I-Hoarfrost Ubani Obangela Ubuciko Bayo?
LAPHO umoya ogcwele umhwamuko uphola kusihlwa, awukwazi ukugcina wonke amanzi akuwo. Asele aphenduka amazolo. Kodwa lapho izinga lokushisa komoya liba ngaphansi kwezinga-qhwa, amanzi asele ayashintsha—okungukuthi, ashintsha ekubeni amazolo abe iqhwa. Izinhlayiya zesithwathwa ezakheka ngalendlela zinjengoqwembe futhi zifana namakhekheba eqhwa. Njengoba ziwela emafasiteleni ezindlu, zikhanga ngokwakheka kwazo okulinganayo nokuhlangene. Zakheke ngobuciko ngempela.
Kodwa kunezinye izinhlayiya zesithwathwa ezimangalisa ngokwengeziwe ezaziwa ngokuthi i-hoarfrost. Ziyimikhonto yeqhwa enezikhoxe enezinhlangothi eziyisithupha ebheke phezulu, futhi lapho ziqoqene ndawonye endaweni evulekile, ziba imibukiso emihle futhi ngokufanelekile zibizwa ngokuthi izimbali zeqhwa. Ngolunye usuku ekuseni libalele eYosemite National Park, eCalifornia, lezizimbali zeqhwa zatholakala zikhula phezu kwamadwala emanzini oMfula iMerced ogelezela eYosemite Valley. Nazo zakheke ngobuciko obukhulu, futhi zenziwe imithetho yemvelo emiswe uMdali wendawo yonke. “Ufanele wena-Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba-khona, zadalwa.”—IsAmbulo 4:11.