Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 8/1 kk. 5-8
  • Izimpendulo Zemibuzo Emine Ephathelene Nokuphela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo Emine Ephathelene Nokuphela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • 1 Yini Ezophela?
  • 2 Ukuphela Kuyofika Nini?
  • 3 Yini Eyokwenzeka Ngemva Kokuphela?
  • 4 Kumelwe Wenzeni Ukuze Usinde Lapho Kufika Ukuphela?
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Kusho Ukuthini—“Ukuphela Kwezwe?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Injongo KaNkulunkulu Izofezeka Ngokushesha
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
  • Kuzofika Nini Ukuphela? Lokho Okwashiwo UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 8/1 kk. 5-8

Izimpendulo Zemibuzo Emine Ephathelene Nokuphela

UJESU KRISTU wabikezela ukuthi esikhathini esizayo ‘kuyofika ukuphela.’ Echaza leso sikhathi, wathi: “Ngaleso sikhathi kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lube khona.”—Mathewu 24:14, 21.

Amazwi kaJesu mayelana nokuphela namanye amavesi eBhayibheli akhuluma ngale ndaba aphakamisa imibuzo eminingi ebalulekile. Thatha iBhayibheli lakho uthole izimpendulo zale mibuzo.

1 Yini Ezophela?

IBhayibheli alifundisi ukuthi kuzobhujiswa umhlaba ongokoqobo. Umhubi wabhala: “[UNkulunkulu] usekelé umhlaba phezu kwezindawo zawo ezimisiweyo; ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.” (IHubo 104:5) IBhayibheli alifundisi futhi ukuthi konke ukuphila kuyoqothulwa yimpi yomhlaba wonke. (Isaya 45:18) UJesu ngokwakhe wabonisa ukuthi bakhona abayosinda lapho kufika ukuphela. (Mathewu 24:21, 22) Yini-ke kanti iBhayibheli ethi iyophela?

Ohulumeni babantu abayizehluleki bayophela. UNkulunkulu waphefumulela umprofethi uDaniyeli ukuba abhale: “UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”—Daniyeli 2:44.

Izimpi nokungcoliswa komhlaba kuyophela. Lapho lichaza lokho uNkulunkulu ayokwenza, iHubo 46:9 lithi: “Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu; izinqola uzishisa ngomlilo.” IBhayibheli lifundisa nokuthi uNkulunkulu ‘uyochitha abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.

Ubugebengu nokungabi nabulungisa kuyophela. IZwi likaNkulunkulu liyathembisa: “Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.”a—IzAga 2:21, 22.

2 Ukuphela Kuyofika Nini?

UJehova uNkulunkulu ubeke “isikhathi esimisiwe” ayoqeda ngaso ububi bese uhulumeni woMbuso wakhe ubusa umhlaba wonke. (Marku 13:33) Kodwa iBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi asinakulazi usuku oluqondile lokuphela. UJesu wathi: “Ngokuphathelene nalolo suku nalelo hora akekho owaziyo, nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa nguBaba.” (Mathewu 24:36) Nokho, uJesu nabafundi bakhe babikezela ukuthi zaziyoba njani izimo emhlabeni ngaphambi nje kokuba uNkulunkulu alethe ukuphela. Okuyobonisa ukuthi ukuphela kuseduze ukuba zonke lezi zinto ezilandelayo zenzeke ngasikhathi sinye emhlabeni wonke.

Ukungazinzi kwezimo zezombusazwe nezenhlalo kanye nesiyaluyalu ekuphileni kwabantu ngezinga elingakaze libonwe emlandweni. Lapho ephendula imibuzo yabafundi ephathelene nokuphela, uJesu wathi: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, kube khona ukuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo, kube khona nokusweleka kokudla. Lokhu kuwukuqala kwemihelo yokucindezeleka.” (Marku 13:8) Umphostoli uPawulu wabhala: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:1-5.

Ukushumayela emhlabeni wonke ngezilimi eziningi. UJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.

3 Yini Eyokwenzeka Ngemva Kokuphela?

IBhayibheli alifundisi ukuthi bonke abantu abalungile bayothathwa emhlabeni bayiswe ezulwini bayophila khona phakade. Kunalokho, uJesu wafundisa ukuthi kuyogcwaliseka injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngabantu. Wathi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:5; 6:9, 10) IBhayibheli lithembisa ukuthi labo abafa ngaphambi kokuba kufike ukuphela bayovuswa. (Jobe 14:14, 15; Johane 5:28, 29) Yini eyokwenzeka ngemva kwalokho?

