IPaki Lesizwe LaseYosemite—Lineminyaka Eyikhulu
UKUNGENA nje ngemoto ezintabeni usuka eMerced, eCalifornia, eU.S.A., akukutsheli ngombono owesabekayo okubingelela lapho uphuma ebhulohweni elisemgwaqweni omkhulu. Ngokushesha wethuswa ubukhulu beYosemite Valley, enezindunduma ezinkulu neziqongo ezimazombezombe eziyimibhoshongo ngaphezu kwalesigodi, sona ngokwaso esingamamitha angu-1 200 ngaphezu kolwandle. Ngakwesobunxele, iEl Capitan iphakeme ngamamitha angu-1 100; ngakwesokudla kunempophoma enhle iBridalveil, enamanzi ehla ngamamitha angu-190 ebheke phansi; buqamama ngakwesokudla kunendunduma enkulu okuthiwa iHalf Dome, ephakeme ngamamitha angu-2 698. Wonke lombukwane ubonakala ngokungazelele futhi ukhexisa umlomo. Engqondweni kufika lamazwi: “Uyidwala [uJehova], umsebenzi wakhe uphelele.”—Duteronomi 32:4.
Izigidi zabantu ezivela kuwo wonke umhlaba ziye zajabulela ubuhle nobukhazikhazi bePaki Lesizwe laseYosemite selokhu lenziwa kanjalo yiNhlangano yaseU.S. ngo-1890. Kwasekuqaleni ngo-1864, iYosemite Valley yayinikezelwe eCalifornia yileNhlangano njengepaki lomphakathi. Ezikhathini zanamuhla, uma kusondela ihlobo, iYosemite igcwalisa abantu. Kodwa uma ufuna ukuba wedwa, ungavele uqunge isibindi kuyiHigh Sierra futhi ubone yonke into usezweni lokhozi.