Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Imiphumela Yempi Ngavukwa amadlingozi lapho ngivula umagazini kaOctober 8, 1989. Ekhasini elingaphakathi lezihloko eziqhamile kwakunesithombe somyeni wami lapho ayeseMabuthweni Emikhumbi Yempi aseU.S. ngo-1944. Nakuba isithombe sasikhishwe okokuqala eminyakeni engu-45 edlule, sasingakwazi ukubona ukuthi sathathelwaphi. Amazwi achaza isithombe aye asikhanyisela lokhu. Umyeni wami wazifunda lezihloko futhi wathi zazishaya emhloleni kakhulu. Ngokwazi kwami, kungokokuqala ukuba afunde iPhaphama!
H. S., United States
Ukuchitheka Kukawoyela Njengomthengisi wokudla kwasolwandle, ngasijabulela isihloko sikamagazini wesiNgisi kaSeptember 22, 1989, esasikhuluma ngokuchitheka kukawoyela eAlaska. Uye wakuthinta ngempela ukuphila kwabantu abahlala lapho, kanye nendawo ezungezile. Ngempela siyasidinga isiqondiso soMdali wethu ukuba aqondise izinyathelo zethu. Kodwa maqondana nokudla kwasolwandle lwaseAlaska, akudingekile ukuba sesabe ukuthenga imikhiqizo enjalo, kangangokuthi inqubo yokuhlolisisa njengamanje iyaqhubeka.
A. C., United States
Ikusasa Ongabheka Kulo Ngakhanyiselwa ngempela indatshana eyabhalwa intombazane eneminyaka engu-16 ubudala ngekusasa. (October 22, 1989 ngesiNgisi) Ngathanda kakhulu inkondlo eyayicaphuna: “Amadoda amabili alunguza emigoqweni yezinsimbi zasejele, enye yabona umgodi ombiwe, enye yabona izinkanyezi.” Kwakuyindlela ephumelela kakhulu yokudlulela engxoxweni yeBhayibheli.
D. B., Canada
Njengosemusha, ngahlatshwa umxhwele kakhulu ukuthi lentombazane yafaka indatshana yayo emqhudelwaneni. Lokhu kuwukwazisa ngokholo lwayo nothando ngoMdali wayo. Indatshana yayo yaveza umfanekiso omuhle ngekusasa lalabo ababheka kuJehova uNkulunkulu.
S. G., United States
Izidingo Ezikhethekile Isihloko senu (September 8, 1989) sakhuluma ngokufunda izindebe. Nokho, akubona bonke abantu abangezwa ezindlebeni abangafunda izindebe. Umuntu ongezwa ngokusesilinganisweni uqonda kuphela amaphesenti angu-30, futhi okuningi uyakuqagela. (Zama ukubukela iTV ngaphandle kokuvulela umsindo, futhi uzobona ukuthi akulula.) Ngokuvamile abantu bazama ukusiphoqelela ukuba sifunde izindebe kunokuba basibhalele izinto phansi ephepheni. No-ma bakhulumela ezindlebeni zethu noma bakhulumele phezulu noma baze ngisho bathethe. Lokhu akusebenzi. Nathi kuyasilimaza kakhulu lapho abantu abezwayo besiphatha njengokungathi sikhubazeke ngokwengqondo.
F. B., United States
Sizazisa kakhulu lezikhumbuzo. Ukufunda izindebe kwamane kwaphawulwa njengenye indlela engakhethwa abantu ababa izithulu sebebadala futhi abakuthola kunzima kakhulu ukufunda ulimi lwezimpawu. Besingaqondile ukuthi bonke abantu abayizithulu bangafunda izindebe.—ED.
Abafowenu Nodadewenu Abangamahlongandlebe Ngifuna ukunibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Bangakwenza Kanjani Lokho Kimi?” (November 8, 1989) Udadewethu wasuswa ebandleni lobuKristu eminyakeni emibili edlule, futhi imiqondo eminingi eyavezwa kulesosihloko yachaza imizwa yami. Ngalesosikhathi kwabonakala sengathi umkhaya wakithi wawungenakusinda kulokhu okuhlangenwe nakho okudabukisayo, kodwa sasinda. Futhi sakwazi ukubonisa ukulalela kwethu uJehova nenhlangano yakhe.
K. L., United States
Ukuhlala Ningabangane Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kunzima Kangaka Ukuhlala Ningabangane?” (October 8, 1989) sangenza ukuba ngiqaphele izinga engase ngicinanise ngalo abangane bami. Nganginesikhwele uma abanye bekhuluma ngisho nokukhuluma nabanye babangane bami! Manje ngenza izinguquko. Ngithemba ukuthi lesisici esibalulekile siyohlala sikulomagazini.
G. Z., Brazil