UJesu uyobusa esezulwini njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Umprofethi uDaniyeli wabhala: “Ngaqhubeka ngibhekile emibonweni yasebusuku, futhi, bheka laphaya! kwakuza kanye namafu amazulu othile onjengendodana yomuntu [uJesu ovusiwe]; wathola ilungelo lokungena koMdala Wezinsuku [uJehova, uNkulunkulu], futhi bamsondeza phambi kwaKhe. [UJesu] wanikwa ububusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze. Ububusi bakhe bungububusi obumi kuze kube nini nanini obungayikudlula, nombuso wakhe ungumbuso ongayikuchithwa.”—Daniyeli 7:13, 14; Luka 1:31, 32; Johane 3:13-16.

Izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu ziyojabulela impilo ephelele, ukulondeka okuhlala njalo nokuphila phakade. Umprofethi u-Isaya wabhala: “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye.” (Isaya 65:21-23) Umphostoli uJohane wachaza okuyokwenzeka ngaleso sikhathi: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

4 Kumelwe Wenzeni Ukuze Usinde Lapho Kufika Ukuphela?

Umphostoli uPetru wavuma ukuthi abathile kulabo abayobe bephila esikhathini sokuphela bayokuhleka usulu ukuthi uNkulunkulu uzongenela ezindabeni zabantu futhi aqede ububi emhlabeni. (2 Petru 3:3, 4) Yize kunjalo, uPetru unxusa labo abaphila esikhathini sethu ukuba benze okulandelayo.

Funda kokwenzeka esikhathini esedlule. UPetru wathi uNkulunkulu ‘akayekanga ukujezisa izwe lasendulo, kodwa wagcina uNowa, umshumayeli wokulunga, ephephile nabanye abayisikhombisa lapho eletha uzamcolo phezu kwezwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ (2 Petru 2:5) Ngokuphathelene nalabo abahleka usulu, wathi: “Ngokwesifiso sabo, leli qiniso liyabaphunyuka, lokuthi ayekhona amazulu kusukela kudala nomhlaba omi ubumbene uvelé emanzini futhi uphakathi kwamanzi ngezwi likaNkulunkulu; ngawo izwe langaleso sikhathi labhujiswa lapho limbozwa amanzi. Kodwa ngezwi elifanayo amazulu nomhlabab okukhona manje abekelwe umlilo futhi ayagcinwa kuze kube sosukwini lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.”—2 Petru 3:5-7.

Phila ngemithetho kaNkulunkulu yokuziphatha. UPetru wathi labo abafisa ukusinda lapho kufika ukuphela kufanele babonise ‘izenzo zokuziphatha ezingcwele nezenzo zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’ (2 Petru 3:11) Phawula ukuthi uPetru ugcizelela ‘izenzo zokuziphatha ezingcwele nezenzo zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’ Ngakho-ke, kuningi okuhilelekile kunokuba umuntu amane athi unokholo noma azame ukulungisa izinto noNkulunkulu ngomzuzu wokugcina.

Yiziphi ngokuqondile izenzo uNkulunkulu azamukelayo? Sicela uqhathanise lokho okwaziyo nalokho okufundiswa iBhayibheli ngale ndaba. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukukusiza. Bacele ukuba bakubonise eBhayibhelini lakho ukuthi izimpendulo zabo bazisekelaphi. Ukwenza kanjalo kungase kukusize ukuba ubheke ikusasa ngesibindi nangethemba naphezu kwezinto ezenzekayo ezibangela ukwesaba.

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka nesihloko esithi, “Ingabe Bonke Abantu Banamathuba Alinganayo Okwazi UNkulunkulu?” ekhasini 22 lalo magazini.

b Lapha uPetru ubhekisela emhlabeni ongokomfanekiso. Umbhali weBhayibheli uMose naye wakhuluma ngomhlaba ngendlela engokomfanekiso. Wabhala: “Umhlaba wonke waqhubeka unolimi olulodwa.” (Genesise 11:1) Njengoba nje umhlaba ongokoqobo ungakhulumi, nalapha akuwona umhlaba ongokoqobo oyobhujiswa. Kunalokho, njengoba uPetru esho, kuyobhujiswa abantu abangamhloniphi uNkulunkulu.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

Umhlaba ngokwawo ngeke ubhujiswe, kuyobhujiswa labo abawonakalisayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela