Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukwehlisa Isisindo Ngiyanibonga ngesihloko esikhuluma ngokwehlisa isisindo. (June 8, 1989) NgoApril odlule, ngangingowesifazane onesisindo [esingamakhilogremu angu-80], oneminyaka engu-58, onesifo sikashukela nomfutho ophakeme wegazi. Futhi ngangicindezeleke kakhulu. Namuhla nginesisindo [esingamakhilogremu angu-72], ngidinga i-insulin encane, futhi umfutho wami wegazi muhle kakhulu. Futhi angisenakho ukucindezeleka. Lokhu ngakufeza ngokuqaphela ushukela namafutha engiwadlayo nangokuhamba [amakhilomitha amahlanu] njalo ekuseni ngibophele into enesisindo [esingamagremu angu-454] esihlakaleni sami ngasinye. Ngingase ngibonakale ngiyihlaya lapho ngihamba, kodwa izimpi ezimbalwa sengizinqobile, futhi ngikholelwa ukuthi ngizoyinqoba lempi. Ngiyaphinda futhi ngithi, ngiyabonga.
E. P., Canada
Inhlekelele YaseLockerbie Angikhathaza amazwi enu ngokuphathelene nomBhishobhi waseGalloway esihlokweni esikhuluma ngesehlakalo saseLockerbie. (August 8, 1989) Ngokuthi washo ‘amazwi abuhlungu ngoNkulunkulu’ ngokubuza, ‘Kungani uNkulunkulu evumele ukuba lokhu kwenzeke?’ nimmelela kabi.
A. W., Britain
Sawabika njengoba enjalo amazwi ombhishobhi njengoba ecashunwe kuyi“New York Times” kaDecember 26, 1988. Nokho, kusukela ngalesosikhathi siye sathola ikhophi yenkulumo yalowombhishobhi, futhi kuyabonakala ukuthi eqinisweni amazwi akhe ayehloselwe ukunanela imicabango yabanye, hhayi eyakhe. Noma kunjalo, amazwi alowombhishobhi acashunelwa ukubonisa ukuthi akazange anikeze mpendulo esekelwe eBhayibhelini kulowombuzo, futhi akazange akhombe ethembeni eliseBhayibhelini ngabafileyo. (Johane 5:28, 29)—ED.
Ukusho Inhlamba Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingasinqoba Kanjani Isifiso Sokusho Inhlamba?” sifike ngesikhathi ngempela! (September 8, 1989) Njengoba nginomngane ophikisana nobuKristu, ngezinye izikhathi ukuphela kwengingakwenza ukumane nje ngilawule ulimi lwami. Imicabango yokusho inhlamba iye yangenza ngazizwa nginamahloni futhi ngingalufanele uthando lukaNkulunkulu. Lesihloko esihle singinikeze isiqondiso engisidingayo ukuze ngenqabe isifiso sokusho inhlamba.
C. D., United States
Ukugwema Ukudlwengulwa Owesifazane ocashunwe esihlokweni senu (September 8, 1989) uthi “[wa]kwazi ukugwema ukudlwengulwa ngenxa yosizo lukaJehova.” Ingabe lokhu kusho ukuthi labo abadlwengulwayo abanalo usizo lukaNkulunkulu? Kungani emsiza omunye umuntu angamsizi omunye?
V. R., United States
IBhayibheli alisho ukuthi uNkulunkulu ubavikela ngokuyisimangaliso abantu bakhe ekulimaleni. Imithetho kaNkulunkulu kuIsrayeli yabonisa ukuthi ukudlwengulwa kwakungase kuzehlele izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile. (Duteronomi 22:23-27) Nokho, uNkulunkulu uye wasilungiselela isiqondiso esingokomBhalo esingasebenzela inzuzo yethu uma sisisebenzisa. Futhi iseluleko esisekelwe eBhayibhelini ngokulwisana nokudlwengulwa saba yisivikelo kowesifazane okuxoxwa ngaye. Ngokufanelekile, wabonga uNkulunkulu ngokulungiselela lokhu kwaziswa okuwusizo.—ED.
Ukubhema Isembozo sikamagazini othi “Ukufa Kuyadayiswa” (July 8, 1989) sakuthatha ngempela ukunaka kwabantu. Ngangihlala ngivakashela owesifazane osemdala obhema ngokunganqamuki. Useneminyaka eminingi enesikhokhelo sePhaphama! kodwa izihloko uzifunda ngokwethukela. Muva nje, ngimvakashelile futhi ngaphawula ukuthi ekugcineni ngingase ngikwazi ukuphefumula ekhaya lakhe. Yebo, wayezama ukuyeka ukubhema. Lapho ebona lowomagazini, wawufunda kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni futhi manje ufuna ukutadisha iBhayibheli nokuza eHholo LoMbuso. Ngiyanibonga ngokukhanga komagazini bethu.
C. P., United States