangu yeqophelo eliphezulu. Inqubo yokweluka yayigadiwe futhi iyimfihlo. Bonke abanye abeluki babenqatshelwe ukwenza imifekethiso nemiklamo okwakungeyenkosi nabasebukhosini kuphela. Inkosi yayiqongelela izindwangu eziningi, ngayinye eyayinomklamo nomfekethiso ohlukile. Ngokuvamile, yayingeke ivunule kabili ngendwangu efanayo iphumele obala.
Ukufunwa Kwemibala Ehlukene
Ekhulwini le-16, kwaqala ukuvela kolunye uhlobo lwendwangu eGold Coast. Le ndwangu entsha yayingenziwanga ngemishini yendwangu yabaNsundu kodwa yayikhiqizwe emazweni akude yase ilethwa amatilosi okuqala abeLungu ayefuna amazinyo endlovu, igolide nezigqila. Le ndwangu yangaphandle yayinemibala egqamile. Ngokushesha, le ndwangu enhle evela ngaphandle, eyayenziwe yahlangana ngemicu ebomvu, ephuzi neluhlaza okotshani, yaba yimpahla yokuhwebelana eyigugu. Bambalwa ababekwazi ukuthola indwangu ebizayo kubahwebi babeLungu. Ama-Ashanti acebile, ayelawula ukuthuthelwa kwegolide, amazinyo endlovu nezigqila emikhunjini ogwini, yiwona kuphela ayenamandla okuyithola. Kodwa inkosi yama-Ashanti nezinduna zayo babengafuni leyo ndwangu ngokwayo.
Lapho indwangu isithengiwe, abeluki babeyiqhaqha ngesineke bakhiphe imicu enemibala efunwayo, balahle indwangu esele. Le micu eyigugu yayiphinda yenziwe kabusha emishinini yendwangu yabenzi bendwangu basebukhosini. Njengoba imibala yezindwangu yayanda, nekhono lokwenza izinto ezintsha lakhula, okwenza ukuba izazi zobuciko zikhiphe unyawo ngendwangu kunanini ngaphambili. Amakhosi ama-Ashanti ayeqasha abenzi bendwangu abanekhono bezinye izizwe, okwenza ukuba kukhiqizwe indwangu ye-kente yezinga eliphezulu.
Imifekethiso enemifanekiso yezinhlanzi, izinyoni, izithelo, amaqabunga, ukushona kwelanga, uthingo neminye imibukwane yemvelo yayiwubuciko bezindwangu obabusetshenzwa ngokucophelela futhi buwumfuziselo wokuthile. Indwangu enemicu yegolide yayimelela ingcebo, umbala oluhlaza okotshani wawumelela ubusha, omnyama umelela indumalo, obomvu ubonisa intukuthelo, kanti oyisiliva wawufanekisela ubumsulwa nenjabulo.
Abenzi bendwangu babesebenza ngendwangu eyodwa ngesineke bengajahile izinyanga eziningi, bazi ukuthi umsebenzi wabo wawuyobhekwa njengophawu lwekhono nobuciko babo lapho usuphelile. Umkhiqizo onjalo wobunyoninco wawungeyona into kawonk’ uwonke, ngoba bambalwa ababengakwazi ukuthenga indwangu ye-kente eyivelakancane nebizayo.
I-kente Yanamuhla
Ngokuhamba kwesikhathi, ithonya lamakhosi nezinduna ezinamandla laqala ukushabalala. Sasingasekho isidingo sokuhlukanisa abasebukhosini nabantu abavamile ngendwangu abayivunulayo. Ukufuneka kwale ndwangu enhle kwanda, ngoba yaqala ukusetshenziselwa izinjongo ezingahlobene nezindaba zasebukhosini. Ngenxa yokwenza indwangu ngokubhuduzela ukuze kuhlangatshezwane nesidingo, izinga, ubuhle nentengo yendwangu ye-kente kwaqala ukwehla.
Namuhla iningi lendwangu ye-kente lenziwa ngemicu yokuzenzela futhi bese isetshenziswa ekukhiqizeni ngobuningi izikhwama, othayi, amabhande, izigqoko nezambatho. Bambalwa abenzi bendwangu abanesithakazelo sokukhiqiza indwangu ye-kente ngezindlela zasendulo ezidinga ukuzikhandla nesikhathi. I-kente yasendulo yeqophelo eliphezulu manje isiyigugu futhi idluliswa kusuka kulesi sizukulwane kuya kwesilandelayo phakathi kwemindeni. Yebo, sezadlula lezo zinsuku lapho indwangu ye-kente yeqophelo eliphezulu nobuciko obuyingqayizivele yayikhiqizwa khona ngemishini evamile futhi ibhekwa njengendwangu yamakhosi.
[Umbhalo waphansi]
a IGhana yosuku lwanamuhla.
[Izithombe ekhasini 16]
Imishini yokwenza indwangu mincane futhi ayisindi
[Isithombe ekhasini 17]
Umenzi wendwangu usebenzisa izinyawo zakhe ukuze alawule amahhanisi