Izibhamu—Izwe Elingenazo
KUSUKELA ekuqaleni komlando womuntu, umuntu uye waphendukela ekusebenziseni ubudlova ekusebenzelaneni kwakhe nomakhelwane wakhe. Ukubulala kwavumbuka emkhayeni wokuqala lapho uKayini ebulala umfowabo uAbela. Ukubulala kuye kwaqhubeka kusukela lapho—ngaphakathi kwemikhaya, ngaphakathi kwezinhlanga, naphakathi kwezizwe. Njengoba izikhali zaziba namandla kakhulu, izisulu zaba ziningi ngokwengeziwe. Amatshe nezagila kwadedela imikhonto nemicibisholo, okwathathelwa indawo izibhamu namabhomu. Ukubulawa kwamakhulu kwaphenduka kwaba izinkulungwane; namuhla izinkulungwane ziye zaba izigidi. Futhi hhayi empini nje kuphela kodwa futhi nangesikhathi sokuthula. Hhayi nje ngamabutho kuphela kodwa futhi nezakhamuzi zendawo. Hhayi ngabantu abadala nje kuphela kodwa futhi nezingane. Ingabe ukwanda kobudlova kuyoke kuphele? Uma kuxhomeke kubantu, amathemba afiphele.—2 Timothewu 3:1-5, 13.
UKristu Jesu wabikezela ukuthi lesi kwakuyoba isikhathi lapho izizwe zaziyovukela ezinye izizwe ezimpini ezesabekayo, zichitha ukuphila kwezigidi. Izifo eziwumshayabhuqe nokuzamazama komhlaba kwakuyothatha inani elikhulu lokuphila kwabantu ezindaweni eziningi. Umuntu wayeyongcolisa umhlaba kangangokuthi ikhono lawo lokusekela ukuphila laliyosongelwa—ososayensi abaningi manje bezwakalisa lokho kwesaba. Kodwa ukuthanda komuntu imali kumbangela ukuba aqhubekele phambili ebudloveni bakhe bokungcolisa, futhi buyophela kuphela lapho uJehova uNkulunkulu ngokwakhe engenela ‘ukuze abhubhise ababhubhisa umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.
Abaningi bazihleka usulu izixwayiso ezinjalo futhi ngaleyondlela bagcwalisa enye ingxenye yesibonakaliso esabikezelwa sezinsuku zokugcina: “Nazi kuqala lokhu ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo, bethi: Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba kuselokhu obaba balala, konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.”—2 Petru 3:3, 4.
Kodwa lelifu elimnyama elisibekela isintu linamathemba aduduzayo. UJesu wabikezela ukuthi ekubeni khona kwakhe, kwakuyoba khona ‘usizi emhlabeni olwaluyokwehlela izizwe zixakeke ngokuduma kolwandle namaza, abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.’ Kodwa futhi wathi kwakuyoba isikhathi ‘sokululama, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.’—Luka 21:25-28.
Izizwe zisosizini olukhulu, uquqaba ludidekile, futhi abantu banokwesaba ngezinto ezivelela umhlaba, kodwa lesi isikhathi sokukhululwa kwalabo abalindele uMbuso ozayo kaNkulunkulu NokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaKristu Jesu. Leso kuyoba isikhathi sokugcwaliseka kwesithembiso sikaJehova uNkulunkulu ‘samazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.’—2 Petru 3:13.
Futhi azisekho izibhamu! Azikho eziyodingeka ngenxa yempi. “Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.”—IHubo 46:9.
Azikho eziyodingeka ngenxa yokuzivikela komuntu siqu. “Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova-Sebawoti ukhulumile.”—Mika 4:4.
Akekho noyedwa wababi oyoba lapho, abalungileyo kuphela. “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.” (IzAga 2:21, 22) Khona-ke “abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:11.
Emehlweni kaNkulunkulu ubudlova bonakalisa umhlaba. Osukwini lukaNowa “umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.” (Genesise 6:11-13) Ngakho, uJehova waliqeda lelozwe ngoZamcolo wembulunga yonke. UJesu wafanisa ukuphela kwalelizwe lamanje elinobudlova ekufikeni kwakhe, nokuphela kwalelozwe lasendulo: “Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba-njalo ukufika kweNdodana yomuntu.”—Mathewu 24:38, 39.
Emhlabeni omusha kaNkulunkulu wonke umuntu ophilayo uyogcwalisa uMarku 12:31: “Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Futhi uIsaya 11:9 uthi: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” Futhi okuyogcwaliseka kulelozwe elisha lokulunga kuyoba izimo ezikhazimulayo ezichazwe kusAmbulo 21:1, 4: “Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. Azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” Khona-ke, ngokuqinisekile azikho izinhlangano zabantu eziqhosha ngezikhali!
Azikho kulezinguquko ezinkulu zokubusiswa kwabantu eziyolethwa abashisekeli bezinguquko nezibhamu zabo ezikhafula ithala lezinhlamvu ezicekela phansi isitha ngokuphazima kweso. Kunalokho, ziyolethwa uJehova uNkulunkulu ngoMbuso wakhe ngaphansi kukaJesu Kristu. Ngakho uIsaya 9:6, 7 uthi: “Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube-phakade. Ukushisekela kukaJehova-Sebawoti kuyakwenza lokhu.”